lsifundo 11
Ukusebenzisa Inkulumo Enhle Nsuku Zonke
1. Yini eyokwenza inkulumo yethu ijabulise kuJehova na?
1 ‘Amazwi omlomo wami . . . mawathandeke ebusweni bakho, Jehova.’ (IHu. 19:14) Ukuze lokhu kube-yiqiniso kithi, sidinga ukukhuluma ngezinto eziqondile nangendlela efanele inceku kaNkulunkulu. Sifuna ukuthi inkulumo yethu ibonakalise ukuthi siyizinceku ezethembekile zikaNkulunkulu nsuku zonke, hayi lapho siseHolweni loMbuso kuphela noma siphumele enkonzweni yasensimini. Ngakho-ke ulimi esilusebenzisa emakhaya ethu, emsebenzini, esikolweni, luyobonisa ngokuvumelanayo nenkonzo yethu.—2 Kor. 6:3.
2, 3. Kungani indlela yethu yokukhuluma nokukhetha amazwi ibalulekile na?
2 Indlela yethu yokukhuluma ibalulekile. Lokhu kuhlanganisa ngisho nomumo wobuso bethu nesimo sephimbo. Injabulo yethu njengezinceku zikaJehova ifanele ibonakale ebusweni bethu. Indlela enobuhlobo nokumomotheka okuhle kuyabakhanga abantu. Lapho amaqiniso eBhayibheli esikhuluma ngawo engathi sina, ayajabulisa futhi. Njalo shiseka! Ubuso obunyukubele abusifanele isigijimi sethu sethemba.
3 Njengoba uzijwayeza inkulumo enhle uyobona ukuthi amazwi nenkulumo kuno“buntu.” Angahlaba noma abe-mnandi, athambe noma abe-lukhuni, abe-nobuhlobo noma abe-nobutha, akhe noma akhubekise. Ukukhetha izwi elihle noma inkulumo, ngakho-ke, kubaluleke ngempela. Lokhu kunjalo ikakhulu lapho amazwi eqiniso, izindaba ezilungileyo zoMbuso, ehilelekile.
4. Singawandisa kanjani amazwi ethu enkulumo na?
4 Ukwandisa amazwi akho enkulumo. Akukho-kuntuleka kwamazwi angasetshenziswa ekudumiseni uJehova, njengoba ukuthi shazi kunoma yisiphi isichazimazwi kuyobonisa. Kepha nawu umbuzo, Ulisebenzisa kahle kangakanani iqoqo lamazwi atholakalayo na? Lapho ufunda uyawahlola yini amazwi ongawaqondisisi, noma mhlawumbe uwaphawulele ukuwahlola lapho uqeda indatshana na? Lokhu kuyosiza ekwandiseni amazwi akho enkulumo. Uyofumana nokuthi kukhona amazwi amaningi owakhumbulayo kepha ongawasebenzisi enkulumweni yansuku zonke. Zama ngempela ukuwasebenzisa lapho kufanele. Ngempela kusiza wena njengesikhonzi esingumKristu noma umfundi ukuqhubeka uthuthukisa ikhono lokukhuluma kahle.
5, 6. Yini eyosisiza ukufunda ukusebenzisa amazwi ngokufanele na?
5 Funda ukusebenzisa izwi eliqondile. Amazwi amabili angahle abe-nezincazelo ezifanayo kepha ezahlukene kancane, zokusetshenziswa ngaphansi kwezimeko ezahlukene. Uma ukuqaphela lokhu uyoxwaya ukucunula izilaleli zakho, futhi wenze kube-ngcono ukukhanya kwenkulumo yakho. Ukubhekisela esichazimazwini esihle kunosizo. Ezinye izichazimazwi zifaka ohlwini ngaphansi kwelinye nelinye izwi kokubili izifaniso (amazwi encazelo efanayo, nakuba ingeyonayona) neziphikiso (amazwi anencazelo ephikisanayo kancane.) Kanjalo awufumani kuphela izinkulumo ezahlukene ngomqondo ofanayo, kepha izichasiselwana ezahlukene. Lokhu kunosizo kakhulu lapho ufuna izwi eliqondile ngezimeko eziqondile. Ukusetshenziswa kwezwi eliqondile kukuvimbela nasekubeni-namazwi amaningi ngokungadingekile, futhi kukusize ukufika emnyombeni wendaba. Ukuba-namazwi amaningi kuthanda ukufihla imicabango. Njalo zama ukukhuluma ngamazwana ambalwa. Lapho ukwenza kahle, qala-ke ukwahlukanisa inkulumo yakho ngamazwi achasisayo lawo engeza ubumnandi nengqondo.
