Indlela Yokuphumelela Enkonzweni Yobuphayona
INGABE inkonzo yobuphayona ingumsebenzi wakho? Uma uyiphayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele, akungabazeki ukuthi unesithakazelo ekubeni ophumelelayo. Kodwa impumelelo idinga okwengeziwe kunokuba owazi nje ukusebenzisa isikhathi emsebenzini owunikeziwe. Umuntu ophumelelayo kumelwe amukele ukuqeqeshwa futhi awahlakulele ngokuphikelelayo amakhono akhe.
Khona-ke, ungaba kanjani ongaqhubeki njengephayona kuphela kodwa futhi othuthukayo emsebenzini wakho? Kunemibuzo eyisihluthulelo eminingana ongase uyicabangele.
Buqine Kangakanani Ubuhlobo Bami NoNkulunkulu?
Esinye sezici ezibaluleke kakhulu zokuphumelela njengephayona siwukuba nobuhlobo obuseduze, obuqinile noJehova uNkulunkulu. Ngokuphathelene nalokhu, singafunda isifundo kumhubi uDavide. Wancenga: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.”—IHubo 25:4, 5.
UDavide wayencike ngokuphelele ‘kuNkulunkulu wensindiso yakhe.’ Wayenesifiso sokuba uNkulunkulu amfundise futhi ‘amazise imendo yaKhe.’ Uyasizwa yini isifiso esijulile sikaDavide sokuthokozisa uNkulunkulu? Lesi kwakuyisifiso esingaphezu nje kwesivamile, ngoba uDavide wathi: “Ngilindela wena usuku lonke.”
Kodwa ungabulondoloza kanjani ubuhlobo obunjalo obuseduze noJehova? Phawula ukuthi okuphawulwe ngaphambili kungamazwi kaDavide emthandazweni. Yebo, ukukhuluma ngomthandazo yiso kanye isisekelo sobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Futhi singaduduzeka ngokwazi ukuthi asikho isidingo sokubeka isikhathi sokukhuluma noBaba wethu osezulwini. Singakhuluma naye nganoma isiphi isikhathi. Njengoba uDavide asho: “Ngikhala kuwe usuku lonke.” (IHubo 86:3) Ngisho neNdodana kaNkulunkulu, eyahamba emhlabeni njengendoda ephelele, yaqaphela ukuthi yayingenakuphumelela ngaphandle kosizo lukaYise. UJesu wakhuluma naye ngomthandazo usuku lonke—ekuseni kakhulu, phakathi nosuku, nasebusuku.—Marku 1:35; Luka 11:1; 6:12.
NjengamaKristu, kudingeka silandele isibonelo sikaJesu uma sifuna ukuphumelela enkonzweni yethu. (Heberu 5:7) Ngokuqondene nomthandazo, owesifazane ongumKristu obelokhu eyiphayona eliphumelelayo iminyaka engama-30 wakhuluma ngalendlela: “Ngithola ukuthi umthandazo udingekile kimi uma ngifuna ukuphumelela njengephayona. Uye wangisiza ukuba ngincike ngokuphelele kuJehova, ngiqaphela ukuthi angikwazi ukuphumelela ngingedwa. Ngimcela njalo uJehova ukuba angisize ngiqhubeke.”
Yebo, ukuze uphumelele enkonzweni yobuphayona, kudingeka ulondoloze ubuhlobo obuqinile noJehova, uncika ngokuphelele kuye ngomthandazo. Nokho, okulandelayo omunye umbuzo obalulekile ongazibuza wona.
Ngibathanda Kangakanani Abantu?
Ukuphayona kuwukubonakaliswa kothando. Ngani? Ngoba inkonzo yesikhathi esigcwele ihilela umoya wokuzidela. Njengephayona, unikela njalo ngesikhathi sakho namandla ukuze usize abanye. Kodwa uma ufuna ukuqhubeka wenza lokho, kumelwe ube nesithakazelo sangempela ezidingweni zabanye. Lapho esemhlabeni, uJesu wabonisa uthando olunjalo ngabantu. Ngokwesibonelo, kunesikhathi lapho yena nabafundi bakhe babehamba ngesikebhe beya endaweni engayodwa ukuze ‘baphumule ingcosana.’ Nokho, izixuku zafika lapho ngaphambi kokuba bona bafike. “Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba-nesihe ngabantu, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.”—Marku 6:30-34.
NjengoJesu, njengamaphayona kumelwe sibe nothando olujulile ngabantu. Uthando olunjalo lusishukumisela ukuba sizinikele ngenxa yabo. Njengoba omunye umbhali ake asho kuJesu: “Ukuyithanda yona [uNkulunkulu] ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” (Marku 12:33) Lamazwi asisiza ukuba siqonde ukuthi akukhona kuphela lokho esikwenza enkonzweni yethu okubalulekile kodwa futhi nesizathu sokuba sikwenze.
