Ukuhlolwa UJehova—Kungani Kunenzuzo?
1 Wonke umuntu ufisa ukuba nempilo enhle. Yenza ukuphila kujabulise ngokwengeziwe. Nokho, abaningi abanempilo enhle basaya ukuyohlolwa ngezikhathi ezithile. Ngani? Bafuna ukuthola noma iziphi izinkinga zempilo eziqalayo ukuze bathathe izinyathelo zokuzelapha. Kubaluleke ngisho nangaphezulu ukulondoloza impilo yethu engokomoya. Ukuvunyelwa uJehova kuxhomeke ekuzigcineni ‘siphilile okholweni.’—Thithu 1:13.
2 Manje isikhathi esifanelekile sokuhlolwa uJehova. Kungani kunjalo? Ngoba uJehova usethempelini lakhe elingcwele, futhi uhlola izinhliziyo zabo bonke abantu. (IHu. 11:4, 5; IzAga 17:3) NjengoDavide, sicela uJehova ukuba asihlolisise: “Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.”—IHu. 26:2.
3 Kufanele siqaphele izinto ezisongela impilo yethu engokomoya ezingase zivele ngaphakathi kithina ngenxa yenyama yethu engaphelele. IzAga 4:23 ziyeluleka: “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”
4 Impilo yethu engokomoya ingasongelwa futhi yizwe elisizungezile elonakele, elinokuziphatha okubi. Uma sizivumela ukuba sisondelane kakhulu nalesi simiso esibi, singaqala ukucabanga njengalo futhi sibe nezimo zengqondo zezwe. Noma singalandela indlela yokuphila yezwe futhi sinqotshwe umoya wezwe.—Efe. 2:2, 3.
5 USathane angasebenzisa ushushiso noma abangele ukuphikiswa ukuze asibulale ngokomoya. Nokho, ngokuvamile ngobuqili usebenzisa izinto ezikhangayo zezwe ukuze asiyenge. UPetru usikhuthaza ukuba ‘sihlale sisangulukile futhi silinde,’ ngoba uSathane ‘unjengengonyama ebhongayo, efuna engamgwinya.’ Sikhuthazwa ukuba ‘sithathe ukuma kwethu ngokumelene naye, siqinile okholweni.’—1 Pet. 5:8, 9.
6 Kunesidingo sokuvikela impilo yethu engokomoya ngokugcina ukholo lwethu luqinile nangokuluqinisa nsuku zonke. Umphostoli uPawulu utusa ukuba siluvivinye njalo ukholo lwethu. Njengoba nje ngokuhlakanipha sisilalela iseluleko esiyinzuzo esisinikezwa udokotela onolwazi, noJehova siyamlalela lapho ukuhlola kwaKhe okungokomoya kwembula ukuthi sinenkinga edinga ukulungiswa. Lokhu kwenza ukuba sikwazi ‘ukulungiswa.’—2 Kor. 13:5, 11.
7 UJehova ngempela unguMhloli omkhulu. Ukupopola kwakhe akulokothi kushaye phansi. Ukwazi kahle esikudingayo. NgeZwi lakhe ‘nangesigqila esikholekile,’ usinikeza ukudla okungokomoya okunempilo. (Math. 24:45; 1 Thim. 4:6) Ukuzondla njalo ekhaya nasemihlanganweni yebandla ngalokhu kudla okungokomoya okunomsoco kusenza sihlale siphilile ngokomoya. Ukuzivivinya njalo ngokomoya enkonzweni nakweminye imisebenzi yobuKristu nakho kuyinzuzo. Ngakho-ke, siyakwamukela ukuhlolwa njalo uJehova, siqiniseka ukuthi uyosigcina sinempilo enhle kakhulu engokomoya.