Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 2/1 kk. 5-7
  • Imbangela Yangempela Yempi Nokuhlupheka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imbangela Yangempela Yempi Nokuhlupheka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISIBONAKALISO SEZINSUKU ZOKUGCINA
  • UKUBHIDLIZA IMISEBENZI KADEVELI
  • Abagibeli Bamahhashi Abane—Bangobani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Umsebenzi Okhazimulayo Olandela Ukugibela Kwabagibeli Bamahhashi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Impi Yokuqeda Izimpi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Abagibeli Bamahhashi Abane Bayagabavula!
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 2/1 kk. 5-7

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | IMPI EYASHINTSHA UMHLABA

Imbangela Yangempela Yempi Nokuhlupheka

Ngo-November 11, 1918, iMpi Yezwe I yaphela. Amabhizinisi avalwa futhi abantu babhiyoza emigwaqweni. Kodwa lokho kubhiyoza kwasheshe kwaphela. Ngokushesha ngemva kwempi yomhlaba, kwaqala olunye usongo olwedlula ukudutshulwa ngezibhamu.

Isifo esiwumshayabhuqe esaziwa ngokuthi umkhuhlane waseSpain sahlasela amabutho ayelwa eFrance ngo-June 1918. Lesi sifo sabhebhetheka ngokushesha. Ngokwesibonelo, ngezinyanga ezimbalwa, sabulala amasosha aseMelika amaningi kunalawo ayebulawe ngezibhamu eFrance. Lesi sifo sasakazeka ngokushesha emhlabeni lapho amasosha ephindela emakhaya ngemva kwempi.

Iminyaka yangemva kwempi yayigcwele indlala nokuwa kwezomnotho. Amazwe amaningi aseYurophu ayekhungethwe indlala lapho impi iphela ngo-1918. Ngawo-1923 imali yaseJalimane yayingasathengi lutho. Ngemva kweminyaka eyisithupha, umnotho emhlabeni wonke wawa. Ekugcineni ngo-1939 kwaqala impi yezwe yesibili​— ngezindlela ezithile okwakusho ukuqhubeka kwezinxushunxushu zempi yezwe yokuqala. Yini eyayiyimbangela yalezi zenzakalo eziyinhlekelele ezilandelanayo?

ISIBONAKALISO SEZINSUKU ZOKUGCINA

Isiprofetho seBhayibheli sisenza sibone imbangela yezenzakalo ezingokomlando, ikakhulukazi iMpi Yezwe I. UJesu Kristu wabikezela ngesikhathi lapho ‘isizwe sasiyovukela khona isizwe,’ kube khona ukusweleka kokudla nezifo eziwumshayabhuqe emhlabeni. (Mathewu 24:​3, 7; Luka 21:​10, 11) Watshela abafundi bakhe ukuthi lezi zinhlekelele zaziyoba isibonakaliso sezinsuku zokugcina. Imininingwane eyengeziwe itholakala encwadini yesAmbulo ehlobanisa omaye emhlabeni nempi yasezulwini.​—Bheka ibhokisi elithi “Impi Emhlabeni Nasezulwini.”

Le ncwadi yeBhayibheli ikhuluma ngabagibeli bamahhashi abane, ngezinye izikhathi ababizwa ngokuthi abagibeli abane bembubhiso yomhlaba wonke. Abathathu balaba bagibeli bamelela izinhlekelele uJesu ayezibikezele​—impi, indlala nezifo eziwumshayabhuqe. (Bheka ibhokisi elithi “Ingabe Amahhashi Abagibeli Abane Aseyagabavula Ngempela?”) Kusobala ukuthi impi yezwe yokuqala yaba isiqalo sesikhathi sosizi olusaqhubeka nanamuhla. IBhayibheli lembula nokuthi ngomqondo othile, uSathane oyimbangela yalolu sizi. (1 Johane 5:19) Ingabe amandla akhe ayoke anqandwe?

Incwadi yesAmbulo iphinde isiqinisekise ngokuthi uSathane usesalelwe ‘isikhathi esifushane.’ (IsAmbulo 12:12) Yingakho egcwele intukuthelo futhi ebangela ubunzima obukhulu lapha emhlabeni. Izinhlupheko esizibonayo nazo zifakazela ukuthi uSathane uphelelwa isikhathi.

UKUBHIDLIZA IMISEBENZI KADEVELI

IMpi Yezwe I yaba isenzakalo esiphawuleka ngempela emlandweni. Kwaba isikhathi sezimpi, ukuvukelwa kwemibuso nokungethenjwa kwabaholi abangabantu. Le mpi yanikeza nobufakazi obuqand’ ikhanda bokuxoshwa kukaSathane ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Lo mbusi womhlaba ongabonakali wasabela njengombusi ononya owaziyo ukuthi izinsuku zakhe zibaliwe. Lapho lezo zinsuku ziphela, isikhathi sezinkathazo esaqala ngeMpi Yezwe I siyophela.

