Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb11 kk. 39-72
  • Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2011
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2011
yb11 kk. 39-72

Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke

KUBAFUNDI bakhe bekhulu lokuqala, uJesu wakhuluma amazwi ezwakala eyindida. Wabikezela ukuthi babeyoba izinto zokuzondwa izizwe zonke—babulawe futhi bahlushwe. Ngaphezu kwalokho, abaningi babeyokhubeka, bakhashelwe. Kodwa uJesu wabe esethi izindaba ezinhle ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke. (Math. 24:9-14) Wawuyophumelela kanjani nje nempela umkhankaso wokushumayela naphezu kokuphikiswa emhlabeni wonke? Emakhasini alandelayo, uzothola impendulo yalo mbuzo othakazelisayo.

Izingqikithi Zika-2010

Amagatsha OFakazi BakaJehova: 116

Inani Lamazwe Abikayo: 236

Ingqikithi Yamabandla: 107 210

Ababekhona ESikhumbuzweni Emhlabeni Wonke: 18 706 895

Inani Labadla Izifanekiselo Emhlabeni Wonke: 11 202

Inani Eliphakeme Labamemezeli Enkonzweni YoMbuso: 7 508 050

Isilinganiso Sabamemezeli Abashumayela Inyanga Ngayinye 7 224 930

Ukwanda Kwabamemezeli Kunango-2009: 2,5

Inani Lababhapathiziwe: 294 368

Isilinganiso Sabamemezeli Abangamaphayona Asizayo

Inyanga Ngayinye: 287 960

Isilinganiso Sabamemezeli Abangamaphayona

Inyanga Ngayinye: 844 901

Ingqikithi Yamahora Achithwa Ensimini: 1 604 764 248

Isilinganiso Sezifundo ZeBhayibheli Zasekhaya

Inyanga Ngayinye: 8 058 359

Ngonyaka wenkonzo ka-2010, oFakazi BakaJehova basebenzisa izigidi zamaRandi ezingaphezu kuka-155 ekunakekeleni amaphayona akhethekile, izithunywa zevangeli nababonisi abajikelezayo ezabelweni zabo zenkonzo yasensimini.

◼ Emhlabeni jikelele, zingu-20 062 sezizonke izikhonzi ezimisiwe ezisebenza ezakhiweni zamagatsha. Zonke zingamalungu oHlelo Lomhlaba Wonke Lwezinceku ZoFakazi BakaJehova Ezisenkonzweni Ekhethekile Yesikhathi Esigcwele.

E-AFRIKA

INANI LAMAZWE 57

INANI LABANTU 888 219 101

INANI LABAMEMEZELI 1 222 352

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 2 596 614

IQEMBU LABANTU LIFUNA IQINISO. Emphakathini omncane wasemaphandleni aseMadagascar, abantu abangu-80 bakhetha ukushiya iNational Protestant Church. Bazakhela isonto futhi baqala ukufuna inkolo yeqiniso, behlola inkolo ngayinye yendawo. Baphetha ngokuthi amaKatolika ayengalitadishi iBhayibheli nokuthi eSontweni LamaLuthela kwakunokuphikisana. Baba nomuzwa wokuthi iSonto LikaMoya alifundisi iqiniso, futhi amaSabatha anamahlazo amaningi. Ngakho baya komunye wabafowethu, bambuza ukuthi angakwazi yini ukubafundisa iBhayibheli. Wavumela phezulu.

Abamemezeli abambalwa bahlela ukuvakashela laba bantu abanesithakazelo. Abazalwane bathola kunabangu-26 esontweni ababelakhile, futhi belungele ukulalela okushiwo iBhayibheli. Besebenzisa isahluko 15 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, abazalwane bachaza indlela yokuthola inkolo eyamukelwa uNkulunkulu. Abantu baneliswa incazelo. Lapho abazalwane bephindela, bathola abangu-73. Ngokuhambela kwesithathu, bathola abangu-142!

