Ukudumisa UJehova Ngengoma
1 Siza uvule iculo lakho ngasemuva ekhasini lokugcina. Ubonani? Iqembu labaculi bamaLevi ethempelini elingcwele likaJehova, imilomo yabo ivuleke kakhulu, becula ngentshiseko. Ukucula kwakuyisici esibalulekile sokukhulekela kweqiniso ethempelini likaJehova. Phakathi nesikhathi seNkosi uDavide, abangamaphesenti angaphezu kwangu-10 balabo ababekhonza ethempelini bababelwe ukudumisa uJehova ngomculo. Futhi kulelonani, abangu-288 babengabaculi abaqeqeshiwe, ‘beyizazi.’ Ungaqiniseka ngokuthi ukuhlabelela kwabo babekuthatha ngokungathi sína.—1 IziKr. 23:3, 5; 25:7.
2 Uma siza ezikhathini zobuKristu, sithola ukuthi uJesu nabaphostoli bakhe bahlabelela ingoma ekupheleni kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa. (Marku 14:26) Futhi ngokuphindaphindiwe umphostoli uPawulu usitshela ukuba sihlabelele izindumiso eziya kuNkulunkulu wethu. KwabaseKolose 3:16 wabhala: “Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.”—Bheka neyabase-Efesu 5:19, 20.
3 Ukucula izingoma zoMbuso kungenye yezindlela esidumisa ngazo uJehova. KuyiNkonzo Yethu YoMbuso kaFebruary 1990, kwanikezwa isikhuthazo sokuba sithuthukise ukucula kwethu. Imibiko ibonisa ukuthi amabandla amaningi akulandela ukusikisela kokuba abe nesikhathi sokucula ngemva kwesifundo seNqabayokulinda. Lokhu kwathuthukisa izinga lomculo kweminye yemihlangano yethu yesigodi. Nokho, uzovuma ukuthi kusenokuningi kakhulu esingakuthuthukisa. Yini enye engenziwa ukuze sithuthukise ukucula kwethu?
4 Situsa ukuba wonke amabandla ahlele ukuba abe nesikhathi sokuprakthiza ngemva kwesifundo seNqabayokulinda. Labo okudingeka bahambe bangadedelwa futhi abanye bangahlanganyela ekuculeni ingoma eyodwa noma ezimbili. Umdala onekhono noma inceku ekhonzayo kufanele aqondise ngalesikhathi sokucula. Uma lesikhathi sokuprakthiza siqaliswa ngokushesha ngemva kwesifundo seNqabayokulinda, siyothatha imizuzu embalwa kuphela yesikhathi sethu masonto onke. Lelilungiselelo lingaqhubeka kuze kube yilapho wonke umuntu esejwayelene nezingoma.
5 Amabandla acula ngaphandle kosizo lwezinsimbi zomculo akhuthazwa ukuba asebenzise amarekhodi noma amakhasethi eNhlangano. Lokhu kuyosenza sonke ukuba sijwayelane nesivinini (tempo) esifanele kanye nokuvumelana (melody) ezingomeni zethu. Uma nikuthola kunzima ukucula nihambisana namakhasethi noma namarekhodi, qhubekani niprakthiza nize nikwazi. Ngalendlela sonke siyokwazi ukucula ngokuvumelana nabo bonke abafowethu emhlabeni wonke. Kukhuthazwa abadala ukuba balisekele ngokugcwele lelilungiselelo.
6 Uma sicula ngazo zonke izinhliziyo zethu sinikeza udumo kuJehova. Uyazilalela izingoma eziqondiswe kuye njengoba nje elalela imithandazo yethu. Uma ngempela sicula ngawo wonke amaphimbo, singaletha nenjabulo kwabanye, futhi kwathina siyazuziswa.
7 Cabanga ngamazwi amahle ezingoma zethu. Lawa ayasiza ngempela ‘ekufundisaneni nasekuyalaneni’ kwethu. Yeka iseluleko esihle izingoma zethu ezinaso! Ngokuthatha lesoseluleko ngokungathi sína, singasizwa ukuba sihlakulele izithelo zomoya futhi simelane nokungenwa amathonya angokwenyama, ezwe. ‘Ukuhuba ezinhliziyweni zethu’ kusikhuthaza ukuba sikhonze uJehova ngesibindi nangenjabulo.
8 Ukuze kuqaliswe kahle ukucula emihlanganweni, usihlalo angase angamemezeli inombolo yengoma kuphela kodwa nomongo noma isihloko sayo. Ngezinye izikhathi angase aphawule isisekelo esingokomBhalo saleyongoma futhi akhulumele kafushane indlela efanelana ngayo nokwaziswa okunikezwayo.
9 Ngokuphindaphindiwe imiBhalo isikhumbuza ngesibopho sokudumisa uBaba wethu wasezulwini onothando ngengoma. Masenze njalo ngomphefumulo wonke. Ngaleyondlela singanikeza ubufakazi obujabulisayo esihambelini esiphakathi kwethu. Yebo, masicule futhi sihubele uJehova, njengoba nje kwenza uDavide wasendulo.—IHu. 108:1-3.