Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe Kufanele Ngibe Ilungu Lenkolo Ethile?
▪ Ingabe uyakugwema ukuba ilungu lenkolo ngoba uzonda ubuzenzisi nokuntuleka kobunye phakathi kwabantu abasontayo ngisho naphakathi kwabefundisi? Uma kunjalo isaga sesiFulentshi siyibeka kahle indlela ozizwa ngayo, “Lowo oseduze nesonto uvame ukuqhelelana noNkulunkulu.”
Mhlawumbe uyalihlonipha iBhayibheli futhi ucabanga ukuthi ohulumeni nabantu ngabanye kufanele bahloniphe ilungelo lomuntu lokuba yilungu lenkolo ethile. Nokho, kungenzeka ukuthi uyazibuza, ‘Ingabe ngempela uNkulunkulu uthi labo abafuna ukumkhulekela ngendlela ayamukelayo kumelwe babe amalungu enkolo ethile ehleliwe?’
Impendulo inguyebo. Kungani siqiniseka ngalokho? Ingabe zonke izinkolo zilungile?
Cabangela isibonelo sikaJesu. Ingabe wayeyilungu lenkolo ethile? Lapho esengumfana, wayehamba nomndeni wakubo ongamaJuda nabanye bayokhulekela ethempelini eJerusalema. (Luka 2:41-43) Ngesikhathi esekhulile, wakhulekela uNkulunkulu namanye amaJuda esinagogeni lendawo. (Luka 4:14-16) Lapho ekhuluma nowesifazane wenye inkolo, wathi: “Thina sikhulekela esikwaziyo.” (Johane 4:22) Lapha wabonisa ngokucacile ukuthi uyilungu lenkolo yobuJuda.
Kamuva, uJesu wathi ngenxa yokuthi amaJuda ayemlahlile njengesizwe, uNkulunkulu wayeyoyenqaba indlela yawo yokukhulekela eyonakele. (Mathewu 23:33–24:2) Nokho, wabonisa ukuthi labo abafuna ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo kwakuyodingeka ukuba babe senkolweni ethile ehleliwe. Watshela abalandeli bakhe: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Umfundi kaKristu kwakumelwe azihlanganise namanye amakholwa ukuze awabonise uthando. Eqinisweni, uJesu wakusho kwacaca ukuthi kunezindlela ezimbili ezimelela inkolo. Enye wathi “ibanzi futhi ivulekile” iholela “ekubhujisweni.” Nokho, wabe esethi: “Lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.”—Mathewu 7:13, 14.
Kusobala-ke ukuthi kunendaba ukuthi ukhetha yiphi indlela. IBhayibheli lixwayisa ngokuzihlanganisa nalabo “abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.” Liqhubeka lithi, “laba ubafulathele.” (2 Thimothewu 3:5) Ngakolunye uhlangothi, siyazuza kakhulu ngokwazi nangokuzihlanganisa nalabo abasendleleni eya ekuphileni. Sithola isikhuthazo nokusekelwa manje nethemba elijabulisayo lesikhathi esizayo.—Hebheru 10:24, 25.
Ungayibona kanjani inkolo esendleleni enyinyekile? Sikucela ukuba ucabangele izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini ezisesahlukweni 15 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a Lokho ozokufunda kuzokusiza ukuba wenze isinqumo esisekelwe eBhayibhelini ngempela ukuze ukhethe ukuthi yiliphi iqembu lenkolo okumelwe uzihlanganise nalo.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.