Umbhalo Waphansi
a Uma omama beba nokucindezeleka ngemva kokubeletha, kuba nzima ukusondelana nezingane zabo. Kodwa akufanele omama bazibeke icala ngalokho. I-U.S. National Institute of Mental Health ithi ukucindezeleka okuba khona ngemva kokubeletha, “izikhathi eziningi kubangelwa ukushintsha komzimba nokwemizwa . . . hhayi ngoba kusuke kukhona okuthile umama wengane akwenzile noma angakwenzanga.” Ukuze uthole okwengeziwe ngale ndaba, bheka isihloko esithi “Ngakunqoba Ukucindezeleka Kwangemva Kokubeletha” kuyi-Phaphama! ka-Agasti 8, 2002.