UMYALEZO ODUKILE. Ukuze akhuthaze isifundo sakhe seBhayibheli, uFakazi ogama lakhe nguMenen, ohlala eTopiya, wasithumelela umbhalo wonyaka ka-2009 kumakhalekhukhwini waso. Nokho, wafaka inombolo okungeyona, umyalezo wangena komunye umuntu. Owesifazane owawuthola wawufunda kaningi: “‘Nikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.’—IzEnzo 20:24, NW.” Njengoba kwakungumuntu owesaba uNkulunkulu, wayevumelana nalokho okwakushiwo umyalezo kodwa engazi ukuthi angakwenza kanjani. Wadidwa nayizinhlamvu ezingajwayelekile ezazisekugcineni komyalezo, u-“NW” [New World Translation]. Kwadlula amasonto eyicabanga le ndaba. Ekugcineni, washayela umuntu owayethumele umyalezo. Udadewethu wamangala lapho ezwa ngokwakwenzekile ngomyalezo wakhe, kodwa wabamba ithuba waphendula umbuzo wowesifazane. Lokhu kwaholela esifundweni seBhayibheli esiqhutshwa kabili ngesonto.

AMAPHAYONA AMANCANE. UPersis, ohlala eCameroon, waba ummemezeli ongabhapathiziwe eneminyaka eyisithupha ubudala. Umbiko wakhe wokuqala wenkonzo wawunezifundo zeBhayibheli eziyishumi. Unobhala webandla wacabanga ukuthi iphutha. Lapho embuza, uPersis wamchazela ukuthi ngempela unezifundo eziyishumi. Unobhala waqhubeka embuza: “Wazi kanjani ukuthi yisikhathi esingakanani ozosibika ngoba awunalo iwashi?” Waphendula wathi uyazi ukuthi ikhefu lasesikoleni liyihora. Wayeqala ukushumayela ekuqaleni kwekhefu, ayeke uma sekukhala insimbi. Ukufakaza kwakhe ngesibindi kwathonya umama kanye nomzala kaPersis, kamuva ababa abamemezeli abangabhapathiziwe. Manje uPersis uneminyaka eyishumi, usebhapathiziwe futhi ukhonza njengephayona elisizayo nakuba esesesikoleni. Umngane wakhe oneminyaka engu-8 u-Aasy usengummemezeli ongabhapathiziwe. Umuntu ofundelwayo wathi ngabo: “Ngakujabulela ukubona izingane zibingelela wonk’ umuntu esifundweni, ikakhulukazi asebekhulile, ngaphambi kokuba ziyohlala nabazali bazo. Angikaze ngikubone lokhu esontweni lami. Ngiyazi ukuthi izingane ezikhuliswa kanje ziyoba abantu abakahle emphakathini kusasa.”

AMAZWEKAZI ASEMELIKA

INANI LAMAZWE 55

INANI LABANTU 918 834 998

INANI LABAMEMEZELI 3 673 750

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 3 967 184

AKAZANGE ANGQONGQOZE. UMiriam, ohlala eBolivia, wathandaza kuNkulunkulu isonto lonke. Wathi: “Ngicela ungisize ngikwazi, kodwa angifuni ukusizwa oFakazi BakaJehova. Angifuni bangqongqoze emzini wami.”

Ngasekupheleni kwalelo sonto, kwakhala ucingo. KwakunguCandy, iphayona elikhethekile, ecela ukulethela uMiriam omagazini bethu esikhathini esingangehora. Wavuma. Lingakapheli ihora uCandy wayesesemnyango. UMiriam wawuvula ngesankahlu umnyango, wangenisa uCandy wathi akahlale phansi. UMiriam waqala ukwehla enyuka endlini, enikina ikhanda, ethukuthele. UCandy wambuza ukuthi kwenzenjani. UMiriam wathi: “Angiyikholwa le nto! Sekuyisikhathi esingaphezu kwesonto ngithandaza kuNkulunkulu ngicela isiqondiso, futhi ngikwenza kucace emthandazweni wami ukuthi angifuni ukusizwa oFakazi BakaJehova, bona abahlale bengqongqoza emzini wami! Nakho-ke wena awusangqongqozi, usungishayela ucingo! Kusukela ushaye ucingo esikhathini esingangehora esedlule, ngithandazile kuNkulunkulu ngicela ukuba ungezi. Kodwa usula! Yisimanga lesi! Kuyacaca ukuthi uNkulunkulu ufuna ngisizwe yinina boFakazi BakaJehova.” Isifundo saqalwa ngaso leso sikhathi.

