Ingabe UNkulunkulu Uyangikhathalela?
Izimpendulo ezivamile:
▪ “UNkulunkulu uphakeme kakhulu ukuthi angakhathazeka ngezinkinga zami.”
▪ “Angicabangi ukuthi unendaba nami.”
Wathini uJesu?
▪ “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho nowodwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. Kodwa ngisho nezinwele zamakhanda enu zibaliwe zonke. Ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Luka 12:6, 7) Ngokungangabazeki, uJesu wafundisa ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela.
▪ “Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.” (Mathewu 6:31, 32) UJesu wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyazazi izidingo zethu.
IBHAYIBHELI lisho ngokuqondile ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela. (IHubo 55:22; 1 Petru 5:7) Uma kunjalo, kungani sibhekana nokuhlupheka okungaka namuhla? Uma uNkulunkulu enothando futhi enamandla onke, kungani engenzi okuthile ukuze aqede ukuhlupheka?
Impendulo ihilela neqiniso elingaziwa lokuthi uSathane uDeveli ungumbusi waleli zwe elibi. Lapho elinga uJesu, uSathane wamthembisa ukumnika yonke imibuso yomhlaba, ethi: “Ngizokunika lonke leli gunya nenkazimulo yale mibuso, ngoba linikezwe mina, futhi ngilinika noma ubani engithanda ukumnika lona.”—Luka 4:5-7.
Ubani owagcoba uSathane njengombusi wezwe? Lapho abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, belalela uSathane futhi behlubuka kuNkulunkulu, empeleni bakhetha uSathane njengombusi wabo. Kusukela ngenkathi yokuvukela kwabo, uJehova uNkulunkulu ngesineke uvumele isikhathi ukuba sibonise ukuthi ukubusa kukaSathane kwehluleka ngokuphelele. UJehova akabaphoqanga abantu ukuba bamkhonze, kodwa usivulele indlela yokuba sibuyisane naye.—Roma 5:10.
Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela, wenze amalungiselelo okuba uJesu asikhulule ekubuseni kukaSathane. Maduze nje, uJesu ‘uzomenza ize lowo onendlela yokubangela ukufa, okungukuthi, uDeveli.’ (Hebheru 2:14) Ngokwenza kanjalo, ‘uyobhidliza imisebenzi kaDeveli.’—1 Johane 3:8.
IPharadesi liyobuyiselwa kulo mhlaba. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [abantu], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili [ziyobe] zidlulile.”—IsAmbulo 21:4, 5.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe kokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, bheka isahluko 11 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]
IPharadesi liyobuyiselwa kulo mhlaba