IMoldova
IMoldova, njengoba isempumalanga yondi olukhulu lweziNtaba ZaseCarpathian, iyizwe elivundile elinamathafa, izigodi eziphansi, izihosha nemimango enamahlathi. Leli zwe elingamakhilomitha-skwele angu-34 000 linezinhlobo eziningi zezilwane, kuhlanganise namankentshane, izimpisi, imivundla, izinsele, izinyamazane, izilwane ezinjengochakide, amaqaqa nezingulube zehlathi.
Ngenxa yenhlabathi emnyama evundile nesimo sezulu esikahle, leli zwe lithela intilibathwa yezithelo, okusanhlamvu, imifino neminye imikhiqizo yasemapulazini. Linamanzi okuchelela anele avela eziphethwini ezingu-2 200 nasemifuleni nemifudlana engu-3 000, la manzi abuye aphindele kuyo le mifula, yonke egeleza ishone eningizimu iyongena oLwandle Olumnyama. Umfula iDniester ogeleza amanzi amaningi, yiwona mfula omkhulu futhi kuyahambeka kuwo ngezikebhe ezindaweni eziningi kuleli zwe. Lo mfula uhamba ibanga elide uwumngcele noma uqondene nomngcele we-Ukraine, izwe elisenyakatho, empumalanga naseningizimu yeMoldova. UMfula iPrut, ongenela emfuleni iDanube, uwumngcele weRomania osentshonalanga.
Umlando WeMoldova Onezinxushunxushu
Izwe elikakwe iDniester nePrut—okwaphela amakhulu eminyaka libizwa ngokuthi iBessarabia neMoldavia—lalisemzileni omkhulu ohamba ezweni oya eYurophu. Enkulungwaneni yokuqala yeminyaka B.C.E., laliyingxenye yeScythia. Kamuva lake lathi ukuphathwa uMbuso WaseRoma. Umlando walo onezinxushunxushu uhlanganisa nokutheleka kwabanye abantu, abanjengamaGoth, amaHun nama-Avar. Ngekhulu le-13 nele-14, lalikhonza ngaphansi kwesizwe samaTatar, kwathi ngekhulu le-16 laba ingxenye yoMbuso WaseTurkey. ESivumelwaneni SaseBucharest Sango-1812, abaseTurkey bayinika iRussia iBessarabia nengxenye yeMoldavia, ngaleso sikhathi lonke leli zwe kwakusathiwa iBessarabia.
Ngo-1918, iBessarabia yaba ingxenye yeRomania eyayisinkulu. Kodwa yaphinde yaba ngaphansi kweRussia okwesikhashana ngo-1940 nango-1944. Lapho isingaphansi kweSoviet Union, le ndawo kwakuthiwa iMoldavian Soviet Socialist Republic (SSR). Ekugcineni, lapho kuwa ubuKhomanisi bamaSoviet, iMoldavian SSR yazehlukanisa neMoscow, yaba iRepublic of Moldova ewuzimele geqe ngo-August 27, 1991.a IChisinau, eyayikade iyiKishinev, iyinhloko-dolobha.
Ngawo-1960 lalikhula ngokushesha inani labantu baseMoldova kodwa labuye lehla futhi lama ndawonye kusukela ngawo-1970. Manje bangaba yizigidi ezingu-4,3 abantu bakhona. Abantu abaningi baseMoldova basebenza embonini yalapha enkulu, imboni yewayini, eyenza amawayini angamaphesenti amathathu amawayini akhona emhlabeni. Amawayini aseMoldova athandwa kakhulu eRussia naseMpumalanga Yurophu. (Bheka ibhokisi elisekhasini 71.) Kodwa kukhona isivini esikhulu nakakhulu esiye senza iMoldova yaceba, esikhiqiza izithelo ezinhle kunazo zonke—udumo olujabulisayo oluya kuJehova.
“Isivini Sewayini Elinengwebu!”
Esebenzisa umprofethi u-Isaya, uJehova wachaza u-Israyeli ongokomoya ngokuthi ‘uyisivini sewayini elinengwebu.’ Njengoba kwabikezelwa, leso sivini esingokomfanekiso sesigcwalise “ubuso bezwe elikhiqizayo ngomkhiqizo” owukudla okungokomoya okunomsoco. (Isaya 27:2-6) Ngenxa yalokho, izigidi ‘zezinye izimvu’ sezizihlanganise namaKristu agcotshiwe.—Joh. 10:16.
Abantu bakaJehova eMoldova baye bakujabulela kakhulu ukuba nengxenye ekugcwalisekeni kwaleso siprofetho esimangalisayo. Ngenxa yomkhiqizo ongokomoya ohlale ukhiqizwa inhlangano kaJehova, ummemezeli ngamunye eMoldova manje unabantu abangu-229 okufanele abashumayeze. Eqinisweni, kwelinye idolobhana umuntu oyedwa kwabane unguFakazi KaJehova!
Kodwa njengoba sizobona, loku kwanda kuye kwahambisana noshushiso oluvuthayo. Kwaze kwaphela iminyaka ecela kwengu-70, amakhosi ohlanga aseRomania, amaFascist (uhlobo oluthile lokubusa ngobushiqela), namaKhomanisi evimbela, eshushisa futhi ebopha abantu bakaNkulunkulu. Noma kunjalo, eMoldova, njengakwezinye izindawo, uJehova uye wawafeza amazwi akhe esiprofetho mayelana ‘nesivini sakhe esingokomoya sewayini elinengwebu.’ Ngo-Isaya, wathi: “Mina, Jehova, ngiyamlonda. Ngizomnisela umzuzwana ngamunye. Ukuze kungabikho omnakayo ukuba amelane naye, ngizomlonda ubusuku nemini.” (Isaya 27:2, 3) Njengoba uzindla ngomlando wabantu bakaJehova eMoldova, kwangathi isibindi nokholo lwabo kungakuqinisa, kukwenze uzimisele ukuqhubeka uthela izithelo ezinhle eziletha udumo kuJehova, kungakhathaliseki ukuthi umphikisi uSathane ukubekela ziphi izithiyo.
URussell Uhlola Insimu
Amagatsha athela izithelo emvinini ongokoqobo aqala engamahlumela. Kwaba njalo nangentuthuko engokomoya eMoldova. Ake sibone ukuthi uJehova wawenza kanjani lawo maklumela amancanyana akhula aba umvini oqinile othela izithelo esiwubona eMoldova namuhla. (1 Ko. 3:6) Indaba yethu iqala emuva ekupheleni kwekhulu le-19 lapho umFundi WeBhayibheli uCharles Taze Russell evakashela leli zwe ngesikhathi eya eYurophu.
Kumagazini ka-September 1891 i-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence, uRussell wathi wayevakashele emzini wommeli ongumJuda nongumKristu ogama lakhe uJoseph Rabinowitch. “Enye yezinto ezithakazelisa kakhulu eyenzekile kuze kube manje,” kusho uRussell, “ukuvakashela uMfoweth’ uJoseph Rabinowitch kwakhe eKischenev, eRussia [manje eyiChisinau, eMoldova]. Yena nawo wonke umkhaya wakhe basamukela ngezandla ezifudumele, bonke bayakholelwa eNkosini uJesu. . . . Sathola ukuthi uyazazi izimfundiso zeDAWN [uchungechunge lwezincwadi ezithi Millennial Dawn] futhi uyavumelana kakhulu nazo.” Lapho exoxa ngeBhayibheli, la madoda avumelana ngamaphuzu amaningi angokomBhalo, lokhu kubonakala ngokuthi uRussell ubiza umngane wakhe waseMoldova ngokuthi “uMfoweth’ uRabinowitch.”
URabinowitch nomkhaya wakhe babematasa besiza amaJuda—ayengaphezu kuka-50 000 eChisinau—ukuba amukele uKristu nethemba likaMesiya. Emzini wakhe owawunehhovisi kwakuxhunywe “indlu yokukhulekela entsha neyayingahlalwa mpukane, eyayihlalisa abantu abangaba ngu-125,” kuchaza uRussell. URabinowitch wayenanomshini wokunyathelisa wesandla omusha ayenyathelisa ngawo amapheshana ayeklanyelwe ukufinyelela izingqondo zamaJuda. Eminyakeni engaba yisithupha kamuva, ngo-1897, uRabinowitch wabhalela uRussell wathi: “Mfoweth’ uRussell Othandekayo: Njengoba uphela lo nyaka angazi ukuthi ngingakubonga ngani ngendlela ongenza ngijabule ngayo ngokunginika izinto ezingokomoya, umagazini onenzuzo, i-ZION’S WATCH TOWER, engiwuthola njalo. Unjengomkhumbi wabahwebi kimi—uletha ukudla okungokomoya okuvela kude.” Kodwa yize le ndoda engumJuda yayilithanda futhi ilishisekela kangaka iqiniso leBhayibheli, kwakusazodlula iminyaka engu-30 ngaphambi kokuba imbewu yoMbuso imile izimpande eMoldova futhi iqale ukuthela.—Math. 13:1-8, 18-23.
IMpi YeZwe I Ishiya Abaningi Bedumele
Izinguquko zezombusazwe ezingalindelekile ezenzeka eYurophu ngempi yezwe yokuqala zavundisa inhlabathi okwakuzotshalwa kuyo imbewu yoMbuso eMoldova. Lapho kuphela le Mpi Enkulu—njengoba yayibizwa kanjalo—iMoldova yazihlukanisa neRussia, eyayiphethwe amaKhomanisi, yazihlanganisa neRomania. Amasosha amaningi aseMoldova abuyela ekhaya edumele, njengoba ayebone izinto ezinyantisa umzimba empini. Amaningi ayekhule ezinikele ngokwethembeka eSontweni Lobu-Orthodox, kodwa manje ayeseqala ukuzingabaza izimfundiso zalo.
Elinye lalawo masosha kwakungu-Ion Andronic, owabuyela edolobhaneni lakubo iCorjeuţi ngo-1919. Waqala ukuba nesithakazelo eBhayibhelini ngemva kokuxoxa namaSabatha namaBaptist ngesikhathi eseyisiboshwa sempi. Wabuyela ekhaya neBhayibheli ayelithathe ekamu ayeboshwe kulo futhi waxoxa ngalo nomkhaya wakubo nomakhelwane, baba nesithakazelo nabo.
U-Ilie Groza kwakungomunye walabo makhelwane. Wayekade ese-United States ngeminyaka yempi futhi wabuya ‘neTestamente Elisha’ ayelithole ohambweni lwakhe. Njengoba abakwa-Andronic babejwayelene kakhulu nabakwaGroza, baqala ukuxoxa ngeZwi likaNkulunkulu ndawonye. Bathola nezincwadi ezazinyatheliswa abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi.
Indodakazi ka-Ilie Groza, u-Ioana, iyakhumbula: “Ngicabanga ukuthi ngangineminyaka eyisithupha kuphela ubudala ngesikhathi umkhaya wakithi uqala ukuthola izincwadi zabaFundi BeBhayibheli. Angiqiniseki ukuthi sasizithathaphi kodwa ngiyakhumbula abazali bami nezinye izingane zakwethu ezindala bexoxa ngenjabulo ngezincazelo ezicacile zemiBhalo ezazikulezo zincwadi.”
U-Ion Andronic wabuye wanquma ukungakunikezeli ukuphila kwakhe kuJehova. Kodwa akubanga njalo ngawo wonke umkhaya wakhe nabaningi bomkhaya wakwaGroza. “Ekuqaleni kwakuba khona thina sodwa esifundweni,” kukhumbula u-Ioana. “Ekhaya sasingamantombazane amane, kwa-Andronic kukhona abafana abaningana namantombazane. Ngakho akuphelanga sikhathi kwabe sekukhona abathandanayo, kwaphumela ekutheni uVasile Andronic ashade nodadewethu uFeodolina.
“Kwathi kusenjalo eqenjini lethu leBhayibheli kwafika uTudor noDaria Groza, umbhangqwana oshadile, kodwa babengezona izihlobo zethu zegazi. UTudor wayengumfundi weBhayibheli okhuthele. Wayeze aye nasehhovisi legatsha eCluj-Napoca, eRomania, eyofuna izincwadi nezimpendulo zemibuzo eminingi yeBhayibheli ayenayo. Eminyakeni eyalandela, waba insika engokomoya ngempela ebandleni lethu elincane.
“Abakwa-Iacuboi, nabo ababengabendawo, babeza ekhaya sizoxoxa ngeBhayibheli. UPetru Iacuboi, inhloko yalo mkhaya, wayeke wangenisa indoda eyayihambisa amaBhayibheli emzini wakhe. Leyo ndoda yayenze uPetru waba nesithakazelo emiBhalweni. UPetru wake wathi ukuhlolisisa izimfundiso zamaBaptist ngaphambi kokuba anqume ukuthi iqiniso alikho lapho. Kulapho-ke lapho azihlanganisa khona neqembu lethu labaFundi BeBhayibheli elalanda.
“Sishukunyiswa yilokho esasikufunda, sonke eqenjini sabaxoxela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso bonke abangane nezihlobo zethu, abaningi babo ababehlala edolobhaneni lakithi nasemadolobhaneni angomakhelwane.”
Ugcizelela ukuthi isigijimi soMbuso sasakazeka ngokushesha kanjani eMoldova, umbiko we-Nqabayokulinda ka-December 15, 1921, wathi: “EBessarabia [njengoba iMoldova yayisabizwa kanjalo] umfowethu obekade engumshumayeli woKufika Kwesibili KukaKristu kuze kube muva nje, uyabhala: ‘Kule ndawo, babalelwa ku-200 asebamukele iqiniso, uma zingabalwa izindawo ezizungezile.’”
Ngasekuqaleni kwawo-1920, u-Ilarion Bugaian, ilungu eliqinile leSonto Lobu-Orthodox edolobhaneni laseŞirăuţi, wathola iqiniso. Wakhonza uJehova ngokwethembeka waze wafa. UmFundi WeBhayibheli okuthiwa uMoise Ciobanu wabuya eJalimane waya edolobheni laseBălţi. Wayethole iqiniso ngesikhathi eboshwe eJalimane phakathi neMpi YeZwe I. Akuphelanga sikhathi kwaba neqembu, kamuva laba ibandla lokuqala eBălţi.
OFakazi BaseRomania Bafaka Isandla
Ukuze lisize ekuhlakulweni kwensimu nasekuqiniseni ababesaqala ukuhlanganyela nabantu bakaNkulunkulu, igatsha laseRomania lathumela abazalwane abaqeqeshiwe eMoldova ngawo-1920. Phakathi kwalabo bashumayeli bokuqala kwakunoVasile Ciucaş waseTransylvania. Wayekhuluma isiRomania nesiHungary. Lapho uVasile evakashela ibandla elalisafufusa eCorjeuţi, wayehlala kwa-Ilie Groza. U-Ioana uyajabula uma ekhumbula lezo zinsuku. Uthi: “Ngicabanga ukuthi ngangineminyaka engu-8 ubudala ngaleso sikhathi, kodwa ngisazikhumbula izikhathi okwakuvakasha ngazo uMfoweth’ uCiucaş. Wayenomusa kakhulu, futhi wayehlale esixoxela izindaba ezimnandi kangangokuthi akukho muntu owayeye afune ukuyolala! Mina nodadewethu sasiye sibange ukuhlala eduze kwakhe.”
OFakazi baseRomania kanye nabamemezeli bendawo abashisekayo, baqhubeka besakaza izindaba ezinhle emadolobhaneni aseduze. Edolobhaneni laseTabani, elingamakhilomitha angu-11 uma usuka eCorjeuţi, uCazimir Cislinschii wayezixoxela abanye izinto ezinhle ayezifunde eBhayibhelini. UCazimir wayezwe isigijimi soMbuso ngesikhathi esebuthweni lempi eRomania. Owayephakathi kwabokuqala eTabani abasabela ekushumayeleni kukaCazimir kwakunguDumitru Gorobeţ, umfundi owayeshiseka kakhulu. Namuhla, ngenxa yentshiseko kaDumitru nabanye abafana naye, ezakhamuzini zaseTabani ezingu-3 270 sekukhona oFakazi abangu-475.
Ngasekuqaleni kwawo-1920, isigijimi soMbuso safika nasedolobhaneni laseCaracuşeni, eliqhele ngamakhilomitha amathathu kuya kwamane uma usuka eCorjeuţi. Phakathi kwabokuqala abamukela iqiniso kulelo dolobhana kwakunoVladimir Lungu owabhapathizwa ngo-1927. UVladimir wakhuthazelela ukushushiswa okukhulu ngenxa yezinkolelo zakhe zobuKristu futhi waze wafa ethembekile kuJehova ngo-2002. Ngesikhathi esaphila, baningi abantu abamukela iqiniso edolobheni lakubo kangangokuthi manje umuntu oyedwa kwabane unguFakazi eCaracuşeni, enezakhamuzi ezingu-4 200!