BAMSHIYA BETHI UFILE. UPasensi wayeyinduna edumile, noma i-kapiten, eSuriname futhi esondelene ne-granman, inkosi yendawo esemaphandleni aseduze nomfula. UPasensi wayeziqhayisa ngamasiko endawo. Wayephikisana noFakazi BakaJehova ngoba ecabanga ukuthi bamelene namasiko.

Ngokuhamba kwesikhathi, insizwa ethile yathi iyakwazi ukunuka abathakathi. Abalandeli bayo bahamba nayo ngezikebhe, beshaya labo abanukwayo futhi bebathathela konke okungokwabo. Kwadingeka kukhokhwe imali eshisiwe ukuze “kuhlanzwe” labo ababenukwa, bakhishwe imimoya emibi okwakuthiwa banayo. Phakathi kwalezo zisulu eziningi ezingenacala kwakunoPasensi, owashaywa washiywa kuthiwa ufile. Ngisho nomngane wakhe, inkosi yendawo, akakwazanga ukumsiza ngoba wayesaba ukuthi ukuphila kwakhe nedumela lakhe kuzoba sengozini uma esiza umuntu onukwa ngokuthakatha. Abangane nezihlobo babengavunyelwe ukusiza ababenukiwe. Kepha umkhwenyana wakwakhe waqunga isibindi, wamthatha wamyisa endaweni okwakwakhe kuyo oFakazi BakaJehova abaningi. Abafowethu baxoxa ngale ndaba, futhi nakuba babazi ngengozi eyayingase ibehlele, banquma ukusiza. Bahlela ukuba uPasensi athathwe ngesikebhe ayiswe edolobheni elincane eliseduze, lapho umfowethu othile esebenza khona njengomqondisi wesikhumulo sezindiza. Lo muntu owayephikisa wathathwa ngendiza wayiswa edolobheni elikhulu ukuze elashwe.

UPasensi, owagcina eluleme, wathintwa uthando aluboniswa abantu ayebaphikisa. Waqala ukufunda iBhayibheli futhi wabhapathizwa ngo-December 2009. Manje usengumshumayeli oshisekayo wezindaba ezinhle, futhi nakuba eneminyaka engu-80, waba iphayona elisizayo ngo-April 2010.

WAYECABANGA UKUTHI UYALAZI IBHAYIBHELI. Indoda enentshebe egama layo ngu-Eric yafika emhlanganweni webandla e-United States iphethe iBhayibheli ngesandla. Lapho omunye wabafowethu embingelela, u-Eric wambuza ngezinkolelo zethu. Wayala incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, wathi uzosebenzisa iBhayibheli lodwa. Wayenesimiso sokufunda amakhasi eBhayibheli angu-20 ngosuku, futhi wayeselifunde lonke iBhayibheli, engasakhumbuli nokuthi kangaki. Ngemva komhlangano, ingxoxo yakhe nomzalwane yadonsa isikhathi esingaphezu kwamahora amathathu. Lapho sebehlukana, u-Eric wathi “ngidumele.” Umfowethu wambuza ukuthi kungani. Waphendula: “Bengithi ngiyazi kahle imiBhalo. Kodwa ngemva kwale ngxoxo, sengiyabona ukuthi angiyazi nhlobo.” Wabe eseyamukela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.

Ngakusasa, baqala ukufunda ndawonye. U-Eric wayengazange alale ngayizolo, efunda izahluko eziyishumi zokuqala zale ncwadi. Waphetha ngokuthini? “Ekugcineni sengilitholile iqiniso!” Babefunda amahora amathathu kuya kwamane ngosuku izinsuku ezinhlanu ngesonto. Waqala ukulungiselela imihlangano futhi waba khona kuyo yonke kanye nawo wonke umkhaya wakhe. Lingakapheli isonto lokuqala, wabhala izincwadi zokwesula emasontweni amathathu, wasusa intshebe futhi wanquma ukuthi ngeke esawagubha amaholide. Engakapheli amasonto amabili, wabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, futhi ingakapheli inyanga wayesengummemezeli ongabhapathiziwe. Wabhapathizwa ngo-April 2010, ngemva kwezinyanga eziyisithupha kuphela ehlangane noFakazi BakaJehova!

