-
Ukulungiselela Izinkulumo ZeningiZuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
-
-
Ukulungiselela Izinkulumo Zeningi
ISONTO ngalinye, amabandla amaningi oFakazi BakaJehova aba nenkulumo yeningi enesihloko esingokomBhalo. Uma ungumdala noma inceku ekhonzayo, ingabe uyabunikeza ubufakazi bokuba isikhulumi saseningini esiphumelelayo, umfundisi? Uma kunjalo, ungase ucelwe ukuba unikeze inkulumo yeningi. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini sesisize amashumi ezinkulungwane zabazalwane ukuba zifanelekele leli lungelo lenkonzo. Uma wabelwa inkulumo yeningi, kumelwe uqalephi?
Tadisha Uhlaka
Ngaphambi kokucwaninga, funda uhlaka futhi uzindle ngalo uze uthole umqondo walo. Gxilisa isihloko senkulumo engqondweni. Yini okumelwe uyifundise izilaleli zakho? Uyini umgomo wakho?
Zazi kahle izihlokwana zenkulumo. Wahlaziye lawo maphuzu ayinhloko. Ngalinye lihlangana kanjani nesihloko? Ngaphansi kwephuzu ngalinye eliyinhloko, kunamaphuzu amaningi asekelayo. Kanti ngaphansi kwawo kunamanye futhi asekela wona. Cabangela ukuthi ingxenye ngayinye yohlaka iyithuthukisa kanjani engaphambi kwayo, ukuthi iholela kanjani kwelandelayo nokuthi isiza kanjani ekufezeni injongo yenkulumo. Lapho nje usuwuqonda umongo, injongo yenkulumo, nokuthi amaphuzu ayinhloko ayifeza kanjani leyo njongo, khona-ke usukulungele ukuqala ukulungiselela inkulumo yakho.
Ekuqaleni, ungase ukuthole kuwusizo ukucabanga ngenkulumo yakho njengeyizinkulumo ezine noma ezinhlanu ezimfushane, ngayinye enephuzu layo eliyinhloko. Lungiselela elilodwa ngesikhathi.
Uhlaka olunikeziwe luyithuluzi lokulungiselela. Akufanele la maphuzu afundwe njengoba enjalo lapho unikeza inkulumo. Lufana nohlaka lwamathambo. Kuzodingeka ulufake inyama, uma singakubeka kanjalo, ulunike nenhliziyo futhi uphefumulele ukuphila kulo.
Ukusetshenziswa KwemiBhalo
UJesu Kristu nabafundi bakhe bakhela ukufundisa kwabo emiBhalweni. (Luka 4:16-21; 24:27; IzE. 17:2, 3) Nawe ungenza okufanayo. ImiBhalo kumelwe ibe isisekelo senkulumo yakho. Kunokumane nje uchaze futhi ubonise ukuthi okushiwo ohlakeni kusebenza kanjani, qonda ukuthi imiBhalo ikusekela kanjani lokho okushiwoyo, bese ufundisa ususela emiBhalweni.
Njengoba ulungiselela inkulumo yakho, hlola ivesi ngalinye elisohlakeni. Phawula umongo. Eminye imibhalo imane inikeze ukwaziswa okuwusizo okunikeza isizinda sendaba. Akuyona yonke edinga ukufundwa noma ukukhulunyelwa lapho usunikeza inkulumo. Khetha leyo eyoba usizo ezilalelini zakho. Uma unamathela emibhalweni esohlakeni, kungase kungadingeki ngempela ukuba usebenzise imiBhalo eyengeziwe.
Impumelelo yenkulumo yakho ayincikile ebuningini bemibhalo oyisebenzisayo kodwa endleleni enhle ofundisa ngayo. Lapho wethula imibhalo, bonisa ukuthi ifundelwani. Zinike isikhathi sokuchaza ukuthi isebenza kanjani. Ngemva kokufunda umbhalo, gcina iBhayibheli lakho livulekile njengoba uxoxa ngalowo mbhalo. Izilaleli zakho nazo cishe ziyokwenza okufanayo. Ungasivusa kanjani isithakazelo sezilaleli zakho futhi uzisize zizuze ngokwengeziwe eZwini likaNkulunkulu? (Neh. 8:8, 12) Lokho ungakwenza ngokuchaza, ngokwenza imifanekiso nangokubonisa ukuthi imibhalo isebenza kanjani.
Ukuchaza. Lapho ulungiselela ukuchaza umbhalo oyinhloko, zibuze: ‘Usho ukuthini? Kungani ngiwusebenzisa enkulumweni yami? Yini okungenzeka ukuthi izilaleli zizibuza yona ngaleli vesi?’ Kungase kudingeke uhlaziye umongo, isizinda, izimo, amandla amagama asetshenzisiwe, injongo yomlobi ophefumulelwe. Lokhu kudinga ukucwaninga. Uyothola ukwaziswa okuningi okuyigugu ezincwadini ezilungiselelwa ‘inceku ethembekileyo neqondayo.’ (Math. 24:45-47) Ungazami ukuchaza konke okushiwo yivesi, kodwa chaza ukuthi kungani uthé izilaleli azilifunde ngokuqondene nephuzu okuxoxwa ngalo.
Imifanekiso. Injongo yemifanekiso iwukusiza izilaleli zakho ukuba zifinyelele ezingeni elijulile lokuqonda noma ukuzisiza zikhumbule iphuzu noma isimiso okhulume ngaso. Imifanekiso isiza abantu bakuqonde lokho obatshela kona futhi bakuhlobanise nokuthile asebekwazi kakade. Yilokho uJesu akwenza lapho enikeza iNtshumayelo yakhe edumile yaseNtabeni. Izinkulumo ezinjengokuthi “izinyoni zezulu,” “iminduze yasesigangeni” ‘isango eliwumngcingo,’ ‘indlu ephezu kwedwala,’ nezinye eziningi zenza ukufundisa kwakhe kwaba namandla, kwacaca futhi kwangalibaleka.—Math., izahl. 5–7.
Ukuyenza Isebenze. Ukuchaza nokufanekisa imibhalo kuyodlulisela ulwazi kubantu, kodwa ukusebenzisa lolo lwazi yikona okunemiphumela. Yiqiniso, ngumthwalo wemfanelo wezilaleli zakho ukusebenzisa isigijimi seBhayibheli, kodwa ungazisisa zikuqonde okudingeka zikwenze. Lapho usuqiniseka ukuthi izilaleli zakho ziyaliqonda ivesi okuxoxwa ngalo futhi ziyabona ukuthi lihlangana kanjani nephuzu elikhulunyelwayo, yiba nesikhathi sokuzibonisa ukuthi liyithinta kanjani inkolelo nokuziphatha kwazo. Qokomisa izinzuzo zokulahla imiqondo eyiphutha noma ukuziphatha okungahambisani neqiniso okukhulunywa ngalo.
Njengoba ucabanga ngendlela yokubonisa ukusebenza kwemibhalo, khumbula ukuthi izilaleli zakho zivela ezizindeni eziningi futhi zibhekana nezimo ezihlukahlukene. Kungase kube nabasanda kuthakazela, intsha, abadala, nalabo abakhungethwe izinkinga ezihlukahlukene zabo siqu. Yenza inkulumo yakho ibe usizo futhi isebenziseke ekuphileni. Gwema ukunikeza iseluleko esizwakala sengathi usiqondise kwabathile abambalwa.
Izinqumo Zesikhulumi
Ezinye izinqumo eziphathelene nenkulumo yakho usuzenzelwe kakade. Amaphuzu ayinhloko abekwe ngokucacile, nesilinganiso sesikhathi osinikeziwe esihlokwaneni ngasinye siboniswe ngokucacile. Ezinye izinqumo ziyokwenziwa nguwe. Ungase ukhethe ukuchitha isikhathi esiningi kwamanye amaphuzu nesikhathi esincane kwamanye. Ungacabangi ukuthi kumelwe uchithe isikhathi esilinganayo kuwo wonke amaphuzu asekelayo. Lokhu kungase kukwenze ushwampuluze futhi ukhungathekise izilaleli zakho. Ungabona kanjani ukuthi yikuphi okumelwe ukugcizelele kakhulu nokuthi yikuphi ongakuthinta nje udlule? Zibuze: ‘Yimaphi amaphuzu ayongisiza ngidlulisele umqondo oyinhloko wenkulumo? Yimaphi azizuzisa kakhulu izilaleli zami? Ingabe ukususa umbhalo othile okhonjiwe nephuzu ohlobana nalo kudambisa ubufakazi obunikezwayo?’
Kugweme nje impela ukufaka izinto oziqagelayo noma imibono yakho siqu. Ngisho neNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yakugwema ‘ukukhuluma ngokusuka kuyo siqu.’ (Joh. 14:10) Qaphela ukuthi isizathu sokuza kwabantu emihlanganweni yoFakazi BakaJehova siwukuzwa ingxoxo yeBhayibheli. Uma waziwa njengesikhulumi esihle, cishe kungenxa yokuthi ukwenza umkhuba ukuqokomisa iZwi likaNkulunkulu, hhayi ukuziqhakambisa wena. Izinkulumo zakho ziyaziswa ngenxa yalokho.—Fil. 1:10, 11.
Njengoba uphendule uhlaka obelumane lunamaphuzu nje walwenza lwaba incazelo eshubile yemiBhalo, manje kumelwe uzijwayeze inkulumo yakho. Kuyazuzisa ukuyiprakthiza ngokuzwakalayo. Into ebalulekile ukuqiniseka ukuthi uyawakhumbula wonke amaphuzu. Kumelwe ukwazi ukukhuluma ngokuqiniseka, wenze inkulumo iphile, futhi wethule iqiniso ngomdlandla. Ngaphambi kokunikeza inkulumo, zibuze: ‘Yini engifisa ukuyifeza? Amaphuzu ayinhloko aqokonyisiwe na? Ngiyenzile ngempela imiBhalo yaba isisekelo senkulumo yami? Ingabe amaphuzu ayanikezelana? Inkulumo iyakwakha yini ukwazisa ngoJehova nangamalungiselelo akhe? Ingabe isiphetho sihlobana ngokuqondile nesihloko, siyazibonisa yini izilaleli ukuthi kumelwe zenzeni, futhi sizikhuthaze ukuba zikwenze lokho?’ Uma ungaphendula le mibuzo ngoyebo, khona-ke usesimweni ‘sokukuveza kahle ukwazi,’ ukuze uzuzise ibandla futhi udumise uJehova!—IzAga 15:2.
-
-
Thuthukisa Ikhono NjengomfundisiZuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
-
-
Thuthukisa Ikhono Njengomfundisi
UYINI umgomo wakho njengomfundisi? Uma usanda kuba ummemezeli woMbuso, ngokungangabazeki unesifiso sokufunda ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya, kwazise uJesu wanika abalandeli bakhe umsebenzi wokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Uma usunolwazi oluhle kakade kulo msebenzi, mhlawumbe umgomo wakho uwukuphumelela ngokwengeziwe ekufinyeleleni izinhliziyo zalabo ofuna ukubasiza. Uma ungumzali, ngokuqinisekile ufuna ukuba ngumfundisi ongashukumisa izingane zakhe ukuba zinikezele ukuphila kwazo kuNkulunkulu. (3 Joh. 4) Uma ungumdala noma usebenzela ukuba nguye, cishe ufuna ukuba umfundisi ongakha ukwazisa okujulile ezilalelini zakhe ngoJehova nezindlela zakhe. Ungayifinyelela kanjani le migomo?
Funda eNgcwetini Yomfundisi, uJesu Kristu. (Luka 6:40) Kungakhathaliseki ukuthi uJesu wayekhuluma nesixuku entabeni noma nabantu nje abambalwa lapho behamba endleleni, lokho ayekusho nendlela ayekusho ngayo kwakuhlala isikhathi eside. UJesu wayeshukumisa izingqondo nezinhliziyo zezilaleli zakhe, futhi wayekhuluma ngezinto eziwusizo ababengaziqonda. Ungakwenza nawe okufanayo?
Ncika KuJehova
Ikhono likaJesu lokufundisa lathuthukiswa ubuhlobo obuseduze ayenabo noYise osezulwini nayisibusiso somoya kaNkulunkulu. Ingabe uthandaza ngobuqotho kuJehova ukuba ukwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya ngokuphumelelayo? Uma ungumzali, ingabe usithandazela njalo isiqondiso saphezulu lapho ufundisa izingane zakho? Ingabe uthandaza ngokusuka enhliziyweni lapho ulungiselela inkulumo noma ukuqhuba umhlangano? Ukuncika kuJehova kanjalo ngomthandazo kuyokusiza ukuba ube ngumfundisi ophumelela ngokwengeziwe.
