Isahluko 12
Uhilelekile Empikiswaneni Ebalulekile
1, 2. (a) Kungani indlela ophila ngayo inendaba ngempela kuwe? (b) Kukubani omunye enendaba kuye, futhi ngani?
INDLELA ophila ngayo ukuphila kwakho inendaba ngempela. Iyosho ngawe ikusasa elijabulisayo noma elingenalusizo. Ekugcineni kuyonquma noma udlula nalelizwe noma uyasinda ekupheleni kwalo ungene ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga lapho ungaphila khona phakade.—1 Johane 2:17; 2 Petru 3:13.
2 Kodwa indlela ophila ngayo ukuphila kwakho ayithinti nje wena kuphela. Nabanye futhi bahilelekile. Okwenzayo nabo kuyabathinta. Ngokwesibonelo, uma abazali bakho bephila, okwenzayo kungase kubalethele udumo noma ihlazo. IBhayibheli lithi: “Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.” (IzAga 10:1) Okubaluleke ngokungaphezulu, indlela ophila ngayo ukuphila kwakho ithinta uJehova uNkulunkulu. Ingamenza athokoze noma adumale. Ngani? Ngenxa yempikiswano ebalulekile ohileleke kuyo.
INGABE ABANTU BAYOTHEMBEKA KUNKULUNKULU?
3. Iyiphi inselele uSathane ayibeka kuJehova?
3 Lempikiswano yaphakanyiswa uSathane uDeveli. Wayiphakamisa lapho ephumelela ukwenza uAdamu noEva ukuba baphule umthetho kaNkulunkulu ngaleyondlela bahlanganyela naye ekuhlubukeni kuNkulunkulu. (Genesise 3:1-6) Lokhu kwanikeza uSathane lokho aba nomuzwa wokuthi kuyizizathu zokuba abekele uJehova inselele: ‘Abantu bakukhonza nje kuphela ngenxa yalokho abakutholayo kuwena. Ake unginike ithutshana nje, ngiyobahlubula bonke labantu kuwena.’ Nakuba lamazwi engekho ngokoqobo eBhayibhelini, kusobala ukuthi uSathane washo into efana naleyo kuNkulunkulu. Lokhu kubonakala encwadini yeBhayibheli kaJobe.
4, 5. (a) Wayengubani uJobe? (b) Yini eyenzeka ezulwini ngosuku lukaJobe?
4 UJobe wayeyindoda eyayiphila emakhulwini amaningi eminyaka ngemva kokuhlubuka okwenzeka ensimini yase-Edeni. Wayeyinceku kaNkulunkulu elungileyo nethembekile. Kodwa ingabe ngempela kwakunendaba kuNkulunkulu noma kuSathane ukuthi uJobe wayethembekile? IBhayibheli libonisa ukuthi kwakunjalo. Lisitshela ngokubonakala kukaSathane phambi kukaJehova emabaleni asezulwini. Phawula isihloko sengxoxo yabo:
5 “Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo. UJehova wayesethi kuSathane: Uvelaphi na? USathane wamphendula uJehova, wathi: Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo. Wayesethi uJehova kuSathane: Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.”—Jobe 1:6-8.
6. Iyiphi impikiswano iBhayibheli elibonisa ukuthi yayikhona ngosuku lukaJobe?
6 Kungani uJehova aphawula kuSathane ukuthi uJobe wayeyindoda eqotho? Ngokusobala, kwakukhona impikiswano ngokuthi uJobe wayengahlala yini ethembekile kuJehova noma cha. Cabanga ngombuzo kaNkulunkulu, “Uvelaphi na?” USathane waphendula ngokuthi, “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.” Lombuzo nempendulo kaSathane kubonisa ukuthi uJehova wayevumela uSathane ithuba lokuba afeze inselele yakhe yokuthi wayengaguqula noma ubani ahlubuke kuNkulunkulu. Nokho, yathini impendulo kaSathane embuzweni kaJehova ngokwethembeka kukaJobe?
7, 8. (a) USathane wathi uJobe wayemkhonza ngenxa yasiphi isizathu uNkulunkulu? (b) UJehova wenzani ukuze axazulule lempikiswano?
7 “USathane wamphendula uJehova, wathi: UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”—Jobe 1:9-11.
8 Ngempendulo yakhe uSathane wayebeka izaba ngokwethembeka kukaJobe kuNkulunkulu. ‘UJobe uyakukhonza,’ ngokusho kukaSathane, ‘ngenxa yezinto omupha zona, hhayi ngenxa yokuba ekuthanda.’ USathane futhi wakhononda ngokuthi uJehova wayesebenzisa amandla akhe amakhulu ngendlela engafanele. Wathi, ‘Uye wamvikela njalo.’ Ngakho, ukuze kulungiswe lempikiswano, uJehova waphendula: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.”—Jobe 1:12.
