Umbhalo Waphansi
a Iningi lama-Israyeli elabona uJehova enza izimangaliso oLwandle Olubomvu lafa lingangenanga eZweni Lesithembiso. (Num. 14:22, 23) UJehova wathi bonke ababebhalisiwe abaneminyaka engu-20 nangaphezulu babeyofela ehlane. (Num. 14:29) Noma kunjalo, uJoshuwa, uKalebi, abaningi besizukulwane esisha nabanye besizwe samaLevi, basinda babona uJehova esigcwalisa isithembiso sakhe lapho ama-Israyeli ewela uMfula iJordani engena eKhanani.—Dut. 1:24-40.