-
UBhapathizoUkubonisana NgemiBhalo
-
-
kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo.”
Luka 17:29, 30: “Ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke; kuyakuba-njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.”
Alufani nobhapathizo lomoya ongcwele, olwalungolwabafundi
IzE. 1:5: “UJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina [baphostoli bakaJesu abathembekile] nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”
IzE. 2:2-4: “Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu [kodwa azibambozanga noma zibacwilise] kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.”
-
-
UbuliliUkubonisana NgemiBhalo
-
-
Ubulili
Incazelo: Buyizici zezidalwa zasemhlabeni ezisebenza njengendlela yokuzala kwabazali ababili abasizanayo. Umehluko phakathi kobulili besilisa nobesifazane unemiphumela efinyelela kude ekuphileni kobuntu. Njengoba uNkulunkulu ngokwakhe enguMthombo wokuphila futhi njengoba abantu befanele babonakalise izimfanelo zakhe, amandla okudlulisela ukuphila ngobuhlobo bobulili kumelwe aphathwe ngenhlonipho enkulu.
Ingabe iBhayibheli liyafundisa ukuthi ubuhlobo bobulili buyisono?
Gen. 1:28: “UNkulunkulu wababusisa [uAdamu noEva]; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba.” (Ukugcwalisa lomyalo waphezulu kwakuyodinga ukuba babe nobuhlobo bobulili, akunjalo? Ukwenza kanjalo kwakungeke kube ukona kodwa kwakuyovumelana nenjongo kaNkulunkulu yokugcwalisa umhlaba. Abanye abantu baye bacabanga ukuthi ‘isithelo esasenqatshelwe’ e-Edene mhlawumbe sasiwukubhekisela okungokomfanekiso ekuvinjelweni ngokwaphezulu noma ngisho ekunqatshelweni kuka-Adamu noEva ukuba babe nobuhlobo bobulili. Kodwa lokho kuyangqubuzana nomyalo kaNkulunkulu ocashunwe ngenhla. Kuyangqubuzana futhi neqiniso lokuthi, nakuba uAdamu noEva badla kulesosithelo esenqatshelwe e-Edene, lapho kukhulunywa khona okokuqala ngokuba kwabo nobuhlobo bobulili kwakungemva kokuba sebeye baxoshwa khona.—Gen. 2:17; 3:17, 23; 4:1.)
Gen. 9:1: “UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: Zalani nande, nigcwalise umhlaba.” (Lesibusiso esiqhubekayo, kanye nokuphindwa futhi komyalo waphezulu wokuzala, sanikezwa ngemva kukaZamcolo wembulunga yonke osukwini lukaNowa. Umbono kaNkulunkulu ngasebuhlotsheni bobulili obungokomthetho wawungashintshile.)
1 Kor. 7:2-5: “Ngenxa yobufebe akube-yilowo nalowo abe-nowakhe umfazi, nalowo-wesifazane abe-neyakhe indoda. . . . Ningagodlelani, kuphela kube-ngokwesikhathi ngokuvumelana . . . ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.” (Ngakho-ke okungalungile kuboniswa ukuthi ubufebe, hhayi ubuhlobo bobulili obufanelekile phakathi kwendoda nomkayo.)
Ingabe ubuhlobo bobulili ngaphambi komshado abulungile?
1 Thes. 4:3-8: “Lokhu kuyintando kaNkulunkulu . . . ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi-ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa. Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni. Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.” (Igama lesiGreki elithi por·neiʹa, elihunyushwe ngokuthi “ebufebeni,” libhekisela ekuhlanganeni kobulili phakathi kwabantu abangashadile, nasebuhlotsheni obungaphandle komshado ngokuqondene nabantu abashadile.)
Efe. 5:5: “Akukho-sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.” (Lokhu akusho ukuthi noma ubani owayeyisihlobongi esikhathini esidlule akanakuzijabulela izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu, kodwa kumelwe ayiyeke leyondlela yokuphila ukuze avunyelwe uNkulunkulu. Bheka eyoku-1 Korinte 6:9-11.)
Ingabe iBhayibheli liyakuvumela ukuhlala ndawonye njengendoda nomfazi ngaphandle komshado ongokomthetho?