U-Alexandru Mikitkov, omunye umfowethu othembekile, wathola iqiniso ngo-1929 ngesikhathi evakashele edolobheni laseRomania i-Iasi. Indodana yakhe u-Ivan ithi: “Ngesikhathi ubaba ebuyela ekhaya edolobhaneni laseŢaul, wavele waqala ukushumayela izindaba ezinhle futhi ngokushesha kwase kuqhutshelwa imihlangano yobuKristu ekhaya.”
U-Ivan uyaqhubeka: “Ubaba wayelokhu exhumana nehhovisi legatsha laseRomania, futhi kwakuhlale kuhlale kufike abazalwane abavuthiwe baseRomania besivakashele. Ngokudabukisayo, kwathi ngesinye isikhathi befikile ngo-1931, kwashona udadewethu omncane. Ngenxa yokuthi umkhaya wakithi wawaziwa, baningi abantu bendawo abeza emngcwabeni. Isivakashi sethu saseRomania, uMfowethu’ uVănica, wanikeza inkulumo yomngcwabo. Wanikeza ubufakazi obuhle kakhulu, waqeda amahlebezi angamanga ayesakazwa abefundisi okuthi abaFundi BeBhayibheli abangcwabi ngesizotha. Ngaphezu kwalokho, inkulumo kaMfoweth’ uVănica, eyalichaza ngokucacile ithemba lovuko, yatshala imbewu enhle ezinhliziyweni zabanye ababekhona. Kwakungezudlula sikhathi esitheni, nabo balimelele ngokuqinile iqiniso leBhayibheli.
“Isikhuthazo esingokomoya sikaMfoweth’ uVănica saba nethonya elikhulu emkhayeni wakithi. Ngokwesibonelo, umfowethu omdala, uDumitru, wanquma ukuba i-colporteur (isikhonzi sesikhathi esigcwele). Emagange ukusiza abantu abaningi ngangokunokwenzeka, washeshe wahamba ekhaya wayoshumayela ezindaweni ezazingakaze zithintwe eMoldova. Ekhaya basisekela ngenhliziyo yonke isinqumo sakhe. Kodwa kumelwe ngivume, ngangingeve ngimkhumbula ubhuti. Ngakolunye uhlangothi, yeka ukuthi sasijabula kanjani uma ebuyile, esixoxela izindaba eziningi ezithakazelisayo zasensimini!”
Abefundisi Babhokile Ngokuphikisa
Kusukela ekuqaleni, abefundisi abangama-Orthodox babemelene nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Kodwa kwaba sengathi babaselwe lapho ababekade bengamalungu esonto labo sebenqaba ukwenza uphawu lwesiphambano nokuba izinsana zabo zibhapathizwe, ngemva kokufunda iqiniso leBhayibheli.
Lapho u-Ioana Groza eneminyaka engaba yishumi ubudala, umpristi wama-Orthodox wasendaweni wamphoqa ukuba alahle izinkolelo zakhe. Uyakhumbula: “Ubaba wayesichazelile thina zingane ukuthi kuphambene nemibhalo ukwenza uphawu lwesiphambano. Kodwa esikoleni umpristi wayephikelela ngokuthi asenze uphawu lwesiphambano. Ngangiyesaba leya ndoda, kodwa ngangesaba nokudumaza ubaba. Ngakho esikhundleni sokuba ngiye esikoleni, ngangicasha engotsheni. Kodwa ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ubaba wezwa ukuthi ngiyaphutha esikoleni. Nokho, akazange angithethise kodwa wangibuza kahle isizathu. Lapho ngimtshela ukuthi ngangesaba umpristi, ubaba wangibamba ngesandla saqonda ngqo kwampristi.
“Ngezwi eliqinile, ubaba wathi kumpristi: ‘Ukube bekunguwe oyondlayo noyigqokisayo indodakazi yami, noma ukube ibihlala kwakho, ubungavunyelwa ukuba uyitshele ukuthi iziphi izinto zenkolo okufanele izenze. Kodwa ngoba awuzenzi lezi zinto, musa ukugaxela kwengikufundisa ingane yami.’ Ngiyajabula ukusho ukuthi ngaze ngaqeda isikole engaphindanga wangihlupha umpristi.”
Ngokuvamile, abefundisi yibo ababelalelwa emphakathini. Njengabaholi benkolo bosuku lukaJesu, babesizakala ngalokho bese bebheca igama elihle lezinceku zikaJehova ukuze abantu besonto labo babadelele abafowethu noma besabe ukukhuluma nabo. Elinye lamasu ayethandwa abefundisi ukusizakala ngokungezwani okwakukhona kwezombusazwe. Ngokwesibonelo, ngaleso sikhathi abantu babelwesaba futhi bengalwethembi “usongo” lwamaBolshevik ayeseSoviet Union. Abapristi bama-Orthodox babesizakala ngalokhu kwesaba bese bethi abaFundi BeBhayibheli benqaba ukwenza uphawu lwesiphambano ngoba bangamaKhomanisi.
Kodwa abagcinanga lapho laba befundisi abangamaqili. Basisebenzisa kabi nakakhulu isikhundla sabo ngokugqugquzela iziphathimandla zikahulumeni ukuba zimelane nabantu bakaNkulunkulu, njengoba nje kwakwenza ababhali nabaFarisi ngosuku lukaJesu.—Joh. 18:28-30; 19:4-6, 12-16.
Kusukela ngo-1918 kuya ku-1940, iMoldova yaba ngaphansi kweRomania, ngaleso sikhathi eyayiwumbuso obuswa amakhosi ohlanga. Uhulumeni waseRomania wamisa ungqongqoshe wezenkolo, owayebheke izindaba zenkolo. Ivumela ukulawulwa izimfundiso zobu-Orthodox, le ndoda yamelana nomsebenzi wabaFundi BeBhayibheli futhi yafuna ukuba bona nezincwadi zabo ezisekelwe eBhayibhelini bavinjelwe. Njengoba kungenzeka usuqagelile, icala ababekwa lona abafowethu elokuthi bacheme namaBolshevik.
Lokhu kungathandi kweziphathimandla abantu bakaJehova kwaphumela ekutheni kuphume isiqondiso sango-April 25, 1925 esasivela kumphathi-jikelele wamaphoyisa eMoldova siya esikhulwini esithile samaphoyisa. Sasithi: “Ngenxa yeSiqondiso Sokuphepha Kwamaphoyisa Esingunombolo 17274/925, kuyilungelo lethu ukukwazisa ukuthi uMnyango Wezangaphakathi unqume ukuvimbela nokuqeda inkulumo-ze ‘yabaFundi BeBhayibheli,’ futhi singathanda ukuba wena uthathe izinyathelo ezidingekayo ukuze ufeze lokho.”
Umphumela okwaba nawo kubafowethu lokho kuphikiswa iziphathimandla ubonakala embikweni ihhovisi laseRomania elawuthumela endlunkulu yomhlaba wonke ngo-October 17, 1927. Kafushane nje, lo mbiko wawuthi imihlangano yebandla yayisimisiwe futhi yenqatshelwe kuyo yonke indawo nokuthi ‘amakhulu abafowethu babebizelwe ezinkantolo zempi nezamalungelo abantu.’ Wathi futhi: ‘Imbalwa imihlangano ebe khona ehlobo ngoba amabandla abegadwe ngeso elibukhali abaseshi bomshoshaphansi namaphoyisa futhi namanje kusenjalo, ikakhulukazi emadolobhaneni, lapho amabandla amaningi ekhona. Imihlangano eminingi ibiqhutshelwa emahlathini, ezindaweni ezicashile.’
Lo mbiko waqhubeka: ‘Ngo-March umsebenzi wababonisi abajikelezayo nawo wathikamezeka. Ngayo leyo nyanga, ungqongqoshe wezangaphakathi wakhipha umyalo oqinile noyimfihlo wokuba kufunwe ama-colporteur nokuba kuboshwe bonke laba “basakazi benkulumo-ze.” Akuphelanga sikhathi abe eseboshiwe wonke ama-colporteur. Yize thina nabafowethu singesabi, njengoba siye sakhuthazelela ushushiso kusukela umsebenzi uqala kuleli zwe, uhlelo lokusihlakaza manje seludlange kangangokuthi asikwazi nokunyakaza.’
Njengoba iminyaka yawo-1920 yayiya ekupheleni, abantu nemikhaya enesibindi baqhubeka bezihlukanisa neSonto Lobu-Orthodox futhi belimelela ngokuqinile iqiniso leBhayibheli. Lokhu kubonakala encwadini umpristi edolobhaneni elithile ayibhalela umphathi wakhe ngo-1928. Kule ncwadi kwakukhona uhlu lwamagama angu-43 abantu abadala nezingane zasesontweni lalo mpristi eŞirăuţi. Yayithi: “Kuyilungelo kithi ukukunika lolu hlu lwamagama amalungu ehlelo ‘labaFundi BeBhayibheli.’ Naphezu kwemizamo yabo, abazange baphumelele nakancane futhi abanayo ngisho nendlu yomthandazo. Kunalokho, bahlangana emizini yabantu.”
Eqinisweni, lolu hlu lwamagama lwalo mpristi lwalubonisa ukuthi unamanga uma ethi abaFundi BeBhayibheli “abazange baphumelele nakancane,” ngoba iningi lalaba bantu abangu-43 ababebhaliwe lalikade lingamalungu eSonto Lobu-Orthodox. Enye yezingane ezazibaliwe kwakungu-Agripina Barbuţă, manje oseneminyaka engaphezu kwengu-80 ubudala nosakhuthele enkonzweni kaJehova.
Lapho sekuba nzima ukushumayela obala, abazalwane bagxila ekufakazeni ngokwethukela, ikakhulukazi ezihlotsheni. Ngaleso sikhathi izihlobo zazichitha isikhathi esiningi zibungazana. Abazalwane babesebenzisa leli thuba ukuba bahlanganyele izindaba ezinhle nabanye. Njengoba kulindelekile, akukho mthetho ongavimbela abomndeni ukuba baxoxe.
Imizamo Yokubhalisa Ngokomthetho Umsebenzi Wokushumayela
Ngemva kokuvinjelwa komsebenzi wokushumayela ngo-1925, abafowethu ehhovisi legatsha laseCluj-Napoca, eRomania, bahambisa umbiko ongamakhasi angu-50 obhalwe ngomshini kungqongqoshe wezenkolo. Wawuchaza kafushane izimfundiso nezinkolelo zethu futhi unesicelo sokuba kuqedwe ukuvinjelwa kwethu. Ngemva kwalokho, ngo-September 1927 omunye wabafowethu wavunyelwa ukuba abonane nongqongqoshe iziqubu ezintathu. Lapho behlukana ngemva kokuhlangana okokugcina, wayenethemba lokuthi umthetho uzoshintshwa bese bethola inkululeko yokukhulekela. Kodwa kuyadumaza ukuthi uhulumeni awuzange uzinake izicelo zabafowethu. Eqinisweni, iziphathimandla zaqhubeka zibiyela inkathazo ngesinqumo somthetho, zenza kwaba nzima nakakhulu kubantu bakaJehova, kwangaba ngcono. (IHu. 94:20; Dan. 6:5-9) Kulokhu, incwadi yomthetho eyabhalwa ngo-May 29, 1932, yathi “zonke izinhlobo zemisebenzi” yabaFundi BeBhayibheli Bomhlaba Wonke “azivunyelwe nhlobo.”
Kodwa lokhu kuhlaselwa kwabantu bakaNkulunkulu kwakungabonakali ukuthi kugunyazwe uhulumeni waseRomania nowaseMoldova. Ngokwezinga elithile, ohulumeni neziphathimandla zezifunda zazizenzela izinqumo zazo ngabaFundi BeBhayibheli. Ngakho abafowethu baya kulezi ziphathimandla ukuze bavikele futhi bamise ngokomthetho izindaba ezinhle.—Fil. 1:7.
Kwezinye izindawo le mizamo yayithela izithelo. Kwaba njalo eBucharest, eRomania, ngemva kokuba ihhovisi legatsha lithuthele lapho lisuka eCluj-Napoca. Ngo-1933, ngemva komzukuzuku, igatsha lagcina likwazile ukubhalisa ngokomthetho i-Bible and Tract Society yoFakazi BakaJehova eBucharest.
Ngokuthakazelisayo, ngisho namanye amajaji aphakeme akuveza obala ukuthi awavumelani nokubekelwa imingcele kwabantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngo-May 8, 1935, iNkantolo Yokudlulisela Amacala YaseCluj-Napoca yanquma ngesibindi ukuthi ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova kuphambene nomthetho-sisekelo. Yaqhubeka yathi: “Izincwajana ezithathiwe [ezenziwa oFakazi BakaJehova] zigqugquzela ukuba abantu bathandane futhi bakholelwe kuNkulunkulu nakuKristu. Ngenxa yalokhu, kuyiphutha ukuthi injongo yalezi zincwajana ukugumbuqela umbuso; aziyona ingozi eMbusweni.”
Izizathu Ezinengqondo Azinakwa
Naphezu kwalokho, iziphathimandla eziningi zazisalokhu zimelene nomsebenzi wabantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngo-March 28, 1934, umphathi woMnyango Wezokuphepha edolobheni laseSoroca, eMoldova, wabhalela isikhulu esasimphethe, umphathi wamaphoyisa esifunda eChisinau, ekhala ngokuthi ngo-1927 edolobhaneni elithile eduze naseSoroca, “kwakunemikhaya emibili kuphela eyayingabalandeli baleli hlelo, kodwa isiguqule . . . eminye imikhaya engu-33.” Wabhala nokuthi oFakazi “bayalenqaba isonto” kanye “namasiko nemikhuba yalo yenkolo” futhi “esikhundleni sokuba bacele umpristi abenzele izinkonzo, bazenzela ezabo.” Waphetha incwadi yakhe ngokuthi: “[OFakazi] bayaqhubeka beguqula abantu futhi lokhu kusongela ukuhleleka nokulondeka koMbuso.”
Ngo-May 6, 1937, abafowethu abakuleso sifunda babhalela ungqongqoshe becela ukuba oFakazi BakaJehova bakhishwe ohlwini lwamahlelo angekho emthethweni. Impendulo yacaca encwadini eyayivela kumphathi wesifunda saseSoroca iya kungqongqoshe waso lesi sifunda. Yabhalwa ngo-June 15, 1937, yayithi: “Umsebenzi [woFakazi BakaJehova] uvinjelwe . . . nguNgqongqoshe Wezenkolo Nezobuciko. Ngakho-ke ngeke sisamukele isicelo sabo sokuba bakhishwe ohlwini lwamahlelo [angekho emthethweni], ngoba bayaqhubeka bezikhandla ngenxa yalelo hlelo.”
Lisekela lowo mbono wobutha, iphephabhuku likahulumeni, i-Monitorul Oficial, ka-July 12, 1939, yathi oFakazi BakaJehova “abavunyelwe nhlobo” kanye nanoma yiziphi izinhlangano ezingokomthetho abangase bazisebenzise. Njengoba kushiwo ngaphambili, ngaleso sikhathi iMoldova yayingaphansi kweRomania, eyayigcwele isonto lobu-Orthodox baseMpumalanga futhi ibuswa amakhosi ohlanga. Kuyadabukisa ukuthi ukubandlulula izinkolo kwenza ukuba iziphathimandla eziningi zeqele ngale kwemingcele eyayibekwe umthetho endleleni ezaziphatha ngayo abantu bakaJehova.
Iziphathimandla Ziba Nonya
Okwenzeka kuDumitru Gorobeţ noCazimir Cislinschii kubonisa ukuthi amalangabi okuphikiswa komsebenzi wokushumayela ayevame ukukhwezelwa inzondo yeziphathimandla ezingama-Orthodox aqinile. UDumitru noCazimir baqala ukufunda iqiniso leBhayibheli edolobhaneni laseTabani. Ngenxa yezimfanelo zabo ezinhle nokushisekela kwabo inkonzo, basheshe baziwa futhi abafowethu babathanda. Kwabe sekuthi ngo-1936 baboshwa futhi balethwa esiteshini samaphoyisa edolobheni laseKhotin (manje elise-Ukraine).
Okokuqala, amaphoyisa ababhaxabula kabuhlungu oDumitru noCazimir. Abe esebaphoqa ukuba benze uphawu lwesiphambano. Kodwa la madoda amabili ama eqinile, nakuba ayelokhu eshaywa. Ekugcineni, amaphoyisa aphonsa ithawula. Aze abavumela ngisho nokuba bagoduke oDumitru noCazimir. Kodwa lwalungakapheli uvivinyo lwalaba bafowethu ababili abathembekile. Ngaphansi kokubusa kwamaFascist nokwamaKhomanisi, bakhuthazelela ubunzima obuhlukahlukene ngenxa yezindaba ezinhle. UDumitru washona ekuqaleni kuka-1976 eTomsk, eRussia. UCazimir washona ngo-November 1990 eMoldova.