Ukuncika eZwini likaJehova, iBhayibheli, nako kubonisa ukuthembela kuYe. Emthandazweni wakhe ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe njengomuntu ophelele, uJesu wathi kuYise: “Ngibaniké izwi lakho.” (Joh. 17:14) Nakuba uJesu ayenokuhlangenwe nakho okukhulu, akazange akhulume okusuka kuye. Njalo nje wayekhuluma lokho uYise ayemfundise kona, ngaleyo ndlela esishiyela isibonelo sokusilandela. (Joh. 12:49, 50) Izwi likaNkulunkulu, njengoba ligcinwe eBhayibhelini, linamandla okuthonya abantu—izenzo zabo, imicabango yabo ejulile, nemizwa yabo. (Heb. 4:12) Njengoba ukhula ngolwazi lweZwi likaNkulunkulu futhi ufunda ukulisebenzisa kahle enkonzweni yakho, uyobe uthuthukisa uhlobo lwekhono lokufundisa olusondeza abantu kuNkulunkulu.—2 Thim. 3:16, 17.
Dumisa uJehova
Ukuba umfundisi olingisa uKristu akuyona nje indaba yokukwazi ukubeka inkulumo ethakazelisayo. Yiqiniso, abantu babemangala “ngamazwi akhangayo” kaJesu. (Luka 4:22) Kodwa wawuyini umgomo kaJesu wokukhuluma kahle? Kwakuwukudumisa uJehova, hhayi ukuziqhakambisa yena ngokwakhe. (Joh. 7:16-18) Futhi wanxusa abalandeli bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Math. 5:16) Leso seluleko kumelwe sithonye indlela esifundisa ngayo. Kumelwe sizimisele ukugwema noma yini engasichezukisa kulowo mgomo. Ngakho-ke lapho sihlela ukuthi sizothini nokuthi sizokusho kanjani, kuhle sizibuze, ‘Ingabe lokhu kuyojulisa ukwazisa ngoJehova, noma kuyoqhakambisa mina?’
Ngokwesibonelo, imifanekiso nezibonelo zokuphila kwangempela kungasetshenziswa ngokuphumelelayo ekufundiseni. Nokho, uma kwenziwa umfanekiso omude noma kuxoxwa okuhlangenwe nakho okuwundendende, iphuzu lalokho okufundiswayo lingase lilahleke. Ngokufanayo, ukuxoxa izindaba ezimane zihlekise nje kuphela kungalahla injongo yenkonzo yethu. Empeleni, umfundisi usuke eziqhakambisa yena kunokuba afeze umgomo wangempela wemfundo yaphezulu.
“Yenza Umahluko”
Ukuze umuntu abe umfundi ngempela, kumelwe akuqonde ngokucacile lokho okufundiswayo. Kumelwe alizwe iqiniso futhi abone nokuthi lihluka kanjani kwezinye izinkolelo. Ukuqhathanisa kuyasiza kulokhu.
UJehova wanxusa abantu bakhe ngokuphindaphindiwe ukuba ‘bahlukanise’ phakathi kokuhlambulukileyo nokungcolileyo. (Lev. 10:9-11) Wathi labo ababeyokhonza ethempelini lakhe elikhulu elingokomoya babeyofundisa abantu “ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.” (Hez. 44:23) Incwadi yezAga inokuqhathanisa okuningi phakathi kokuhle nokubi, naphakathi kokuhlakanipha nobuwula. Ngisho nezinto ezifanayo zingahlukaniswa enye kwenye. Umphostoli uPawulu waqhathanisa umuntu olungileyo nomuntu omuhle njengoba kulandiswa kweyabaseRoma 5:7. Encwadini yamaHeberu, wabonisa ubukhulu benkonzo kaKristu yobupristi obuphakeme kunobuka-Aroni. Ngempela, kunjengoba umfundisi wekhulu le-17 uJohn Amos Comenius abhala: “Ukufundisa kusho ukubonisa ukuthi izinto zihluka kanjani kwezinye ngokwezinjongo zazo ezihlukene, umumo wazo nemvelaphi yazo. . . . Ngakho-ke, lowo okwazi ukuwuveza kahle umahluko, ufundisa kahle.”
