Umbhalo Waphansi
b Ingoma kaDebora ibonisa ukuthi uSisera wayevame ukubuya empini nempango eyayihlanganisa amantombazane, ngezinye ezikhathi isosha laliba namantombazane amabili noma ngaphezulu. Igama elithi “isibeletho” elisetshenziswe kubaHluleli 5:30 libonisa ukuthi labo besifazane babethunjwa ngokuyinhloko ngenxa yezitho zabo zokuzala. Ukudlwengulwa kwakuyinto evamile.