Beka Isisekelo Ekuhambeleni Kwakho Kokuqala
1 Ukwenza izimpindelo eziphumelelayo kuba lula lapho sibeka isisekelo esihle ekuhambeleni kokuqala. Incwadi Ukubonisana ingasisiza ukuba sikwenze lokho.
2 Intshumayelo elandelayo isekelwe esingenisweni sesibili ekhasini 10 lencwadi Ukubonisana, ngaphansi kwesihloko esithi “IBhayibheli/UNkulunkulu.”
Ngemva kokubingelela kobungane, yithi:
◼ “Sithola ukuthi abantu abaningi ngokwengeziwe namuhla bazizwa bengaqinisekile ngokuthi bangazithola kuphi izimpendulo ezisebenzayo ezinkingeni ezandayo zansuku zonke. Ingabe lokho uye wakuthola kuyiqiniso? [Lindela impendulo.] Kwakuvamile ukuba abantu babheke eBhayibhelini ukuze bathole usizo. Kodwa manje abaningi bathi bayangabaza. Uzizwa kanjani ngeBhayibheli?” Uma umninikhaya ezwakalisa ukungabaza ngobuqiniso balo, khipha ipheshana elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli bese ufunda isigaba sesibili nesesithathu ekhasini 2. Uma umninikhaya evuma ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, vula futhi ufunde imibhalo ekhonjiwe esesigabeni sesibili ekhasini 2 lepheshana, bese kafushane uxoxa naye ngakho. Hambisa isipho senyanga.
3 Uma bebaningi ensimini yakini abezwakalisa ukungakholwa, zama ukushintsha futhi usebenzise isingeniso sesihlanu esisekhasini 10 lencwadi Ukubonisana ukuze uvuse isithakazelo sabo.
Ungase uthi:
◼ “Ngenxa yazo zonke izimpi ezisezweni namuhla, abantu abaningi abaqotho bakuthola kunzima ukukholelwa kuNkulunkulu. Noma uma bekholelwa kuye, abakholelwa ukuthi angazixazulula izinkinga esibhekene nazo. Wena uzizwa kanjani?” Lindela impendulo. Funda isethulo sencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ekhasini 5. Buza ukuthi uyini umbono womninikhaya ngombuzo wokugcina: “Ingabe ucabanga ukuthi izinkinga ezinjengalezi ziyoke zixazululeke?” Qhubekisela phambili ingxoxo ngokufunda izingxenye ezifanelekile ezigabeni ezinhlanu ezilandelayo ezisesahlukweni sokuqala. Hambisa incwadi kumninikhaya futhi uhlele ukubuya nizoqhuba ingxoxo.
4 Buza Imibuzo Esepheshaneni Ukuze Ulungiselele Ukuhambela Kwakho Okulandelayo: Hlela ukuba ukuhambela kwakho kokuqala kube nje isiqalo sochungechunge lokuhambela okunezithelo. Ungazizwa sengathi kufanele usho yonke imininingwane; noma usho okuncane kakhulu kangangokuba umninikhaya abe nomuzwa wokuthi awunaso isithakazelo esiqotho ngaye. Ngemva kokufunda izigaba ezimbili noma ezintathu ezisepheshaneni, phakamisa umbuzo okungaxoxwa ngawo ekuhambeleni kwesikhathi esizayo.
5 Ngokwesibonelo, ungase udonsele ukunakekela esigabeni sesithathu esisekhasini 4 bese ubuza: “Ucabanga ukuthi iBhayibheli linikeza ubufakazi obanele ukuba sethembe lokho elikushoyo ngesikhathi esizayo?” Lokhu kuyokwakha iphuzu okuyobhekiselwa kulo empindelweni. Hambisa incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu. Lapho uphindela ungase ucabangele isahluko 9 no-10 encwadini ethi Izwi LikaNkulunkulu.
6 Uma sibheka umninikhaya ngamunye njengongase abe umfundi, siyozama ukusebenzisa amazwi ethu okuphetha ukuba sibeke isisekelo sempindelo.