Umbhalo Waphansi
c INCAZELO YAMAGAMA: “Inkulumo elimazayo” ihlanganisa ukubiza abanye ngamagama abehlisa isithunzi, amagama ahlabayo nokuhlale ugxeka umuntu umtshela izinto ongazithandi ngaye. Ngakho noma yini umyeni ayishoyo kumkakhe ukuze amzwise ubuhlungu, amlulaze noma amthuke ibhekwa njengenkulumo elimazayo.