Njengephayona, uchitha isikhathi esengenziwe emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi ngaphezu kokuba abanye benza. Kodwa futhi uthintana nabantu abengeziwe. Uzizwa kanjani ngabo? Elinye iphayona lathi: “Ngiyazi ukuthi uthando luyisithelo somoya kaNkulunkulu. Ngakho ngaphandle kwalo bengingeke neze ngibe seqinisweni, kungasaphathwa ukuphumelela njengephayona. Uthando lungenza ngikhathalele abantu, ngiqaphele izidingo zabo, futhi ngiyaqaphela ukuthi abantu bayasabela othandweni. Yebo, kunezikhathi lapho uthando lwakho ngabantu luyovivinywa khona ngenxa yezimo zengqondo noma ukuthambekela kwabo. Kulapho ikakhulukazi lapho ngizama khona ukulalela futhi ngibe nesineke.”
Ingabe yileyondlela ozizwa ngayo ngabantu abasensimini yakini? Ukuze ube iphayona eliphumelelayo, kumelwe ubathande abantu. (1 Thesalonika 2:6-8) Nokho, ukuze uphumelele emsebenzini wakho wobuphayona kudingeka futhi ube nesimiso esihle. Ngakho, zibuze:
Ingabe Nginaso Isimiso Esilinganiselwe?
Ukuze liqhubeke enkonzweni yesikhathi esigcwele ngokuphumelelayo, iphayona kumelwe libe ngelihleleke kahle. Ngaphandle kwesimiso esihle somuntu siqu, ukuphayona kungaba okukhungathekisayo. Yebo, ukuba nesimiso esivumela ukusebenzisa isikhathi esithile enkonzweni yasensimini akukhona lokho nje kuphela okuhilelekile.
Iphayona lidinga isimiso esilinganiselwe. Ingabe unaso? Ungase uzibuze ngokufanelekile: Ingabe ngisebenzisa isikhathi esifanele ezicini ezihlukahlukene zenkonzo? Ngingasho yini ukuthi ngenza konke okusemandleni ami ukuze ngifinyelele abantu ensimini? Ingabe ngiyalungisa uma kudingekile esimisweni sami ukuze ngibahambele lapho besekhaya? Ngiyazenza yini izimpindelo eziphumelelayo? UJesu wathi: ‘Ngalokho hambani nenze izizwe abafundi . . . nibafundise.’ (Mathewu 28:19, 20) Kokubili ukushumayela nokufundisa kuyizingxenye ezidingekile zenkonzo yethu. Ingabe waneliswa ukuhambisa izincwadi, noma ingabe uyaphindela kubo bonke labo ababonisa isithakazelo, kungakhathaliseki ukuthi bayazemukela izincwadi zeBhayibheli noma cha? Kafushane, ingabe usisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi sakho?
Ingabe Ngingumfundisi Othuthukayo?
Lowo omunye umbuzo obalulekile. Kweyesi-2 Thimothewu 4:2, uPawulu wabhala: “Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; . . . ngakho konke ukubekezela nokufundisa.” Ukuze ashumayele izwi, kungakhathaliseki ukuthi ngaphakathi noma ngaphandle kwebandla, amaphayona aphumelelayo alwela ukuzuza nokulolonga ikhono lokufundisa. Kungani uPawulu ebiza ukufundisa ngokuthi ikhono? Ngoba ukufundisa kudinga ikhono nokuzijwayeza.
Uyolithuthukisa kanjani ikhono lakho njengomfundisi? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Nakekela lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.” (1 Thimothewu 4:15) Yebo, amaphayona kumelwe anikele ngesikhathi sawo ukuze abe nesifundo seBhayibheli somuntu siqu, ukubukeza, nokuzindla. Lokhu kuhlanganisa ukukusebenzisa ngokoqobo ukusikisela okutholakala ezincwadini ezinjengethi Ukubonisana NgemiBhalo, INkonzo Yethu YoMbuso, neNcwadi Yokuchasisa Isikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini.a
Ngakho-ke, ukuze uphumelele enkonzweni yobuphayona, londoloza ubuhlobo bakho bomuntu siqu obuqinile noJehova uNkulunkulu. Lokhu, ngakolunye uhlangothi, kuyokushukumisela ukuba uzuze futhi ubonakalise uthando olujulile ngabantu. Yebo, ukuze ubonakalise loluthando, akumelwe nje kuphela ukhathalele ukuthi uchitha isikhathi esingakanani enkonzweni, kodwa kumelwe futhi ufune ukusebenzisa isikhathi sakho ngokunenzuzo. Kanjani? Ngokwenza umzamo odingekile ukuze ufinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngesigijimi soMbuso. Ekugcineni, qhubeka uthuthuka njengomfundisi ngokufunda izindlela ezihlukahlukene zokukhuluma nabantu enkonzweni futhi ulitadishe ngenkuthalo iBhayibheli unombono wokulolonga ikhono lakho lokufundisa.
[Umbhalo waphansi]
a Ezakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.