Ngawo-1930, igatsha laseRomania laliqondisa umsebenzi eMoldova. UMartin Magyarosi, owabhapathizwa ngo-1922, wayeyinceku yegatsha ngaleso sikhathi. Ngenxa yokukhathalela abafowethu, ikakhulukazi ecabangela novivinyo ababebhekene nalo, yena nomkhwenyana wakwakhe, uPamfil Albu, bavakashela amabandla amaningi enyakatho yeMoldova ukuze baqinise futhi bakhuthaze abantu bakaNkulunkulu. Yeka ukuthi bafika ngesikhathi kanjani! Ngani? Ngoba ngokushesha nje iYurophu yayizothinteka kakhulu eMpini YeZwe II. Futhi iMoldova, njengoba yayibhekwa njengeyinyama, yayizobangwa omakhelwane bayo abanamandla kunayo nabamelene nayo.
IYurophu Icekelwa Phansi IMpi YeZwe II
Ngo-August 23, 1939, iSoviet Union nombuso wamaNazi eJalimane basayina isivumelwano sokungalwi bodwa. Ngemva kwesonto, ngo-September 1, 1939, iJalimane yahlasela iPoland, okwagqashula iMpi Yezwe II. Kwathi ngo-June 26, 1940, uNgqongqoshe Wezangaphandle WaseSoviet uVyacheslav Molotov wathi kuhulumeni waseRomania kufuneka uhlukane nezwe elalibizwa ngokuthi iBessarabia ngaleso sikhathi ulinike iSoviet Union. IRomania yavuma, kwathi ngo-June 28, 1940, amabutho aseSoviet angena eMoldova. Ngo-August 1940, abaseSoviet bakha iMoldavian SSR, iChisinau yaba inhloko-dolobha.
Kodwa iSoviet yayiphatha isikhashana iMoldova. Ngo-June 22, 1941, iJalimane yasephula isivumelwano sango-1939 sokungalwi neRussia, yayihlasela. Isizakala ngalokhu, iRomania yathi yona ingasohlangothini lweJalimane futhi yazama ukubuyisa iMoldavian SSR eyayithathwe iSoviet.
Leli cebo laphumelela ngoba ngo-July 26, 1941, ibutho laseRomania lase lidudule abaseRussia labaphindisela eMfuleni iDniester. Ngakho, kusaphele isikhashana esingaphezudlwana nje konyaka kubusa iSoviet, iMoldova yaphinde yaphathwa iRomania. Kodwa manje, kusukela ngo-September 1940, eRomania kwase kubusa uhulumeni wamaFascist owawubugqugquzela ngempela ubuzwe, owawuphethwe umashiqela uJenene Ion Antonescu. Umbuso wakhe wawungayingeni indaba yabantu abangathathi hlangothi kwezombusazwe ngoba besekela uMbuso kaNkulunkulu ngokwethembeka.
Ukuphekwa Ngobhojwana NgamaFascist
Uhulumeni ka-Antonescu wamaFascist, uhlangene noHitler ne-Italy neJapane, ngokushesha waqala ukufuna ukuba oFakazi BakaJehova benze intando yawo. Cabanga ngesibonelo sika-Anton Pântea, owazalwa ngo-1919. U-Anton wathola iqiniso eseyibhobhodlana futhi wayeshiseka enkonzweni yendlu ngendlu. Izikhathi ezimbalwa wacishe washaywa, kodwa ngenxa yokuthi washo ngesibindi ukuthi unelungelo elingokomthetho lokukhuluma ngokholo lwakhe njengesakhamuzi saseRomania, bake bathi ukumyeka. Noma kunjalo, amaphoyisa agcina embambile. Amhudula amyisa esiteshini samaphoyisa, amshaya ubusuku bonke, kodwa okumangazayo ukuthi abe esemdedela. UMfoweth’ uPântea manje uneminyaka engu-84 ubudala futhi usazimisele ukuhlala ethembekile kuJehova.
Omunye umgcini wobuqotho, uParfin Palamarciuc, wafunda iqiniso leBhayibheli eMoldova ngawo-1920. Naye waba ummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle, futhi kwakuvame ukuba kuphele amasonto engekho ekhaya eyoshumayela emadolobheni amakhulu namancane, kusukela eChernovtsy kuze kufike eLvov, e-Ukraine. Ngenxa yokuthi uParfin wenqaba ukuthatha izikhali, amaFascist amvalela ngo-1942 amyisa enkantolo yezempi eChernovtsy.
Indodana kaParfin uNicolae walandisa lezo zenzakalo wathi: “Abafowethu abangu-100 babegwetshwe intambo kule nkantolo. Babezosheshe babulawe. Amaphoyisa abahlanganisa bonke abafowethu akhetha abayishumi ababezodutshulwa kuqala. Kodwa kwathiwa abaqale bambe amathuna abo, laba abanye abangu-90 bebukele. Nokho, ngaphambi kokuba abadubule abanika elinye ithuba lokulahla ukholo lwabo bangene ebuthweni lezempi. Ababili bavuma; laba abanye abayisishiyagalombili badutshulwa bafa. Kwabe sekukleliswa abanye abayishumi. Kodwa ngaphambi kokuba badutshulwe kwathiwa abangcwabe laba asebefile.
“Ngesikhathi abafowethu begqiba amathuna, kwafika umphathi. Wabuza ukuthi bangaki oFakazi abashintshile. Lapho etshelwa ukuthi babili kuphela, wathi uma kuzofa abangu-80 ukuze kutholakale abangu-20 abazongena kwezempi, kungcono laba abangu-92 abasele bavalelwe emakamu okufukuzwa kuwo. Ngenxa yalokho, isigwebo sokufa sashintshwa kwaba iminyaka engu-25 yokusebenza ngempoqo. Kodwa ingakapheli iminyaka emithathu kusukela lapho, kwafika amabutho aseSoviet ayezohlasela, abakhulula oFakazi emakamu aseRomania. Ubaba wasinda kulezi zimo ezinzima nakwezinye eziningi. Wafa ethembekile kuJehova ngo-1984.”
Ukungavumelani Nezimfundiso Zobu-Orthodox—Yicala!
UVasile Gherman wayeyinsizwa eshadile. Umkakhe wayesanda kubeletha intombazane ngesikhathi amaFascist ebopha uVasile ngo-December 1942. Wabekwa “amacala” amabili—elokwenqaba ukuhlanganyela empini nelokungayibhapathizi indodakazi yakhe eSontweni Lobu-Orthodox. Elandisa okwenzeka, uthi: “Ngo-February 1943, icala lami kanye nabanye abafowethu abathembekile abangu-69 lalizoqulwa enkantolo yezempi eChernovtsy. Ngaphambi kokuba sigwetshwe, amaphoyisa asiphoqa ukuba sibukele kubulawa izigebengu eziyisithupha. Ngakho, savele sabona ukuthi kuzolandela thina.
“Saxoxa sodwa ngalokhu futhi sazimisela ukuhlala siqinile okholweni nokuzama ngawo wonke amandla ukuhlala sijabule kuze kudlule uvivinyo. Ngosizo lukaJehova, saphumelela. Lapho sonke esingu-70 sithola isigwebo sokufa, njengoba sasilindele, saba nomuzwa wokuthi ngempela sihlupheka ngenxa yokulunga. Akekho kithi owazizwa edumele, okwazicasula nakakhulu izitha zethu. Kwabe sekwenzeka into esasingayilindele. Esikhundleni sokuba sidutshulwe, iziphathimandla zasishintsha isigwebo saba iminyaka engu-25 yokusebenza ngempoqo ekamu e-Aiud, eRomania. Kodwa naso leso sigwebo asizange sisidonse sonke, ngoba ezinyangeni ezingu-18 kamuva, ngo-August 1944, amabutho aseSoviet ayezohlasela abakhulula abantu ababesekamu.”
Ngo-1942 amaFascist abutha amadoda angu-800 edolobhaneni laseŞirăuţi, eMoldova, ukuba ajoyine ibutho likaJenene Antonescu. Phakathi kwawo kwakukhona oFakazi abaningana, kanye noNicolae Anischevici. “Ngesikhathi kuqalwa,” kusho uNicolae, “amaphoyisa athi masihlanganyele emkhosini wenkolo. Thina boFakazi senqaba. Senqaba futhi nokuthatha izikhali. Ngenxa yalokho, amaphoyisa asibeka icala lokuthi singamaKhomanisi futhi asivalela. Kodwa engakasivaleli, asivumela ukuba sichazele bonke ababekhona ukuthi kungani singathathi hlangothi.
“Ngakusasa sathunyelwa eBriceni, inkantolo yalesi sifunda. Lapha, sakhunyuliswa futhi saseshwa yonke into. Umpristi osesikhundleni esiphakeme kwezempi wasihloma imibuzo. Wayenomusa, ebonisa ukuthi uyakuqonda ukwenqaba kwethu ngenxa kanembeza futhi wahlela ukuba siphiwe ukudla. Ngaphezu kwalokho, wabhala ukuthi isizathu sokwenqaba kwethu ukuthatha izikhali ukukholelwa kuJesu.
“Sasuswa eBriceni sayiswa esiteshini samaphoyisa eLipcani. Nalapho kwaze kwahlwa amaphoyisa esidinda ngenduku. Abe esesifaka esitokisini nabanye abafowethu ababili, okumangalisayo ukuthi afaka nowesifazane, kamuva okwahlaluka ukuthi uyimpimpi. Nsuku zonke sasidindwa ngenduku kwaze kwaphela izinsuku eziningana. Ekugcineni, ngathunyelwa eChernovtsy ukuba ngiyovela enkantolo yezempi. Nganikwa ummeli owaba usizo kakhulu. Noma kunjalo, ngase ngigula kakhulu ngenxa yokuphathwa kabi kangangokuthi izikhulu zempi zazicabanga ukuthi ngizokufa. Ekugcineni, zanquma ukungidedela ngiye ekhaya zingangigwebi.”
Odade Abanesibindi Bagcina Ubuqotho
Odade nabo baluzwa ulaka lwamaFascist. Omunye wabo kwakunguMaria Gherman (kumane kufana izibongo noVasile Gherman kodwa basebandleni elilodwa). UMaria waboshwa ngo-1943 wayiswa esiteshini samaphoyisa eBalasineşti. Uyakhumbula: “Amaphoyisa angibophela ukuthi ngiyala ukuya esontweni lobu-Orthodox. Aqale angiyisa eLipcani, eMoldova, abe esengiyisa eChernovtsy, e-Ukraine, lapho ngagwetshwa khona.
“Ijaji langibuza ukuthi ngaleleni ukuya esontweni. Ngalitshela ukuthi ngikhulekela uJehova kuphela. Ngenxa yaleli ‘cala,’ ngagwetshwa iminyaka engu-20 ejele kanye nabanye odade abangu-20. Abanye bethu babeminyene esitokisini esincane kanye nezinye iziboshwa ezingu-30. Kodwa emini ngangithunywa ukuba ngiyosebenza emizini yabantu abacebile. Mangisho ukuthi labo bantu babengiphatha kangcono kunamaphoyisa—okungenani babenginika ukudla okwanele!
“Ngokuhamba kwesikhathi saxhumana nabafowethu ababekwenye ingxenye yejele. Lokhu kwaba isibusiso ngoba sakwazi ukusiza abafowethu bathole ukudla okungokomoya nokungokwenyama.”
Njengabanye oFakazi abaningi baseMoldova, laba bagcini bobuqotho bakhuthazelela ulaka lwamaFascist kanti bazobhekana nokunye ukuhlaselwa kokholo lwabo. Lokho kuhlaselwa kwenziwa umbuso owalandela, iRussia yamaKhomanisi.
Iqhinga LamaSoviet—Ukudingisa
Ngo-1944, ngesikhathi iJalimane isigoba uphondo ngasekupheleni kwempi, amaqembu athile kuhulumeni waseRomania, ayeholwa iNkosi uMichael, awugumbuqela umbuso ka-Antonescu. IRomania yayeka ukuzinikela eJalimane ehlangene ne-Italy neJapane, yazinikela eRussia. Ngawo lowo nyaka, ibutho laseSoviet elalizohlasela laphinde layinika iRussia le ndawo, lahlanganisa iMoldova neSoviet Union kwaba iMoldavian SSR.
Ekuqaleni amaKhomanisi aseMoldova awazange abahluphe oFakazi BakaJehova. Kodwa lokhu kukhokha umoya kwakungokwesikhashana. Ukungathathi hlangothi kobuKristu, okwakuhlanganisa nokwenqaba koFakazi ukuvota okhethweni lwamaqembu endawo kwaphinda kwaba yindab’ egudwini. Uhulumeni wamaSoviet wawungayingeni indaba yabantu abangathathi hlangothi kwezombusazwe. Ngakho wahlela ukuxazulula le nkinga ngokudingisa oFakazi BakaJehova nabanye abantu “abangathandeki,” kusukela ngo-1949.
Incwadi engokomthetho “yayinesinqumo seKomiti Enkulu Yeqembu LamaKhomanisi” mayelana nalabo ababezodingiswa eMoldavian SSR. Babehlanganisa “ababenamapulazi, osomabhizinisi abakhulu, abalekeleli babahlaseli baseJalimane, ababebambisene namaphoyisa aseJalimane nawaseRomania, amalungu amaqembu nezinhlangano ezihambisana namaFascist, amalungu eqembu iWhite Guard, amalungu amahlelo angekho emthethweni kanye nemikhaya yabo bonke ababalulwe lapha.” Bonke babezothunyelwa entshonalanga yeSiberia “unomphela.”
Ukudingiswa kwesibili kwaqala ngo-1951, kodwa manje base benoFakazi BakaJehova shaqa. UStalin nguye uqobo lwakhe owakhipha umyalo walokhu kudingiswa, okwakubizwa ngokuthi i-Operation North. Imikhaya yoFakazi engaphezu kuka-720—abantu abangaba ngu-2 600—yathunyelwa eTomsk isuka eMoldova, ibanga elingaba amakhilomitha angu-4 500 entshonalanga yeSiberia.
Iziphathimandla zazithe abantu bazonikezwa isikhathi esanele sokuqoqa izinto zabo ngaphambi kokuba bayiswe ezitimeleni ezazibalindile. Ngaphezu kwalokho, izinqola zezitimela kwakufanele “zilungiselelwe ukuthutha abantu.” Kodwa akubanga njalo.
Phakathi kwamabili kwakufika amasosha nezikhulu ezibalelwa ku-8 emzini kaFakazi. Babevusa umkhaya bawubonise incwadi ethi uyadingiswa. Bese bewunika amahora ambalwa okuqoqa izinto ongase uziqoqe ngaphambi kokuba bawuyise esiteshini sesitimela.
Kwahlaluka ukuthi kanti lezi zimoto okwakukhulunywe ngazo yizinqola. Abantu abangaba ngu-40 abaneminyaka eshiyanayo babefakwa baminyane enqoleni eyodwa bezohamba amasonto amabili. Kwakungekho zihlalo futhi kungekho lutho olwenza kufudumale. Kwelinye ikhona lenqola kwakukhona imbobo phansi, eyayisebenza njengendlu yangasese. Ngaphambi kokuba zidingise abazalwane, iziphathimandla zendawo kwakufanele zibhalise izimpahla zomuntu ngamunye. Kodwa zazivele zibhalise izinto ezingasho lutho; izimpahla ezibalulekile zazimane “zinyamalale.”
Kodwa naphezu kwako konke loku kuphathwa kabi nobunzima, abafowethu abazange baphelelwe injabulo yabo yobuKristu. Ngempela, lapho izitimela ezazinoFakazi zihlangana, kwakuzwakala izingoma zoMbuso kwezinye izinqola. Ngakho, abafowethu abasesitimeleni ngasinye babazi ukuthi ababodwa kodwa babedingiswa nenqwaba yoFakazi abakanye nabo. Ukubona abanye bejabule nokubezwa bekhuluma ngenjabulo ngaphansi kwezimo ezinzima kangaka kwabakhuthaza bonke futhi kwabaqinisa ukuba bazimisele ukuhlala bethembekile kuJehova, kumnyama kubomvu.—Jak. 1:2.
Ukholo Okufanele Silulingise
Phakathi kwabantu baseMoldova abadingiselwa eSiberia kwakuno-Ivan Mikitkov. U-Ivan waqale waboshwa eMoldova ngo-1951 kanye nabanye oFakazi, wabe esedingiselwa eTomsk. Kwathiwa akagawule imithi ehlathini laseSiberia. Yize ayengavalelwe ekamu okufukuzwa kulo, wayengavunyelwe ukuya nomaphi, futhi amaphoyisa omshoshaphansi ayemgade ngeso elibukhali. Noma kunjalo, yena nabafowabo abangokomoya babebashumayeza abanye njalo uma kuvela ithuba.
U-Ivan uthi: “Sazihlela saba amabandla kule ndawo entsha esasiphila kuyo kanzima. Saze saqala nokuzinyathelisela izincwadi. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye babantu esabashumayeza balamukela iqiniso, babhapathizwa. Kodwa iziphathimandla zagcina zisibambile futhi abanye bethu bagwetshelwa ukuya emakamu okufukuzwa kuwo.
“Mina kanye nabanye oFakazi, uPavel Dandara, uMina Goraş noVasile Şarban, sagwetshwa iminyaka engu-12 sisetshenziswa ngempoqo futhi singakwazi nokuthi nyaka. Iziphathimandla zazithemba ukuthi lezi zigwebo ezinzima zizobethusa abathile bese beyeka ukushumayela, kodwa zazishaye phansi. Nomaphi lapho abafowethu babethunyelwa khona, babeqhubeka beshumayela. Ngadedelwa ngo-1966 ngemva kokusidonsa sonke isigwebo sami. Ngaphindela eTomsk ngahlala khona iminyaka emithathu.
“Ngo-1969, ngathuthela eDonets Basin, lapho ngatholana khona noMaria, udade othembekile nokhuthele engamshada. Ngaphinde ngaboshwa ngo-1983. Manje ngathola isigwebo esikabili—iminyaka emihlanu ejele neminye emihlanu ngidingisiwe. Ngakuthola kunzima ukwamukela lesi sigwebo kunesakuqala ngoba sasizongehlukanisa nomkami nengane yami, nabo okwadingeka babhekane nobunzima. Nokho, ngenhlanhla angisidonsanga sonke leso sigwebo. Ngadedelwa ngo-1987 ngesikhathi uMikhail Gorbachev esengunobhala-jikelele we-Soviet Communist Party. Ngavunyelwa ukuba ngiphindele e-Ukraine naseMoldova kamuva.
“Lapho ngiphindela eBălţi, idolobha lesibili ngobukhulu eMoldova, kwakunabamemezeli abangu-370 namabandla amathathu. Ngikhuluma nje kunabamemezeli abangaphezu kuka-1 700 namabandla angu-16!”
“Nawe Ufuna Sikwenze EsikaVasile?”
Abaphathi bamakamu namanxusa e-KGB (IKomiti Yokuphepha Yezwe LaseSoviet) baqhamuka namasu anonya okuzama ukuphula ubuqotho babafowethu. UConstantin Ivanovici Şobe usixoxela okwehlela uyisemkhulu, uConstantin Şobe: “Ngo-1952, umkhulu wayedonsa isigwebo sakhe kwelinye lamakamu okufukuzwa kuwo esifundeni saseChita, empumalanga yeLake Baikal eSiberia. Abaphathi bamakamu bamsongela ngokuthi bazomdubula yena nabanye oFakazi uma bengaluphiki ukholo lwabo.
“Ngenxa yokuthi abafowethu benqaba ukuphika ukholo lwabo, abaphathi babaqoqela ndawonye ngaphandle kwekamu, ngasekupheleni kwehlathi. Kwase kuhwalala ngesikhathi bethatha umngane omkhulu kamkhulu, uVasile, bethi ukuqhelaqhela bamfaka ehlathini, base bethi bazomdubula. Abafowethu balinda amaphaphu ephezulu. Khona manjalo, ukuqhuma kwezibhamu kwaqeda ukuthula kwasebusuku.
“Onogada babuya bathatha uFakazi olandelayo, umkhulu, bamfaka ehlathini. Ngemva kokuhamba ibangana, bama esigangeni. Kwakumbiwe amathuna amaningana, elinye seligqitshiwe. Ekhomba leli thuna, umphathi omkhulu waphendukela kumkhulu wathi: ‘Nawe ufuna sikwenze esikaVasile, noma ufuna ukuphindela emkhayeni wakho ukhululekile? Sikunika imizuzu emibili yokwenza isinqumo.’ Umkhulu wayengayidingi imizuzu emibili. Wavele waphendula: ‘Sengineminyaka eminingi ngimazi uVasile, lo enimdubulile. Sengilindele ukuphinde ngimbone ovukweni ezweni elisha. Angiquli nakuqula ukuthi ngiyoba khona mina ezweni elisha kanye noVasile. Wena, uyoba khona?’
“Le mpendulo yamzuma lo mphathi. Waqhuba umkhulu nabanye wababuyisela ekamu. Empeleni, akudingekanga ukuba umkhulu alindele uvuko ukuze abone uVasile. Yonke nje le nto yayiyitulo elibi lokubaqeda amandla abafowethu.”
Isikhuni Sibuya Nomkhwezeli
Ukuze enze oFakazi BakaJehova bazondwe futhi bangathenjwa, amaKhomanisi akhiqiza izincwadi, izincwajana namafilimu ayenyundela abantu bakaNkulunkulu. Enye incwajana yayinesihloko esithi Double Bottom—igama okwakubizwa ngalo indawo efihlekile yezincwadi abafowethu ababeyakha ezinqeni zamasudikesi nezikhwama. UNicolai Voloşanovschi ukhumbula indlela umphathi wekamu azama ngayo ukumjivaza phambi kwezinye iziboshwa esebenzisa le ncwajana.
UNicolai uthi: “Umphathi wekamu waqoqa zonke iziboshwa wazifaka kwelinye lamabhalekisi. Wabe esecaphuna izigaba ezithile kuyi-Double Bottom, kuhlanganise nezigaba ezazinyundela mina uqobo. Wathi angaqeda ukukhuluma, ngacela imvume yokubuza imibuzo. Kumelwe ukuba wacabanga ukuthi lokhu kuzomvulela ithuba lokuhlekisa ngami, ngoba wanginika imvume.
“Ngambuza umphathi wekamu ukuthi uyakhumbula yini ngenkathi exoxa nami okokuqala lapho ngifika kuleli kamu. Wayekhumbula. Ngabe sengimbuza ukuthi uyayikhumbula yini imibuzo angibuza yona ngezwe engazalelwa kulo, ngokuba isakhamuzi sakhona, neminye imibuzo, ngesikhathi egcwalisa amaphepha ami. Waphinde wavuma. Waze watshela neziboshwa ukuthi ngangiphendule ngathini. Ngabe sengimcela ukuba asho ukuthi yena wayebhale ukuthini emafomini. Wavuma ukuthi izimpendulo ayezibhalile kwakungezona lezo engangizishilo. Ngabe sengibheka izilaleli ngathi: ‘Niyabona-ke, nale ncwajana yabhalwa ngale ndlela.’ Iziboshwa zashaya ihlombe, umphathi waphuma ethukuthele engqangqa.”
Itulo Lokudala Uqhekeko Phakathi KoFakazi
Phakathi nawo-1960, iziphathimandla zamaSoviet ezase zicikekile zazama izindlela ezintsha zokuqeda ubunye boFakazi BakaJehova. Incwadi ethi The Sword and the Shield, eyanyatheliswa ngo-1999, ikhuluma ngemibiko eyayiyimfihlo ye-KGB, esezinqolobaneni zikahulumeni zokugcina imilando. Ithi: “Embizweni eyayingo-March 1959 yezikhulu ze-KGB ezazingongqá phambili ‘ekulweni namaJehovist [oFakazi BakaJehova]’ kwaphethwa ngokuthi isu elihle liwukuba ‘kuqhutshekwe nezindlela zokuwacindezela nokuwahlakaza.’ I-KGB yazimisela ukudala uqhekeko kubalandeli baleli hlelo, ukubaqeda amandla nokubahlambalaza, kanye nokubopha abaholi babo abaphambili ibabophele amacala amanga.”
‘Izindlela zokubahlakaza’ zazihlanganisa nomkhankaso okwakuvunyelwene ngawo wokutshala ukungathembani kubafowethu kulo lonke elaseSoviet Union. Ukuze kwenzeke lokho, i-KGB yaqala ukusakaza amahlebezi amabi yathi abafowethu abaningi abaholayo base beqalile ukulekelelana nabophiko loMbuso lwezokuphepha. I-KGB yawahlobisa ngobuqili amanga ayo kangangokuthi oFakazi abaningi babengasazi ukuthi ubani okufanele bamethembe.
Elinye iqhinga le-KGB laba ukuqeqesha amanxusa ayo ukuba azenze oFakazi BakaJehova “abakhuthele” ababezozama ukuthola izikhundla enhlanganweni. Lezi zimpimpi zazizobikela i-KGB konke okuqhubekayo. I-KGB yakhuluma nangasese noFakazi abaqotho, yazama ukubathenga ngezimali ezishisiwe.
Kuyadabukisa ukuthi la maqhinga aphumelela ngezinga elithile ukudunga abafowethu, kuhlanganise nabaseMoldova. Umphumela waba ukuthi abafowethu babengasathembani. Abathile bayishiya inhlangano bazakhela iqembu eliphikisayo.
Zingakenzeki lezi zigigaba, abafowethu baseSoviet Union babebheka inhlangano kaJehova, ukudla okungokomoya ekukhiqizayo, nabafowethu abaholayo njengomzila omisiwe. Manje base beqala ukudideka nokuwungabaza lowo mzila. Abafowethu bakwazi kanjani ukuqeda lokho kudideka? Isimanga ukuthi basizwa yiwo uMbuso WamaSoviet. Yebo, wona kanye la maqili asiza ekuxazululeni izinkinga ayezidalile. Kwenzeka kanjani?
Zawukhohlwa Umoya KaNkulunkulu
Ekuqaleni kwawo-1960 iziphathimandla zaseSoviet zabahlalisa ndawonye ekamu elilodwa “abaholi” abaningi boFakazi ababevela kulo lonke elaseSoviet Union. Leli kamu laliqhelelene ngamakhilomitha angu-150 nedolobha laseSaransk eliserepublic yaseMordvinia, entshonalanga Russia. Ngaphambili, abafowethu babehlala kude kakhulu nabanye, okwakwenza bangaxhumani kahle futhi bangezwani. Kodwa manje labo ababeseqenjini eliphikisayo nababengekho kulo base bendawonye bonke. Ngakho babekwazi ukuxoxa ubuso nobuso, bahluze amanga eqinisweni. Iziphathimandla zabahlaliselani ndawonye bonke laba bafowethu? Sengathi zazicabanga ukuthi bazoxabana, bese luba lukhulu nakakhulu uqhekeko. Lapho zenza leli cebo elihlakaniphile, zawukhohlwa umoya kaJehova owenza abantu babe nobunye.—1 Kor. 14:33.
Omunye wabafowethu ababegqunywe ejele laseMordvinia kwakunguGheorghe Gorobeţ. Uyakhumbula: “Kungakapheli sikhathi ngiboshiwe futhi ngagqunywa ejele, kwaboshwa nomfowethu owayekade eseqenjini eliphikisayo. Lapho ebona ukuthi abafowethu abaholayo babesagqunywe ejele, wamangala, ngoba wayetshelwe ukuthi sonke sase sikhululekile futhi siziphilela kamnandi ngemali esasiyinikwa i-KGB!”
UMfoweth’ uGorobeţ uyaqhubeka: “Ngonyaka wokuqala ngisejele, bangaphezu kuka-700 abantu abagqunywa ejele ngenxa yenkolo. Iningi lalingoFakazi BakaJehova. Sonke sasisebenza ndawonye efektri futhi sinesikhathi sokuxoxa nalabo ababeseqenjini eliphikisayo. Ngenxa yalokho, izinto eziningi zacaciswa phakathi kuka-1960 no-1961. Ekugcineni, ngo-1962, ikomiti yezwe enakekela iSoviet Union yabhala incwadi khona lapho emakamu okufukuzwa kuwo. Yayibhalela wonke amabandla aseSoviet Union futhi yalungisa umonakalo omningi owawudalwe umkhankaso we-KGB wokuqamba amanga.”
Bayawubona Umzila Weqiniso
UMfoweth’ uGorobeţ wadedelwa ekamu okufukuzwa kulo ngo-June 1964, waphindela eMoldova ngaso leso sikhathi. Uma efika eTabani wathola ukuthi oFakazi abaningi babesadidekile bengazi ukuthi uJehova usebenzisa bani ukuze ondle futhi aqondise abantu baKhe. Abafowethu abaningi babezifundela iBhayibheli lodwa.
Kwamiswa ikomiti yabafowethu abathathu abavuthiwe ngokomoya eyayizosiza icacise izinto. Into yokuqala abayenza kwaba ukuhambela amabandla asenyakatho neMoldova ngoba oFakazi abaningi babehlala khona. Ukuqhubeka ngokwethembeka kwalaba babonisi abangamaKristu kanye nabanye, yize babeshushiswe kakhulu kangaka, kwenza abaningi bagculiseka ukuthi uJehova wayesasebenzisa yona le nhlangano eyayibafundise iqiniso ekuqaleni.
Ngasekupheleni kwawo-1960, i-KGB yabona ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuqhubekela phambili naphezu koshushiso namanye amaqhinga. Ichaza indlela eyayizizwa ngayo i-KGB, incwadi ethi The Sword and the Shield ithi: “IHhovisi [le-KGB] laliphazanyiswe imibiko ethi ngisho emakamu okufukuzwa kuwo, ‘abaholi bamaJehova abazilahlanga izimfundiso zabo ezimbi futhi nasemakamu bayaqhubeka nomsebenzi kaJehova wabo.’ Ngo-November 1967 [eChisinau] kwaba nembizo yezikhulu ze-KGB ezazihola ekulweni noFakazi BakaJehova zizofakana imilomo ngezindlela ezintsha ‘zokunqanda umsebenzi ongasile wamalungu aleli hlelo nezimfundiso zalo ezibheke eceleni.’”
Báhlukunyezwa Abantu Ababengabafowethu
Ngeshwa, abathile bathathwa yilezi “zindlela ezintsha” futhi badansela isigingci se-KGB. Abanye babenqotshwe ukuhaha noma ukwesaba abantu; abanye babekade bengabafowethu abase bebazonda oFakazi. Iziphathimandla zaqala ukubasebenzisa, zizama ukwephula ubuqotho babathembekile. OFakazi ababekade bekhuthazelele ukuboshwa nokufukuza emakamu, báthi ukuhlukunyezwa ngabantu ababengabafowethu, abanye abase beyizihlubuki, kwakuphakathi kwezinto ezicindezela kakhulu ababeke babhekana nazo.
Izihlubuki eziningi zazivela eqenjini eliphikisayo okukhulunywe ngalo ngaphambili. Ekuqaleni, kuleli qembu kwakukhona nabathile ababemane nje bedidwe amanga e-KGB. Kodwa kulabo ababesekuleli qembu eliphikisayo ekupheleni kwawo-1960 kwakukhona nabaningana ababebonisa umoya omubi wesigaba senceku embi. Njengoba babengasinakanga isixwayiso sikaJesu, baqala “ukushaya izinceku ezikanye [nabo].”—Math. 24:48, 49.
Noma kunjalo, itulo lokudala uqhekeko phakathi kwabantu bakaNkulunkulu labhuntsha, naphezu kokucindezela okuqhubekayo kwe-KGB nezincelebane zayo. Ekuqaleni kwawo-1960 ngesikhathi abafowethu abathembekile beqala umsebenzi wokubuyisela ubunye enhlanganweni eMoldova, abafowethu abaningi bakhona babeseqenjini eliphikisayo. Kodwa ngo-1972, iningi lase libuyile selisebenzisana ngokwethembeka nenhlangano kaJehova.
Umshushisi Onokwazisa
Abathembekile ababesele eMoldova ngenkathi yamaKhomanisi baqhubeka ngokuzimisela nomsebenzi wokushumayela. Bafakaza ngokwethukela emalungwini omkhaya, kubangane, kwabafunda nabo esikoleni, nakwabasebenza nabo. Kodwa babeqaphile, kwazise izikhulu zezinhlangano eziningi eMoldova zazizinikele emfundisweni yamaKhomanisi. Noma kunjalo, akuwona wonke amaKhomanisi ayebazonda oFakazi BakaJehova.
USimeon Voloşanovschi uyakhumbula: “Amaphoyisa apequlula emzini wami athatha inqwaba yezincwadi, iphoyisa elikhulu lazibhala phansi lezi zincwadi. Kamuva labuya nephepha elalibhale kulo lathi angibheke ukuthi zibhalwe kahle zonke. Njengoba ngibheka leli phepha, ngabona ukuthi kukhona eyeqiwe—INqabayokulinda eyayikhuluma ngomkhaya nendlela yokwenza ukuphila kwasekhaya kube mnandi nakakhulu. Ngalibuza leli phoyisa. ‘Oh, ngigoduke nayo, safike sayifunda sonke ekhaya,’ liphendula linamahloni. Ngalibuza: ‘Nikuthandile-ke lokho enikufundile?’ Lathi: ‘Hhawu, akubuzwa! Sikuthande ngempela!’”
Ukuphikiswa Kuyancipha, Ukwanda Kuyaqhubeka
Phakathi nawo-1970, iziphathimandla zamaKhomanisi zawuyeka umkhuba wazo wokubopha nokudingisa abantu bakaJehova. Noma kunjalo, abafowethu babesaboshwa, baquliswe icala ngenxa yokushumayela noma ukuya emihlanganweni yobuKristu. Nokho, izigwebo zazingenzima.
Njengakwezinye izindawo, ngonyaka ka-1972 kwaqala ilungiselelo labadala eMoldova. UGheorghe Gorobeţ uyakhumbula: “Abafowethu balamukela ngentokozo enkulu leli lungiselelo elisha, balibheka njengobufakazi obengeziwe bokuthi umoya kaJehova uyasebenza. Ngaphandle kwalokho, ukwanda kwamadoda amisiwe kwasiza amabandla aseMoldova akhula ngokomoya futhi anda.”
Ngalesi sikhathi abafowethu base benolwazi olukhulu lokuhlela umsebenzi wokushumayela nokunyathelisa izincwadi zeBhayibheli ngasese. Ngesikhathi amaKhomanisi eqala ukucindezela abafowethu, izincwadi zazinyatheliswa ezindaweni ezimbili eMoldova, okwakusetshenzwa kuzo ebusuku kuphela phakathi neminyaka eminingi yoshushiso oluvuthayo. Ngakho izisebenzi kwakudingeka zibe nemisebenzi emibili—omunye owasemini, zenze imisebenzi evamile njengezinye izakhamuzi, omunye owasebusuku, zisebenze kuze kube sentathakusa zinyathelisela amabandla izincwadi.
Kodwa lesi simo sashintsha ngesikhathi ukuphikiswa nokugadwa kuncipha. Manje abafowethu base besebenza ngokuhleleka okukhudlwana ezindaweni zokunyathelisa futhi babela amavolontiya engeziwe ukuba enze lo msebenzi. Ngenxa yalokho, zanda izincwadi ezazinyatheliswa.
Abafowethu bathuthukisa nezindlela ababenyathelisa ngazo. Ngokwesibonelo, banyathelisa ngekhophi ekhethekile ababeyibhala ngomshini. Bashintsha nemishini yakwazi ukunyathelisa ngapha nangapha kwephepha ngesikhathi esisodwa. Konke lokhu kwazandisa nakakhulu izincwadi ezazinyatheliswa. Yayingasaphushwa nakuphushwa indaba yezincwadi zokutadisha iBhayibheli ezibhalwe ngesandla!
Njengokulindelekile, ukwanda kwezincwadi kwasho ukuthi abafowethu bangakwazi ukwenza isifundo seBhayibheli somuntu siqu kangcono. Lokhu, kanye nezindlela zokuxhumana ezase zithuthuke kakhulu, kwasiza kwaqeda zonke izinsalela ezazisekhona zokudideka kwangaphambili. Nokho, lokhu kwakungamabalengwe nje ezinto ezinhle nakakhulu ezazisazotholwa abantu bakaJehova eMoldova.
Ukukhulekela Kweqiniso Kuyachuma
Nakuba babunamandla kwezombusazwe nakwezempi ngezikhathi zabo, ubuKhomanisi bamaSoviet bahluleka ukuqeda ukukhulekela kweqiniso. Empeleni, engazi wona, ngohlelo lwawo lokudingisa, amaSoviet asiza ekusakazeni izindaba ezinhle kwezinye ‘zezingxenye ezikude kakhulu zomhlaba.’ (IzE. 1:8) Ngo-Isaya, uJehova wathembisa: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele . . . Leli yifa lezinceku zikaJehova, futhi ukulunga kwazo kuvela kimi.” (Isaya 54:17) Yeka indlela abe yiqiniso ngayo lawo mazwi!
Ukushintsha kukahulumeni ngo-1985 kwenza izinto zaba lula ngoFakazi BakaJehova eSoviet Union. Amaphoyisa omshoshaphansi ayengasabagadile futhi bengasahlawuliselwa ukuya emibuthanweni yenkolo. Nakuba abafowethu eMoldova babeqhubeka nemihlangano yabo evamile ngamaqembu amancane abantu abayishumi noma ngaphansi, baqala ukuthi uma kunemicimbi ekhethekile, njengemishado nemingcwabo, basale sebeqhuba imihlangano emincane yesifunda.
Kwathi ngehlobo lika-1989, umsebenzi wokushumayela wathola umfutho ngesikhathi kuba nemihlangano yezizwe emithathu emadolobheni asePoland, iChorzow (eduze kwaseKatowice), iPoznan neWarsaw. Kwafika inqwaba yabafowethu baseMoldova. Yeka indlela okwabathinta ngayo laba bafowethu abathembekile, ababejwayele ukuhlangana ngasese ngamaqembu amancane, ukuba phakathi kwezixuku zoFakazi abathokozile abavela kwamanye amazwe—bonke bekhulekela uJehova ndawonye!
Kwabuye kwaba nesinye isici esingokomoya esajabulisa abafowethu baseMoldova ngo-1991, ngesikhathi beqala ngqa ukuba nemihlangano yesifunda obala selokhu kwaqala umsebenzi kuleli zwe. Ngo-1992 kwaqopheka omunye umlando—kwaba nomhlangano wezizwe eSt. Petersburg, eRussia. Baningi nakakhulu abafowethu baseMoldova abaya kulo mhlangano kunalabo ababeye kwemithathu yasePoland ngo-1989. Yebo, uJehova wayevule amafasitela ezulu waqala ukuthululela izinceku zakhe eziqotho nezinokwazisa izibusiso phezu kwezinye.
Ukuqeqeshwa Kwababonisi Abajikelezayo
Inkululeko ethé xaxa yasho nokuxhumana njalo kwekomiti yezwe yaseSoviet Union nababonisi abajikelezayo. Ngo-December 1989 laba bafowethu abavuthiwe ngokomoya, ababengu-60, babuthana eLvov, e-Ukraine, bezofundiswa. Uma sikhumbula ukuthi bonke babeye bakhuthazelela ukuboshwa, ukufukuza emakamu, nezinye izinhlobo zoshushiso, yeka isikhathi esimnandi nesiqinisayo ababa naso kulelo kilasi! Empeleni, abaningi base bengabangane abakhulu vele kusukela ngalezo zikhathi ezinzima zangaphambili.
Ababonisi abajikelezayo abane kwababekulelo kilasi babevela eMoldova. Ekubuyeni kwabo, badlulisela emabandleni iseluleko esihle ababesithole eLvov, ikakhulukazi ngokuqondene nomsebenzi wokushumayela. Ngokwesibonelo, bakhuthaza abafowethu ukuba baqhubeke beshumayela iZwi likaNkulunkulu ngokuqapha, yize base bethole inkululeko. (Math. 10:16) Kungani kwakusadingeka baqaphe? Kungoba wawungakashaywa umthetho othi umsebenzi awusavinjelwe.
Isidingo Esiphuthumayo SamaHholo OMbuso
Selokhu umsebenzi wokushumayela waqalwa eMoldova, abafowethu babesibona isidingo sokuba namahholo abazohlangana kuwo. Empeleni, ngo-1922 abaFundi BeBhayibheli edolobhaneni laseCorjeuţi bakha ihholo ngezimali zabo. Lalibizwa ngokuthi indlu yemihlangano, futhi balisebenzisa iminyaka eminingi.
Ekupheleni kwawo-1980, ngesikhathi ukuphikiswa kuqala ukudamba, amadolobha amaningi amancane namakhulu ayenamabandla anabamemezeli abangamakhulu amaningana. Babehlanganela emizini yabafowethu ngamaqembu amancane. Sase sifikile-ke yini isikhathi sokuba bakhe amaHholo OMbuso? Ukuze bathole impendulo, abafowethu baya kokhuluma nabaphathi abahlukahlukene bamadolobha amancane.
Abanye balaba baphathi baba usizo olukhulu. Kwaba njalo eFeteşti, idolobhana elinabantu abangu-3 150 enyakatho yeMoldova. Ngo-January 1990, abafowethu balapha baxoxa nomphathi-dolobha, owabatshela ukuthi edolobheni lakhe umsebenzi wabo awunamingcele. Abafowethu abakukholwanga lokhu, kwazise babesaqaphile. Ngakho bacela imvume yokushintsha umuzi womunye umfowethu ukuze ibandla liwusebenzise njengeHholo LoMbuso elincane, yize lalinabamemezeli abangu-185!
Umphathi-dolobha wavuma, futhi abafowethu baqala ukushintsha lo muzi. Kodwa kungakabiphi bahlangabezana nengqinamba enkulu. Uma babezosusa udonga oluthile ukuze kuqhutshekwe nomsebenzi, cishe indlu yayizovuma phansi! Ngakho lo msebenzi wavele wama. Yini ababezoyenza? Banquma ukuphindela kumphathi-dolobha bayomenekela inkinga yabo. Abeve bajabula lapho ebavumela ukuba bakhe iHholo LoMbuso elisha sha! Leli bandla labe selikhwela phezu komsebenzi, lawuqeda ngezinsuku ezingu-27 kuphela.
Ukuze bonke banele kuleli Hholo LoMbuso elisha, iBandla LaseFeteşti lahlukaniswa. Kodwa abamemezeli abaningi ababesanda kuhlanganyela babengakabhapathizwa. Pho, kwakuzokwalani ukuthi mhla kunikezelwa ihholo, kube nenkulumo yobhapathizo? Yilokho kanye abakwenza abafowethu. Ngakho, ngemva kwenkulumo yobhapathizo, bonke behlela emfuleni oseduze, lapho abangu-80 babonisa khona ukuzinikezela kwabo kuJehova.
Maningi-ke nokho namanye amabandla ayewadinga ngokuphuthumayo amaHholo OMbuso. Njengoba ayezibona izithombe zamaHholo OMbuso ezincwadini, amanye amabandla anquma ukuthi angawakha afana nawo. Ngakho ahlanganisa imali, abonisana, aqala ukwakha. Nakwezinye izindawo kwaba yiso leso. Phakathi kuka-1990 no-1995, abafowethu bakha amaHholo OMbuso angaphezu kuka-30—wonke akhiwa abafowethu bendawo futhi yibona abakhipha imali.
AmaHholo OMbuso athile ayesetshenziselwa nemihlangano yesifunda. Kodwa kwakufika abantu abaningi kangangokuthi iningi labo lalisilalela lingaphandle isimiso. Abafowethu babe sebecabanga ukwakha iHholo LoMhlangano. Nalapha futhi abazange badebesele. Ngo-1992, ngezinyanga ezintathu nje, bakha iHholo LoMhlangano lokuqala eMoldova—isakhiwo esiseCorjeuţi esithatha abantu abangu-800. Ngonyaka olandelayo, oFakazi bakha iHholo LoMhlangano elithatha abangu-1 500 eFeteşti, naleli lakhiwa abafowethu balapha futhi yibona abakhipha imali.
La mahholo akhiwa ngesikhathi esihle ngoba maphakathi nawo-1990 ushintsho kwezombusazwe nokwehla kwezomnotho kwenza ukuba imali yaseMoldova iphelelwe amandla. Ngenxa yalokho, imali eyayidingeka ukuze kwakhiwe iHholo LoMbuso lize liphele ekuqaleni kwawo-1990 yayingasakwazi ngisho ukuthenga izihlalo zodwa lezi ngemva kweminyaka embalwa!
Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso ENingizimu
Ngokungafani namabandla asenyakatho yeMoldova, awaseningizimu ayenamaHholo OMbuso ambalwa. Ngakho, njengoba umsebenzi wawanda ngokushesha ngawo-1990, amabandla amaningi ayesanda kumiswa eningizimu ayenezinkinga zokuthola izindawo ezifanelekile zokuhlangana. Ayekade esebenzisa izikole, kodwa kwakuya kuba nzima ukuziqasha.
Ngenhlangano yakhe, uJehova waphinde wabasiza abafowethu. Ngesikhathi esifanele, iNdikimba Ebusayo, ngelungiselelo leSikhwama SamaHholo OMbuso, yakhipha izimali zokwakhiwa kwamaHholo OMbuso emazweni anjengeMoldova, lapho amabandla engenazimali ezitheni.
Abafowethu bazisebenzise kahle lezi zimali. IChisinau iyisibonelo esihle. Ngo-1999 kwakungekho nelokubika iHholo LoMbuso leli enhloko-dolobha. Kodwa ngo-July 2002, kwase kunamahholo ayishumi akhonza amabandla angu-30 kwakungu-37 akuleli dolobha, kanti kwakusakhiwa amanye amathathu.
Ekugcineni, Baqashelwa Ngokomthetho!
Ngo-August 27, 1991, iMoldova yaba izwe elizimele geqe. Ngenxa yokuthi umthetho wokuvala umsebenzi woFakazi BakaJehova wawushaywe amaSoviet, wawungasasebenzi. Noma kunjalo, oFakazi BakaJehova ababengaba ngu-4 000, babengabhalisiwe ngokomthetho njengenhlangano yenkolo.
Lapho selithole isiqondiso esiwusizo eNdikimbeni Ebusayo, ihhovisi laseMoldova laphuthuma eminyango efanele kahulumeni liyocela ukuba oFakazi BakaJehova baqashelwe ngokomthetho. Lo hulumeni omusha wasamukela leso sicelo. Kwathatha isikhathi andukuba amaphepha adingekile alunge, kodwa ekugcineni, ngo-July 27, 1994, ihhovisi lathola incwadi ethi sesibhaliswe ngokomthetho.
Abasoze balukhohlwa lolo suku oFakazi BakaJehova eMoldova! Ngemva kweminyaka engamashumi angaba yisithupha bekhuthazelela ukuvinjelwa, ukushushiswa nokuboshwa, manje base bengakhulekela uJehova futhi bashumayele izindaba ezinhle ngenkululeko. Base bengaqala nokuba nemihlangano yesigodi. Nangempela ngo-August 1994, ngemva kwenyanga beqashelwe ngokomthetho, oFakazi BakaJehova babuthana enkundleni enkulu kunazo zonke eChisinau baba nomhlangano wesigodi wokuqala ngqa eMoldova. Yeka isikhathi esimnandi ababa naso!
Ukukhula KweBethel
Ngo-1995 abamemezeli boMbuso base bande badlula ku-10 000. Ihhovisi elincane eChisinau lalinakekela imisebenzi ethile eMoldova, kodwa yihhovisi legatsha laseRussia—elaliqhele ngamakhilomitha angu-2 000—elalengamele wonke umsebenzi. Igatsha laseRomania lona laliqhele ngamakhilomitha angu-500 kuphela, futhi abantu abaningi baseMoldova bayasikhuluma isiRomania. Eqinisweni, isiRomania senziwa saba ulimi olusemthethweni kuleli zwe. Ngakho ngemva kokucabangisisa, iNdikimba Ebusayo yatusa ukuba igatsha laseRomania kube yilona elengamela umsebenzi eMoldova.
Ukwanda okuqhubekayo nako kwaqala ukulixaka ihhovisi laseChisinau, elaliyigumbi nje elincane. Kwahlaluka ukuthi kwase kuyisikhathi sokuba kube nomkhaya waseBethel. Phakathi kwamalungu okuqala kwakuno-Ion no-Iulia Rusu. UMfoweth’ uRusu wayekade engumbambeli wombonisi wesifunda kusukela ngo-1991 kuya ku-1994. Elinye ilungu lomkhaya waseBethel kwakunguGheorghe Gorobeţ, owayengumbonisi wesigodi kwaze kwaba yilapho eseshintshelwa kulesi sabelo esisha. Wayehlala ngaphandle, eza eBethel zonke izinsuku. UGuenther noRosaria Matzura, abaphothula ekilasini lika-67 laseGileyadi, bafika ngo-May 1, 1996, ngemva kokukhonza iminyaka eminingi eRomania.
Njengoba inani labamemezeli laliqhubeka landa, sanda nesidingo sezisebenzi zaseBethel ezengeziwe. Kodwa indawo yayincane. Kanti okunye ukuthi ngo-1998 izisebenzi zaseBethel YaseMoldova zazihlala ezakhiweni ezinhlanu ezihlukene edolobheni! Yingakho kwaqalwa kwafunwa isiza esikahle sokwakha isakhiwo saseBethel esisodwa. Ngomusa, iziphathimandla zikahulumeni eChisinau zathi abafowethu bangayithola indawo engamamitha-skwele angu-3 000 enkabeni yedolobha, bavumela phezulu abafowethu. Becabanga ukuthi kungase kudingeke sibuye sinwetshwe, bathenga nendawo encikene naleyo.
Kwaqashwa inkampane eyayizokwakha izindonga nophahla. Okunye kwenziwa yizisebenzi zokuzithandela zakwamanye amazwe nabafowethu nodade balapha. Isakhiwo saqalwa ngo-September 1998, kwathi ngemva nje kwezinyanga ezingu-14, umkhaya waseBethel owawujabule wathuthela ekhaya lawo elisha, uthokoziswa ukuthi usuzohlala ndawonye ekugcineni.
Isimiso sokunikezela isakhiwo esisha seBethel sasingo-September 16, 2000. Kwafika izivakashi ezivela emazweni angu-11. Ngakusasa, uGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo wakhuluma nezilaleli ezingaphezu kuka-10 000 enkundleni yemidlalo yalapha. Bonke ababekhona basizwa isibopho sothando olufudumele esihlanganisa abantu bakaJehova emhlabeni jikelele.
Umkhaya waseBethel YaseMoldova unamalungu angu-26. Amanye, njengoDavid noMiriam Grozescu, basuka phesheya bazoba izikhonzi zaseBethel ezivela kwamanye amazwe. Amanye, njengo-Enno Schlenzig, baya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo ezweni lakubo, base bamukela isabelo saseMoldova. Ngakho, yize umkhaya waseBethel umncane, unezizwe eziningi.
Kuqeqeshwa Abavuni
Phakathi namashumi eminyaka yokuvinjelwa nokushushiswa, abantu bakaJehova eMoldova babexoxela abanye izindaba ezinhle ngokuqapha nangokwethukela. Kodwa manje sase sifikile isikhathi sokuba bawenze obala umsebenzi wendlu ngendlu nowasemgwaqweni. Abafowethu balalela, bazenza lezi zici zenkonzo, isici ababesikhonze kakhulu kwakuwukufakaza emgwaqweni. Kodwa njengoba abamemezeli babanda, kwadingeka ukulinganisela. Ngakho amabandla akhuthazwa ukuba agxile emsebenzini wendlu ngendlu, okuyinto ayenza ngokwethembeka.
Abamemezeli baqala ukubona indlela omakhelwane babo ababekulambele ngayo ukudla okungokomoya kwangempela, into ababengakaze bayibone. Ukuze babasize, inhlangano kaJehova yenza indlela yokuba amabandla athole INqabayokulinda ne-Phaphama! nezinye izincwadi zeBhayibheli ngesiRomania nesiRussia. Ngaso leso sikhathi, abamemezeli bazikhandla ukuze bathuthukise izinga lenkonzo yabo ngokusebenzisa izintshumayelo ezisikiselwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bakusebenzisa ngokunenzuzo nokuqeqeshwa ababeqhubeka bekuthola eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
Olunye usizo, ikakhulukazi ezindabeni zokuhlela umsebenzi, luvele kubazalwane abavuthiwe nabanolwazi bakwamanye amazwe. Kuhle kwezigxobo eziphase imivini ethelayo, laba basizi bakwamanye amazwe abanekhono nabazimisele ukusiza baye basekela amabandla futhi bawenza aqina.
Inkathi Yokwanda Okusheshayo
Ukwanda okusheshayo kwabafundi eMoldova kubonakala kahle enhloko-dolobha, iChisinau, enabantu abangu-662 000. Ngo-January 1991, ngaphambi kokuba oFakazi BakaJehova baqashelwe ngokomthetho, eChisinau kwakunamabandla amabili nje vo, anabamemezeli abangaba ngu-350. Kodwa ngo-January 2003, lelo nani lase likhuphuke lafika emabandleni angu-37 anabamemezeli abangaphezu kuka-3 870! Kwelinye ibandla abafundi beBhayibheli abangu-101 baqala ukuphuma insimu phakathi nezinyanga ezingu-9 nje kuphela! Njengoba ukwanda kushesha kanjalo, kuvamile ukuba amabandla asemadolobheni ahlukaniswe ngemva kweminyaka emibili noma ngaphezudlwana.
Ngo-August 1993, kwakunabamemezeli abangu-6 551 eMoldova. Kodwa ngo-March 2002, base befike ku-18 425—banda ngamaphesenti angu-280 ngeminyaka engu-9! Phakathi naso leso sikhathi, amaphayona avamile anda asuka ku-28 aya ku-1 232.
Owayeyiphini Lomphathi-dolobha Useyiphayona
Kulabo abaye bafunda ngoJehova kukhona nabaningi ababengamaKhomanisi, abanye ababenezikhundla kwezombusazwe. Omunye wabo uValeriu Mârza, owayeyiphini lomphathi-dolobha waseSoroca, idolobha elinabantu abangaba ngu-39 000. Kwakuthi uma kunemibukiso ngemicimbi ekhethekile, uValeriu abe phakathi kwezitatanyiswa ezihlala le phezulu zishayelwe indesheni abantu abadlulayo. Ngakho wayaziwa impela kuleli dolobha.
Ngokuhamba kwesikhathi uValeriu waqala ukufunda iBhayibheli futhi wabhapathizwa. Abantu babethini uma ebashumayeza? “Cishe bonke babethi angingene endlini,” kusho uMfoweth’ uMârza. “Ngangithola amathuba amahle kanjani nje okushumayela, futhi mina nomkami sathola ukuthi idolobha lakithi alive lithela!” Akuphelanga sikhathi, uMfoweth’ uMârza wamiswa njengephayona elikhethekile. Yena nomkakhe bákhonza naseBethel unyaka owodwa. Manje banelungelo lokujikeleza.
Amaphayona Ayasiza
Inani labantu okumelwe ummemezeli abashumayeze eMoldova lingelinye lamancane kakhulu eYurophu. Noma kunjalo, abakabi khona oFakazi emaphandleni nasemadolobheni amancane amaningi. Ngenxa yezimo zomnotho ezinzima, abamemezeli abaningi namaphayona abakwazi ukukhonza lapho indingeko inkulu khona. Ukuze liqiniseke ukuthi abantu bayazithola izindaba ezinhle kuyo yonke insimu, igatsha laseRomania selimise amaphayona akhethekile acela ku-50 eMoldova. Angaphezu kuka-20 kulawa abuye asizwa nawukuqeqeshwa eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo, esiqhutshwe eRomania, eRussia nase-Ukraine.
Laba bavangeli abakhuthele bathola imiphumela emihle kakhulu. Ngokwesibonelo, ngesikhathi umbhangqwana ongamaphayona akhethekile uSerghei no-Oxana Zighel babelwe eCăuşeni ngo-1995, kwakuneqembu elilodwa vo elinabamemezeli abangu-15. AbakwaZighel basiza abafowethu balapha ekuqaleni izifundo zeBhayibheli eziningi ezintsha. Babonisa nokuthi ukuphayona kuyabajabulisa, abaningi base beyabajoyina enkonzweni yesikhathi esigcwele. Manje eCăuşeni kunamabandla amabili anabamemezeli abangaba ngu-155—ukwanda okuphindwe kayishumi ngeminyaka eyisikhombisa nje kuphela! AbakwaZighel sebeyajikeleza, okubenza bakwazi ukusiza amabandla amaningi nakakhulu.
Inkululeko—Kodwa Ihambisana Nobunzima
Ukubusa komuntu, noma ngabe kunhloboni, kunezinkinga. Ngaphansi kokubusa kwamakhosi ohlanga aseRomania, ubushiqela bamaFascist, nobuKhomanisi, abantu bakaJehova eMoldova kwadingeka babhekane nokuphikisa kwabefundisi, ukuvinjelwa, ukushushiswa nokudingiswa. Manje, oFakazi BakaJehova, njengomakhelwane babo, kudingeka babhekane nezinkinga zomnotho, okungenza bobabili abazali kudingeke bayosebenza. Abanye abawutholi kwawona nje umsebenzi.
Kuwo lowo mnyama, ubugebengu nokukhohlakala kuthé bhe njengoba kwanda ukuthanda izinto ezibonakalayo nokuphelelwa isimilo. Abantu bakaJehova banganqoba yini naphezu kwalezi zinto ezisongela ingokomoya labo isinyenyela? Yebo banganqoba! Babone kokwenzeke kubo ukuthi uJehova akabashiyi nanini abaqotho bakhe, abathembela kuye lapho behlangabezana novivinyo nezilingo.—2 Thim. 3:1-5; Jak. 1:2-4.
Isimo samanje sisikhumbuza isahluko 14 sesAmbulo, esikhuluma ngezivuno ezimbili ezingokomfanekiso. Esinye ‘singumvini womhlaba’—isivuno esibi esikhephuzelayo kulezi zinsuku zokugcina. (IsAm. 14:17-20; IHu. 92:7) Maduze nje lo “mvini,” kanye nazo zonke izithelo zawo ezibolile, uzosishulwa uphonswe “esikhamweni sewayini esikhulu sentukuthelo kaNkulunkulu.” Izinceku zikaJehova zisibheke ngabomvu leso sikhathi!
Okwamanje, amaKristu agcotshiwe nabangane bawo bajatshuliswa ukuchuma kwabo ngokomoya. Yebo, “isivini” sikaJehova “sewayini elinengwebu” sizoqhubeka sithela inala yokudla okungokomoya okunomsoco, sihehele abanjengezimvu ezithelweni zaso eziningi. Kungani abantu bakaNkulunkulu bengaqiniseka ngalokhu? Kungoba uJehova ngokwakhe uyasilonda isivini sakhe esiyigugu. (Isaya 27:2-4) Yeka indlela okubonakale kuyiqiniso ngayo lokhu eMoldova! Kuyavunywa, amaqhinga kaSathane—kungaba ushushiso, ukudingisa, inkulumo-ze engamanga, noma abafowethu bamanga—kuye kwabathwalisa kanzima abantu bakaNkulunkulu kodwa akuzange kubabulale ngokomoya.—Isaya 54:17.
Ngempela, “uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila uJehova awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.” (Jak. 1:12) Ucabanga ngala mazwi amnandi, sengathi umlando woFakazi BakaJehova eMoldova ungakushukumisela ekubeni ‘uqhubeke uthanda’ uJehova, ‘uqhubeke ukhuthazelela ukulingwa,’ futhi ‘uqhubeke uthela izithelo eziningi.’—Joh. 15:8.
[Umbhalo waphansi]
a Ngaphandle kwalapho kudingekile ngenxa yomongo, kuzosetshenziswa elithi Moldova esikhundleni selithi Bessarabia nelithi Moldavia. Kodwa khumbula ukuthi imingcele yamanje yeMoldova ayisafani neyeBessarabia neMoldavia yakuqala. Ngokwesibonelo, ingxenye ethile yeBessarabia manje isingaphakathi kwe-Ukraine, kanti ingxenye ethile yeMoldavia isiseRomania.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 71]
Indawo Ekhiqizela IRussia NeMpumalanga Yurophu Iwayini
Ngenxa yokuthi ihlobo laseMoldova liyadonsa kanti nenhlabathi yakhona ivundile, leli zwe liyakufanelekela ukukhiqiza iwayini—umsebenzi owaqala ezinkulungwaneni zeminyaka edlule. Ekupheleni kwekhulu lesithathu B.C.E., ukwenziwa kwewayini kwachuma nakakhulu ngesikhathi abantu balapha bakha ubungane namaGreki, futhi ngasekupheleni kwekhulu lesibili C.E., bakha ubungane namaRoma.
Namuhla, iwayini elenziwa lapha yilona elingenisa imali kakhulu eMoldova, njengoba kunezindawo zokwenza iwayini ezicela ku-130 ezikhiqiza amalitha afika ezigidini ezingu-140 ngonyaka. Iwayini elicishe libe amaphesenti angu-90 lithunyelwa kwamanye amazwe, ikakhulukazi eRussia, e-oda elingamaphesenti angu-80, nase-Ukraine, e-oda elingamaphesenti angu-7.
[Ibhokisi ekhasini 72]
Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeMoldova
Izwe: IMoldova emaphakathi nesenyakatho iyindawo enamahlathi, izinkangala namathafa enile. Eningizimu kuvame amaqele atshaliwe.
Abantu: Abantu ababili kwabathathu eMoldova bangabendabuko. Bese kuthi abanye abaningi kube abaseRussia, abase-Ukraine, amaGagauz, abaseBulgaria namaJuda. Abantu abaningi baseMoldova basonta eSontweni Lobu-Orthodox BaseMpumalanga.
Ulimi: IsiRomania siwulimi olusemthethweni. Abantu abaningi bayasikhuluma nesiRussia, ikakhulu emadolobheni, okwenza kube yinto evamile ukukhuluma izilimi ezimbili.
Indlela yokuziphilisa: Ukulima, ukugaya nokulondoloza ukudla okugayiwe yikona okungenisa imali kakhulu. Izimboni ezikhiqiza izimpahla zona zisafufusa.
Ukudla: Izitshalo zihlanganisa amagilebhisi, ukolweni, ummbila, i-sugar beet, nojikanelanga. Kufuywe kakhulu izinkomo zenyama nezobisi nezingulube.
Isimo sezulu: Izinga lokushisa lisuka ku-4°C ngaphansi kwezinga-qhwa ngo-January lize lifike ku-21°C ngo-July. Kuyashisa lapha kanti ebusika akubandi kangako. Isilinganiso semvula ena njalo ngonyaka singamasentimitha angu-50.
[Ibhokisi ekhasini 83-85]
Izibonelo Ezivelele Zokungathathi Hlangothi KobuKristu
UGeorge Vacarciuc: UMfoweth’ uVacarciuc wakhuliswa enguFakazi KaJehova. Ngo-December 1942 iziphathimandla ezingamaFascist zambiza zathi akangenele umbutho wezempi. Wenqaba, wabe esevalelwa esitokisini esimnyama bhuqe izinsuku ezingu-16 engenakudla okutheni. Iziphathimandla zaphinde zathi akangenele ezempi, zamthembisa ukuthi zizosesula isigwebo sakhe—isigwebo ayengakatshelwa sona—uma evuma ukuyokulwa. Waphinde wenqaba.
Ngenxa yalokho uGeorge wagwetshwa iminyaka engu-25 ejele. Kodwa akasidonsanga leso sikhathi, wadedelwa ngesikhathi kufika amasosha aseSoviet ngo-September 25, 1944. Nokho, zingakapheli izinyanga ezimbili, amaSoviet azama ukumbuthela empini. Ngenxa yokuthi wenqaba ukuphikisa unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli, wagwetshwa iminyaka eyishumi emakamu ahlukahlukene ababesetshenziswa ngempoqo kuwo. Kwaze kwaphela izinyanga ezingu-12 abakubo bengezwa lutho ngaye. Ngemva kokudonsa iminyaka emihlanu, uMfoweth’ uVacarciuc wadedelwa ngo-December 5, 1949. Waphindela ekhaya eCorjeuţi futhi waqhubeka ethembekile waze washona ngo-March 12, 1980.
UParfin Goreacioc: UMfoweth’ uGoreacioc wazalwa ngo-1900 futhi walithola edolobhaneni laseHlina iqiniso leBhayibheli phakathi no-1925 kuya ku-1927. Yena nabafowabo, uNicolae no-Ion, bafundelwa uDamian no-Alexandru Roşu, abaFundi BeBhayibheli bokuqala kuleli dolobhana.
Ngo-1933, uParfin, kanye nabanye oFakazi, waboshwa wayiswa edolobhaneni laseKhotin lapho aphonswa khona imibuzo wabe esehlawuliselwa ukushumayela. Ngenxa yokushoshozela kompristi wakuleli dolobhana, ngo-1939 uParfin wayiswa esiteshini samaphoyisa edolobhaneni eliseduze laseGhilavăţ. Amaphoyisa afike ambophela embhedeni wamapulangwe ongenamatilasi ambhekisa phansi abe esembhaxabula ephindelela ematheni onyawo.
Lapho sekubusa umbuso wamaFascist, uParfin waphinde waboshwa wavalelwa ejele. Kodwa ngawo lowo nyaka amaSoviet amdedela, nokho abuye ambopha ngoba enqaba ukuyokulwa. Amgquma ejele laseChisinau izinyanga eziningana abe esemdedela.
Ngo-1947 amaSoviet aphinde ambopha uParfin, amgweba iminyaka engu-8 edingisiwe ngoba eshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngo-1951 izingane zakhe zadingiselwa eSiberia. Kodwa azizange zitholane noyise. Eqinisweni, aziphindanga zambona. UParfin wahlatshwa ukugula okubi kabi ngesikhathi esekudingisweni futhi kwamenela ngo-1953, ethembeke kwaze kwaba sekugcineni.
UVasile Pădureţ: UMfoweth’ uPădureţ wazalwa ngo-1920 eCorjeuţi, futhi iqiniso walithola ngo-1941 ngesikhathi kubusa amaFascist. Ngenxa yalokho, naye wahlupheka ngesikhathi kubusa amaFascist namaSoviet. Ngesibindi wathi kumaSoviet: “Angizange ngiwadubule amaBolshevik, futhi ngeke ngiwabulale namaFascist.”
Ngenxa yesinqumo sakhe esisekelwe eBhayibhelini, uVasile wagwetshwa iminyaka eyishumi ekamu laseSoviet okufukuzwa kulo. Nokho, lesi sigwebo sancishiswa saba iminyaka emihlanu, futhi wabuyela ekhaya ngo-August 5, 1949. Lapho eboshwa okwesithathu, wawusuqalile umkhankaso owawubizwa ngokuthi i-Operation North. Ngakho ngo-April 1, 1951, uVasile nomkhaya wakhe bangena enqoleni yesitimela baya eSiberia. Ngemva kweminyaka emihlanu belapho, bavunyelwa ukuba baphindele eCorjeuţi, eMoldova. UVasile washona ethembekile kuJehova ngo-July 6, 2002, ngesikhathi kusabhalwa lo mbiko.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 89, 90]
‘Noma Benginganikwani, Bengingeke Ngiyiyeke Inkonzo Yami’
U-Ion Sava Ursoi
Unyaka azalwa ngawo: 1920
Abhapathizwa ngawo: 1943
Umlando wakhe omfushane: Wakhonza njengombonisi wesifunda ngenkathi yamaKhomanisi.
Ngazalelwa eCaracuşeni, eMoldova, futhi iqiniso ngalithola ngaphambi kokuqala kweMpi Yezwe II. Umkami washona ngo-1942. Emngcwabeni wakhe ngajahwa isixuku sabantu emathuneni. Isizathu? Ngoba ngase ngiyishintshile inkolo engangikuyo. Kamuva ngalowo nyaka, uhulumeni wamaFascist wazama ukungibuthela empini. Ngenxa yesifiso sami sokuhlala ngingathathi hlangothi kwezombusazwe, ngenqaba ukungenela ezempi. Ngathola isigwebo sentambo, kodwa ngemva kwesikhathi leso sigwebo sancishiswa saba iminyaka engu-25 ejele. Ngangisuswa kuleli kamu ngiyiswe kwelinye. Ngesikhathi ngiboshwe eCraiova, eRomania, kwafika amasosha amaSoviet asidedela.
Akuphelanga sikhathi ngidedelwe, amaKhomanisi angibuyisela ejele. Angithumela eKalinin, eRussia. Ngemva kweminyaka emibili, ngo-1946, angidedela ngabuyela edolobhaneni lasekhaya, ngafike ngasiza ekuhleleni kabusha umsebenzi wokushumayela. Kwathi ngo-1951, amaSoviet aphinde angibopha. Manje abe esengidingisela eSiberia kanye nabanye oFakazi abaningi. Ngaze ngabuyela ekhaya ngo-1969.
Uma ngicabanga ngokwenzekile ekuphileni kwami, ziningi izikhathi engizikhumbulayo uJehova anginikeza ngazo amandla okuhlala ngithembekile. Noma benginganikwani emhlabeni, bengingeke ngiyiyeke inkonzo engiyenzela uMdali. Manje ngihlushwa izinkinga zokuguga nempilo engeyinhle. Kodwa ithemba eliqinisekile lokuphila ezweni elisha, lapho ngiyophinde ngibe ingqabavu khona, liqinisa ukuzimisela kwami ‘ukungayeki ukwenza okuhle.’—Gal. 6:9.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 100-102]
Kuningi Okungenza Ngicule
U-Alexandra Cordon
Unyaka azalwa ngawo: 1929
Abhapathizwa ngawo: 1957
Umlando wakhe omfushane: Wahlupheka ngaphansi kokubusa kweSoviet futhi manje ungummemezeli ebandleni.
Ukuthanda kwami ukucula kwangisiza ukuba ngithole iqiniso, futhi kamuva ngihlale ngiqinile ngokomoya ngesikhathi ukholo lwami luvivinywa. Indaba yami iqala ngawo-1940 ngiseyintombazane, lapho ngitholana neqembu lentsha eyayithanda ukucula izingoma zoMbuso futhi ixoxe ngeBhayibheli eCorjeuţi. Amaqiniso angokomoya engawafunda kulezo zingxoxo nakulezo zingoma agxila kakhulu kimi.
Ngokushesha ngaba ummemezeli wezindaba ezinhle. Lokhu kwenza ukuba ngiboshwe ngo-1953 kanye nabanye oFakazi abayishumi. Ngesikhathi sisalinde ukuqulwa kwecala, ngavalelwa ejele laseChisinau. Ngazigcina ngiqinile ngokomoya ngokucula izingoma zoMbuso, okwamcasula omunye wabaqaphi bethu. Wathi: “Usejele la. Akuyona indawo yokucula le!”
Ngaphendula: “Selokhu ngazalwa ngiyacula mina. Kungani kufanele ngiyeke manje? Ungangibopha ukungibopha kodwa ngeke ungibophe umlomo. Inhliziyo yami ikhululekile futhi ngiyamthanda uJehova. Ngakho kuningi okungenza ngicule.”
Ngagwetshwa iminyaka engu-25 ekamu okufukuzwa kulo e-Inta, eduze kwe-Arctic Circle. Ngezinyanga zasehlobo elisheshe liphele, mina nabanye oFakazi sasisebenza emahlathini aseduze. Nalapha futhi sasizwa yizingoma zoMbuso, eziningi esasizazi ngekhanda, ukuba sihlale siqinile ngokomoya futhi sikhululeke enhliziyweni. Ngaphezu kwalokho, abaqaphi bethu, ngokungafani nalo waseChisinau, babesikhuthaza ukuba sicule.
Ngahlala ekamu lase-Inta iminyaka emithathu, izinyanga ezintathu nezinsuku ezintathu. Ngabe sengithola ushwele, ngadedelwa. Ngenxa yokuthi ngangingakavunyelwa ukuya ekhaya eMoldova, ngaya eTomsk, eRussia. Kulapho ngaphinde ngahlangana khona nomyeni wami, naye owayehlale isikhathi ejele. Kwase kuyiminyaka emine sagcinana.
Ngenxa yokuthi ngangiboshiwe, ngangingakakubonakalisi ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Ngakho ngabuza abafowethu baseTomsk ngale ndaba. Ngenxa yokuthi baningana nabanye ababefuna ukubhapathizwa, abafowethu basheshe bahlela ukuba kube nobhapathizo. Nokho, ngenxa yokuvinjelwa banquma ukuba lube sebusuku echibini elisehlathini eliseduze.
Ngesikhathi esasimisiwe, saphuma emaphethelweni eTomsk saya ehlathini, sihamba ngababili ukuze kungasolisi. Kwakufanele silandelane ngababili size sifike echibini siphephile. Yilokho okwakuhleliwe. Ngeshwa, odade ababili asebekhulile ababephambi kwethu baduka. Sabalandela, nalabo ababengemuva kwethu basilandela. Sonke njengoba sase siyishumi sazithola sesidukuza ebumnyameni, simanzi te ngenxa yesinindolo futhi siqhaqhazela. Kwakwaziwa ukuthi amabhere nezimpisi ziye zizulazule lapha, ngakho kwaba sengathi siyazibona. Sasethuka izanya.
Ngiqaphela ukuthi kwakubaluleke kangakanani ukungatatazeli noma ukungapheli amandla, ngasikisela ukuba sime sicule ingoma yoMbuso ngekhwela, ngethemba lokuthi abanye bazosizwa. Futhi sathandaza ngobuqotho. Ngakho cabanga ukuthi sajabula kanjani lapho sizwa yona leyo ngoma yoMbuso iculwa ngekhwela ebumnyameni! Yebo, abafowethu babesizwile! Bakhanyisa ithoshi ngokushesha ukuze siye kubo. Akuphelanga sikhathi, sabe sesicwiliswa emanzini abanda qa, ngendlela esasijabule ngayo asikuzwanga nokubanda lokho.
Manje ngineminyaka engu-74 ubudala, sengibuyele eCorjeuţi, lapho ngathola khona iqiniso. Yize sengikhulile, kusekuningi okungenza ngicule, ikakhulukazi ekudumiseni uBaba wethu wasezulwini.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 104-106]
Ngazama Ukulandela Isibonelo Sabazali Bami
UVasile Ursu
Unyaka azalwa ngawo: 1927
Abhapathizwa ngawo: 1941
Umlando wakhe omfushane: Waba inceku yebandla futhi wasebenza ekukhiqizweni kwezincwadi ngomshoshaphansi.
Abazali bami, uSimeon noMaria Ursu, babhapathizwa ngo-1929. Ngangiyizibulo ezinganeni zabo ezinhlanu. Ngesikhathi samaFascist, ubaba nomama baboshwa futhi bagwetshwa iminyaka engu-25 yokusetshenziswa ngempoqo ngenxa yokungathathi hlangothi. Abafowethu nodadewethu abangokomoya basebandleni laseCorjeuţi, idolobhana eliseduze, babesigada futhi benakekela nepulazi lakithi. Ngakho sasihlale sinakho okuya ngasethunjini. Ugogo wethu owayesemdala, owayengahlanganyeli, naye wayesinakekela. Ngangineminyaka engu-14 ubudala ngaleso sikhathi.
Ngenxa yesibonelo esihle sabazali bami, ngazikhandla ngempela ekunakekeleni izingane zakwethu ngokomoya. Ukuze ngenze lokho, ngangizivusa njalo ekuseni sixoxe ngengxenye ethile yezincwadi zethu zeBhayibheli. Zazingathandi ukuvuka kodwa ngangingazincengi. Ngangibona ukuthi kubalulekile ukuba nemikhuba emihle yokutadisha. Ngenxa yalokho, lapho abazali bethu besheshe badedelwa futhi bebuya ngo-1944, bajabula ukubona indlela esasiphila ngayo ngokomoya. Kwakungeve kumnandi ngesikhathi sihlangana! Kodwa injabulo yethu yasheshe yaphela.
Ngonyaka olandelayo amaSoviet abopha ubaba amvalela ejele eNorilsk, eSiberia, ngenhla kwe-Arctic Circle. Eminyakeni emithathu kamuva, ngashada no-Emilia, udade ophapheme nozikhathalelayo izinto ezingokomoya. Sasikhule ndawonye, ngakho ngangimazi kahle. Kodwa kwathi kusaphele unyaka nje sishadile, mina nomama saboshwa. Sayiswa eChisinau, lapho sagwetshwa khona iminyaka engu-25 yokusetshenziswa ngempoqo. U-Emilia wazinakekela ngothando izingane zakwethu, ezazingasenabazali nabhuti.
Ekugcineni, ngayiswa ezimayini zamalahle eVorkuta, ikamu okufukuzwa kulo elinedumela elibi enyakatho ye-Arctic Circle. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-1951, u-Emilia nabafowethu abathathu nodadewethu badingiselwa eTomsk, entshonalanga yeSiberia. Ngo-1955 u-Emilia wacela ukushintshelwa eVorkuta ukuze abe nami. Ngesikhathi elapho wabeletha izibulo lethu ezinganeni ezintathu, intombazane esayiqamba ngokuthi uTamara.
Ngo-September 1957 kwamenyezelwa ushwele, sabe sesikhululwa. Kodwa kwadlula inyanga eyodwa ngaphinde ngaboshwa. Manje ngagwetshwa iminyaka engu-7 ekamu okufukuzwa kulo eMordvinia, eduze kwaseSaransk, eRussia. Baningi abanye abafowethu ababeboshwe lapho futhi baningi ababesazofika. Lapho omkethu besivakashele, njalo nje babeshushumbisa izincwadi futhi sasikwazisa kakhulu lokho. Ngo-December 1957, u-Emilia wathuthela eKurgan, entshonalanga yeSiberia, ukuze anakekele indodakazi yethu, uTamara, eyayikade ihlala nomukhwe nomkhwekazi wami. Ngenxa yalokho, kwaphela iminyaka engu-7 mina no-Emilia singabonani. Noma kunjalo, lena ukuphela kwendlela esasingavimbela ngayo ukuba uTamara ayiswe endaweni kaHulumeni yokunakekela izingane.
Ngo-1964 ngadedelwa kodwa angangavunyelwa ukuba ngibuyele ekhaya eMoldova. Yize ngangisabekelwe imingcele ekutheni ngiya kuphi, ngakwazi ukuya kumkami nendodakazi yethu eKurgan, lapho ngaba khona umqhubi wesifundo sencwadi ebandleni. Ngo-1969, sathuthela eKrasnodar, eCaucasus. Ngemva kokukhonza lapho iminyaka engu-8, sathuthela eChirchik, e-Uzbekistan. Lapho, ngasebenza ekunyathelisweni kwezincwadi ngomshoshaphansi. Ekugcineni, ngo-1984 savunyelwa ukuba siphindele eMoldova. Sahlala eTighina, idolobha elinezakhamuzi ezingu-160 000 nabamemezeli abangu-18 kuphela. Kule minyaka edlule, leli qembu elincane liye lakhula laba amabandla angu-9 anabamemezeli ababalelwa enkulungwaneni namaphayona.
Ngiyazisola yini ngeminyaka eminingi engayihlala emakamu okufukuzwa kuwo nasemajele ngenxa yeNkosi? Phinde! Mina ngangibona impikiswano isobala, ngisho nalapho ngiseneminyaka engu-14 ubudala futhi ngisanda kubhapathizwa: kuphakathi kokuthi uthanda uNkulunkulu noma uthanda izwe! Njengoba ngase ngenze isinqumo sokukhonza uJehova, angizange ngicabange ukuyeka.—Jak. 4:4.
[Izithombe]
Nganeno: UVasile Ursu
Kwesobunxele: UVasile nomkakhe u-Emilia nendodakazi yabo uTamara
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 108-110]
Umfanyana Oweza Nembali Wangifinyelela Inhliziyo
UValentina Cojocaru
Unyaka azalwa ngawo: 1952
Abhapathizwa ngawo: 1997
Umlando wakhe omfushane: Wayenguthisha ngaphansi kokubusa kwamaSoviet, efundisa nokuthi uNkulunkulu akekho.
Ngo-1978, ngangifundisa enkulisa eFeteşti, eMoldova. Ngangikholelwa nokuthi uNkulunkulu akekho. Lapho sinomhlangano wothisha, sayalwa ukuba sigxile kakhulu ezinganeni ezingoFakazi BakaJehova sizifundise ukuthi uNkulunkulu akekho. Ngacabanga ukuthi umbono omuhle impela lo. Ngakho ngazama ukucabanga izindlela zokufinyelela izinhliziyo zezingane zami ezingoFakazi. Ngafikelwa umqondo engangicabanga ukuthi yiwonawona.
Ngacela ikilasi ukuba lenze izingadi ezimbili zezimbali. Kwenye, izingane zazizotshala izimbali, zizinisele futhi zihlakule. Kodwa kwakungafanele ziyithinte le enye. Ngazitshela ukuthi ekaNkulunkulu. Nguye ozoyinakekela. Ikilasi lasamukela ngomdlandla lesi sabelo. Nangempela, ngesikhathi izingane zitshala, zinisela futhi zihlakula ingadi yazo, “ingadi encane kaNkulunkulu” yamila ukhula.
Kwase kuthi ngelinye ilanga libalele ngabiza lonke ikilasi leza phambi kwalezi zingadi ezimbili. Ngalincoma ngemizamo emihle eliyenzile, ngabe sengiqala inkulumo yami engangiyicabange kahle. “Niqaphelile ukuthi uNkulunkulu akenzanga lutho engadini yakhe?” ngibuza. “Niyabona ukuthi kusobala kanjani ukuthi le ngadi ayinamnikazi?”
Izingane zavuma ukuthi impela kubonakala kanjalo. Ngabe sengisho iphuzu elinamandla: “Niyabona, bantwana, le ngadi injena nje ngoba uNkulunkulu usezingqondweni zabantu kuphela. Ngakho uma uNkulunkulu engekho ngempela, angazinakekela kanjani izimbali nanoma yini-ke nje enye?”
Ngesikhathi ngikhuluma, ngangizibhekile izingane ngifuna ukubona ukuthi zisabela kanjani. Ngabona umfanyana othile, abazali bakhe ababengoFakazi, eqala ukuswaca. Ekugcineni, akabange esakwazi ukuzibamba. Wagijima waya esigangeni, wakha imbali wabuya wazonginika yona, wathi: “Uma uNkulunkulu engekho, ubani-ke okhulise le mbali? Akekho kithi oyinakekelile.” Ukuhlakanipha kwakhe kwangivala umlomo. Ekujuleni kwenhliziyo yami ngabona ukuthi le ngane iveze iphuzu elinamandla.
Ngenxa yokukhuliswa ngamaKhomanisi, kwangithatha iminyaka ukuba ngithathe isinyathelo esilandelayo—ngihlole iBhayibheli. Nokho, ngo-1995 ngaya koFakazi bangakithi ngacela isifundo. Cabanga ukuthi ngajabula kanjani lapho ngithola ukuthi omunye engangimfundisa manje wayesezoba ngomunye wabazongifundisa!
AmaKhomanisi wona anginika imfundo yezwe ekahle. Kodwa ahluleka ukungifundisa izifundo ezibaluleke kakhulu ekuphileni. Namuhla, ngenxa kaJehova nomfanyana onesibindi, sengiyakwazi ukusebenzisa ulwazi lwami olungokomoya nolwemfundo yezwe ukuze ngisize abanye babone ukuthi ukhona ngempela uNkulunkulu nokuthi uyayikhathalela kakhulu indalo yakhe engabantu.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 113-115]
Ngazalelwa Ekudingisweni
ULidia Sevastian
Unyaka azalwa ngawo: 1954
Abhapathizwa ngawo: 1995
Umlando wakhe omfushane: Ngemva kokukhuliswa unina onguFakazi noyise ongakholwa, walahlekelana noFakazi BakaJehova iminyaka eminingi.