Ngokwesibonelo, zicabange ufundisa othile ngoMbuso kaNkulunkulu. Uma engaqondi ukuthi uMbuso uyini, ungase umbonise indlela okuphambene ngayo lokho iBhayibheli elikushoyo nomqondo wokuthi uMbuso umane nje uyisimo senhliziyo yomuntu. Noma ungase ubonise ukuthi uMbuso uhluke kanjani kohulumeni babantu. Nokho, kubantu abawaziyo la maqiniso ayisisekelo, ungase uningilize kakhudlwana. Ungase ubabonise ukuthi uMbuso kaMesiya uhluke kanjani ebukhosini bukaJehova bendawo yonke obuchazwe kumaHubo 103:19, noma “embusweni weNdodana yothando,” ochazwe kweyabaseKolose 1:13, noma ‘esimisweni sokuqondisa’ okukhulunywa ngaso kweyabase-Efesu 1:10. Ukusetshenziswa kokuqhathanisa kungasiza ekucaciseni le mfundiso ebalulekile yeBhayibheli ezilalelini zakho.
UJesu walisebenzisa ngokuphindaphindiwe leli su lokufundisa. Waqhathanisa indlela evamile owawuqondwa ngayo uMthetho KaMose nenjongo yangempela yalowo Mthetho. (Math. 5:21-48) Wabonisa umahluko phakathi kokuzinikela kweqiniso kokuhlonipha uNkulunkulu nezenzo zabaFarisi. (Math. 6:1-18) Waqhathanisa umoya walabo ‘ababezenza izingqongqo phezu’ kwabanye nomoya wokuzidela abalandeli bakhe ababeyowubonisa. (Math. 20:25-28) Kwesinye isenzakalo, esilandiswe kuMathewu 21:28-32, uJesu wacela izilaleli zakhe ukuba ziqhathanise ukuzibona kwazo zilungile nokuphenduka kwangempela. Lokhu kusiletha kwesinye isici esibalulekile sokufundisa kahle.
Khuthaza Izilaleli Ukuba Zicabange
KuMathewu 21:28, sifunda ukuthi uJesu wethula ukuqhathanisa kwakhe ngokubuza: “Nicabangani?” Umfundisi onekhono elihle akamane nje asho amaqiniso athile noma anikeze izimpendulo. Kunalokho, ukhuthaza izilaleli zakhe ukuba zihlakulele ikhono lokucabanga. (IzAga 3:21; Roma 12:1) Phakathi kokunye, lokhu kwenziwa ngokubuza imibuzo. Njengoba kubikwa kuMathewu 17:25, uJesu wabuza: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?” Imibuzo kaJesu eshukumisa ingqondo yasiza uPetru ukuba afike kwesakhe isiphetho esifanele ngokukhokha intela yethempeli. Ngokufanayo, lapho ephendula indoda eyabuza ukuthi, “Ubani ngempela umakhelwane wami?” UJesu waqhathanisa izenzo zompristi kanye nomLevi nezomSamariya. Wabe esebuza lo mbuzo: “Ubani kulaba abathathu obonakala kuwe azenza umakhelwane walo muntu owazithela phakathi kwabaphangi?” (Luka 10:29-36) Nalapha futhi, esikhundleni sokuba acabangele isilaleli sakhe, uJesu wasicela ukuba siziphendulele sona umbuzo waso.—Luka 7:41-43.
Finyelela Inhliziyo
Abafundisi abathola umqondo weZwi likaNkulunkulu bayaqonda ukuthi ukukhulekela kweqiniso akuyona nje indaba yokukhumbula amaqiniso athile nokuzivumelanisa nemithetho ethile kuphela. Kwakhelwe ebuhlotsheni obuhle noJehova nasekwaziseni izindlela zakhe. Ukukhulekela okunjalo kuhilela inhliziyo. (Dut. 10:12, 13; Luka 10:25-27) EmiBhalweni, igama elithi “inhliziyo” ngokuvamile libhekisela kumuntu wangaphakathi, kuhlanganise nezinto ezifana nezifiso, imizwelo, imizwa kanye nezisusa.
UJesu wayazi ukuthi nakuba abantu bebheka ingaphandle, uNkulunkulu ubheka okusenhliziyweni. (1 Sam. 16:7) Inkonzo yethu kuNkulunkulu kufanele ishukunyiswe uthando lwethu ngaye, hhayi imizamo yokubukisa kubantu esiphila nabo. (Math. 6:5-8) Ngakolunye uhlangothi, abaFarisi babenza izinto eziningi ukuze babukwe. Babegcizelela kakhulu ukugcina imicikilisho yoMthetho nokwenza ngokuvumelana nemithetho ababezenzele yona. Kodwa ekuphileni kwabo behluleka ukubonisa izimfanelo ezaziyobenza bafuze uNkulunkulu ababethi bayamkhonza. (Math. 9:13; Luka 11:42) UJesu wafundisa ukuthi nakuba ukulalela izimfuneko zikaNkulunkulu kubalulekile, inzuzo yalokho kulalela ixhomeke kulokho okusenhliziyweni. (Math. 15:7-9; Marku 7:20-23; Joh. 3:36) Ukufundisa kwethu kuyofeza okuhle kakhulu uma silingisa isibonelo sikaJesu. Kubalulekile ukuba sisize abantu bafunde ukuthi uNkulunkulu ufunani kubo. Kodwa kubalulekile nokuba bamazi uJehova futhi bamthande njengomuntu ukuze ukuziphatha kwabo kubonise ukuthi babubheka njengobubaluleke kangakanani ubuhlobo obuhle noNkulunkulu weqiniso.
Yiqiniso, ukuze abantu bazuze ekufundiseni okunjalo, kudingeka babheke okusezinhliziyweni zabo. UJesu wakhuthaza abantu ukuba bahlaziye izisusa zabo bahlole nemizwa yabo. Lapho elungisa umbono ogwegwile, wayebuza izilaleli zakhe ukuthi kungani zicabangé, zakhuluma noma zenza izinto ezithile. Nokho, ukuze angashiyi nje kanjalo, kwakuthi uma uJesu ebuza umbuzo, umbuzo wakhe uhambisane nendaba ethile, umfanekiso noma isenzo esasibakhuthaza ukuba babheke izinto ngendlela eqondile. (Marku 2:8; 4:40; 8:17; Luka 6:41, 46) Nathi singazisiza izilaleli zethu ngokusikisela ukuba zizibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Kungani ngiyifisa le nkambo? Kungani ngisabela kanje?’ Yibe usubakhuthaza ukuba babheke izinto ngendlela kaJehova.
Chaza Ukuthi Isebenza Kanjani
Umfundisi omuhle uyazi ukuthi “ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko.” (IzAga 4:7) Ukuhlakanipha kuyikhono lokusebenzisa ulwazi ngokuphumelelayo ukuze uxazulule izinkinga, ugweme izingozi, ufinyelele imigomo futhi usize abanye. Kuwumthwalo womfundisi ukuba asize afunda nabo bafunde ukwenza lokho, kodwa angabenzeli izinqumo. Lapho nikhuluma ngezimiso zeBhayibheli ezihlukahlukene, siza umfundi ukuba acabange. Ungase ucaphune isimo esenzeka ekuphileni kwansuku zonke bese ubuza umfundi ukuthi isimiso seBhayibheli enisanda kusifunda singamsiza kanjani uma engabhekana naleso simo.—Heb. 5:14.
Enkulumweni yakhe ngePhentekoste lika-33 C.E., umphostoli uPetru wanikeza isibonelo esiwusizo esathinta ukuphila kwabantu. (IzE. 2:14-36) Ngemva kokuxoxa ngemiBhalo emithathu izixuku ezazithi ziyayikholelwa, uPetru wachaza ukuthi isebenza kanjani ngokuvumelana nezenzakalo bonke ababezibonele zona. Ngokomphumela, isixuku sezwa isidingo sokwenza lokho esasikuzwile. Ingabe ukufundisa kwakho kubathonya ngendlela efanayo abantu? Ingabe wenza okungaphezu kokusho ngekhanda amaqiniso athile kodwa usize abantu baqonde ukuthi kungani izinto zingendlela eziyiyo? Uyabakhuthaza yini ukuba bacabangele indlela izinto abazifundayo okumelwe zikuthonye ngayo ukuphila kwabo? Kungenzeka bangamemezi bathi “Sizokwenzenjani?” njengoba kwenza isixuku ngePhentekoste, kodwa uma uyisebenzisa kahle imibhalo, bayoshukumiseleka ukuba bacabangele ukuthatha isinyathelo esifanele.—IzE. 2:37.
