OFakazi BakaJehova Baboshelwe Ukholo Lwabo—Ngokwezindawo
OFakazi BakaJehova abasejele ngenxa yokholo lwabo, ngokombiko kaSepthemba 2023
INDAWO |
INANI LABABOSHIWE |
ISIZATHU |
|---|---|---|
ECrimea |
12 |
|
E-Eritrea |
32 |
|
ERussia |
116 |
|
ESingapore |
11 |
|
Kwamanye Amazwe |
Bangaphezu kuka-22 |
|
Ingqikithi |
Bangaphezu kuka-193 |
ISiphakamiso 18 seSivumelwano Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu Emphakathini Nakwezombusazwe sithi, “ilungelo lokuba nenkululeko yokucabanga, ekanembeza nengokwenkolo” liyingxenye yamalungelo abantu.a Nokho, kwamanye amazwe oFakazi BakaJehova bayaphucwa leli lungelo, baboshwe kungafanele, kokunye baze baphathwe ngonya. Iningi lalabo ababoshiwe, baboshelwe nje ukholo lwabo. Abanye baboshelwe ukuthi bayenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza wabo.
a Bheka neSiphakamiso 18, se-United Nations Universal Declaration of Human Rights, kanye neSiphakamiso 9, se-European Convention on Human Rights.