Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe UNkulunkulu Unaso Isiqalo?
▪ IBhayibheli lithi uNkulunkulu akazange abe nesiqalo. Selokhu kwathi nhlo ukhona. Nakuba kunzima ukuqonda ukuthi uNkulunkulu ungunaphakade, asinakukuphika lokho ngoba nje singakwazi ukukuqonda ngokugcwele.
Ingabe ngempela kunengqondo ukulindela ukuqonda zonke izindlela zikaNkulunkulu? Umphostoli uPawulu wathi: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!” (Roma 11:33) Izingqondo zethu azinakukuqonda ngokugcwele ukujula kokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu njengoba nje nosana lungenakuziqonda zonke izinto ngomzali walo. Nakuba la mazwi kaPawulu aphefumulelwe ekhuluma ngokuyinhloko ngokuthi ukuhlakanipha nesihe sikaNkulunkulu kuyamangalisa, asikisela nokuthi kunezici ezithile ngoJehova uNkulunkulu nangemisebenzi yakhe ezijule kakhulu ukuba singaziqonda. Ngokusobala, ukungabi kukaNkulunkulu nesiqalo kungesinye salezo zici. Noma kunjalo, singathembela ngokuphelele kulokho iBhayibheli elikufundisayo ngaye. UJesu Kristu washo lokhu ngemiBhalo engcwele: “Izwi lakho liyiqiniso.”—Johane 17:17.
UMose wathandaza kuJehova: “Kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.” (IHubo 90:2, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Lapha, uMose uchaza uNkulunkulu ngezindlela ezimbili. Okokuqala, uyohlala ekhona phakade. UJehova ‘unguLowo ophila kuze kube phakade naphakade.’ (IsAmbulo 4:10) Ngakho-ke, uyohlale ekhona nanini nanini. Okwesibili, wayekhona kwasekuqaleni. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu akazange adalwe futhi akanasiqalo.
Kunzima ngabaningi bethu ukwamukela izinkolelo ezingaqondakali. Kodwa ngezinye izikhathi kuyadingeka ukwamukela izinto okungelula ukuziqonda. Isibonelo salokhu yizinombolo. Izinombolo azinaso isiphetho; ngeke uziqede. Ngeke yini sakwazi ukusebenzisa lesi sibonelo endabeni yoMdali?
Ngakho, kuyafaneleka ukuthi kube nguNkulunkulu kuphela onesiqu esithi ‘Nkosi engunaphakade.’ (1 Thimothewu 1:17) Cabanga nje: uJesu Kristu, inqwaba yezingelosi ezulwini nabo bonke abantu emhlabeni banesiqalo ngenxa yokuthi badalwa. (Kolose 1:15, 16) Akunjalo ngoNkulunkulu. Ukudaza inkani ngokuzama ukufakazela ukuthi kumelwe ukuba uNkulunkulu wadalwa kuyize futhi ngeke kusifikise ndawo. NguJehova kuphela owaba khona “kusukela phakade kuze kube phakade.” (IHubo 90:2, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngamanye amazwi, waba khona “kungakabikho zikhathi.”—Jude 25, IBhayibheli lesiZulu elivamile.
Nokho, khumbula ukuthi indaba yokuthi selokhu kwathi nhlo uNkulunkulu ukhona isekelwe ebufakazini obuyiqiniso. Ukuhlolisisa umthandazo kaMose kusitshela ukuthi ukungabi kukaNkulunkulu nesiqalo nesiphetho kusiqinisekisa ngokuthi uzosifeza isithembiso sakhe sothando sokusinika ukuphila okuphakade. Ngokungafani nokuphila kwethu kwamanje okufushane, uNkulunkulu uchazwa ngokuthi ‘uyindawo yethu yokuhlala yangempela esizukulwaneni ngesizukulwane.’ NjengoBaba onothando, wabanakekela abantu bakhe endulo, uyabanakekela namanje futhi uyohlale ebanakekela. Kwangathi lelo qiniso elimangalisayo lingakududuza!—IHubo 90:1.