Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/90 kk. 3-4
  • Ukugcina Izithakazelo ZoMbuso Ziza Kuqala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugcina Izithakazelo ZoMbuso Ziza Kuqala
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUBALA IZINDLEKO
  • NINGAKHATHAZEKI
  • HLELA MANJE
  • ‘Qhubekani Nifuna UMbuso Kuqala’
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
  • Uthembele Kakhulu Kangakanani KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Funa UMbuso, Hhayi Izinto Ezibonakalayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Khetha Ukusekela UMbuso KaNkulunkulu Manje!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 5/90 kk. 3-4

Ukugcina Izithakazelo ZoMbuso Ziza Kuqala

1 Labo abasebenzisa iseluleko sikaJesu sokufuna uMbuso kuqala bathola ukuthi kuye kwadingeka bahlele izinto eziza kuqala ekuphileni kwabo. (Math. 6:33) Bathola futhi ukuthi ukulandela iseluleko sikaJesu kwenza kube nokwenzeka ngabo ukunqoba izithiyo. Ngokutusekayo, abazalwane nodade abaningi abanamalungu omkhaya angakholwa bayaqhubeka ngokwethembeka begcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala.

2 Yeka indlela eqinisekisayo uJesu abonisa ngayo ukuthi ubeka uMbuso kuqala ekuphileni kwakhe! Lapho equliswa icala phambi kukaPilatu, wahlala eqinile. (Joh. 18:36, 37) Yebo, ngisho nalapho ayelengisiwe efa esigxotsheni, waqhubeka egcizelela ithemba loMbuso kaNkulunkulu, ethi kumenzi wobubi: “Uzakuba-nami eParadisi.”—Luka 23:43.

UKUBALA IZINDLEKO

3 Kungani uJesu abheka uMbuso njengobaluleke kangaka? Wayethunyiwe evela ezulwini ukuba ‘afakazele iqiniso’ lokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobusa ngokulunga futhi wenze kube nokwenzeka ngentando yaKhe ukuba yenziwe emhlabeni njengasezulwini. Khona-ke yeka injabulo enkulu yokuhlanganyela ekufezeni intando kaJehova yokuguqula umhlaba ube yipharadesi elalihloswe kwasekuqaleni!

4 Ukulingisa uJesu njengommeleli woMbuso kaNkulunkulu kuhlanganisa ukuthwala ‘isigxobo sokuhlushwa’ nakho konke lokho okukuhilelayo. ‘Ukubala izindleko’ kusho ukuthi umuntu kufanele akulungele ‘ukuvalelisa’ ezintweni ezibonakalayo anazo uma zime endleleni yenkonzo yakhe kuNkulunkulu. (Luka. 14:27, 28, 33) Ngesikhathi esifanayo, uJesu wakhuthaza bonke ukuba babe ngabalandeli bakhe futhi bahlanganyele izindaba ezinhle nabanye. Ukuzuza ukuphila okuphakade ngaphansi kokubusa koMbuso kukufanele noma yikuphi ukulahlekelwa.—Math. 13:44-46.

NINGAKHATHAZEKI

5 Ukudlula kwamakhulu angu-19 eminyaka akuzange kunciphise isidingo sokugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwethu. Kuhle ukuba sizibuze ngokwethu ukuthi ngempela ukukhonza uJehova kungokubaluleke ngaphezu kwakho konke yini kithi. UJesu wachaza: “Akakho ongakhonza amakhosi amabili . . . Ningekhonze uNkulunkulu noMamona. . . . Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.” (Math. 6:24, 25) Ingabe sikhathazekile ngokuphila kwethu? Noma ingabe sinokholo olwanele lokulandela iseluleko sikaJesu sokufuna uMbuso kuqala, sinethemba lokuthi zonke ezinye izinto ziyokwenezelwa?

6 Abanye abazalwane baye bayenqaba imisebenzi eholela kakhulu ngenxa yokuthi isimiso somsebenzi sasiyophazamisa imisebenzi engokwasezulwini. Abanye kuye kwadingeka ukuba bashintshe imisebenzi lapho kwakunokungqubuzana nezimiso zeBhayibheli. Abanye abaqashi baye bavuma ukuvumelana noFakazi BakaJehova ababonakala beyizisebenzi ezizimisele, nezinokwethenjelwa. (Kol. 3:23, 24) Ngokuqinisekile, ibandla liyaqiniswa ngendlela enhle lapho abadala, izinceku ezikhonzayo, kanye namaphayona bebeka isibonelo esihle ekufuneni uMbuso kuqala.

HLELA MANJE

7 Abanye benu nina bantu abasha bazoqeda esikoleni ekupheleni kwalonyaka. Ingabe niyawenza amalungiselelo manje omsebenzi ongokwasezulwini wokuphila kwenu konke? Ingabe nihlongoza ukusebenza isikhathi esigcwele okwesikhashana ngaphambi kokuba niphayone? Kuyatuseka ukuthi niyacabanga ngokuhlanganyela emsebenzini wamaphayona esikhathini esizayo. Nokho, uma uMbuso ngempela uza kuqala ekuphileni kwenu futhi izimo zenu zivuma, kungani ningabeki ukuphayona kuqala? Lapho umsebenzi wokuziphilisa uthatha indawo yokuqala, kunengozi yokuthi inhliziyo yakho iyosindwa yizinkathazo ezingabukhuthazi ubuphayona.—Math. 6:27, 34; Luka 21:34.

8 Ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala kuhilela futhi ukusekela umsebenzi woMbuso ngokwezimali. Abazalwane abaningi abangabodwa namabandla bathumela iminikelo eNhlanganweni inyanga ngayinye futhi lokhu kwaziswa kakhulu. Nokho, izibalo esinazo zibonisa ukuthi iningi lamabandla eNingizimu Afrika aliyithumeli njalo iminikelo. Ngokwesibonelo, emabandleni angaphezu kwangu-1 100, angu-374 kuphela athumela iminikelo eNhlanganweni phakathi noJanuary 1990. Njengabantu ngabanye nanjengebandla sizofuna ukuyicabangela ngomthandazo lendaba ebalulekile.

9 Ukugcina ama-akhawunti amabandla ethu esesimweni esihle kungenye indlela esibonisa ngayo ukuthi sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala. Okwamanje amabandla amaningi anezikweleti kuma-akhawunti awo eNhlanganweni. Uma kunjalo nangebandla lenu, aninakuthanda yini ukubambisana njengebandla ukuze niqede noma yisiphi isikweleti okungenzeka ninaso ngokushesha ngangokunokwenzeka? Ngokwenza kanjalo niyobonisa ukuthi izithakazelo zoMbuso ziza kuqala futhi lokhu kuyokwenza ibandla likwazi ukuthola izincwadi ezidingeka kakhulu zokuhanjiswa ensimini.

10 Lelizwe lidinga okuningi kulabo abazimisele ukuba yizigqila zalo. Uma ukuphila kwethu sikwenza kube lula futhi siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu, singathola izibusiso ngokufuna uMbuso kuqala. Kunokuba sivumele ukunqotshwa iminako yalelizwe, yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuthembela kuJehova, ozaziyo izidingo zethu futhi oye wethembisa ukuzanelisa! Ngokugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala, ukuphila kwethu kuzoba nenjongo yangempela, kuqiniswe yithemba lezibusiso zesikhathi esizayo ezingenakuphela.—Math. 6:32; 1 Thim. 6:17-19.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela