Umbhalo Waphansi
a Lo mfanekiso kaJesu ubonisa amasiko nemikhuba yangaleso sikhathi. AmaJuda ayebheka ukwamukela abantu njengento ebaluleke kakhulu. Umndeni wawubhaka isinkwa esanele usuku, ngakho kwakuyinto evamile ukusenana uma sesiphelile. Uma wawumpofu, wonke umndeni wawulala phansi ekamelweni elilodwa.