Umbhalo Waphansi
a Siyajabula lapho abantu bezamukela izindaba ezinhle, kodwa siphatheka kabi lapho bengazamukeli. Kuthiwani uma umuntu ofunda naye iBhayibheli engathuthuki? Noma kuthiwani uma ungakaze usize umuntu aze abhapathizwe? Ingabe kufanele uphethe ngokuthi ukuhlulile umsebenzi wokwenza abafundi? Kulesi sihloko, sizobona ukuthi kungani singaphumelela enkonzweni futhi sijabule kungakhathaliseki ukuthi abantu bayasilalela noma abasilaleli.