Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/92 k. 3
  • Izethulo Zingenza Umehluko

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izethulo Zingenza Umehluko
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukulungiselela Isethulo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indlela Ewusizo Ekulungiseleleni Inkonzo Yasensimini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Izethulo Eziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izindlela Zokuthuthukisa Ukushumayela Kwethu NgoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 5/92 k. 3

Izethulo Zingenza Umehluko

1 Ingabe ubuzisebenzisa ezinye zezingeniso ezisikiselwe encwadini Ukubonisana noma lezo ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso yamuva? Abamemezeli abaningi babika impumelelo enkulu enkonzweni yabo yendlu ngendlu ngokusebenzisa lezethulo ngokwezwi nezwi njengoba zibhaliwe. Abanye baye bathola ukuthi ngokusebenzisa nje isikhathi esithe xáxá ekulungiseleleni inkonzo yasensimini, baye bakwazi ukuzakhela izethulo ngamazwi abo siqu kodwa asekelwe emazwini alokhu kusikisela okubhaliwe.

2 Inye into eqinisekile, ukuthi uma usikhumbula kahle isethulo sakho ngaphambi kokuba uxoxe nothile ngesigijimi soMbuso, uyozizwa ukhululeke ngokwengeziwe futhi uqiniseka ngokwengeziwe. Amazwi akho ayobonisa isifiso sakho esiqotho sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Ukulungiselela kwakho kahle kwenza inkonzo yakho ijabulise ngokwengeziwe ngoba uyothola imiphumela engcono. Okubaluleke kakhulu ukuthi senza umhlatshelo wethu wenkonzo ube ongcono kakhulu esinganikela ngawo.—Heb. 13:15; 1 Pet. 2:5.

3 Ngakho zinike isikhathi esanele sokulungiselela. Cabangela uhlobo lwabantu okungenzeka uhlangane nalo ensimini yebandla lenu. Yini ebakhathazayo? Iziphi izenzakalo zamuva ezithinta ukuphila kwabo? Ngemva kokucabangela izimpendulo zalemibuzo, bheka izethulo ezisikiselwe emakhasini 9-15 encwadi Ukubonisana noma ukhethe isethulo esisodwa noma ezengeziwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Zizwe ukhululekile ukushintsha noma ulungise lawomazwi alapho ukuze ukhululeke lapho uwasebenzisa. Isinyathelo esilandelayo kuyoba ukuba abanye abamemezeli bahlole kanye nawe isethulo sakho ngesikhathi sokuprakthiza. Mhlawumbe lokhu kuyokhuthaza nabanye ukuba bathuthukise ezabo izethulo. Nokho, ngokuqinisekile niyobe niyakhuthazana futhi nakhana emisebenzini emihle.

4 Isikhathi nomzamo okusebenzisa ekulungiseleleni izintshumayelo zakho zasensimini kuyovuzwa. Ungase ubusiswe ngokuba nengxenye ephumelela ngokwengeziwe emsebenzini wokuqoqa ojabulisayo oqhubekayo manje.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela