Umbhalo Waphansi
a Kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi esingakanani sikhonza uJehova, sifuna ukuqhubeka sikhula futhi sithuthuka njengamaKristu. Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba angayeki ukwenza lokhu! Encwadini ayibhalela ibandla laseFilipi usikhuthaza ukuba sikhuthazele emncintiswaneni wokuphila. Lesi sihloko sizosibonisa indlela esingawasebenzisa ngayo amazwi kaPawulu aseBhayibhelini.