Umbhalo Waphansi
c Ngokushesha nje lapho umfowethu noma udadewethu ongumbaleki efika, abadala kufanele balandele isiqondiso esisencwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaNkulunkulu, isahluko 8, isigaba 30. Abadala bangaxhumana namabandla akwamanye amazwe ngokuthumela incwadi egatsheni labo, besebenzisa ingosi ethi jw.org. Phakathi naleso sikhathi, bangabuza imbuzo ngobuhlakani mayelana nebandla nenkonzo ukuze baqonde isimo esingokomoya sombaleki.