6 Njengoba wandisa amazwi akho enkulumo, musa ukucabanga kuphela ngamazwi amasha, kepha cabangela amazwi anezimpawu ezithile: izenzo eziveza amandla; iziphawulo ezisho ubumnandi; izinkulumo eziguqukayo ezisiza ekuxwayeni isidina; izinkulumo ezibonisa injabulo nezinephimbo lomusa. Ngokufunda izincwadi zeSociety ungaqaphela ukwahlukahlukana okukhulu kwamazwi nemishwana ongakhetha kuyo.
7, 8. Yiziphi izingozi ezihlangene namazwi enkulumo andisiwe esifanele siziqaphele na?
7 Injongo yamazwi enkulumo andisiwe, phela, akukhona ukuziqhenya. Injongo yethu wukusho indaba hayi okwethu luqobo ukuzibonisa. Umbono wethu ufanele ufane nalowo owashiwo ngumphostoli uPawulu: “Ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi [ezingaziwa].” (1 Kor. 14:9, 19) Uma inkulumo yomuntu ilukhuni kakhulu ukuqondakala bekungahle kufane ngakhona ukuba ibe-ngolimi olungaziwayo. Ngokufanayo, kuhlakaniphile ukuxwaya ukuba-ngongaqondakaliyo ngokungadingekile kulabo abebengenakuyenza igugu elikhulu imininingwane. Nasengxoxweni evamile asifanele sizame ukuhlaba izilaleli umxhwele ngenkulumo eyinkimbinkimbi namazwi amade. Kubaluleke ngaphezulu ukuthi izilaleli zethu ziqonde lokho esinokukusho. Khumbula, ngokwezAga 15:2, “ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi.” Ukukhethwa kwamazwi amahle, amazwi aqondakala kalula, kuyasiza ukwenza inkulumo yethu iqabule futhi iqhubezelane kunokuba-nesidina futhi ingathakazelisi.—Kol. 4:6.
8 Kubalulekile nokufunda ukusho kahle amazwi. Waphimisele kahle. Ungahlola isichazimazwi, futhi ubone nendlela abanye abawaphimisela ngayo amanye amazwi. Lokhu kuyokusiza ukuxwaya ukunganaki ekuphimiseleni. Ezinye izingozi zokuxwaya enkulumweni yansuku zonke ngamazwi asithekisiwe nokushiya izigcino zamazwi. Ungakhulumi ngamazinyo akho. Sebenzisa ukuphimisela ngobuciko okuhle. Vula umlomo wakho ukuze uphimisele kahle.
9-12. Hlobo-luni lwenkulumo esifanele siluxwaye, futhi kungani na?
9 Ulimi lokuxwaywa. IZwi likaNkulunkulu liyasiqondisa ngokuthi hlobo luni lwenkulumo yokuxwaywa ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Umphostoli uPawulu uyasiluleka, ngokwesibonelo, ukuxwaya “izinto ezingafanele,” njengo“kulawula.” (Ef. 5:3, 4) Sifanele sixwaye amazwi nezinkulumo eziyichilo neziyinhlamba. UPawulu waloba futhi: “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube-ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.” (Ef. 4:29) Njalo amaKristu afanele axwaye amazwi enhlamba nenkulumo elichilo. Abanye abantu bacabanga ukuthi ulimi olunjalo lwenza lokho abakushoyo kube-namandla. Kepha kukhona amaningi amazwi amahle anamandla. Akukho-ndingeko yokulingisa inkulumo elichilo yabantu abanjalo lapho sikhuluma nabo. Ulimi olulula lungahle lube-nosizo, kepha lufanele lube-ngoluhlanzekileyo futhi lube-ngoluqondile.