WABHAPATHIZWA ENO-7. UPaola, ohlala entshonalanga yeMexico, wakhuliswa ugogo nomkhulu wakhe. Ugogo waqala ukufundelwa oFakazi BakaJehova ngesikhathi uPaola eneminyaka emihlanu ubudala. UPaola wayelalela futhi iqiniso lajula enhliziyweni yakhe. Nakuba ugogo wakhe engathuthukanga, uPaola waqala ukuziyela yedwa ezifundweni. Wayecela ugogo nomkhulu ukuba bamgqokise futhi bamwelise umgwaqo ukuze aye eHholo LoMbuso.

Kwathi lapho esekwazi ukufunda nokubhala, wabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi waba ummemezeli. Ngenxa yothando lwakhe ngoJehova, wabhapathizwa eneminyaka engu-7. Lapho ebuzwa ukuthi kungani eya ezifundweni futhi eshumayela ngomdlandla kangaka, ngisho engasekelwa umkhaya wakubo, uPaola, manje oneminyaka eyishumi, waphendula: “Ngiyazithanda kakhulu izinkulumo ngoba zingikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngifunda iBhayibheli futhi ngingangeni ezinkingeni. Ngishumayela ngoba ngifuna ukufundisa abantu ukuthi uJehova uzobenzelani esikhathini esizayo nokuthi iBhayibheli lingabenza bajabule kwamanje.”

UFAKAZA KWABAMSHAYELE UCINGO NGEPHUTHA. EDominican Republic udade wayethola izingcingo eziningi ezidukile ezazimphazamisa emsebenzini. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa wacabanga, ‘Ngingasebenzisa leli thuba ukuze ngishumayele.’ Washumayela kanjani? Lapho ephendula izingcingo ezidukile, wayethi uyabazwela ngokuthi bashaye inombolo okungeyona, bese ethi, “Ake ngithathe leli thuba ngikubuze, Ulifundile iBhayibheli namuhla?” Nakuba abanye babeluvala ucingo, abambalwa babephendula bathi abalifundanga. Wayebe esebuza, “Uyazi ukuthi kungani kubalulekile?” Ukuze amnikeze impendulo engokomBhalo, wayefunda iHubo 1:1-3. Esinye isikhulu sikahulumeni sakhuluma isikhathi eside nodade futhi sathi asinalo iBhayibheli. Kwahlelwa ukuba silethelwe iBhayibheli nezinye izincwadi. Ngemva kwamasonto amabili sashaya ucingo, simbonga ngokukhathalela kwakhe kanye nangezincwadi.

Lapho kufika olunye ucingo oludukile, intokazi eyayishaye ucingo yabuza, “Ungomunye woFakazi BakaJehova?” Lapho evuma, yavele yakhihla isililo, yathi ingummemezeli opholile. Lo dade wayikhuthaza futhi wahlela ukuba othile ayisize ngokomoya. Manje isingummemezeli oshisekayo.

E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI

INANI LAMAZWE 47

INANI LABANTU 4 587 021 833

INANI LABAMEMEZELI 652 251l

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 601 306

“OWESIFAZANE WASESAMARIYA.” Kwakuwusuku olushisayo eKazakhstan. Amaphayona amabili, umzalwane nodade, ayeshumayela, ayesebona owesifazane ekha amanzi emthonjeni. Umzalwane wacela amanzi okuphuza, futhi lapho esaphuza, udade wafakaza kulona wesifazane. Lo mama wabonisa isithakazelo, wabamemela emzini wakhe ukuze afunde okwengeziwe ngalokho ababemtshela kona. Bathi ukuxoxaxoxa, amaphayona ayesemshiyela izincwadi zeBhayibheli. Udade wathembisa ukubuya ngemva kwezinsuku ezimbili.

Njengoba ayethembisile, wabuya, esehamba nonina onguFakazi. Bamthola ebalinde egcekeni, ephethe izincwadi ababemshiyele zona. Wazibuyisela kudade, wathi: “Lezi zincwadi ezoFakazi BakaJehova! Inkolo yenu eyaseRussia!”

Unina kadade wayesecela ukumfundela imiBhalo ngaphambi kokuba bahambe. Efuna ukubonisa lona wesifazane igama likaNkulunkulu eBhayibhelini, wavula u-Eksodusi 3:15 wamfunda: “UJehova uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe, ungithumé kini.” Odade bamangala lapho ebangenisa endlini. Yini eyashintsha ingqondo yakhe ngokushesha kangaka? Lo mama unokhokho abango-Abrahama, u-Isaka noJakobe. Wacabanga ukuthi uma uJehova enguNkulunkulu wokhokho bakhe, akufanele axoshe oFakazi bakhe. Ekuhambeleni okulandelayo, kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Wayemagange ukufunda iqiniso kangangokuba isifundo sasiqhutshwa kabili ngesonto. Naphezu kokuphikiswa amadodana akhe, wakhula ngokomoya futhi manje usengummemezeli ongabhapathiziwe. Ngaphezu kwalokho, umakoti wakwakhe nonina sebeyafundelwa futhi baba khona njalo emihlanganweni. Ngenxa yokuthi ukuhlangana kwakhe namaqiniso kufana nokulandisa okukuJohane 4:3-15, ebandleni waziwa ngokuthi “owesifazane waseSamariya.”

“NGINEMIBUZO ETHILE.” Udade osekhulile oyiphayona eCyprus uyabhala: “NgoLwesithathu ekuseni ngangingazizwa kahle, kepha kunokuba ngihlale ekhaya ngangifuna ukuyoshumayela emgwaqweni. Ngakho ngathandaza kuJehova, ngamcela ukuba athumele othile onesikhathi azohlala eduze kwami ebhentshini, ukuze ngiqale isifundo seBhayibheli. Dukuduku kwafika insizwa yaseNepal. Ngangiphethe omagazini, futhi ngaphambi kokuba ngikhulume nayo, yangibuza ngabo. Lapho ngiyitshela ukuthi bakhuluma ngeBhayibheli, yathi: ‘Mama, nginaso isikhathi, ngingahlala eduze kwakho? Nginemibuzo ethile ngeBhayibheli engingathanda ukukubuza yona.’

“Ngavumela phezulu ngoba yilokho engangikucele kuJehova! Le nsizwa yabe isiqhubeka: ‘Umbuzo wami wokuqala uthi, Lifundisani ngempela iBhayibheli?’ Ngamangala kangangokuba ngaswela amazwi okuphendula! Ngakhipha incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? esikhwameni, ngayitshengisa yona. Yayibuka, yangibuka, yathi, ‘Isihloko sale ncwadi asifani yini nalo mbuzo engiwubuzile?’ Ngakho ngaqala isifundo seBhayibheli khona lapho ebhentshini! Manje sesifunda njalo futhi iba khona njalo emihlanganweni, futhi isithe inesifiso sokubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Ngiyakwazisa ngempela ukubaluleka kokuncika ngokuphelele emandleni nasesiqondisweni sikaJehova ekwenzeni inkonzo yobuKristu, nakuba ngezinye izikhathi ngizizwa ngikhathele.”

UMKHULU UFUNDISA UMBULALI WOMZUKULU. Umzukulu kaMiguel wabulawa eminyakeni eminingana edlule. Umbulali, u-Esmeraldo, wabanjwa kodwa waliphika icala enkantolo. Noma kunjalo, ngenxa yobufakazi, wagwetshwa.

