Umbhalo Waphansi
a Kuyathakazelisa ukuphawula indlela uJesu ayilandelanisa ngayo imifanekiso yakhe eyaba ingxenye yophawu lokuba khona kwakhe. Okokuqala, wakhuluma ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ iqembu elincane labazalwane abagcotshiwe elalizohola. (Math. 24:45-47) Ngemva kwalokho, washo imifanekiso esebenza ngokuyinhloko kulabo abanethemba lokuphila ezulwini. (Math. 25:1-30) Ekugcineni, wakhuluma ngalabo abanethemba lokuphila emhlabeni ababezosekela abafowabo bakaKristu. (Math. 25:31-46) Ngendlela efanayo, ukugcwaliseka kwanamuhla kwesiprofetho sikaHezekeli kubonisa lokho okuyokwenzeka kulabo abanethemba lokuphila ezulwini. Nakuba umbuso wezizwe eziyishumi ngokuvamile ungameleli labo abanethemba lokuphila emhlabeni; ukuhlanganiswa okuchazwe kulesi siprofetho kusikhumbuza ngobunye obukhona phakathi kwalabo abanethemba lokuphila emhlabeni nalabo abanethemba lokuphila ezulwini.