9. Iyiphi inkathazo uSathane ayibangela uJobe, kwaba namuphi umphumela?
9 Ngokushesha uSathane waqala ukubangela uJobe inkathazo. Wabangela ukuba yonke imfuyo kaJobe ibulawe noma yebiwe. Khona-ke wabe esenza ukuba abantwana bakaJobe abayi-10 babulawe. UJobe walahlekelwa cishe yikho konke, kodwa wahlala ethembekile kuJehova. Akazange amthuke uNkulunkulu. (Jobe 1:2, 13-22) Kepha indaba ayiphelanga lapho.
10. Yini ebonisa ukuthi uSathane akazange ayeke?
10 USathane wabuye wabonakala futhi nezinye izingelosi phambi kukaJehova. UJehova wambuza futhi uSathane ukuthi wayekubonile yini ukuthembeka kukaJobe, wayesethi: “Usabambelela ekupheleleni [ebuqothweni] kwakhe.” Kulokho uSathane waphendula: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”—Jobe 2:1-5.
11. (a) Yiziphi izilingo ezengeziwe uSathane azibangela uJobe? (b) Waba yini umphumela?
11 Ekuphenduleni, uJehova wanikeza uSathane imvume yokwenza noma yini ayithandayo kuJobe, nakuba uNkulunkulu athi: ‘Ungambulali.’ (Jobe 2:6) Ngakho uSathane washaya uJobe ngesifo esibuhlungu. Ukuhlupheka kukaJobe kwakukukhulu kangangokuthi wathandazela ukufa. (Jobe 2:7; 14:13, 14) Umkakhe uqobo wamphendukela, ethi: “Thuka uNkulunkulu, ufe.” (Jobe 2:9) Kodwa uJobe wenqaba ukwenza lokho. Wathi, “Angiyikuzaphuca ukuphelela kwami [ubuqotho] ngize ngife.” (Jobe 27:5) UJobe wahlala ethembekile kuNkulunkulu. Ngaleyondlela kwaba nobufakazi bokuthi uSathane wayenephutha enseleleni yakhe yokuthi uJobe wayekhonza uNkulunkulu ngenxa yezinzuzo ezibonakalayo kuphela hhayi ngenxa yothando. Kwabonakaliswa futhi ukuthi uSathane wayengenakuhlubukisa wonke umuntu ekukhonzeni uNkulunkulu.
12. (a) Iyiphi impendulo enseleleni kaSathane uJobe ayinika uNkulunkulu? (b) Ukuthembeka kukaJesu kuNkulunkulu kwabonisani?
12 Ucabanga ukuthi inkambo kaJobe yokwethembeka yamenza wazizwa kanjani uJehova? Yamenza wajabula kakhulu! IZwi likaNkulunkulu liyakhuthaza: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) USathane osola uJehova. Futhi ngenkambo yakhe yokwethembeka uJobe wenza ukuba inhliziyo kaNkulunkulu ithokoze. Lokhu kwanikeza uNkulunkulu impendulo ekusoleni kukaSathane kokuqhosha noma inselele yokuthi isintu sasingenakumkhonza ngaphansi kokuvivinywa. Baningi abanye abaye banikeza uNkulunkulu impendulo enjalo. Isibonelo esikhulu kunazo zonke kwakungesomuntu ophelele uJesu. Wanamathela ekuthembekeni kwakhe kuNkulunkulu naphezu kwakho konke ukuvivinywa nezilingo uSathane aziletha kuye. Lokhu kwabonisa ukuthi indoda ephelele uAdamu wayengenza okufanayo ukuba wayethanda, nokuthi uNkulunkulu wayengeyena ongalungile ngokufuna ukulalela okuphelele kumuntu.
UMI KUPHI WENA?
13. (a) Indlela ophila ngayo ukuphila kwakho ithintene ngani nalempikiswano? (b) Singamenza kanjani uNkulunkulu ajabule noma simdabukise?
13 Kuthiwani ngokuphila kwakho? Ungase ungacabangi ukuthi kunendaba ngempela ukuthi uphila kanjani. Kodwa kunayo. Kungakhathaliseki noma uyakwazi lokho noma cha, kusekela uhlangothi lukaNkulunkulu empikiswaneni noma uhlangothi lukaSathane. UJehova uyakunakekela, futhi ufuna ukuba umkhonze futhi uphile phakade emhlabeni oyipharadesi. (Johane 3:16) Lapho amaIsrayeli ehlubuka kuNkulunkulu, wayezwa ubuhlungu noma aphatheke kabi. (AmaHubo 78:40, 41) Ingabe inkambo yakho yokuphila iyileyo eyenza uNkulunkulu athokoze noma ingabe iyamdabukisa? Yebo, ukuze wenze uNkulunkulu athokoze kudingeka ufunde imithetho yakhe uyilalele.
14. (a) Ngokuqondene nobuhlobo bobulili, yimiphi imithetho okumelwe siyilalele ukuze senze uNkulunkulu ajabule? (b) Kungani ukuphula imithetho enjalo kuyicala?
14 Injongo eyinhloko kaSathane iwukwenza abantu baphule imithetho kaNkulunkulu ebusa ukusetshenziswa kwezitho zabo zobulili, nelungiselelo lakhe lomshado nelomkhaya. Umthetho kaNkulunkulu wokuvikela injabulo yethu uthi abantu abangashadile akumelwe bahileleke ebuhlotsheni bobulili, nokuthi abantu abashadile akumelwe babe nobuhlobo bobulili nanoma ubani omunye ngaphandle kwalowo ongumngane womshado. (1 Thesalonika 4:3-8; Heberu 13:4) Uma umthetho kaNkulunkulu uphulwa, ngokuvamile abantwana bazalwa ngaphandle kwabazali ababathandayo nababafunayo. Omama bangase bakhiphe ngisho nezisu, babulale abantwana ngaphambi kokuba bazalwe. Ngokungaphezulu, abaningi abahlobongayo bathola izifo zobulili ezesabekayo ezingase zilimaze abantwana abangase babe nabo. Kuyisenzo sokungathembeki, kuyicala elikhulu kuNkulunkulu, ukuba nobuhlobo bobulili nothile ongashadile naye. UJobe wathi: “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango [ka]makhelwane wami . . . lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.”—Jobe 31:1, 9, 11.
15. (a) Uma sihlobonga, ubani esimthokozisayo? (b) Kungani kuwukuhlakanipha ukulalela imithetho kaNkulunkulu?
15 Akumelwe kusimangaze ukuthi lelizwe elibuswa uDeveli liyokwenza kubonakale kuyinto evamile nelungile ngawe ukuba ube nobuhlobo bobulili nomuntu ongashadile naye. Kodwa uma wenza kanjalo, ubani omthokozisayo? USathane, akuyena uJehova. Ukuze wenze uNkulunkulu ajabule, kumelwe ‘ubalekele ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Kuyiqiniso, akulula ngaso sonke isikhathi ukuthembeka kuNkulunkulu. Kwakungelula nangoJobe. Kodwa khumbula, kuwukuhlakanipha ukulalela imithetho kaNkulunkulu. Uyojabula ngisho kwamanje uma wenza kanjalo. Kodwa, okubaluleke ngokungaphezulu, uyobe usekela uhlangothi lukaNkulunkulu empikiswaneni futhi umenze ajabule. Futhi uyokubusisa ngokuphila okuphakade ngenjabulo emhlabeni.
16. (a) UJobe wabusiswa kanjani ngokuthembeka kwakhe? (b) Yini engashiwo ngengozi ebangelwa uSathane, njengokubulala abantwana bakaJobe abayi-10?
16 Kuyiqiniso. uSathane wakwazi ukwenza uJobe abe mpofu futhi wabangela ukufa kwabantwana bakhe abayi-10. Akukho kungabaza ngokuthi lokhu kwakuwukulahlekelwa okukhulu ngoJobe. Kodwa lapho uJobe ezibonakalisa ethembekile, uNkulunkulu wambusisa ngokuningi ngokuphindwe kabili kunayenakho ngaphambi kokuba uSathane avunyelwe ukuba amvivinye. UJobe wazala abantwana abengeziwe abayi-10. (Jobe 42:10-17) Ngokungaphezulu, singaqiniseka ukuthi abantwana bakaJobe abayi-10 ababulawa uSathane bayobuyiselwa ekuphileni futhi ekuvusweni kwabafileyo. Ngempela, akukho monakalo noma inkathazo uSathane avunyelwe ukuba ayibangele uJehova angeke ayilungise ngesikhathi sakhe esifanele.
17. Kungani indlela esiphila ngayo inendaba ngempela?
17 Ngakho ngaso sonke isikhathi uyofuna ukukhumbula ukuthi indlela ophila ngayo ukuphila kwakho inendaba ngempela. Inendaba ikakhulukazi kuJehova uNkulunkulu nakuSathane uDeveli. Lokhu kungenxa yokuthi uhilelekile empikiswaneni yokuthi abantu bayothembeka yini kuNkulunkulu noma cha.
[Isithombe ekhasini 106]
UJobe wabhekana nenselele kaSathane yokuthi akekho umuntu ongahlala ethembekile kuNkulunkulu ngaphansi kokuvivinywa
[Isithombe ekhasini 110]
Ukuba nobuhlobo bobulili nomuntu ongashadile naye kuyicala kuNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 111]
UJehova wabusisa uJobe ngokuningi kunayenakho ngaphambili, ngenxa yokwethembeka kwakhe