Ngokwesiprofetho seBhayibheli, unesizathu sokuba nethemba lokuthi kungekudala, uJesu Kristu, iNkosi yethu yasezulwini, ‘uzobhidliza imisebenzi kaDeveli.’ (1 Johane 3:8) Kakade izigidi eziningi zabantu zithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze. Ingabe wena uyawuthandazela? Ngenxa yalowo Mbuso, abantu abathembekile bayobona ukufezeka kwentando kaNkulunkulu emhlabeni​—⁠hhayi ekaSathane. (Mathewu 6:9, 10) EMbusweni kaNkulunkulu, impi yezwe ngeke iphinde ibe khona emhlabeni​—nanoma iziphi ezinye izimpi! (IHubo 46:9) Funda ngalowo Mbuso, uphile uze ubone lapho ukuthula kugcwala emhlabeni!​—Isaya 9:​6, 7.

Impi Emhlabeni Nasezulwini

Emakhulwini eminyaka angu-19 ngaphambi kokugqashuka kweMpi Yezwe I, uSathane wathembisa ukunika uJesu “yonke imibuso yezwe.” (Mathewu 4:​8, 9) UJesu wamelana naleso silingo, kodwa kamuva wabiza uDeveli ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uJohane wabhala ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.”​—1 Johane 5:⁠19.

Uma uSathane uDeveli enamandla kangaka emhlabeni, ngeke yini kube nengqondo ukuphetha ngokuthi waba nengxenye ekubangeleni impi yezwe yokuqala nemiphumela eyalandela? Incwadi yesAmbulo ihlobanisa uSathane nezinhlekelele ezaba khona emhlabeni kusukela ngo-1914. Nalu uhlu olufushane lwezenzakalo ezichazwe kusAmbulo isahluko 12:

  • Ivesi 7 Kugqashuka impi ezulwini phakathi kukaMikayeli (uJesu Kristu) nodrako (uSathane).

  • Ivesi 9 UDeveli, “odukisa umhlaba wonke owakhiwe,” uphonswa phansi emhlabeni.

  • Ivesi 12 “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”

Ukulandelana kwezenzakalo zeBhayibheli ngokohlelo lwezikhathi kanye nezenzakalo zomhlaba, kubonisa ukuthi le mpi yasezulwini yaqala ngemva kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ezulwini ngo-1914.a Ngawo lowo nyaka oyingqopha-mlando kwagqashuka impi emhlabeni nasezulwini.

a Bheka isahluko 8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ingabe Amahhashi Abagibeli Abane Aseyagabavula Ngempela?

Ihhashi elimhlophe nomgibeli walo oyinkosi yasezulwini

Ihhashi elimhlophe, umgibeli walo oyinkosi yasezulwini. INkosi, uJesu Kristu ngokwakhe, uyena ogibela ngenjongo yokulunga. (IHubo 45:4) Into yokuqala ayenzayo ukuxosha uSathane namademoni akhe ezulwini.​—IsAmbulo 6:2; 12:9.

Ihhashi elinombala onjengomlilo namasosha empini

Ihhashi elinombala onjengomlilo, umgibeli walo unegunya ‘lokususa ukuthula emhlabeni.’ (IsAmbulo 6:4) Kusukela ngo-1914 impi ibilokhu ibangela abantu usizi. Ngemva nje kweminyaka engu-21 iMpi Yezwe I iphelile, kwagqashuka impi yezwe yesibili eyabulala abantu abaningi nakakhulu. Okunye ukulinganisela kuthi iMpi Yezwe II yabulala abantu abangaba izigidi ezingu-60. Kusukela ngo-1945 kube nezimpi ezindaweni ezithile kuphela, kodwa nazo ziye zachitha igazi eliningi. Ezinye izazi-mlando zilinganisela ukuthi bangaphezu kwezigidi eziyikhulu abantu abafa ezimpini ngekhulu leminyaka lama-20.

Ihhashi elimnyama nezingane eziningi ezilambile

Ihhashi elimnyama, umgibeli walo uphethe isikali esandleni sakhe esimelela indlala. (IsAmbulo 6:​5, 6) Phakathi nempi yezwe yokuqala, ukuvimbezela kwamabutho asemazweni asizanayo kwabangela indlala eyabulala abantu abangaba ngu-750 000 eJalimane. Abantu baseRussia abangaphezu kwezigidi ezimbili babulawa indlala ngo-1921 futhi ngokushesha izinhlekelele ezifanayo ziye zenzeka nakwezinye izindawo. Kulinganiselwa ukuthi sebebonke, bayizigidi ezingu-70 abantu ababulawa indlala phakathi nekhulu leminyaka lama-20. Minyaka yonke ukungondleki kahle kuseyimbangela yokufa kwezingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ezingaphezu kwezigidi ezintathu.

Ihhashi eliphaphathekile neziguli

Ihhashi eliphaphathekile, umgibeli walo uletha ukufa ngesifo esibulalayo. (IsAmbulo 6:8) Isifo sokuqala esabulala abantu abaningi ekhulwini leminyaka lama-20 kwaba umkhuhlane waseSpain. Amanani ayahlukahluka, kodwa okunye ukulinganisela kuthi lowo mkhuhlane wabulala abantu abangaba izigidi ezingu-50. Incwadi ethi Man and Microbes ithi: “Lesi sifo singezinye zezinhlekelele ezimbi kakhulu emlandweni. Ngisho nesifo sezimbilapho asibulalanga abantu abaningi ngokushesha okungako.” Ingxibongo, umalaleveva nesifo sofuba ngezinye zezifo ezithathelwanayo eziye zabulala izigidi ezingamakhulu abantu ekhulwini leminyaka lama-20.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela