Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 2/15 kk. 26-27
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Balinda Ukufika KukaMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Isiprofetho SikaDaniyeli Sabikezela Ngokufika KukaMesiya
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • “Simfumene UMesiya”!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indlela Isiprofetho SikaDaniyeli Esibikezela Ngayo Ukufika KukaMesiya
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 2/15 kk. 26-27

IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI

Kungani amaJuda ‘ayekulindele’ ukufika kukaMesiya ekhulwini lokuqala?

Ezinsukwini zikaJohane uMbhapathizi, “abantu babelindele futhi bonke bezindla ezinhliziyweni zabo ngoJohane bethi: ‘Kungenzeka yini mhlawumbe ukuthi unguKristu na?’” (Luka 3:​15) Yini eyayingenza amaJuda alindele uMesiya ukuba avele ngaleso sikhathi? Kunezizathu eziningana.

Ingelosi kaJehova ikhuluma nabelusi eduze kwaseBhetlehema

Ngemva kokuzalwa kukaJesu, ingelosi kaJehova yabonakala kubelusi ababeluse imihlambi yabo emadlelweni aseduze neBhetlehema. Ingelosi yamemezela: “Namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKristu iNkosi, emzini kaDavide.” (Luka 2:8-11) Ngemva kwalokho, kwaba “noquqaba lwebutho lasezulwini” olwahlanganyela nale ngelosi ‘badumisa uNkulunkulu bathi:a “Inkazimulo kuNkulunkulu phezulu ezindaweni eziphakemeyo, naphezu komhlaba ukuthula kubantu abathakazelelwayo.”’—Luka 2:13, 14.

Kumelwe ukuba saba namandla ngempela leso simemezelo kulabo belusi abathobekile. Abapholisanga maseko, baya eBhetlehema futhi lapho bethola uJosefa, uMariya nosana olunguJesu, “babalandisa amazwi ayekhulunywe kubo ngokuphathelene nalo mntwana.” Ngenxa yalokho, “bonke abezwa bamangala ngezinto ababezitshelwa abelusi.” (Luka 2:17, 18) Amazwi athi “bonke abezwa” asikisela ukuthi abelusi batshela nabanye abantu ngaphandle kukaJosefa noMariya. Njengoba abelusi bebuyela ekhaya, baqhubeka “bekhazimulisa uNkulunkulu futhi bemdumisa ngazo zonke izinto ababezizwile nababezibonile, njengoba nje babezitsheliwe.” (Luka 2:20) Ngokuqinisekile, labo belusi abazange bathule nezinto ezinhle ababezizwile ngoKristu!

UMariya uphethe usana olunguJesu njengoba umprofethikazi u-Ana ebonga uNkulunkulu

Lapho uMariya eyisa indodana yakhe eyizibulo eJerusalema ukuze ayethule phambi kukaJehova njengoba uMthetho kaMose wawufuna kanjalo, umprofethikazi u-⁠Ana “wabonga kuNkulunkulu futhi wakhuluma ngomntwana kubo bonke ababelindele ukukhululwa kweJerusalema.” (Luka 2:36-38; Eks. 13:12) Ngakho, izindaba zokuvela kukaMesiya zaqhubeka zisakazeka.

Kamuva, “kweza eJerusalema ababhula ngezinkanyezi bevela ezingxenyeni ezisempumalanga, bathi: ‘Uphi lowo ozelwe eyinkosi yamaJuda? Ngoba sibone inkanyezi yakhe sisempumalanga, futhi sizé ukuzomkhothamela.’” (Math. 2:1, 2) Lapho izwa lokhu, “iNkosi uHerode yayaluza, nalo lonke iJerusalema; futhi lapho isibuthele ndawonye bonke abapristi abakhulu nababhali besizwe yababuza ukuthi uKristu wayeyozalelwaphi.” (Math. 2:3, 4) Ngaleyo ndlela, abantu abaningi kakhulu bezwa ukuthi wayesefikile lowo owayezoba uMesiya!b

INkosi uHerode ibuza ngokuphathelene noKristu. Ababhula ngezinkanyezi abavela eMpumalanga balandela inkanyezi

ULuka 3:15, ocashunwe ekuqaleni, ubonisa ukuthi amanye amaJuda ayecabanga ukuthi kungenzeka ukuthi uJohane uMbhapathizi unguKristu. Nokho, uJohane wawususa lowo mcabango lapho ethi: “Lowo oza emva kwami, yena ozimbadada zakhe ngingakufanelekeli ukuzikhumula, unamandla kunami. Yena uzonibhapathiza ngomoya ongcwele nangomlilo.” (Math. 3:11) Nakanjani amazwi kaJohane okuthobeka abangela ukuba kulangazelelwe ngempela ukufika kukaMesiya.

Kungenzeka yini ukuthi amaJuda ekhulu lokuqala ayebale isikhathi sokufika kukaMesiya ngokwalokho okushiwo isiprofetho samasonto angu-70 esikuDaniyeli 9:24-27? Nakuba kungenzeka ukuthi kwaba njalo, asinakukuqinisekisa. Iqiniso liwukuthi zaziziningi izindlela okwakuchazwa ngazo amasonto angu-70 ngosuku lukaJesu, futhi ayikho neyodwa esondela endleleni esiwaqonda ngayo namuhla.c

Ama-Essene, okucatshangwa ukuthi ayeyihlelo lamaJuda lezindela, ayefundisa ukuthi kwakuzovela oMesiya ababili ngasekupheleni kweminyaka engu-490, kodwa asiqiniseki ukuthi indlela ama-Essene ayebale ngayo yayisekelwe esiprofethweni sikaDaniyeli. Noma ngabe ayeyisekele kuso, kubonakala kungenakwenzeka ukuthi amaJuda ayengase athonywe indlela yokubala izenzakalo yalelo hlelo lonkom’ idla yodwa.

Ngekhulu lesibili C.E., amaJuda athile ayekholelwa ukuthi amasonto angu-70 ayehlanganisa inkathi eqala lapho kubhujiswa ithempeli lokuqala ngo-607 B.C.E. kuya ekubhujisweni kwethempeli lesibili ngo-70 C.E., kuyilapho amanye ayehlobanisa ukugcwaliseka kwalesi siprofetho nenkathi yama­Maccabee yekhulu lesibili B.C.E. Ngakho kwakungekho ukuvumelana okucacile kwendlela okwakufanele abalwe ngayo amasonto angu-70.

Ukube yayiqondwa ngokunembile inkathi yamasonto angu-70 ekhulwini lokuqala C.E., besingacabanga ukuthi abaphostoli namanye amaKristu angekhulu lokuqala babeyobhekisela kulokhu njengobufakazi bokuthi uMesiya othenjisiwe wayefike ngesikhathi esifanele, enguJesu Kristu. Nokho, abukho ubufakazi bokuthi amaKristu okuqala enza kanjalo.

Kunesinye isici okufanele sisiphawule. Kaningi abalobi bamaVangeli babonisa ukuthi iziprofetho ezithile ezisemiBhalweni yesiHebheru zazigcwaliseka kuJesu Kristu. (Math. 1:22, 23; 2:13-15; 4:13-16) Noma kunjalo, akekho kubo ohlobanisa ukuvela kukaJesu emhlabeni nesiprofetho samasonto angu-70.

Ukufingqa le ndaba: Asinakuqinisekisa ukuthi abantu osukwini lukaJesu babesiqonda ngokunembile isiprofetho samasonto angu-70. Nokho, amaVangeli asinikeza ezinye izizathu ezinengqondo zokuthi kungani abantu ‘babekulindele’ ukufika kuka­Mesiya.

a IBhayibheli alisho ukuthi izingelosi “zahlabelela” lapho kuzalwa uJesu.

b Singase sibuze, Ababhula ngezinkanyezi bakuhlobanisa kanjani ukubonakala ‘kwenkanyezi’ eMpumalanga nokuzalwa ‘kwenkosi yamaJuda’? Kungenzeka yini ukuthi bezwa izindaba zokuzalwa kukaJesu ngesikhathi behamba kwelakwa-Israyeli?

c Ukuze uthole indlela esisiqonda ngayo manje isiprofetho samasonto angu-70, bheka incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! isahluko 11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela