Umbhalo Waphansi
c UMariya wayeyazi kahle imiBhalo futhi wayeyicaphuna lapho ekhuluma. (Luka 1:46-55) Kungenzeka ukuthi uJosefa noMariya babengenayo imali yokuthenga amakhophi emiBhalo. Kumele ukuba babelalelisisa lapho iZwi likaNkulunkulu lifundwa esinagogeni ukuze bakwazi ukuzindla ngalo lapho sebesekhaya.