Umbhalo Waphansi
a Abantu abaningi abaqapheli ukuthi uJohane 7:53–8:11 amavesi anezelwa eBhayibhelini ayengekho emibhalweni yokuqala. Besebenzisa la mavesi, abanye baye bathi umuntu ongenasono kuphela ongatshela omunye umuntu ukuthi wenze into embi ngokuphinga. Kodwa umthetho uNkulunkulu awunika isizwe sakwa-Israyeli uthi: “Uma kwenzeka kutholakala indoda ilele nowesifazane ongumkamuntu, khona-ke bobabili kumelwe bafe kanyekanye.”—Dut. 22:22.