-
Ingabe ElakwaJuda Lahlala Liyincithakalo?INqabayokulinda—2006 | Novemba 15
-
-
Ingabe ElakwaJuda Lahlala Liyincithakalo?
IBHAYIBHELI labikezela ukuthi izwe lakwaJuda laliyobhujiswa abaseBhabhiloni nokuthi laliyohlala liyincithakalo kuze kubuye amaJuda ekudingisweni. (Jeremiya 25:8-11) Umlando ophefumulelwe owalotshwa eminyakeni engaba ngu-75 ngemva kokuba iqembu lokuqala lezithunjwa libuyele ezweni lalo unikeza isiqinisekiso esiqine kunazo zonke sokukholelwa ukuthi lesi siprofetho sagcwaliseka. Uthi inkosi yaseBhabhiloni “yathumba abaseleyo enkembeni yabayisa eBhabhiloni, baba yizinceku zayo nezabantwana bayo kwaze kwaqala ukubusa ubukhosi basePheresiya.” Futhi maqondana nezwe kubikwa ukuthi: “Zonke izinsuku lihleli liyincithakalo laligcina isabatha.” (2 IziKronike 36:20, 21) Ingabe bukhona ubufakazi bemivubukulo obusekela lokhu?
Ephephabhukwini elithi Biblical Archaeology Review, u-Ephraim Stern, uprofesa wemivubukulo yasePalestina e-Hebrew University, wathi: “Abase-Asiriya nabaseBhabhiloni babhubhisa izingxenye ezinkulu zakwa-Israyeli wasendulo, kodwa ubufakazi bemivubukulo bangemva kokunqoba kwabo busitshela izindaba ezimbili ezingefani nhlobo.” Uyachaza: “Nakuba kunobufakazi obucacile bokuthi abase-Asiriya baba khona ePalestina, ngokumangalisayo akukho lutho olufakazela ukuba khona kwabaseBhabhiloni ngemva kokulibhubhisa kwabo. . . . Asibutholi ubufakazi bokuthi bahlala khona kwaze kwaba ngenkathi yabasePheresiya . . . Abukho nhlobo obusikisela ukuthi lahlalwa. Ngaleso sikhathi, alikho nelilodwa idolobha elabhujiswa abaseBhabhiloni elaphinde lahlala abantu.”
ULawrence E. Stager, uprofesa wase-Harvard University, uyavuma. Uthi “inkambiso” yenkosi yaseBhabhiloni “yokucekela phansi yonke into yalishiya liyincithakalo ephelele izwe elisentshonalanga yoMfula iJordani, kulo lonke elaseFilistiya, kamuva nakulo lonke elakwaJuda.” UStager uyanezela: “Kwaze kwaba yilapho sekubusa uKoresi Omkhulu, inkosi yasePheresiya eyabusa ngemva kwabaseBhabhiloni, lapho umbhalo wemivubukulo uphinde uqale khona . . . eJerusalema nakwaJuda, ngesikhathi amaJuda amaningi ayedingisiwe ebuyela ezweni lawo.”
Yebo, izwi likaJehova lokuthi elakwaJuda laliyoba incithakalo lagcwaliseka. Okubikezelwa uJehova uNkulunkulu njalo kuyagcwaliseka. (Isaya 55:10, 11) Singathembela ngokuphelele kuJehova nasezithembisweni zakhe ezilotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli.—2 Thimothewu 3:16.
-
-
Ungakujabulela Ukuvakashelwa?INqabayokulinda—2006 | Novemba 15
-
-
Ungakujabulela Ukuvakashelwa?
Ngisho nakuleli zwe elinezinkathazo, ungathola injabulo ngokuba nolwazi lweBhayibheli olunembile ngoNkulunkulu, uMbuso wakhe nenjongo yakhe emangalisayo ngesintu. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 2.
-