-
IfilosofiUkubonisana NgemiBhalo
-
-
zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.” (Yeka iphutha elidabukisayo okungaba yilo ukukhetha ulwazi olunjalo lokukhohlisa kwabantu kunokuthola ukuhlakanipha kweqiniso njengomfundi kaJesu Kristu, umuntu wesibili ngobukhulu endaweni yonke, olandela uNkulunkulu ngokwakhe!)
UNkulunkulu ukubheka kanjani “ukuhlakanipha” okunikezwa ifilosofi yabantu?
1 Kor. 1:19-25: “Kulotshiwe ukuthi: Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize. Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesisikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube-yize ukuhlakanipha kwalelizwe na? Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba-kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula [njengoba kubonakala kunjalo ezweni] bentshumayelo. . . . Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu [njengoba izwe likubheka kanjalo] buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkunkulu [njengoba izwe libubheka kanjalo] bunamandla kunabantu.” (Umbono kaNkulunkulu onjalo ngokuqinisekile awuwona ongenangqondo. EBhayibhelini, okuyincwadi esakazwa kunazo zonke emhlabeni, uye wanikeza inkulumo esobala yenjongo yakhe. Uye wathumela ofakazi bakhe ukuba baxoxe ngayo nabo bonke abalalelayo. Yeka ubuwula nganoma isiphi isidalwa ukucabanga ukuthi sinokuhlakanipha okungaphezu kokukaNkulunkulu!)
-
-
IgaziUkubonisana NgemiBhalo
-
-
Igazi
Incazelo: Uketshezi oluyisimangaliso ngempela olujikeleza emithanjeni yomuntu neyezilwane eziningi ezinamangqamuzana amaningi, olunikeza ukondleka neoksijini, lukhiphe okungasafuneki, futhi lunendima eyinhloko ekuvikeleni umzimba ekungenweni izifo. Igazi lihileleke kakhulu ekuphileni kangangokuthi iBhayibheli lithi “umphefumulo womzimba usegazini.” (Lev. 17:11) NjengoMthombo wokuphila, uJehova uye wanikeza iziyalezo eziqondile mayelana nendlela igazi elingasetshenziswa ngayo.
AmaKristu ayalwa ukuba ‘ayeke igazi’
IzE. 15:28, 29: “Ngokuba kwaba-kuhle kuMoya oNgcwele nakithi [indikimba ebusayo yebandla lobuKristu] ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo [noma, okubulewe langakhanywa igazi lakho], nobufebe; uma nizilinda kulezozinto, noba nenza kahle. Salani kahle.” (Lapha ukudliwa kwegazi kulinganiswa nokukhonza izithombe nobufebe, izinto okungamelwe sifune ukuzenza.)
Inyama yezilwane ingadliwa, kodwa hhayi igazi
Gen. 9:3, 4: “Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba-ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube-njengemifino eluhlaza. Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.”
Noma isiphi isilwane esisetshenziselwa ukudla kumelwe sophe ngokufanele. Leso esiklinyiwe noma esibanjwe ogibeni noma esitholakala sesizifele asifanele ukudliwa. (IzE. 15:19, 20; qhathanisa noLevitikusi 17:13-16.) Ngokufanayo, noma ikuphi ukudla okuye kwanezelwa igazi kukho noma ngisho izingxenye zegazi akumelwe kudliwe.
UNkulunkulu wavumela ukusetshenziswa kwegazi kuphela ngenxa yomhlatshelo
Lev. 17:11, 12: “Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimniké lona ealtare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo. Ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Makungabikho-muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.” (Yonke leyomihlatshelo yezilwane ngaphansi koMthetho kaMose yayikhomba phambili emhlatshelweni owodwa kaJesu Kristu.)
Heb. 9:11-14, 22: “Lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu . . . wangena kanye kuphela . . . kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, [“wasizuzela,” NW] ukukhululwa okuphakade. Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube-ngukuhlanzeka kwenyama, kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. . . . Ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.”
Efe. 1:7: “Esinokuhlengwa kuye [uJesu Kristu] ngegazi
-