10 Nokumelwe kuxwaywe yizinkulumo ezithile nezindlela zenkulumo eziphikisana nokusetshenziswa kohlelo. Inkulumo enjalo kaningi isetshenziswa ngabalibazisi bezwe noma yenziwe ithandeke kubantu ngamaculo anamuhla. Abantu bathanda ukubalingisa laba. Kepha akulungile ngamaKristu ukuzithathela ezinjalo izibonelo zenkulumo. Ukwenza njalo bekuyosihlanganisa nezwe nendlela yalo yokuphila. Abahamba bethengisa imilaliso nabanye abasibonelo sabo sonke sokuphila sinobugebengu noma asinasimilo kaningi banawabo amazwi enkulumo, besebenzisa amazwi ngendlela engachachile masinyane esilalelini esithuke sivela. Kepha umgomo wethu wenkulumo awufanele uthintwe ngamathonya anjalo ezwe.—Roma 12:2.
11 AmaKristu amelwe aqaphele ukuxwaya ulimi olungahloniphi. Abanye abantu basebenzisa amazwi o“Nkulunkulu” no“Nkosi,” no“Jesu” no“Kristu,” ukwengeza ukugcizelela kuphela enkulumweni, noma njengezwi elithatha indawo yezwi lenhlamba. Amanye amazwi anjengo“nkosi yami,” “Yeri,” “Yesesi” yizifekethiso nje, ezivela ku“Nkulunkulu” no“Jesu,” nangalokho awathandeki njengezibabazo.—Eks. 20:7; Math. 5:34-37.
12 Lokho abantu abakushoyo nabakwenzayo ngezinye izikhathi kungahle kusicunule. Noma kunjalo, bekungenakumfanela umKristu ukuphendula ngenkulumo enolaka noma ehlambalazayo. Umphostoli uthi: “Kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu.” (Kol. 3:8) Njalo nakuba inkulumo yabanye ikucunula, inkambo ehlakaniphile wukuzibamba.—IzAga 14:29; Jak. 3:11.
13-16. Yini eyosisiza ukuthuthukisa uhlelo lwethu nemikhuba yethu yenkulumo na?
13 Uhlelo olufanele. Abanye abantu bangahle babone ukuthi uhlelo lwabo aluluhle kakhulu. Mhlawumbe bakhulela kwelinye izwe noma ababanga namathuba emfundo eningi yesikole lapho besebancane. Abafanele badunyazwe; kodwa, bafanele benze umzamo woqobo wokuluthuthukisa, benza njalo ngenxa yezindaba ezilungileyo. Kukhona izinyathelo ezinosizo ezingathathwa. Ngokwesibonelo, ukufunda komkhaya kunikeza amathuba okwenza okunjalo ukulungisa. Okuningi esikwaziyo ngohlelo sikufunda ngokuzwa abanye bekhuluma. Njalo lalelisisa lapho abazalwane abavuthiwe, abafunde kakhulu bekhuluma. Lapho ufunda iBhayibheli nezincwadi zeSociety, yazi isakhiwo semisho nesimo samazwi asetshenziswe ezimweni ezahlukene. Yenza inkulumo yakho ivumelane nalezizibonelo ezinhle.
14 Abasha bafanele basizakale ngethuba lokufunda uhlelo oluhle nokuphimisela ngobuciko lapho besesikolweni. Uma nje ungaqiniseki ngesizathu salona noma omunye umthetho wohlelo, cela enye indaba kuthisha wakho. Unesizathu esihle sokukhuthazela, ngokuba uyathanda ukuba-yisikhonzi esiphumelelayo sezindaba ezilungileyo.
15 Zama ukusebenzisa inkulumo enhle nsuku zonke. Lowo ozitika emikhubeni yenkulumo yokunganakekeli ezingxoxweni zakhe zansuku zonke akakwazi ukulindela ukwazi ukukhuluma kahle ngezikhathi ezikhethekile. Kudinga injwayelo. Kepha uma usebenzisa inkulumo enemfanelo enhle ezimekweni ezivamile zokuphila, iyofika-ke kalula nangokwemvelo kuwe lapho usendaweni yesikhulumi noma lapho ufakaza kwabanye ngeqiniso likaNkulunkulu.
16 Ukuzijwayeza inkulumo enhle nsuku zonke kuyasiza ekugcwaliseni izingqondo zethu nezinhliziyo ngamazwi enamisayo esingasho ngawo ukwazisa kwethu izinjongo zikaJehova ezinhle kakhulu ngombuso wakhe. Ngakho-ke siyolibona iqiniso lamazwi kaJesu kuLuka 6:45: “Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo.”