Bheka amakhasi 385, 386, ngaphansi kwesihloko esithi “Umshado.”
Lithini iBhayibheli ngobungqingili?
Roma 1:24-27: “Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo . . . uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo kwaba-ngokuphambene nemvelo; ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.”
1 Thim. 1:9-11: “Umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni . . . nezifebe, nabesilisa abalalanayo, . . . noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo, ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo.” (Qhathanisa noLevitikusi 20:13.)
Juda 7: “ISodoma neGomora nemizi yangakhona . . . yalandela inyama imbe imisiwe ibe-yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.” (Igama elithi Sodoma liye laba isisekelo segama elithi ‘sodomy,’ ngokuvamile elichaza umkhuba wobungqingili. Qhathanisa noGenesise 19:4, 5, 24, 25.)
Siyini isimo sengqondo samaKristu eqiniso ngakulabo abanomlando wobungqingili?
1 Kor. 6:9-11: “Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.” (Kungakhathaliseki isizinda esinjalo, uma abantu manje beyilahla imikhuba yabo yangaphambili engahlanzekile, besebenzisa izindinganiso zikaJehova zokulunga, futhi benokholo elungiselelweni lakhe lokuthethelelwa kwezono ngoKristu, bangajabulela ukuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu. Ngemva kokushintsha, bangamukelwa ebandleni lobuKristu.)
AmaKristu eqiniso ayazi ukuthi ngisho nezinkanuko ezijulile, kuhlanganise nalezo ezingase zibe ezofuzo noma ezihilela izimbangela ezingokwenyama noma izici ezingokwenhlalo, azizona ezingenakunqotshwa kubantu abafuna ngempela ukuthokozisa uJehova. Abanye abantu banenhliziyo encane ngokwemvelo. Mhlawumbe esikhathini esidlule babeziyekelela bangayibambi intukuthelo; kodwa ulwazi ngentando kaNkulunkulu, isifiso sokumjabulisa, nosizo lomoya wakhe lubenza bakwazi ukuba nokuzibamba. Umuntu angase abe umlutha wotshwala, kodwa, ngesisusa esifanelekile, angase akuyeke ukuphuza ngaleyondlela agweme ukuba yisidakwa. Ngokufanayo, umuntu angase azizwe ekhangwa ngokunamandla abanye bobulili obufanayo, kodwa ngokulandela iseluleko seZwi likaNkulunkulu angase ahlale ehlanzekile emikhubeni yobungqingili. (Bheka eyabase-Efesu 4:17-24.) UJehova akasivumeli ukuba siqhubeke sicabanga ukuthi ukuziphatha okubi akusho lutho ngempela; ngomusa kodwa ngokuqinile usixwayisa ngemiphumela futhi anikeze usizo olwanele ngalabo abafuna ‘ukukhumula umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, bazembathise ngomuntu omusha.’—Kol. 3:9, 10.
Ingabe umbono weBhayibheli ngokuqondene nobulili mhlawumbe uyisidala futhi ubopha ngokungadingekile?
1 Thes. 4:3-8: “Lokhu kuyintando kaNkulunkulu . . . ukuba nidede ebufebeni . . . Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.” (Umbono weBhayibheli ngokuqondene nobulili awukhona okuthile okwavezwa abantu abathile ababephila eminyakeni eminingi edlule. Uvela kuMdali wesintu; wenza kukhanye ukuthi yini edingekayo ukuze sivunyelwe nguye; unikeza futhi iziqondiso ezenza kube nemikhaya eqinile, nobuhlobo obuphilile nobujabulisayo nabangaphandle komkhaya. Labo abasebenzisa lesiseluleko bazivikela ngokwabo ezilondeni ezijulile ezingokomzwelo nezifo ezinyanyekayo ezihambisana nokuziphatha okubi. Iseluleko seBhayibheli singesihambisana nesikhathi ekuhlangabezaneni nezidingo zalabo abafuna unembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu nokuphila okukhululekile ekukhungathekeni okungadingekile.)
Uma Umuntu Ethi—
‘Uyini umbono wenu ngobungqingili?’
Ungase uphendule: ‘Ungumbono ovezwe lapha eBhayibhelini. Ngikholelwa ukuthi elikushoyo kubaluleke kakhulu kunanoma imuphi umbono womuntu, ngoba lokhu kusinikeza imiqondo yoMdali wesintu. (1 Kor. 6:9-11) Uzophawula ukuthi abanye balaba ababa ngamaKristu ngaphambili babenza ubungqingili. Kodwa ngenxa yothando lwabo ngoNkulunkulu, nangosizo lomoya wakhe, bashintsha.’
Noma ungase uthi: ‘Ekuphenduleni lokho, ngingase ngisho ukuthi ngiye ngaphawula ukuthi abaningi abanomuzwa wokuthi akukho hlazo okumelwe lihambisane nendlela yokuphila yobungqingili abakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ngingakubuza indlela olibheka ngayo iBhayibheli?’ Uma umuntu evuma ukuthi uyakholelwa eBhayibhelini, ungase mhlawumbe unezele: ‘Ubungqingili abuyona impikiswano entsha. IBhayibheli libeka umbono kaJehova uNkulunkulu ongashintshi ngendlela esobala kakhulu. (Mhlawumbe sebenzisa indaba esekhasini 233.)’ Uma umuntu ebonisa ukungabaza ngokuba khona kukaNkulunkulu noma ngeBhayibheli, ungase unezele: ‘Ukuba kwakungekho Nkulunkulu, ngokusobala bekungeke kudingeke silandise kuye futhi besingaphila njengokuthanda kwethu. Ngakho umbuzo wangempela uwukuthi, Ingabe ukhona uNkulunkulu futhi ingabe ngikhona ngenxa yakhe [mhlawumbe nokuthi, Ingabe iBhayibheli liphefumlelwe nguNkulunkulu]? (Sebenzisa amaphuzu asemakhasini 394-400 noma 58-68.)’
-
-
UbubiUkubonisana NgemiBhalo
-
-
Ububi
Incazelo: Yilokho okubi kakhulu ngokwezimiso zokulunga. Ngokuvamile kubhekisela kulokho okuyithonya elilimazayo, elibi, noma elibhubhisayo.
Kungani kunobubi obungaka?
Akunakusolwa uNkulunkulu. Wanikeza isintu isiqalo esiphelele, kodwa abantu baye bakhetha ukungazinaki izimfuneko zikaNkulunkulu futhi bazinqumela ngokwabo okuhle nokubi. (Dut. 32:4, 5; UmShu. 7:29; Gen. 3:5, 6) Ngokwenza lokhu, baye baba ngaphansi kwethonya lamandla amabi angaphezu kwawobuntu.—Efe. 6:11, 12.
1 Joh. 5:19, NW: “Izwe lonke lisemandleni omubi.”
IsAm. 12:7-12: “Kwase kuba-khona ukulwa ezulwini . . . Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye. . . . Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” (Lomaye owandile emhlabeni uye wenzeka kusukela uSathane akhishwa ezulwini ngemva kokuzalwa koMbuso. Bheka ivesi le-10.)
2 Thim. 3:1-5: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.” (Lezi izithelo zamakhulu eminyaka yokuhlubuka ekukhulekeleni kweqiniso. Lezizimo ziye zaba khona ngenxa yokuthi abantu abaye bazisholo ukuthi bangabenkolo baye bangakunaka lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngempela. Baye bahluleka ukuphila ngokuvumelana namandla okuhle ukuzinikela kweqiniso kuNkulunkulu okungaba nawo ekuphileni komuntu.)
Kungani uNkulunkulu ebuvumela?
Ngezinye izikhathi kithina kungase kubonakale sengathi into engcono kungaba ukumane kususwe bonke ababi. Silangazelela ukuphela kobubi, kodwa siye sabhekana nakho iminyaka emibalwa uma kuqhathaniswa nesikhathi ububi obuye baba khona ngaso. Kumelwe uJehova uNkulunkulu azizwe kanjani? Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bemsola, bemqalekisa nokumqalekisa, ngenxa yezimo ezimbi abaye bazibekezelela. Nokho azibangelwa nguye, kodwa nguSathane nabantu ababi. UJehova unawo amandla okubhubhisa ababi. Ngokuqinisekile kumelwe kube nezizathu ezinhle zokuthi kungani eye wazithiba ngalendlela. Uma indlela kaJehova yokusingatha lesisimo ihlukile kulokho ebesingakutusa, ingabe lokho kumelwe kusimangalise? Okuhlangenwe nakho kwakhe kuningi kunokomuntu, futhi umbono wakhe ngesimo ubanzi kakhulu kunowanoma imuphi umuntu.—Qhathanisa noIsaya 55:8, 9; Hezekeli 33:17.
Babungeke bube khona ububi ukuba uNkulunkulu akazange anikele izidalwa ezihlakaniphile ilungelo lokuzikhethela. Kodwa uNkulunkulu uye wasinikeza amandla okuzikhethela ukumlalela ngenxa yokuba simthanda noma ukungamlaleli. (Dut. 30:19, 20; Josh. 24:15) Ingabe sifisa sengathi ngabe kwakuhlukile? Uma singabazali, ikuphi okusijabulisa ngokwengeziwe—ukusilalela kwezingane zethu ngenxa yokuba zisithanda noma ngenxa yokuba siziphoqelela ukuba zenze kanjalo? Ingabe uNkulunkulu kwakumelwe amphoqelele uAdamu ukuba alalele? Ingabe ngempela sasiyojabula kangcono uma sasihlala ezweni lapho siphoqelelwe khona ukulalela uNkulunkulu? Ngaphambi kokubhubhisa lesimiso esibi, uNkulunkulu unikeza ithuba kubantu lokuba babonise noma bafuna ngempela yini ukuphila ngokuvumelana nemithetho yakhe yokulunga noma cha. Ngesikhathi sakhe esimisiwe, uyobabhubhisa nakanjani ababi.—2 Thes. 1:9, 10.
Ngokuhlakanipha uvumela isikhathi sokulungisa izimpikiswano ezibalulekile: (1) Ukulunga nokufaneleka kokubusa kukaJehova kwabekelwa inselele e-Edene. (Gen. 2:16, 17; 3:1-5) (2) Ubuqotho bazo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezulwini nasemhlabeni bangatshazwa. (Jobe 1:6-11; 2:1-5; Luka 22:31) UNkulunkulu wayengazibhubhisa ngokushesha izihlubuki (uSathane, uAdamu, noEva), kodwa lokho kwakungeke kuzilungise izindaba. Amandla awafakazeli ukuthi inkambo yomuntu ilungile. Izimpikiswano ezaphakanyiswa kwakungezobuqotho. Ukuvumela kukaNkulunkulu isikhathi, kwakungekhona okokuba azitholele ubufakazi banoma iliphi iphuzu, kodwa kwakungokokuvumela zonke izidalwa ezinamandla okukhetha ukuba zizibonele izithelo ezimbi ezivezwa ukuhlubuka ekubuseni kwakhe, nokuba azinikeze ithuba lokubonisa ukuthi zona ngokwazo zimiphi kulezindaba ezibalulekile. Lapho lezimpikiswano sezilungisiwe, akunakuphinde kuvunyelwe noma ubani onakalise ukuthula. Ukuhleleka okuhle, ukuvumelana, nenhlala-kahle yendawo yonke kwencike ekungcwelisweni kwegama likaJehova, ukumphatha kwazo zonke izidalwa ezihlakaniphile ngodumo olusuka enhliziyweni. (Bheka futhi amakhasi 403, 404, ngaphansi kwesihloko esithi “USathane UDeveli.”)
Umfanekiso: Uma umuntu ubengakusola phambi kwawo wonke umphakathi ngokuthi usisebenzisa kabi isikhundla sakho njengenhloko yomkhaya, ukuthi izingane zakho bezingaphila kangcono uma zizenzela izinqumo zazo ngaphandle kwakho, nokuthi zonke azikuhloniphi ngenxa yokuba zikuthanda, kodwa ngenxa yezinzuzo zezinto ezibonakalayo ozinikeza zona, bekungaba iyiphi indlela engcono kakhulu yokulungisa lendaba? Ingabe ukudubula lowo okumangalela ngamanga bekungenza lokho kusolwa kuphele ezingqondweni zomphakathi? Kunalokho, yeka impendulo enhle obekungaba yiyo uma unikeza izingane zakho ithuba lokuba ngofakazi bakho ekuboniseni ukuthi uyinhloko yomkhaya elungile nenothando nokuthi zihlala nawe ngenxa yokuthi ziyakuthanda! Uma ezinye zezingane zakho zikholelwa isitha sakho, zilishiya ikhaya, futhi zonakalise ukuphila kwazo ngokulandela ezinye izindlela zokuphila, bekuyomane kwenze izibukeli eziqotho zibone ukuthi lezozingane beziyophila kangcono uma zazilandele ukuqondisa kwakho.
Ingabe siye sazuza nganoma iyiphi indlela ngokuvumela kukaNkulunkulu ububi kuze kube namuhla?
2 Pet. 3:9: “INkosi [uJehova] ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” (Ngenxa yokuthi ukubekezela kwakhe kuze kwafinyelela osukwini lwethu, sinethuba lokubonisa ukuthi siyaphenduka nokuthi, esikhundleni sokuzenzela izinqumo zethu siqu ngokuqondene nokuhle nokubi, sifuna ukuzithoba ekubuseni kukaJehova kokulunga.)
Roma 9:14-24: “Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye. . . . Uma pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa [okungukuthi, wabekezelela ukuba khona kwabantu ababi isikhathi esithile], ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili [okungukuthi, wayezosebenzisa lesikhathi ukuba alulele umusa kwabathile, ngokuvumelana nenjongo yakhe], thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?” (Ngaleyondlela uNkulunkulu wakuhlehlisa ukubhujiswa kwababi ukuze avumele isikhathi sokukhetha abantu ayeyobakhazimulisa noKristu njengamalungu oMbuso wasezulwini. Ingabe ukwenza kukaNkulunkulu lokho kuye kwaba ukungalungi kunoma ubani? Cha; kuyingxenye yelungiselelo likaJehova lokubusisa abantu bazo zonke izinhlobo abayoboniswa umusa ngethuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Qhathanisa neHubo 37:10, 11.)
Uma Umuntu Ethi—
‘Kungani uNkulunkulu evumela ububi obunjena?’
Ungase uphendule: ‘Umbuzo wakho muhle. Izinceku ezithembekile eziningi zikaNkulunkulu ziye zaphazanyiswa ububi obuzizungezile. (Hab. 1:3, 13)’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Akubangelwa yinoma ikuphi ukunganaki kukaNkulunkulu. Usiqinisekisa ukuthi unesikhathi esimisiwe ayogweba ngaso ababi. (Hab. 2:3)’ (2) ‘Kodwa yini edingekayo kithina ukuze sibe phakathi kwabayosinda lapho lesosikhathi sifika? (Hab. 2:4b; Zef. 2:3)’
Noma ungase uthi: ‘Ngiyajabula ngokuba uphakamise lowombuzo. Uwumbuzo ophazamisa abaningi abantu abaqotho. Lapha nginokwaziswa okuwusizo kakhulu okuphendula umbuzo wakho. (Khona-ke fundani ndawonye okunye kokwaziswa okusemakhasini 228-230.)
‘Ngemva kwayo yonke leminyaka, angikholelwa ukuthi uNkulunkulu kukhona azokwenza ukuze ashintshe izinto’
Ungase uphendule: ‘Ngiyajabula ukuzwa ukuthi uyakholelwa kuNkulunkulu. Ngokuqinisekile kuyiqiniso ukuthi kunobubi obuningi, futhi baqala esikhathini eside ngaphambi kwesintu. Kodwa wake wakucabangela yini lokhu . . . ? (Sebenzisa amaphuzu asesigabeni 2 ekhasini 228, ngokuqondene nobude besikhathi uNkulunkulu aye wabubekezelela ngaso.)’
Noma ungase uthi: ‘Ngiyaqiniseka ukuthi uzovumelana nami uma ngithi noma ubani onamandla okwakha indlu ngokuqinisekile uyakwazi ukuyenza ihlanzeke futhi. . . . Njengoba uNkulunkulu adala umhlaba, ngeke kube yinto enzima ngaye ukuwuhlanza futhi. Kungani eye walinda isikhathi eside kangaka? Ngiye ngathola lempendulo ingeyanelisa kakhulu. Ngitshele ukuthi ucabangani wena. (Khona-ke fundani ndawonye ukwaziswa okusemakhasini 228-230.)’
-