Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Izingeniso Zokusetshenziswa Enkonzweni Yasensimini
    Ukubonisana NgemiBhalo
    • Izingeniso Zokusetshenziswa Enkonzweni Yasensimini

      Ukukhulumela: Ekunqumeni uhlobo lwesingeniso ongalusebenzisa lapho uhlanganyela enkonzweni yasensimini, zintathu izinto ezidinga ukucatshangisiswa ngokunakekela: (1) Isigijimi esithunywe ukuba sisihambise ‘siyilezi zindaba ezinhle zombuso.’ (Math. 24:14, NW) Ngisho noma singaxoxi ngazo ngokuqondile, kumelwe sicabange ngokusiza abantu ukuba babone isidingo sazo, noma mhlawumbe sisuse iziphazamiso ezingenza kube nzima ukuzamukela. (2) Ukukhathalela koqobo ngenhlala-kahle yabantu esihlangana nabo kuyosisiza ukuba sifinyelele izinhliziyo, njengoba kwaba njalo kuJesu. (Marku 6:34) Isithakazelo esinjalo soqobo singase siboniswe ngokumoyizela okufudumele nendlela yobungane, ukuzimisela ukulalela uma bekhuluma bese sifanelanisa inkulumo yethu, nangokusebenzisa kwethu imibuzo ebakhuthaza ukuba bazikhulumele ukuze siwuqonde kangcono umbono wabo. EyokuQala KwabaseKorinte 9:19-23 ibonisa ukuthi umphostoli uPawulu intshumayelo yakhe yezindaba ezinhle wayifanelanisa nezimo zabantu ayekhuluma nabo. (3) Kwezinye izingxenye zomhlaba, izivakashi kulindeleke ukuba zigcine imicikilisho ethile ngaphambi kokuphawula isizathu sokuvakasha kwazo. Kwenye indawo umninikhaya angase alindele isivakashi esingamenyiwe ukuba sisheshe sisho esize ngakho.—Qhathanisa noLuka 10:5.

      Izingeniso ezilandelayo zibonisa indlela abanye oFakazi abanokuhlangenwe nakho abaqala ngayo izingxoxo. Uma izingeniso ozisebenzisayo okwamanje zikwenza kube nzima ukuqalisa ingxoxo, zama okunye kwalokhukusikisela. Lapho wenza kanjalo, ngokungangabazeki uyofunda ukuzibeka ngamazwi akho. Futhi, uyokuthola kuwusizo ukuthola ukusikisela kwabanye oFakazi ebandleni lakini abaphumelela kahle ekungeneni abantu.

      IARMAGEDONI

      ● ‘Abantu abaningi bayakhathazeka ngeArmagedoni. Baye bezwa abaholi bezwe besebenzisa lelogama ekubhekiseleni empini yenyukliye engukhukhulelangoqo. Ukholelwa ukuthi iArmagedoni iyosho ukuthini ngesintu? . . . Eqinisweni, igama elithi Armagedoni livela eBhayibhelini, futhi lisho okuhluke ngokuphelele kulokho leligama elisetshenziselwa kukhona ngokuvamile. (IsAm. 16:14, 16) IBhayibheli futhi libonisa ukuthi kukhona izinto thina siqu esingazenza ukuze sisinde. (Zef. 2:2, 3)’ (Bheka futhi amakhasi 49-53, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “IArmagedoni.”)

      IBHAYIBHELI/UNKULUNKULU

      ● ‘Sawubona. Ngithe mangivakashe kafushane nje ukuze ngihlanganyele nawe isigijimi esibalulekile. Siza uphawule ukuthi iBhayibheli lithini lapha. (Funda umbhalo, njengesAmbulo 21:3, 4.) Ucabangani ngalokho? Ingabe kuzwakala kukuhle kuwena?’

      ● ‘Sikhuluma nomakhelwane bethu ngokuthi lungatholakalaphi usizo lokubhekana nezinkinga zokuphila. Esikhathini esidlule, abantu abaningi bebeya eBhayibhelini. Kodwa siphila esikhathini lapho imibono ishintsha khona. Uzizwa kanjani ngakho? Ingabe uyakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu noma unomuzwa wokuthi limane nje liyincwadi enhle eyabhalwa ngabantu? . . . Uma livela kuNkulunkulu, ubona ukuthi umuntu angaqiniseka kanjani ngalokho?’ (Bheka amakhasi 58-68, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “IBhayibheli.”)

      ● ‘Ngiyajabula ngokukuthola usekhaya. Ngixoxa nomakhelwane bami ngephuzu elikhuthazayo elivela eBhayibhelini (noma, emiBhalweni eNgcwele). Wake wazibuza ukuthi: . . . ? (Buza umbuzo oholela esihlokweni sakho sengxoxo.)’

      ● ‘Sikhuthaza abantu ukuba bafunde amaBhayibheli abo. Izimpendulo elizinikeza emibuzweni ebalulekile ngokuvamile ziyabamangaza abantu. Ngokwesibonelo: . . . (IHu. 104:5; noma Dan. 2:44; noma eminye).’

      ● ‘Sihambela omakhelwane bethu kafushane nje namhlanje. Abanye abantu esixoxa nabo bayathembela kuNkulunkulu. Abanye bakuthola kunzima ukukholelwa nguye. Wena uzizwa kanjani? . . . IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sicabangele ukubaluleka kwamazulu esiwabonayo. (IHu. 19:1) Lowo omithetho yakhe ibusa lezizindikimba zasezulwini uye futhi wasinikeza ukuqondisa okubalulekile. (IHu. 19:7-9)’ (Bheka futhi amakhasi 394-400, 87-91, ngaphansi kwezihloko ezinkulu esithi “UNkulunkulu” nesithi “Indalo.”)

      IKUSASA/UKULONDEKA

      ● ‘Sawubona. Ninjani? . . . Sizama ukuxoxa nomakhelwane bethu ngombono omuhle wekusasa. Ingabe yileyondlela ozama ukubheka ngayo ukuphila? . . . Ingabe uthola ukuthi ezinye izimo zenza kube nzima lokhu ukukwenza? . . . Ngiye ngathola ukuthi iBhayibheli liwusizo kakhulu kulokhu. Lizichaza ngendlela engokoqobo izimo ezikhona osukwini lwethu, kodwa futhi lichaza ukuthi zisho ukuthini lisitshele nokuthi umphumela uyoba yini. (Luka 21:28, 31)’

      ● ‘Sawubona. Igama lami ngingu-——. Wena ungubani? . . . Ngikhuthaza abantu abasha njengawe ukuba bacabangele ikusasa elihle iBhayibheli elisithembisa lona. (Funda umbhalo, njengesAmbulo 21:3, 4.) Ingabe lokhu kuzwakala kukuhle kuwe?’

      IMPI/UKUTHULA

      ● ‘Cishe wonke umuntu kulezinsuku uyakhathazeka ngokusongela kwempi yenuzi. Ingabe ubona ukuthi siyoke sikubone ukuthula kwangempela kulomhlaba? . . . (IHu. 46:8, 9; Isaya 9:6, 7)’

      ● ‘Ngifuna abantu abathanda ukuphila emhlabeni ongenayo impi. Kulelikhulu leminyaka lilodwa kuye kwaba namakhulu ezimpi, kuhlanganise nezimpi zezwe ezimbili. Manje sibhekene nokusongela kwempi yenuzi. Yini ocabanga ukuthi iyadingeka ukuze kuvinjelwe impi enjalo? . . . Ubani ongaletha izwe elinokuthula? . . . (Mika 4:2-4)’

      ● ‘Sithola ukuthi cishe wonke umuntu uthi ufuna ukuthula komhlaba. Abaningi abaholi bezwe nabo basho kanjalo. Kungani-ke, kunzima kangaka ukukuthola? . . . (IsAm. 12:7-12)’

      ISIFUNDO SEBHAYIBHELI SASEKHAYA

      ● ‘Ngihambele ukuba ngikunikeze imfundo yamahhala yeBhayibheli yasekhaya. Uma ungangivumela, ngingathanda ukuba nemizuzu emibalwa nje ngikubonise ukuthi abantu emazweni angaba ngama-200 baxoxa kanjani ngeBhayibheli njengamaqembu emikhaya. Singasebenzisa noma isiphi kulezihloko njengesisekelo sengxoxo. (Bonisa uhlu lwezahluko eziqukethwe yileyoncwadi yesifundo.) Isiphi osithanda ngokukhethekile?’

      ● ‘Sibonisa omakhelwane bethu lencwadi yokutadisha iBhayibheli. (Yibonise.) Wake wayibona ngaphambili? . . . Uma unemizuzu emibalwa nje, ngingathanda ukukubonisa ukuthi ingasetshenziswa kanjani neBhayibheli lakho.’

      IZENZAKALO ZANGALESOSIKHATHI

      ● ‘Sawubona. Igama lami ngingu-——. Ngingumakhelwane ohlala (yisho umgwaqo noma indawo). Uzibonile izindaba zeTV izolo kusihlwa? . . . Umbiko obuphathelene (yisho indaba esematheni ethinta abantu)—ucabangani ngakho? . . . Sekuyinto evamile ukuzwa abantu bebuza, Liphikelelephi lelizwe? Thina njengoFakazi BakaJehova sikholelwa ukuthi siphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “izinsuku zokugcina.” Phawula lencazelo eningiliziwe kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5.’ (Bheka futhi amakhasi 181-190.)

      ● ‘Ingabe ufundile ngalokhu ephephandabeni lalelisonto? (Mbonise ingxenye efanele oyisike ephepheni.) Ucabangani . . . ?’

      ● ‘Ngicela ukukubuza. Uma ubungakhetha, iyiphi ezinkingeni eziningi ezibhekene nomhlaba obungathanda ukuba ilungiswe kuqala? (Ngemva kokuzwa ukuthi yini emkhathaza kakhulu umninikhaya, sebenzisa lokhu njengesisekelo sengxoxo yakho.)’

      IZINSUKU ZOKUGCINA

      ● ‘Sivakashele ukuba sixoxe ngokushiwo yilokho okwenzeka ngapha nangapha kwethu emhlabeni namuhla. Kubantu abaningi kuye kwaba khona ukwehla kwesithakazelo ngoNkulunkulu nangezindinganiso zakhe zokuphila njengoba zibekwe eBhayibhelini. Lokhu kuye kwawuthinta kakhulu umbono wabantu komunye nomunye. Ngicela ukuxoxa nawe ngalencazelo elotshwe kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5 bese ungitshela noma uyibona ifanelana yini nezwe namuhla. (Funda) . . . Ingabe sikhona isizathu esizwakalayo sokulindela izimo ezingcono esikhathini esizayo? (2 Pet. 3:13)’

      ● ‘Abantu abaningi bakholelwa ukuthi isikhathi siliphelela ngokushesha lelizwe. Bakhuluma ngesikhathi sethu ngokuthi “izinsuku zokugcina.” Kodwa bewazi yini ukuthi iBhayibheli liyasitshela ukuthi singasinda kanjani ekupheleni kwalelizwe lamanje futhi siqhubeke siphila emhlabeni oyokwenziwa ipharadesi? (Zef. 2:2, 3)’ (Bheka futhi amakhasi 181-190, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Izinsuku Zokugcina.”)

      Bheka nesithi “Izenzakalo Zangalesosikhathi” kuloluhlu lwezingeniso ezisikiselwe.

      UBUGEBENGU/UKUPHEPHA

      ● ‘Sawubona. Sixoxa nabantu ngendaba yokuphepha komuntu siqu. Kunobugebengu obuningi obusizungezile, futhi buthinta ukuphila kwethu. Ingabe ubona ukuthi siyofika isikhathi lapho abantu abanjengawe nami beyokwazi ukuhamba emigwaqweni ebusuku futhi bazizwe bephephile? (Noma, Ingabe unomuzwa wokuthi ukhona onekhambi langempela kulenkinga?) . . . (IzAga 15:3; IHu. 37:10, 11)’

      ● ‘Igama lami ngingu-——. Ngihlala khona kulendawo. Njengoba bengiza ekuseni nje, ngiye ngaphawula ukuthi wonke umuntu uxoxa (yisho ubugebengu bamuva bakuleyondawo noma enye into ethinta abantu bendawo). Ucabangani ngakho? . . . Ingabe ikhona into onomuzwa wokuthi iyosiza ekwenzeni ukuphila kwethu kulondeke kangcono? . . . (IzAga 1:33; 3:5, 6)’

      UKUGUGA/UKUFA

      ● ‘Wake wazibuza ukuthi kungani siguga futhi sifa? Ezinye izimfudu zasolwandle ziphila amakhulu eminyaka. Eminye imithi iye yaphila izinkulungwane zeminyaka. Kodwa abantu baphila iminyaka engama-70 noma engama-80 kuphela bese befa. Wake wazibuza ukuthi kungani? . . . (Roma 5:12) Ingabe lesosimo siyoke sishintshe? . . . (IsAm. 21:3, 4)’

      ● ‘Wake wazibuza: Ingabe ukufa kuwukuphela kwakho konke? Noma ingabe kukhona okunye ngemva kokufa? . . . IBhayibheli liphendula noma imuphi umbuzo esingase sibe nawo ngokufa. (UmSh. 9:5, 10) Liyabonisa futhi ukuthi kunethemba langempela kubantu abanokholo. (Joh. 11:25)’ (Bheka futhi amakhasi 274-280 no-146, 147, ngaphansi kwezihloko esithi “Ukufa” nesithi “Isikhuthazo.”)

      UKUPHATHWA KABI/UKUHLUPHEKA

      ● ‘Wake wazibuza yini: Ingabe uNkulunkulu unendaba ngempela ngokuphathwa kabi nokuhlupheka abantu ababhekana nakho? . . . (UmSh. 4:1; IHu. 72:12-14)’ (Bheka futhi izihloko ezinkulu esithi “Ukuhlupheka” nesithi “Isikhuthazo.”)

      UKUPHILA/INJABULO

      ● ‘Sihambela omakhelwane bethu ukuze sithole abantu abakhathazeka ngokujulile ngenjongo yokuphila. Abantu abaningi bathola injabulo ethile. Kodwa babhekana nezinkinga eziningi futhi. Njengoba sikhula ngeminyaka, siyaqaphela ukuthi ukuphila kufushane kakhulu. Ingabe ilokho kuphela okuqondwe ukuba ukuphila kube yikho? Uzizwa kanjani ngakho? . . . (Khulumela injongo kaNkulunkulu yokuqala njengoba iboniswe e-Edene; bese kuba uJohane 17:3 nesAmbulo 21:3, 4.)’ (Bheka futhi amakhasi 314-319, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Ukuphila.”)

      ● ‘Namhlanje sibuza omakhelwane ukuthi bacabangani uma befunda emaBhayibhelini abo inkulumo ethi “ukuphila okuphakade.” Lokhu kungokuthakazelisa ngokukhethekile ngoba leyonkulumo ivela izikhathi ezingama-40 eBhayibhelini. Ukuphila okunjalo kungasho ukuthini ngathi? . . . Singakuthola kanjani? (Joh. 17:3; IsAm. 21:4)’

      ● ‘Sikhuluma nabantu abakhathazeka ngempela ngesimo sokuphila namuhla. Abaningi bethu bayajabula ngokuthi siyaphila, kodwa abaningi bayazibuza, Ingabe ukuphila okujabulisa ngempela kungenzeka? Uzizwa kanjani ngalokho? . . . Yini obona ukuthi ingesinye sezithiyo ezinkulu zenjabulo namuhla? . . . (IHu. 1:1, 2; neminye imibhalo efanelana nalokho okuthinta umninikhaya)’

      UMBUSO

      ● ‘Lapho ngixoxa nomakhelwane, ngiye ngaphawula ukuthi abaningi balangazelela ukuphila ngaphansi kukahulumeni ongazixazulula ngempela izinkinga ezinkulu esibhekene nazo namuhla—ubugebengu nezindleko ezinkulu zokuphila (noma yinoma ikuphi okusezingqondweni zabantu ngalesosikhathi). Lokho kungafiseleka, awuvumi? . . . Ingabe ukhona uhulumeni onjalo namuhla? . . . Abantu abaningi baye bathandazela uhulumeni ongenza lezozinto. Ngokungangabazeki nawe uyawuthandazela, kodwa ababaningi abantu abacabanga ngawo njengohulumeni. (Dan. 2:44; IHu. 67:6, 7; Mika 4:4)’ (Bheka futhi amakhasi 356-364 no-236-240, ngaphansi kwezihloko ezinkulu esithi “UMbuso” nesithi “Uhulumeni.”)

      ● ‘Sibuza omakhelwane bethu umbuzo. Singathanda ukuzwa impendulo yakho kuwo. Uyazi, uJesu wasifundisa ukuba sithandazele uMbuso kaNkulunkulu ukuba uze nokuba intando yaKhe yenziwe emhlabeni njengasezulwini. Ingabe ubona ukuthi lomthandazo uyoke uphendulwe ukuze intando kaNkulunkulu yenziwe ngempela lapha emhlabeni? . . . (Isaya 55:10, 11; IsAm. 21:3-5)’

      ● ‘Ngixoxa nomakhelwane ngempikiswano sonke okumelwe sibhekane nayo: Ingabe sikhetha uhulumeni kaNkulunkulu, noma sikhetha ukubusa kwabantu? Ngokucabangela izimo ezisemhlabeni namuhla, ingabe unomuzwa wokuthi sidinga okuthile kunalokho okuye kwavezwa ngabantu? . . . (Math. 6:9, 10; IHu. 146:3-5)’

      UMKHAYA/IZINGANE

      ● ‘Sixoxa nabantu abanesithakazelo ekutheni singabhekana kanjani kangcono nezinkinga zokuphila komkhaya. Sonke sizama ukwenza okusemandleni ethu, kodwa uma kunokuthile okungasisiza ukuba siphumelele kangcono, sinesithakazelo kukho, akunjalo? . . . (Kol. 3:12, 18-21) IBhayibheli libeka phambi kwethu ithemba elinikeza ikusasa langempela ngemikhaya yethu. (IsAm. 21:3, 4)’

      ● ‘Sonke sifuna ukuba izingane zethu zibe nokuphila okujabulisayo. Kodwa ingabe ubona ukuthi kunesizathu esizwakalayo sokulindela umphumela ojabulisayo ngezinkathazo izwe elikuzo namuhla? . . . Ngakho, luhlobo luni lwezwe obona ukuthi izingane zethu zizobhekana nalo lapho sezikhulile? . . . IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uzokwenza lomhlaba ube yindawo emangalisayo yokuhlala kuyo. (IHu. 37:10, 11) Kodwa ukuthi izingane zethu ziyohlanganyela yini kuyo kuxhomeke kakhulu ekukhetheni thina esikwenzayo. (Dut. 30:19)’

      UMSEBENZI/INDAWO YOKUHLALA

      ● ‘Besikhuluma nomakhelwane bakho ngalokho okungenziwa ukuze kuqinisekwe ukuthi kunemisebenzi nendawo yokuhlala ngawo wonke umuntu. Ingabe ubona ukuthi kunengqondo ukulindela ukuba ohulumeni babantu bafeze lokhu? . . . Kodwa kunothile owaziyo ukuthi zingaxazululwa kanjani lezinkinga; lowo uMdali wesintu. (Isaya 65:21-23)’

      ● ‘Sixoxa nomakhelwane bethu ngephuzu elimayelana nohulumeni olungileyo. Abantu abaningi bangathanda ukuba nohlobo lukahulumeni olungenakho ukonakala, lowo onikeza imisebenzi nezindawo ezinhle zokuhlala kubantu bonke. Luhlobo luni lukahulumeni obona ukuthi lungenza konke lokho? . . . (IHu. 97:1, 2; Isaya 65:21-23)’ (Bheka futhi amakhasi 236-240, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Uhulumeni.”)

      UTHANDO/UMUSA

      ● ‘Siye sathola ukuthi abantu abaningi bakhathazeka kakhulu ngokuntuleka kothando loqobo emhlabeni. Ingabe nawe uzizwa ngaleyondlela? . . . Kungani ucabanga ukuthi kunjalo kwabaningi? . . . Bewazi yini ukuthi iBhayibheli labikezela ngalesisimo? (2 Thim. 3:1-4) Liyasichaza futhi isizathu salokho. (1 Joh. 4:8)’

      ● ‘Igama lami ngingu-——. Ngingomunye womakhelwane bakho. Ngihambela kafushane nje ukuba ngixoxe nomakhelwane ngokuthile okungithinta kakhulu, futhi ngiyethemba nawe uye wakuphawula. Umusa awubizi mali, kodwa ubonakala untuleka kakhulu namuhla. Wake wazibuza ukuthi kungani kunalesosimo? . . . (Math. 24:12; 1 Joh. 4:8)’

      LAPHO ABANTU ABANINGI BETHI: ‘MINA NGINENKOLO YAMI’

      ● ‘Sawubona. Sihambela yonke imikhaya kulomgwaqo (noma, kulendawo), futhi sithola ukuthi eminingi inenkolo yayo. Ngokungangabazeki nawe unayo eyakho. . . . Kodwa, kungakhathaliseki ukuthi sikuyiphi inkolo, sithintwa eziningi zezinkinga ezifanayo—izindleko ezinkulu zokuphila, ubugebengu, ukugula—akunjalo? . . . Ingabe ubona ukuthi likhona ikhambi langempela lalezizinto? . . . (2 Pet. 3:13; njll.)’

      LAPHO ABANTU ABANINGI BETHI: ‘NGIMATASATASA’

      ● ‘Sawubona. Sihambela wonke umuntu kulendawo ngesigijimi esibalulekile. Ngokungangabazeki ungumuntu omatasatasa, ngakho ngizofushanisa.’

      ● ‘Sawubona. Igama lami ngingu-——. Injongo yokuza kwami iwukuxoxa nawe ngezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu nokuthi singahlanganyela kanjani kuzo. Kodwa ngiyabona ukuthi umatasatasa (noma, usendleleni). Ngingakushiya nje nephuzu elilodwa?’

      ENSIMINI ESETSHENZWA NJALO

      ● ‘Ngiyajabula ngokukuthola usekhaya. Senza ukuhambela kwethu kwamasonto onke kulendawo, futhi sinokunye okwengeziwe kokukuxoxa nawe ngezinto ezimangalisayo uMbuso kaNkulunkulu oyozenzela isintu.’

      ● ‘Sawubona. Kwakuhle ukukubona futhi. . . . Ingabe nonke niyaphila ekhaya? . . . Ngithe mangingene ngixoxe nani ngephuzu eliphathelene . . . ’

      ● ‘Sawubona. Kunjani? . . . Bengilokhu ngifuna ukuthola elinye ithuba lokuxoxa nawe. (Khona-ke yisho indaba ofuna ukuxoxa ngayo.)’

  • Indlela Ongasabela Ngayo Kwabafuna Ukuvimba Ingxoxo
    Ukubonisana NgemiBhalo
    • Indlela Ongasabela Ngayo Kwabafuna Ukuvimba Ingxoxo

      Ukukhulumela: Amathemba okuphila kwabantu axhomeke esimweni sabo ngakuJehova uNkulunkulu noMbuso wakhe ngoKristu Jesu. Isigijimi soMbuso kaNkulunkulu sivusa amadlingozi, futhi sikhomba kokuwukuphela kwethemba eliqinisekile lesintu. Siyisigijimi esiguqula ukuphila. Sifuna ukuba wonke umuntu asizwe. Siqaphela ukuthi abambalwa kuphela abayosamukela ngokusazisa, kodwa siyazi ukuthi okungenani abantu bayadinga ukusizwa ukuze bakhethe ngokolwazi. Kodwa akubona bonke abazimisele ukulalela, futhi asizami ukubaphoqelela. Kodwa ngokuhlakanipha ngokuvamile kungenzeka ukuguqulela abangase bavimbe ingxoxo ethubeni lengxoxo eyengeziwe. Nazi izibonelo zalokho abanye oFakazi abanokuhlangenwe nakho abaye bakusebenzisa emizamweni yabo yokufuna abafanelekayo. (Math. 10:11) Esikutusayo akukhona ukuba wazi ngekhanda noma iyiphi yalezimpendulo kodwa kuwukuba ube nomqondo engqondweni, ukubeke ngamazwi akho futhi ukubeke ngendlela eyobonisa isithakazelo sakho esiqotho kumuntu okhuluma

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela