ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 20
Ukuthuthukisa Imithandazo Yethu
“Thululani izinhliziyo zenu phambi kwakhe.”—IHU. 62:8.
INGOMA 45 Ukuzindla Kwenhliziyo Yami
AMAZWIBELAa
Singathandaza njalo kuJehova simcele asiqondise kuzo zonke izici zokuphila kwethu (Bheka isigaba 1)
1. Yini uJehova acela izinceku zakhe ukuba ziyenze? (Bheka nesithombe.)
UBANI esingamcela ukuba asiduduze futhi asiqondise? Siyayazi impendulo yalowo mbuzo. Singacela uJehova uNkulunkulu ngomthandazo. Yilokho kanye asicela ukuba sikwenze. Ufuna ‘sithandaze njalo.’ (1 Thes. 5:17) Singathandaza kuye ngokukhululekile simcele asiqondise kukho konke esikwenzayo. (IzAga 3:5, 6) Ngenxa yokuthi unguNkulunkulu onomusa, akasikaleli ukuthi singathandaza kangaki.
2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
2 Siyasazisa isipho esiwumthandazo. Nokho, njengoba sinokuningi kangaka okufanele sikwenze, kungase kube nzima ukuthola isikhathi sokuthandaza. Singaba nanomuzwa wokuthi kuyadingeka sithuthukise imithandazo yethu. Siyabonga ngokuthi emiBhalweni sithola izikhuthazo neziqondiso eziningi. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi singasenza kanjani isikhathi sokuthandaza ngokuhlola isibonelo sikaJesu. Sizoxoxa nangokuthi singayithuthukisa kanjani imithandazo yethu ngokufaka izinto ezinhlanu ezibalulekile lapho sithandaza.
UJESU WASENZA ISIKHATHI SOKUTHANDAZA
3. Yini uJesu ayeyiqonda ngomthandazo?
3 UJesu wayeqonda ukuthi uJehova uyawazisa umthandazo. Kusasele isikhathi eside eze emhlabeni, wabona uYise ephendula imithandazo yamadoda nabesifazane abathembekile. Ngokwesibonelo, uJesu wayeseceleni kukaYise ngesikhathi uJehova ephendula imithandazo eqotho kaHana, uDavide no-Eliya, uma sibala nje abambalwa. (1 Sam. 1:10, 11, 20; 1 AmaKh. 19:4-6; IHu. 32:5) Akumangazi ukuthi uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze njalo nangokuqiniseka!—Math. 7:7-11.
4. Sifundani emithandazweni kaJesu?
4 Lapho uJesu ethandaza kuJehova, wabekela abafundi bakhe isibonelo okwakufanele basilandele. Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe, uJesu wathandaza kaningi. Kwakudingeka asenze isikhathi sokuthandaza ngoba wayevame ukuba matasa nokuba phakathi kwabantu abaningi. (Marku 6:31, 45, 46) Wayevuka ekuseni kakhulu ukuze abe nesikhathi sokuthandaza eyedwa. (Marku 1:35) Wake wathandaza ubusuku bonke ngaphambi kokuba enze isinqumo esibalulekile. (Luka 6:12, 13) Waphinde wathandaza kaningi ngobusuku bangaphambi kokuba afe, njengoba ayegxile ekufezeni ingxenye enzima kakhulu yesabelo sakhe sasemhlabeni.—Math. 26:39, 42, 44.
5. Singamlingisa kanjani uJesu lapho sithandaza?
5 Isibonelo sikaJesu sisifundisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi simatasa kangakanani, kudingeka sisenze isikhathi sokuthandaza. NjengoJesu, kungase kudingeke sisenze isikhathi sokuthandaza—ngokuvuka ekuseni kakhulu noma ngokuthandaza ngaphambi kokuba silale. Lapho senza kanjalo, sibonisa uJehova ukuthi siyasazisa lesi sipho esikhethekile. Udade okuthiwa uLynne ukhumbula indlela athinteka ngayo lapho eqala ukuzwa ukuthi angathandaza kuJehova. Uyakhumbula, “Lapho ngithola ukuthi ngingathandaza noma nini kuJehova, lokho kwangisiza ngambheka njengoMngani oseduze futhi kwangenza ngafuna ukuthuthukisa imithandazo yami.” Akungabazeki ukuthi iningi lethu lizizwa ngendlela efanayo. Ngakho, masixoxe ngezinto ezinhlanu ezibalulekile esingazifaka lapho sithandaza.
IZINTO EZINHLANU EZIBALULEKILE ESINGAZIFAKA LAPHO SITHANDAZA
6. IsAmbulo 4:10, 11 sithi yini uJehova okumfanele ukuyamukela?
6 Dumisa uJehova. Embonweni omangalisayo, umphostoli uJohane wabona abadala abangu-24 bekhonza uJehova emazulwini. Babedumisa uNkulunkulu, bevuma ukuthi kumfanele ukwamukela “inkazimulo nodumo namandla.” (Funda isAmbulo 4:10, 11.) Izingelosi ezithembekile nazo zinezizathu eziningi zokudumisa nokukhazimulisa uJehova. Zisezulwini kanye naye futhi zimazi kahle kakhulu. Zibona izimfanelo zakhe kulokho akwenzayo. Njengoba zibona indlela uJehova enza ngayo izinto, ziyamdumisa.—Jobe 38:4-7.
7. Yiziphi izizathu esinazo zokudumisa uJehova?
7 Nathi sifuna ukumdumisa uJehova lapho sithandaza, simtshele ukuthi yini esiyithandayo nesiyazisayo ngaye. Lapho ufunda futhi utadisha iBhayibheli, zama ukuthola izimfanelo zikaJehova ozithanda kakhulu. (Jobe 37:23; Roma 11:33) Yibe usumtshela indlela ozizwa ngayo ngalezo zimfanelo. Singamdumisa uJehova nangokuthi uyasisiza, usiza nabanye abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke. Uyasinakekela, asivikele ngazo zonke izikhathi.—1 Sam. 1:27; 2:1, 2.
8. Yiziphi ezinye zezizathu esinazo zokubonga uJehova? (1 Thesalonika 5:18)
8 Bonga uJehova. Sinezizathu eziningi zokubonga uJehova lapho sithandaza. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:18.) Singambonga nganoma yini enhle esinayo; vele zonke izipho ezinhle zivela kuye. (Jak. 1:17) Ngokwesibonelo, singambonga ngomhlaba wethu omuhle nangezinto azidalile ezimangalisayo. Singambonga nangokuthi siyaphila, simbonge ngemindeni yethu, abangani bethu nethemba esinalo. Sifuna nokumbonga uJehova ngokusivumela sibe abangani bakhe abayigugu kuye.
9. Kungani kungase kudingeke sizifundise ukumbonga uJehova?
9 Kungase kudingeke sicabangisise ngokuthi thina sinaziphi izizathu zokubonga uJehova. Siphila ezweni elinabantu abangabongi. Abantu bavame ukugxila kulokho abakufunayo kunokugxila kulokho abangakwenza ukuze babonise ukuthi bayabonga ngalokho abanakho. Uma silingisa indlela abacabanga ngayo, imithandazo yethu ingaba izicelo nje kuphela. Ukuze kungabi njalo, kudingeka sizifundise ukubonga ngakho konke uJehova asenzela kona.—Luka 6:45.
Ukubonga uJehova kungasisiza sikhuthazele (Bheka isigaba 10)
10. Ukubonga kwamsiza kanjani omunye udade ukuba akhuthazele? (Bheka nesithombe.)
10 Ukuba abantu ababongayo kungasisiza sikhuthazelele ubunzima. Cabanga ngendaba kaKyung-sook, ekuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 15, 2015. Kwatholakala ukuthi unomdlavuza osuhambe kakhulu. Wathi: “Ngahlukumezeka kakhulu lapho ngizwa le ndaba. Kwaba sengathi ngifelwe yizwe futhi ngesaba kakhulu.” Yini eyamsiza wabhekana naleso simo? Wathi nsuku zonke ngaphambi kokuyolala, wayeya ophahleni lwendlu yabo athandaze ngokuzwakalayo asho izinto ezinhlanu azibongayo ngalolo suku. Lokho kwamenza wangaba nexhala, kwamsiza nokuba athandaze kuJehova amtshele ukuthi uyamthanda. Wabona ukuthi uJehova uyazisekela izinceku zakhe ezithembekile lapho zibhekene nezimo ezinzima, waqaphela nokuthi ukuphila kwethu kunezibusiso eziningi kakhulu kunezimo ezivivinyayo. NjengoKyung-sook, sinezizathu eziningi zokumbonga uJehova ngisho noma sisabhekene novivinyo. Ukumtshela ukuthi siyambonga lapho sithandaza, kungasisiza sihlale sizolile lapho sibhekene novivinyo.
11. Kungani abafundi bakaJesu babedinga isibindi ngemva kokuba uJesu esebuyele ezulwini?
11 Cela uJehova akuphe isibindi enkonzweni. Ngaphambi nje kokuba abuyele ezulwini, uJesu wakhumbuza abafundi bakhe ngomsebenzi wokunikeza ubufakazi ngaye “eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8; Luka 24:46-48) Ngemva kwesikhashana, abaholi abangamaJuda babamba umphostoli uPetru noJohane babaletha phambi kweSanhedrini, bayala la madoda athembekile ukuba ayeke ukushumayela, baze bawasongela imbala. (IzE. 4:18, 21) Benzenjani oPetru noJohane?
12. NgokwezEnzo 4:29, 31, yini abafundi abayenza?
12 Ngemva kokuba abaholi benkolo yamaJuda bebasongele, uPetru noJohane bathi: “Ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, yahlulelani nina. Kodwa thina, ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.” (IzE. 4:19, 20) Lapho uPetru noJohane sebekhululiwe, abafundi bathandaza kuJehova, umthandazo wabo wagxila ekwenzeni intando yakhe. Bathandaza bathi: ‘Yenza izinceku zakho ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi.’ UJehova wawuphendula lowo mthandazo oqotho.—Funda izEnzo 4:29, 31.
13. Singafundani esibonelweni sikaJin-hyuk?
13 Singabalingisa abafundi ngokuqhubeka sishumayela ngisho noma iziphathimandla zithi asiyeke. Cabanga ngesibonelo sikaJin-hyuk, umzalwane owayeboshelwe ukungathathi hlangothi. Ngesikhathi esejele, wanikezwa umsebenzi wokunakekela iziboshwa ezazivalelwe zodwa, kodwa wayengavunyelwe ukuba akhulume nazo nganoma yini engahlobene nalowo msebenzi, angakhulumi ngisho nangeBhayibheli. Wathandazela isibindi nokuhlakanipha ukuze ashumayele ngawo wonke amathuba awatholayo. (IzEnzo 5:29) Uthi: “UJehova wawuphendula umthandazo wami ngokunginikeza isibindi nokuhlakanipha, ngakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli engangiziqhuba imizuzu emihlanu ngimi eminyango yasejele. Ebusuku, ngangibe sengibhala izincwadi engangizozinikeza iziboshwa ngakusasa.” Nathi singaqiniseka ukuthi uJehova uzosisiza sifeze inkonzo yethu. NjengoJin-hyuk, singathandazela isibindi nokuhlakanipha.
14. Yini engasisiza lapho sibhekene nezinkinga? (IHubo 37:3, 5)
14 Cela uJehova akusize ubhekane nezinkinga. Abaningi kithi bayagula, banezinkinga ezingokomzwelo, bashonelwe umuntu abamthandayo, banezinkinga zemindeni, bayashushiswa, noma banezinye izinkinga. Izinto ezifana nobhubhane nezimpi zenze kwaba nzima nakakhulu ukubhekana neziningi zalezi zinkinga. Thulula isifuba sakho kuJehova. Mtshele izinto obhekene nazo ngendlela obungatshela ngayo umngani oseduze. Qiniseka ukuthi uJehova ‘uzokusiza.’—Funda iHubo 37:3, 5.
15. Umthandazo ungasisiza kanjani ‘sikhuthazele osizini’? Nikeza isibonelo.
15 Ukuphikelela emthandazweni kuzosisiza ‘sikhuthazele osizini.’ (Roma 12:12) UJehova uyazi ukuthi abantu abamkhonzayo babhekene nani—“uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo.” (IHu. 145:18, 19) UKristie, iphayona elineminyaka engu-29, wakubona ukuba iqiniso kwalawo mazwi. Kungazelelwe, wagula kakhulu. Ngenxa yalokho waba nesifo sokucindezeleka. Kamuva, wathola ukuthi umama wakhe unesifo esizombulala. UKristie uthi: “Ngathandaza ngithandazile kuJehova, ngimcela ukuba angiphe amandla engangiwadinga usuku nosuku. Ngazama ukunamathela esimisweni esasizongisiza ngihlale nginobuhlobo obuhle noJehova ngokuya emihlanganweni nangokwenza isifundo somuntu siqu.” Uyenezela: “Umthandazo wangisiza ngabhekana nalezo zikhathi ezinzima. Ngangazi ukuthi uJehova uhlale enami futhi ukwazi lokho kwangiduduza kakhulu. Nakuba izinkinga zami zempilo zingaphelanga ngokushesha, uJehova waphendula imithandazo yami ngokunginikeza ukuthula kwangaphakathi nenhliziyo ezolile.” Kwangathi singelokothe sikhohlwe ukuthi “uJehova uyayazi indlela yokubakhulula ekulingweni abantu abazinikele kuye.”—2 Pet. 2:9.
Ukuze umelane nesilingo, (1) thandazela usizo lukaJehova, (2) izenzo zakho mazihambisane nemithandazo yakho (3) qinisa ubuhlobo bakho noJehova (Bheka izigaba 16-17)
16. Kungani sidinga usizo lukaJehova ukuze simelane nesilingo?
16 Cela uJehova akusize umelane nesilingo. Njengabantu abanesono, kuhlale kunzima ukumelana nesilingo sokwenza okungalungile. USathane wenza konke angakwenza ukuze kube nzima nakakhulu ukumelana naleso silingo. Enye indlela azama ngayo ukusonta ukucabanga kwethu ukusebenzisa ezokuzijabulisa ezingcolile. Lezo zinto zokuzijabulisa zingagcwalisa izingqondo zethu ngemicabango engahlanzekile—imicabango engasenza sibe abantu abangahlanzekile phambi kukaJehova, nengasiholela ekwenzeni isono esibi kakhulu.—Marku 7:21-23; Jak. 1:14, 15.
17. Yini esingayenza ukuze izenzo zethu zihambisane nemithandazo yethu yokumelana nesilingo? (Bheka nesithombe.)
17 Sidinga usizo lukaJehova ukuze sinqobe isilingo sokwenza okungalungile. UJesu wafaka nalesi sicelo emthandazweni oyisibonelo: “Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” (Math. 6:13) UJehova uyafuna ukusisiza, kodwa kufanele silucele usizo. Izenzo zethu nazo kumele zihambisane nemithandazo yethu. Singakwazi ukunciphisa izinga esichayeka ngalo emicabangweni nasemibonweni ethandwa yileli zwe elibi likaSathane. (IHu. 97:10) Singagcwalisa izingqondo zethu ngemicabango eyakhayo ngokufunda nokutadisha iBhayibheli. Ukuya emihlanganweni nasenkonzweni nakho kungasivikela emicabangweni eyisilingo. UJehova usithembisa ukuthi ngeke avumele ukuba silingwe ngaphezu kwalokho esingakuthwala.—1 Kor. 10:12, 13.
18. Endabeni yomthandazo, yini sonke okudingeka siyenze?
18 Ngamunye wethu kudingeka aqinise emthandazweni ukuze ahlale ethembekile kuJehova kulezi zikhathi zokugcina ezinzima. Usuku ngalunye yenza isikhathi sokuthandaza ngokusuka enhliziyweni. UJehova ufuna ‘sithulule izinhliziyo zethu phambi kwakhe’ ngomthandazo. (IHu. 62:8) Dumisa uJehova, umbonge ngakho konke akwenzela kona. Mcele akusize ube nesibindi enkonzweni. Mcele akusize ukhuthazelele noma yiziphi izinkinga, ukwazi nokumelana nanoma yisiphi isilingo obhekene naso. Ungavumeli lutho futhi ungavumeli muntu akuyekise ukuthandaza njalo kuJehova. Kodwa-ke uJehova uyiphendula kanjani imithandazo yethu? Sizoxoxa ngalowo mbuzo obalulekile esihlokweni esilandelayo.
INGOMA 42 Umthandazo Wenceku KaNkulunkulu
a Sifuna imithandazo yethu ibe njengezincwadi ezinamazwi asuka enhliziyweni esizibhalela umngani esimthandayo. Kodwa akulula ngaso sonke isikhathi ukuthola isikhathi sokuthandaza. Kanti kungaba nzima nokwazi ukuthi yini esingayithandazela. Lesi sihloko sizoxoxa ngazo zombili lezi zinto.