-
IBabiloni ElikhuluUkubonisana NgemiBhalo
-
-
IsAm. 18:21: “Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.”
Luka 21:36: “Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe-namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”
Kuyokwenzekani kubantu abangazange balazi iqiniso leBhayibheli kodwa abaphila bafa esikhathini esidlule beyingxenye yeBabiloni Elikhulu?
IzE. 17:30: “Izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.”
IzE. 24:15: “Kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.” (Ngokuqondene nokuthi yibaphi “abangalungile” abayovuswa, kuyonquma uNkulunkulu.)
Jobe 34:12: “Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.”
-
-
IBhayibheliUkubonisana NgemiBhalo
-
-
IBhayibheli
Incazelo: YiZwi likaJehova uNkulunkulu elilotshelwe isintu. Wasebenzisa onobhala abangabantu abangaba ngama-40 esikhathini esingamakhulu eminyaka ayi-16 ukuba balilobe, kodwa uNkulunkulu ngokwakhe waqondisa ukulotshwa kwalo ngomoya wakhe. Ngaleyondlela liphefumlelwe nguNkulunkulu. Ingxenye enkulu yombhalo yenziwe yizinkulumo ezingokoqobo ezashiwo uJehova nemininingwane ephathelene nezimfundiso nemisebenzi kaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Kuzona sithola kukhulunywa ngezimfuneko zikaNkulunkulu ezincekwini zakhe nokuthi uyokwenzani ukuze afeze injongo yakhe enhle ngomhlaba. Ukuze ajulise ukwazisa kwethu ngalezizinto, uJehova walondoloza futhi eBhayibhelini umbhalo obonisa okwenzekayo uma abantu nezizwe belalela uNkulunkulu futhi besebenza ngokuvumelana nenjongo yakhe, kanye nomphumela uma benza ngendlela yabo. Ngalombhalo othembekile ongokomlando uJehova usijwayelanisa nokusebenzelana kwakhe nabantu futhi ngaleyondlela asijwayeze ubuntu bakhe siqu obumangalisayo.
Izizathu zokucabangela iBhayibheli
IBhayibheli ngokwalo lithi livela kuNkulunkulu, uMdali wesintu
2 Thim. 3:16, 17: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”
IsAm. 1:1: “Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyan.”
2 Sam. 23:1, 2: “UDavide indodana kaJese uthi, . . . UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.”
Isaya 22:15: “Isho kanje iNkosi uJehova-Sebawoti.”
Besiyolindela ukuba isigijimi sikaNkulunkulu esiya kuso sonke isintu sitholakale embulungeni yonke. IBhayibheli, lilonke noma ingxenye yalo, liye lahunyushelwa ezilimini ezicishe zibe yi-1 800. Ukusakazwa kwalo kufinyelela izigidi zezigidi. IThe World Book Encyclopedia ithi: “IBhayibheli liyincwadi efundwa kakhulu kunazo zonke emlandweni. Cishe futhi lingenethonya kunazo zonke. Maningi kakhulu amaBhayibheli aye asakazwa kunanoma iyiphi enye incwadi. Futhi liye lahunyushwa kaningi nangezilimi eziningi kunanoma iyiphi enye incwadi.”—(1984), Umq. 2, k. 219.
Isiprofetho seBhayibheli sichaza okushiwo yizimo zezwe
abaningi bezwe bayavuma ukuthi isintu sisonqenqemeni lwenhlekelele. IBhayibheli labikezela ngalezizimo kudala; lichaza ezikushoyo nokuthi umphumela uyoba yini. (2 Thim. 3:1-5; Luka 21:25-31) Lisitshela okumelwe sikwenze ukuze sisinde ekubhujisweni kwezwe okusondelayo, sibe nethuba lokuzuza ukuphila okuphakade ngaphansi kwezimo zokulunga lapha emhlabeni.—Zef. 2:3; Joh. 17:3; IHu. 37:10, 11, 29.
IBhayibheli lisenza siyiqonde injongo yokuphila
Liphendula imibuzo enjengokuthi: Ukuphila kwavelaphi? (IzE. 17:24-26) Kungani silapha? Ingabe kuwukuba nje siphile iminyaka emibalwa, sithole esingakuthola ekuphileni, bese sifa?—Gen. 1:27, 28; Roma 5:12; Joh. 17:3; IHu. 37:11; IHu. 40:8.
IBhayibheli liyabonisa ukuthi singaba kanjani nezinto abathandi bokulunga abazifisa kakhulu
Liyasitshela lapho singathola khona abangane abaphilayo abathandana ngempela (Joh. 13:35), ukuthi yini engasiqinisekisa ukuthi siyoba nokudla okwanele thina ngokwethu nemikhaya yethu (Math. 6:31-33; IzAga 19:15; Efe. 4:28), ukuthi singajabula kanjani naphezu kwezimo ezinzima ezisizungezile.—IHu. 1:1, 2; 34:8; Luka 11:28; IzE. 20:35.
Liyachaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe, uyosusa isimiso samanje esibi (Dan. 2:44), nokuthi ngaphansi kokubusa kwawo isintu siyokwazi ukujabulela impilo ephelele nokuphila okuphakade.—IsAm. 21:3, 4; qhathanisa noIsaya 33:24.
Ngokuqinisekile incwadi ethi ivela kuNkulunkulu, echaza kokubili okushiwo yizimo zezwe nenjongo yokuphila, nebonisa indlela izinkinga zethu eziyoxazululwa ngayo ifanele ukuba siyicabangele.
Ubufakazi bokuphefumlelwa
Ligcwele iziprofetho eziveza ulwazi oluningiliziwe lwesikhathi esizayo—into engenakwenzeka ngabantu
2 Pet. 1:20, 21: “Kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”
◼ Isiprofetho: Isaya 44:24, 27, 28; 45:1-4: “UJehova . . . oshoyo kuwo umsinga ukuthi: Yisha, ngiyakomisa imifula yakho; oshoyo ngoKoresi ukuthi: Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa. Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe, ngithukulule izinkalo zamakhosi, ngivule iminyango phambi kwakhe, amasango angabe esavalwa. Mina ngiyakuhamba
-