INgoma 132
Ingoma Yokunqoba
Uhlelo Oluprintiwe
1. Hubel’ iNkosi. Igama layo liphakeme.
AbaseGibhithe, Yabaphonsa olwandle.
Dumisa uJah; Nguyena ongoPhezukonke.
Konke ukunqoba, KungokukaJehova.
(CHORUS)
Jehova Mninimandla onke,
Awushintshashintshi nakancane,
Izitha zakho uyozibhuqa
Ungcwelis’ igama lakho.
2. Zonke izizwe zimelene noNkulunkulu.
Noma zinamandla, Nazo zizohlazeka.
Zizobhujiswa, Zizonqotshwa eArmagedon.
Bonke bayolazi Igama l’kaJehova.
(CHORUS)
Jehova Mninimandla onke,
Awushintshashintshi nakancane,
Izitha zakho uyozibhuqa
Ungcwelis’ igama lakho.
(Bheka neHu. 2:2, 9; 92:8; Mal. 3:6; IsAm. 16:16.)