ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2000
1 ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini siye saba yisibusiso esicebile kubantu bakaJehova. Eminyakeni engu-50 edlule, siye sasiza izigidi ukuba zithuthukise amakhono azo njengezikhulumi zasobala nabafundisi bamaqiniso eBhayibheli. (IHu. 145:10-12; Math. 28:19, 20) Ingabe uyabona ukuthi isikole sikusize kuphi? Singaqhubeka sikusiza ngo-2000 uma uhlanganyela kuso ngokugcwele futhi usebenzisa iseluleko esinikezwayo.
2 Iziyalezo mayelana nezabelo kanye nezincwadi ezizosetshenziswa zisekhasini lokuqala lesimiso sesikole sika-2000. Kukhulunyelwa isikhathi esinikezwe inkulumo ngayinye, umthombo wokwaziswa, indlela ukwaziswa okumelwe kunikezwe ngayo kanye neminye imininingwane. Siza uzinikeze isikhathi sokufunda lezi ziyalezo ngokucophelela futhi uzisebenzise.
3 Ukufundwa KweBhayibheli Kwamasonto Onke: Kunezimiso ezimbili ezingafani zokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke esimisweni sesikole. Okunye kuwukufundwa kweBhayibheli okuvamile okuhlanganisa cishe amakhasi ayisihlanu eBhayibheli. Amaphuzu avelele eBhayibheli asekelwe kulokhu kufunda. Esinye isimiso sokufunda siseceleni futhi side ngokuphindwe kabili kunalesi esinye. Ngokulandela lesi simiso, uyokwazi ukufunda lonke iBhayibheli ngeminyaka emithathu. Kuyaqondakala ukuthi abanye bangase bafune ukufunda okungaphezu kwalokho okusesimisweni esiseceleni, kanti abanye bangase bangakwazi ukuhambisana naso. Jabula ngalokho okwazi ukukufeza, kunokuba uziqhathanise nabanye. (Gal. 6:4) Into ebalulekile ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke.—IHu. 1:1-3.
4 Ukuze ubhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, kufanele ukhulume nombonisi wesikole. Siza usithathe ngokungathi sína isabelo sakho, futhi ungasiyeki ngokungadingekile. Sazise isikole njengelungiselelo elivela kuJehova. Lungiselela kahle, jwayelana kahle nokwaziswa okwabelwe, futhi ukhulume ngokusuka enhliziyweni, ngaleyo ndlela uzuze ngokugcwele kulesi sikole esiyingqayizivele.