Umbhalo Waphansi
a Incwadi yesAmbulo isebenzisa izibonakaliso ukuze iveze ukuthi zingobani izitha zikaNkulunkulu. Incwadi kaDaniyeli iyasisiza siqonde ukuthi lezo zibonakaliso zisho ukuthini. Kulesi sihloko, sizoqhathanisa ezinye zeziprofetho ezisencwadini kaDaniyeli nezinye ezithi azifane ezisencwadini yesAmbulo. Ngaleyo ndlela, sizokwazi ukubona ukuthi zingobani izitha zikaNkulunkulu. Sizobe sesixoxa ngokuthi yini ezokwenzeka kuzo.