Umbhalo Waphansi
c Kukhulunywa kabili ngale mpi eBhayibheli—ekulandiseni okusencwadini yabaHluleli isahluko 4 nasengomeni kaDebora noBharaki kusahluko 5. Kokubili lokhu kulandisa kuyavumelana futhi imininingwane engavezwanga kwesinye isahluko iyavela kwesinye.