Lapho nifunda iBhayibheli nabantwana benu, nina bazali ninethuba elihle lokubaqeqesha ukuba bacabange ngokuthi bangazisebenzisa kanjani ngempela izimiso zeBhayibheli. (Efe. 6:4) Ngokwesibonelo, ungase ukhethe amavesi ambalwa ekufundweni kweBhayibheli okuhlelelwe lelo sonto, uwachaze, bese ubuza imibuzo enjengokuthi: ‘Lokhu kusiqondisa kanjani? Singawasebenzisa kanjani la mavesi enkonzweni? Embulani ngoJehova nangendlela yakhe yokwenza izinto, futhi lokho kukwakha kanjani ukwazisa ngaye?’ Khuthaza umkhaya wakho ukuba ukhulumele la maphuzu phakathi nenkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Amavesi abawakhulumelayo cishe yiwona abayowakhumbula.
Beka Isibonelo Esihle
Awufundisi ngalokho okushoyo nje kuphela, kodwa nangalokho okwenzayo. Izenzo zakho ziyisibonelo esingokoqobo sokuthi izinto ozishoyo zingenziwa kanjani. Yileyo ndlela izingane ezifunda ngayo. Lapho zilingisa abazali bazo, zinikeza ubufakazi bokuthi zifuna ukuba njengabo. Zifuna ukwazi ukuthi kunjani ukwenza lokho okwenziwa abazali. Ngokufanayo, lapho obafundisayo beba ‘abalingisi bakho njengoba nje nawe ungumlingisi kaKristu,’ baqala ukuthola izibusiso zokuhamba ezindleleni zikaJehova. (1 Kor. 11:1) Bathola okuhlangenwe nakho kokusebenzelana kukaNkulunkulu nabo.
Lesi yisikhumbuzo esisangulukisayo sokubaluleka kokubeka isibonelo esihle. ‘Uhlobo lwabantu [esiyilo] ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu’ luyoba nendima enkulu ekunikezeni esibafundisayo isibonelo esiphilayo sokuthi izimiso zeBhayibheli zisetshenziswa kanjani. (2 Pet. 3:11) Uma ukhuthaza umfundi weBhayibheli ukuba afunde iZwi likaNkulunkulu njalo, khuthalela ukulifunda nawe ngokwakho. Uma ufuna izingane zakho zifunde ukwenza ngokwezimiso zeBhayibheli, qiniseka ukuthi ziyazibona izenzo zakho zivumelana nentando kaNkulunkulu. Uma ufundisa ibandla ukuba lishiseke enkonzweni, qiniseka ukuthi nawe uhlanganyela ngokugcwele kulowo msebenzi. Uma ukwenza lokho okufundisayo, usesimweni esingcono kakhulu sokukhuthaza abanye.—Roma 2:21-23.
Ngenjongo yokuthuthukisa ukufundisa kwakho, zibuze: ‘Lapho ngifundisa, ingabe ngifundisa ngendlela eyenza ushintsho ezimweni zengqondo, enkulumweni nasezenzweni zalabo abangilalele? Ukuze ngicacise izinto, ingabe ngiyawuveza umahluko phakathi komqondo othile nomunye, noma phakathi kwenkambo ethile nenye? Yini engiyenzayo ukuze ngisize engifunda nabo, izingane zami noma izilaleli zami emhlanganweni ukuba zikhumbule lokho engikushoyo? Ingabe ngizibonisa ngokucacile izilaleli zami ukuthi kumelwe zikusebenzise kanjani ezikufundayo? Ziyakubona yini esibonelweni sami? Ingabe ziyaqaphela ukuthi ukusabela kwazo endabeni okuxoxwa ngayo kungathonya ubuhlobo bazo noJehova?’ (IzAga 9:10) Qhubeka unaka lezi zinto njengoba uzama ukuthuthukisa ikhono lakho njengomfundisi. “Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezi zinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.”—1 Thim. 4:16.
-