-
UmphikukristuUkubonisana NgemiBhalo
-
-
Umphikukristu
Incazelo: Elithi umphikukristu lisho ukumelana noma ukuba sesikhundleni sikaKristu. Leligama libhekisela kubo bonke abaphika okushiwo yiBhayibheli ngoJesu Kristu, bonke abaphikisana noMbuso wakhe, nabo bonke abaphatha kabi abalandeli bakhe. Lihlanganisa futhi abantu ngabanye, izinhlangano, nezizwe ezikhohlisa ngokuthi zimelela uKristu noma ezizinikeza ngokungafanele indima kaMesiya.
Ingabe iBhayibheli libhekisela kumphikukristu oyedwa kuphela?
1 Joh. 2:18: “Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.”
2 Joh. 7: “Abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.” (Phawula ukuthi “abaphikukristu abaningi” beyoku-1 Johane 2:18 lapha kubhekiselwa kubo bebonke ngokuthi “umphikukristu.”)
Ingabe ukuza komphikukristu kubekelwe isikhathi esithile esizayo?
1 Joh. 4:3: “Lowomoya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwé ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni.” (Lokho kwalotshwa ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E.)
1 Joh. 2:18: “Nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.” (Ngokuthi “isikhathi sokugcina” ngokusobala uJohane wayesho ukuphela kwenkathi yabaphostoli. Abanye abaphostoli base befile, noJohane ngokwakhe wayesemdala kakhulu.)
Abanye balabo abachazwa njengomphikukristu—
Abantu abaphika ukuthi uJesu unguMesiya ngempela
1 Joh. 2:22: “Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu [noma, uMesiya, ogcotshiweyo] na? Nguye ongumphikukristu.”
Bonke abaphika ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ehlukile
1 Joh. 2:22: “Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.”
Qhathanisa noJohane 10:36; Luka 9:35.
Izihlubuki
1 Joh. 2:18, 19: “Sekukhona abaphikukristu abaningi . . . Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi.”
Labo abaphikisa abalandeli bakaKristu beqiniso
Joh. 15:20, 21: “Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela . . . Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami.”
Abantu ngabanye nezizwe eziphikisana noKristu njengeNkosi noma abakhohlisa ngokuthi bafeza indima kaMesiya
IHu. 2:2: “Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe [uKristu, noma uMesiya].”
Bheka futhi isAmbulo 17:3, 12-14; 19:11-21.
Math. 24:24: “Kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.”
-
-
UmshadoUkubonisana NgemiBhalo
-
-
Umshado
Incazelo: Ukuhlanganiswa kowesilisa nowesifazane ukuba bahlale ndawonye njengendoda nomfazi ngokwezindinganiso ezihlelwe emiBhalweni eNgcwele. Umshado uyilungiselelo laphezulu. Ulungiselela ubuhlobo obuseduze phakathi kwendoda nomfazi kanye nomuzwa wokulondeka ngenxa yokuthi kunomoya wothando nangenxa yokuthi ukuzibophelela komuntu siqu kuye kwenziwa umngane ngamunye. Lapho esungula umshado, uJehova akazange enze kanjalo ukuze alungiselele umngane oseduze owayeyophelelisa indoda kuphela
-