Umbhalo Waphansi
b INCAZELO YEGAMA: Ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “inhliziyo” ukuze lichaze umuntu esinguye ngaphakathi. Lokhu kuhlanganisa izifiso zomuntu, akucabangayo, isimo sakhe sengqondo, izinto akwazi ukuzenza, izisusa zakhe nemigomo yakhe.