Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ukuhlwithwa
    Ukubonisana NgemiBhalo
    • emhlabeni,” NE], abapheleleyo basale kulo.” (Phawula ukuthi umbhalo awusho ukuthi abantu abanjalo abaqotho bayobuyela emhlabeni kodwa uthi bayosala khona.)

      1 Thes. 4:17: “Kanjalo-ke [thina maKristu ayohlwithelwa ezulwini] siyakuba-nayo iNkosi njalo.”

      Uma Umuntu Ethi—

      ‘Ingabe uyakholelwa ekuhlwithweni?’

      Ungase uphendule: ‘Ngithola ukuthi abantu banemibono ehlukahlukene ngokuthi ukuhlwithwa kusho ukuthini. Ngicela ukubuza ukuthi iyini eyakho imibono ngakho? . . . Kunoma yini, kunenzuzo ukuqhathanisa imibono yethu nalokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo. (Sebenzisa izingxenye zendaba engenhla ezifanelekayo.)’

      Noma ungase uthi: ‘Ukuhlwithwa kuye kwachazwa kimi njengendlela yokubaleka kwamaKristu. Abaningi banomuzwa wokuthi lena indlela abayosinda ngayo osizini olukhulu oluzayo. Ingabe ileyondlela ozizwa ngayo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ngokuqinisekile siyofuna ukuvikelwa uNkulunkulu ngalesosikhathi, futhi ngithola eminye imibhalo ebonisayo ukuthi singazuza kanjani kukho ikhuthaza kakhulu. (Zef. 2:3)’ (2) ‘Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uyovikela abathembekileyo khona lapha emhlabeni. (IzAga 2:21, 22) Lokho kuyavumelana nenjongo kaNkulunkulu lapho edala uAdamu ekuqaleni futhi embeka ePharadesi, akunjalo?’

      Okunye ongakusho: ‘Ngokuhlwithwa usho ukuthi amaKristu ayobe ephila ekupheleni kwalesimiso sezinto kumelwe ayiswe ezulwini, akunjalo? . . . Wake wazibuza ukuthi yini ayoyenza uma efika ezulwini? . . . Phawula ukuthi isAmbulo 20:6 (no-5:9, 10) sithini. . . . Kodwa ingabe ayobusa phezu kobani? (IHu. 37:10, 11, 29)’

  • Ukukhipha Isisu
    Ukubonisana NgemiBhalo
    • Ukukhipha Isisu

      Incazelo: Ukukhipha isisu kuwukukhishwa kwehlule noma umbungu ngokuvamile ongakwazi ukuphila ngaphandle kwesizalo. Ukuphuma kwesisu okuzenzekelayo noma ukuphuphuma kungase kubangelwe ukungapheleli kobuntu noma ingozi. Ukukhishwa kwesisu okwenziwa ngamabomu ukuze nje kuvinjelwe ukuzalwa komntwana ongafuneki kuwukubulala ngamabomu ukuphila komuntu.

      UMthombo wokuphila komuntu kumelwe uwuthinte kanjani umbono wethu kulendaba?

      IzE. 17:28: “Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye [uNkulunkulu].”

      IHu. 36:9: “Ukuwe [Jehova Nkulunkulu] umthombo wokuphila.”

      Roma 14:12: “Yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.”

      Ingabe uJehova ubheka ukuphila kwengane njengokuyigugu ngisho nasekuqaleni impela kokukhula kwayo ngemva kokukhulelwa?

      IHu. 139: 13-16: “Ngokuba wena [Jehova] . . . wangaluka esiswini sikamame. . . . Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami [“izingxenye zalo,” NW] zalotshwa encwadini yakho.”

      UNkulunkulu wake washo yini ukuthi umuntu uyobekwa icala ngokulimaza umntwana ongakazalwa?

      Eks. 21:22, 23: “Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli. Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila.” (Ezinye izinguqulo zenza kubonakale njengokungathi kulomthetho kumaIsrayeli indaba ebalulekile ilokho okwenzeka kunina, hhayi embungwini. Nokho, umbhalo wokuqala wesiHeberu, ubhekisela engozini ebulalayo kokubili kunina noma kumntwana.)

      Kungokungathi sína kangakanani ukubulala umuntu ngesizathu esingagunyaziwe uNkulunkulu?

      Gen. 9:6: “Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.”

      1 Joh. 3:15: “Akukho-mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.”

      Eks. 20:13: “Ungabulali.”

      Ingabe umbono kadokotela wokuthi ukuvumela ukukhulelwa kuqhubeke isikhathi sakho esigcwele kuyoba ingozi empilweni kamama kwenza kufaneleke ukukhipha isisu?

      Imibono yezokwelapha ngezinye izikhathi iyiphutha. Kungaba okulungile yini ukubulala omunye umuntu ngenxa yokuthi angase alimaze abanye abantu? Uma ngesikhathi sokubeletha kumelwe kwenziwe ukukhetha phakathi kokuphila kukanina nalokho komntwana, kukubantu abahilelekile ukwenza lokho kukhetha. Nokho, ukuthuthuka ezinqubweni zokwelapha emazweni amaningi kuye kwenza lesisimo saba ivelakancane.

      Uma Umuntu Ethi—

      ‘Kodwa nginelungelo lokunquma ngezindaba ezithinta umzimba wami.’

      Ungase uphendule: ‘Ngiyayibona indlela ozizwa ngayo. Kuvamile namuhla ukuba amalungelo ethu abanye bawanyathele; abanye abanandaba nje nokuthi kwenzekani kwabanye abantu. Kodwa iBhayibheli linikeza iziqondiso ezingase zisivikele. Nokho, ukuze sithole izinzuzo, nathi kumelwe samukele imithwalo yemfanelo.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Omama abaningi baye balahlwa ngamadoda angoyise bezingane zabo. Kodwa ekhaya lapho kokubili indoda nomkayo bephila ngezindinganiso zeBhayibheli, indoda iyomthanda ngempela umkayo nezingane futhi ngokwethembeka ihlale nabo futhi ibondle. (1 Thim. 5:8; Efe. 5:28-31)’ (2) ‘Ukuze thina siqu samukele lolohlobo lothando nenhlonipho, nathi kumelwe sisebenzise izindinganiso zeBhayibheli esimweni sethu ngakwamanye amalungu omkhaya wethu. IBhayibheli lithi kumelwe sibabheke kanjani abantwana esibazalayo? (IHu. 127:3; qhathanisa noIsaya 49:15.)’

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela