Ingabe Bewazi?
Iyini ‘indwangu ebomvu ngokunsomi’ okuvame ukubhekiselwa kuyo encwadini ka-Eksodusi?
▪ Ukulandisa kweBhayibheli kuthi izindwangu zetende ezazakhe izindonga nesango letabernakele, isikhungo sokukhulekela sama-Israyeli sasendulo, zazakhiwe “ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka noboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu nendwangu ebomvu ngokunsomi nelineni elicolekileyo elisontiwe.” (Eksodusi 26:1; 38:18) “Izingubo ezingcwele” zabapristi nazo kwakufanele zenziwe ‘ngendwangu ebomvu ngokunsomi.’—Eksodusi 28:1-6.
Umbala obomvu ngokunsomi, ophinde ubizwe ngokuthi i-kermes, kwakungudayi obomvu. Lo dayi wawenziwa ngezinambuzane zezinsikazi zohlobo lwe-Coccidae. Lezi zinambuzane ezingenazimpiko zihlala esihlahleni se-kermes oak (Quercus coccifera), saseMpumalanga Ephakathi nasoGwini LweMedithera. Umbala obomvu utholakala emaqandeni aphakathi emzimbeni walesi sinambuzane sensikazi. Uma isinambuzane sithwele amaqanda, sibukeka njengejikijolo elingangohlamvu lukaphizi, sinamathela emahlamvini esihlahla se-kermes oak. Ngemva kokuba sezithathiwe zagaywa, lezi zinambuzane zibe sezikhipha umbala obomvu, oncibilikayo emanzini futhi olungele ukudaya indwangu. Isazi-mlando saseRoma, uMdala uPliny, sakhuluma ngombala obomvu ngokunsomi futhi sawubala phakathi kwemibala eyayithandwa kakhulu ngosuku lwaso.
Yibaphi abalobi bemiBhalo YamaKristu YesiGreki ababekhona ngePentekoste lika-33 C.E.?
▪ Kungenzeka ukuthi kula madoda angu-8 aloba le ngxenye yemiBhalo kwakukhona ayisithupha.
Ukulandisa kwencwadi yezEnzo kuthi uJesu wayala abafundi bakhe: “Ningasuki eJerusalema, kodwa qhubekani nilindele lokho . . . uBaba akuthembisile.” (IzEnzo 1:4) Yona le ncwadi ibonisa ukuthi uMathewu, uJohane noPetru ababesazoloba iBhayibheli bawulalela lo myalo futhi bahlangana nabanye abafundi “endaweni efanayo.” Abafowabo bakaJesu ngamzali munye nabo babekhona lapho. (IzEnzo 1:12-14; 2:1-4) Ababili babo, uJakobe noJude (uJuda), kamuva baloba izincwadi ezimbili zeBhayibheli ezibizwa ngamagama abo.—Mathewu 13:55; Jakobe 1:1; Jude 1.
EVangelini lakhe, uMarku ukhuluma ngensizwa eyabaleka ngobusuku uJesu aboshwa ngabo. Eqinisweni wayekhuluma ngaye ngokwakhe, njengoba bonke abanye abafundi babekade sebemshiyile uJesu. (Marku 14:50-52) Ngakho, kubonakala sengathi uMarku wayengomunye wabafundi bokuqala, futhi kungenzeka wayekhona ngePentekoste.
Laba abanye abalobi ababili bemiBhalo YamaKristu YesiGreki ephefumulelwe kwakunguPawulu noLuka. NgePentekoste lika-33 C.E., uPawulu wayengakabi umlandeli kaKristu. (Galathiya 1:17, 18) Kusobala ukuthi noLuka wayengekho ngoba akazibali lapho ekhuluma “ngofakazi bokuzibonela” benkonzo kaJesu.—Luka 1:1-3.
[Isithombe ekhasini 22]
Izinambuzane ezazisetshenziselwa ukwenza udayi
[Umthombo]
Courtesy of SDC Colour Experience (www.sdc.org.uk)
[Isithombe ekhasini 22]
UPetru ekhuluma ngePentekoste lika-33 C.E.