Umama nogogo baba oFakazi BakaJehova ngasekuqaleni kwawo-1940. Yize ayeyindoda elungile, ubaba akazange alamukele iqiniso leBhayibheli ngaleso sikhathi. Ngo-1951, umama wayenezingane ezimbili, ekhulelwe amawele. Ngo-April ngalowo nyaka iziphathimandla zazama ukuhlukanisa umkhaya wakithi. Ngesikhathi ubaba esemsebenzini, zafaka umama—owayesezobeletha—nezingane zakwethu ezindala esitimeleni esasiya eSiberia. Kodwa ngaphambi kwalokho, umama wakwazi ukuyaleza kubaba, owaphuthuma weza ekhaya. Yize ayengeyena uFakazi, wakhwela esitimeleni waya ekudingisweni kanye nomkhaya wakhe.
Phakathi nohambo oluya eSiberia, umama wavunyelwa ukuba ahlale isikhashana edolobheni lase-Asino ukuze abelethe amawele. Amanye amalungu omkhaya kwakudingeka aye esifundeni saseTomsk, lapho ubaba athola khona indawo yokuhlala. Wabelwa ukuba asebenze kanye nabazalwane. Emasontweni ambalwa kamuva, umama namawele akhe bafika baba ndawonye nomkhaya. Ngeshwa, amawele ashona ngenxa yokuthi indawo ababehlala kuyo yayingakufanele ukuhlala abantu.
Noma kunjalo, kwazalwa ezinye izingane ezine ekudingisweni, kuhlanganise nami nomfowethu engiyiwele naye. Ubaba wasinakekela ngokwethembeka sonke. Ekugcineni ngo-1957, savunyelwa ukuba sibuyele ekhaya. Umama waqhubeka egxilisa izimiso zeBhayibheli ezinhliziyweni zethu, yize ayegadwe amaphoyisa omshoshaphansi.
Ngakolunye uhlangothi, into eyayisemqoka kubaba kwakuwukuba izingane zakhe zithole imfundo yezwe ekahle. Ngakho lapho ngineminyaka engu-16, ngaya eChisinau ngayofunda eyunivesithi. Kamuva, ngashada ngabe sengiya eKazakhstan, kwaba ukuqhelelana kwami nabazali nenhlangano kaJehova. Ngabuyela eChisinau ngo-1982, ngathi ngifika nje ngangifuna ibandla labantu bakaJehova kodwa angangalithola. Kwaze kwaphela iminyaka engu-8 ngibona sengathi yimi kuphela engifuna ukukhonza uJehova kuleli dolobha.
Kwathi ngelinye ilanga ngime esitobhini sebhasi, ngezwa abesifazane ababili bekhuluma ngoJehova. Ngasondela ukuze ngizwe kahle. Becabanga ukuthi ngiyimpimpi ye-KGB, bayishintsha ingxoxo. Lapho sebehamba, ngabalandela, okwabethusa ngempela. Ngaya kubo futhi ngemva kokuxoxaxoxa nabo ngabenza bagculiseka ukuthi angiqonde bubi. Ekugcineni ngabona lifezeka iphupho lami lokuhlanganyela nenhlangano kaJehova! Kodwa, ngokudabukisayo, umyeni wami wayengafuni nokuyizwa leyo.
Ngaleso sikhathi sase sinezingane ezimbili. Ngo-1992, ngahlinzwa umgogodla futhi kwadingeka ngihlale ngilele izinyanga eziyisithupha embhedeni wasesibhedlela. Ngaleso sikhathi esicindezelayo ekuphileni kwami, kwenzeka into eyisimanga: Indodana yami, uPavel, wamelela uJehova futhi wabhapathizwa ngo-1993 emhlanganweni wezizwe eKiev. Ngokuhamba kwesikhathi ngalulama ngaphinde ngakwazi ukuhamba. Ngakho kwathi ngo-1995 nami ngabonisa ukuzinikezela kwami kuJehova.
Namuhla, amalungu amaningi omndeni wakithi angoFakazi, ngalokho ngibonga uJehova kanye nomama, engingazange ngisilibale isibonelo sakhe sobuqotho. Ubaba yena, owayethembeke ngendlela emangalisayo, ngiyajabula ukusho ukuthi ngaphambi kokuba ashone, waba omunye wezinceku zikaJehova.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 117, 118]
Ukuzidela Kwethu Kuwubala Uma Kuqhathaniswa NokukaJehova
UMihai Ursoi
Unyaka azalwa ngawo: 1927
Abhapathizwa ngawo: 1945
Umlando wakhe omfushane: Washushiswa ngamaFascist nangamaKhomanisi.
Ngaba ummemezeli wezindaba ezinhle ngo-1941. Ngo-1942, ngineminyaka engu-15 ubudala, kwakufanele ngiqeqeshelwe impi esikoleni sendawo. Ekilasini kwakulenga izithombe zenkosi yaseRomania uMichael, uJenene Antonescu neNcasakazi uMariya. Lapho singena ekilasini, kwakufanele sikhothame phambi kwalezi zithombe bese senza uphawu lwesiphambano. Saba bathathu esenqaba ukwenza lokho.
Amaphoyisa endawo asibhambabula ngenduku. Salala esikoleni. Ekuseni sayiswa eCorjeuţi, kwafike kwaphinda sona leso. Sathathwa eCorjeuţi sayiswa kwezinye izindawo ezimbalwa ngaphambi kokuba sihanjiswe ibanga elingaba amakhilomitha ayikhulu ngezinyawo siya lapho sasiyovela khona phambi kwenkantolo yezempi. Izinyawo zami zopha ngenxa yalolo hambo. Ekugcineni, ngabuyiselwa ekhaya ngingagwetshwanga, cishe ngenxa yeminyaka yami.
Lapho sengineminyaka engu-18, ngabuthwa iziphathimandla zaseSoviet. Ngaphinde ngenqaba ngenxa yokungathathi hlangothi, zangishaya zangenabisa kanye nomngane wami uGheorghe Nimenco. Eqinisweni, washona emasontweni ayisithupha kamuva ngoba wayelimele kabi. Mina ngaphindiselwa ekhaya futhi, ngiyabona ngenxa yeminyaka yami. AmaSoviet aphinda angibopha ngo-1947, manje angisongela ngokuthi azongidubula uma ngenqaba ukuya empini. Kodwa kunalokho angivalela ngedwa izinyanga ezimbili, ngemva kwalokho angithumela ukuba ngiyosetshenziswa ngempoqo ekwakhiweni koMsele iVolga-Don. Kwakuwumsebenzi oyingozi kakhulu futhi abaningi bafa. Kwenzeka ingozi okwafa kuyo abaningi, nami ngasinda ngokulambisa, ngabe sengithunyelwa ekhaya eMoldova.
Sengisekhaya ngashada. Ngo-1951 mina nomkami uVera owayekhulelwe, sadingiswa, saqala sahamba ngesitimela sabe sesihamba ngesikebhe saya ehlathini laseSiberia, udedangendlale wamahlathi abandayo, lapho kwakudingeka ngigawule khona izingodo. Mina noVera sasihlala endlwaneni eyakhiwe ngezingodo kanye neminye imikhaya engu-16. Ngokujabulisayo, ngo-1959 savunyelwa ukuba siphindele ekhaya eMoldova.
Ziningi izinto ezangiqinisa ukholo phakathi naleyo minyaka enzima kuze kube manje. Enye yazo yisibonelo sokholo sikamfowethu u-Ion. (Bheka ikhasi 89.) Wagwetshelwa ukufa, futhi yize ayengazi ukuthi isigwebo sakhe sizoncishiswa, akazange alulahle ukholo. Ngiqina idolo futhi uma ngicabanga ukuthi uJehova ubelokhu enginakekela kanjani, futhi kamuva wanakekela nomkami phakathi novivinyo esalukhuthazelela ngenxa yegama lakhe. Noma kunjalo, ukuzidela kwethu kuwubala uma kuqhathaniswa nalokho uJehova asenzele khona ngokuthumela iNdodana yakhe ukuba izosifela ibe isihlengo. Ukucabanga ngalelo lungiselelo eliyingqayizivele kuyangisiza ukuba ngijabule usuku ngalunye.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 121-123]
Ngakuzwa Ukunakekela KukaJehova
UMihailina Gheorghiţa
Unyaka azalwa ngawo: 1930
Abhapathizwa ngawo: 1947
Umlando wakhe omfushane: Ngeminyaka umsebenzi owawuvinjelwe ngayo wayesebenza njengesithunywa nanjengomhumushi.
Ngathola iqiniso ngo-1945 futhi kwakumnandi ukuhlanganyela izindaba ezinhle nomakhelwane bethu edolobhaneni lakithi iGlodeni, nasedolobhaneni eliseduze iPetrunea. Ngenxa yokuthi ngangifakaza esikoleni, othisha benqaba ukunginika iziqu. Noma kunjalo, kwakungijabulisa ukusebenzisa imfundo yami ukuze ngisize ekuhumusheni izincwadi zeBhayibheli zisuka olimini lwesiRomania nolwesi-Ukraine ziya kolwesiRussia.
Kungakapheli sikhathi ngibhapathiziwe, ngabanjwa ngihumusha futhi ngagwetshwa iminyaka engu-25 yokusetshenziswa ngempoqo eVorkuta, enyakatho ye-Arctic Circle, lapho kwakunabanye odade abaningi. Naphezu kwezimo ezinzima, sonke saqhubeka sishumayela. Sakwazi nokuthola izincwadi. Eqinisweni, ezinye sasizenzela nokuzenzela khona lapha ekamu.
Ngelinye ilanga ngahlangana nentokazi eyayiboshwe ngoba iziphathimandla zicabanga ukuthi inguFakazi kanti ayiyena. Ngasikisela ukuba ihlole iZwi likaNkulunkulu, ngoba uJehova unamandla okukhulula abantu bakhe uma kuyinjongo yakhe leyo. Yagcina ivumile ukufundelwa iBhayibheli futhi yaba omunye wodadewethu. Akuphelanga sikhathi ngemva kwalokho, yasheshe yadedelwa ekamu.
Kamuva ngayiswa eKaraganda, eKazakhstan. Ekugcineni, ngo-July 5, 1956, nami ngadedelwa. Ngathuthela eTomsk, lapho ngahlangana khona no-Alexandru Gheorghiţa owayehlale iminyaka eyisithupha ejele ngenxa yokholo lwakhe, futhi ngashada naye. Sobabili saqhubeka sishumayela ensimini enkulu yaseSiberia, sasazi ukuthi amaphoyisa omshoshaphansi asasigadile. Sasuka lapho saya e-Irkutsk, ethe ukuba sentshonalanga yeChibi iBaikal. Ngesikhathi sesilapho saqhubeka senza izincwadi ngomshoshaphansi. Kamuva sakhonza naseBishkek, eKyrgyzstan. Yize ayeqaphile lapho efakaza, u-Alexandru wabanjwa wagwetshwa iminyaka eyishumi.
Umshushisi wathi ngingamvakashela u-Alexandru ejele ngesikhathi esalinde ukuqulwa kwecala. Njengoba ngokuvamile lokhu kwakungavunyelwe, ngambuza ukuthi kungani engenzela lo musa. Wathi: “Ningumbhangqwana osemusha futhi ninengane. Mhlawumbe nizophinde nicabangisise ngesinqumo senu.” Ngamtshela umshushisi ukuthi mina no-Alexandru kade sasenza isinqumo sokukhonza uJehova futhi sizimisele ukuhlala sithembekile. Waphendula: “Ngisho neBhayibheli lenu liyasho ukuthi inja ephilayo ingcono kakhulu kunengonyama efileyo.” (UmSh. 9:4) Ngathi: “Yiqiniso, kodwa lolu hlobo lwenja okhuluma ngalo ngeke lungene ezweni elisha likaNkulunkulu.”
U-Alexandru wayidonsa yonke iminyaka eyishumi ejele, wadonsa nonyaka owodwa ngaphezulu eboshelwe endlini. Lapho esededelwe saya eKazakhstan sabe sesiya e-Uzbekistan siyosiza ngomsebenzi. Ekugcineni, ngo-1983, saphindela eMoldova, sijatshuliswe ukuthi siye sathola ilungelo elingenakuqhathaniswa lokusiza abantu abanhliziyo ziqotho ezindaweni eziningi bafunde ngoJehova.
Uma ngicabanga, ngiyavuma ukuthi ukuphila kwami kwakungelula ngaso sonke isikhathi. Kodwa kunjalo nangomakhelwane bami abangebona oFakazi. Nabo baye babhekana nezinkinga eziningi. Kodwa umehluko ukuthi okwethu ukuhlupheka kwakungenxa yezindaba ezinhle. Ngakho, sisizwile isivikelo sikaJehova nokunakekela kwakhe. Ngaphezu kwalokho, ngemva kwalezi zilingo silindelwe ikusasa elikhazimulayo nelaphakade.
[Ishadi/Igrafu ekhasini 80, 81]
ISHADI LEZENZAKALO EZIPHAWULEKAYO EMOLDOVA
1891: UC. T. Russell uvakashela eKishinev, eBessarabia (manje eyiChisinau, eMoldova).
1895
1921: Umbiko wonyaka ubonisa ukuthi bangaphezu kuka-200 asebamukele iqiniso leBhayibheli.
1922: Kwakhiwa “indlu yemihlangano” yokuqala eCorjeuţi.
1925: Uyavinjelwa umsebenzi wabaFundi BeBhayibheli.
1930
1940: IRomania iyavuma ukuba iBessarabia ithathwe yi-USSR, bese iqanjwa kabusha ngokuthi iMoldavian SSR.
1941: IRomania iphinda ithatha iMoldova. UbuFascist nosinga lwempi kuholela ekushushisweni koFakazi.
1944: I-USSR iphinda ithatha iMoldova. Ushushiso luyaqhubeka.
1949: AmaSoviet aqala ukudingisa oFakazi BakaJehova nabanye abantu.
1951: UStalin uqala umkhankaso obizwa ngokuthi i-Operation North.
Ngawo-1960: I-KGB izama ukuphazamisa abantu bakaNkulunkulu nokudala uqhekeko kubo.
1965
1989: OFakazi bathola inkululeko yenkolo ethé xaxa. Abazalwane baseMoldova baya emihlanganweni ePoland.
1991: IMoldavian SSR iqanjwa kabusha ngokuthi iRepublic of Moldova. Kuqhutshwa imihlangano yesifunda yokuqala. Ummeleli ovela endlunkulu uhambela kule ndawo okokuqala.
1994: OFakazi BakaJehova babhaliswa ngokomthetho. Kuqhutshwa umhlangano wesigodi wokuqala eChisinau.
2000
2000: Ikhaya laseBethel elisha eChisinau liyanikezelwa.
2003: Bangu-18 473 abame-mezeli ababikayo eMoldova.
[Igrafu]
(Bheka encwadini)
Ingqikithi Yabamemezeli
Ingqikithi Yamaphayona
20 000
10 000
1895 1930 1965 2000
[Amabalazwe ekhasini 73]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UKRAINE
MOLDOVA
Briceni
Tabani
Lipcani
Şirăuţi
Corjeuţi
Ţaul
Feteşti
Soroca
Bălţi
Petrunea
CHISINAU
Căuşeni
Dniester River
Prut River
ROMANIA
Iasi
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 66]
[Isithombe ekhasini 74]
U-Ilie Groza, ungomunye woFakazi bokuqala eMoldova
[Isithombe ekhasini 75]
UTudor Groza
[Isithombe ekhasini 78]
U-Ioana Groza
[Izithombe ekhasini 92]
UParfin Palamarciuc nendodana yakhe uNicolae
[Isithombe ekhasini 93]
UVasile Gherman
[Isithombe ekhasini 94]
UNicolae Anischevici
[Isithombe ekhasini 95]
UMaria Gherman
[Izithombe ekhasini 96]
Izinqola okwakuthuthwa ngazo oFakazi beyiswa eSiberia
[Isithombe ekhasini 98]
U-Ivan Mikitkov
[Isithombe ekhasini 99]
UConstantin Şobe
[Izithombe ekhasini 107]
UNicolai Voloşanovschi nencwajana ethi “Double Bottom”
[Isithombe ekhasini 111]
UGheorghe Gorobeţ
[Isithombe ekhasini 126]
IHholo LoMhlangano LaseFeteşti
[Isithombe ekhasini 131]
Ikomiti yezwe yaseMoldova, kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: UDavid Grozescu, u-Anatolie Cravciuc noTiberiu Kovacs