Umbhalo Waphansi
b Ukuthumela imiyalezo evusa inkanuko, izithombe noma amavidiyo kumakhalekhukhwini kubizwa ngokuthi i-sexting. Kuye ngokuthi kwenzekeni, kungase kumiswe ikomiti yokwahlulela. Kwezinye izimo, intsha eye yahileleka kulokhu iye yabekwa icala lokuhlukumeza ngokocansi. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, ngena ku-jw.org ukuze ufunde isihloko esithi “Intsha Iyabuza—Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?” (Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA.) Noma bheka isihloko esithi “Indlela Yokukhuluma Nengane Yakho Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi” kuyi-Phaphama! kaNovemba 2013, kk. 4-5.