Kamuva, umdala wacela uMiguel ukuba amphelezele bayoshumayela kulo kanye ijele lasePhilippines okwakuboshwe kulo u-Esmeraldo. UMiguel waba mathintanyawo ngoba azi ukuthi umbulali womzukulu wakhe ulapho. Nokho, wavuma ukuhamba bayofundela iziboshwa. Kwathi besaqhuba isifundo, wabona u-Esmeraldo eza ngakuye. Ukuze adambise isimo esasingase sishube, uMiguel wakhuluma ngomusa, wathi: “Esmer, angizelanga ukuzokulwa lapha kodwa ngizobonisa uthando kubantu abafana nawe. Sixoxa ngeBhayibheli nalo muntu. Okwenzeka kuwe ngabe akwenzekanga ukube wawulazi iZwi likaNkulunkulu. Woza sizofunda iBhayibheli.” Okwamangaza uMiguel ukuthi u-Esmeraldo wahlala kwaze kwaphela isifundo. Ethintwe yilokho ayekuzwa, wavuma kuMiguel ukuthi ngempela wambulala umzukulu wakhe. Wabe esecela uxolo.

Umdala, owayengazange abezwe bekhuluma ngasese, waphawula ukuthi baxoxa kamnandi, wayesecela uMiguel ukuba afundele u-Esmeraldo. UMiguel wayesaba ekuqaleni, azi ukuthi akuyena yedwa umzukulu wakhe owayebulawe yile ndoda, kodwa wavuma. Kwaba umzukuzuku ku-Esmeraldo ukuba azivumelanise nezindinganiso zikaNkulunkulu; kodwa ukubekezela kwakhe kwaba nomvuzo, futhi ngo-February 1, 2010, wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo. UMiguel wazibonisa engumKristu ngokuxolela u-Esmeraldo, futhi manje uzama ukufushanisa isigwebo sakhe ukuze akwazi ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli ngokwengeziwe nabanye.

EYUROPHU

INANI LAMAZWE 47

INANI LABANTU 739 193 855

INANI LABAMEMEZELI 1 575 094

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 830 888

IZIFISO ZAKHE EZIMBILI ZAGCWALISEKA. UNelena oneminyaka engu-19 ubudala ohlala eBulgaria, wayenezifiso ezimbili—ukubhapathizwa nokuba iphayona elisizayo. Nokho, unesifo esiwufuzo esihlasela isimiso sezinzwa, esingalapheki okwamanje. Uphefumula ngosizo lomshini, okumenza angakwazi ukunyakaza. Kwakunzima ukugcwalisa isifiso sakhe sokuqala, ukubhapathizwa, ngenxa yokuthi isimo sakhe sasingamvumeli ukuba aphume endlini aye emhlanganweni. Ngakho lapho eseneminyaka engu-18 ubudala, inkulumo engokomBhalo yanikezwa kubo, ngemva kwalokho wabhapathizwa kubhavu.

Isifiso sakhe sokuba iphayona elisizayo sona? Lapho isimo sezulu sisihle, uyakwazi ukuziphefumulela isikhathi esingangehora noma ngaphezudlwana ngaphandle kosizo lomshini. Ube esebhalisela ubuphayona obusizayo, ummemezeli amqhube ngesihlalo sabakhubazekile endlini ngendlu. Uqhuba nesifundo seBhayibheli ngocingo oluxhunywe kuyi-computer. Ngezinye izikhathi odade ebandleni baqhubela izifundo zabo kubo kaNelena, okumenza akwazi ukuhlanganyela. Ngenxa yalokho, wakwazi ukuba iphayona elisizayo kathathu ngonyaka odlule. Uthi: “Ngiyajabula ngokuthi ngizigcwalisile izifiso zami ezimbili. Kungisondeze kakhulu kuJehova, uMdali wami onothando.”

MANJE USEGQOKA UTHAYI. Udade wase-Armenia wayegconwa emsebenzini ngoba enguFakazi KaJehova. Owayesebenza naye wayenomkhuba wokumgcona, ethi “abantu abagqoka uthayi” bamnxenxile ukuba amukele inkolo yabo. Ngemva kokuzama ukubonisana naye kaningi kungalungi, wanquma ukungabe esamnaka, futhi walingisa uJesu Kristu ‘ngokungaphenduli.’ (Math. 27:12) Ekugcineni, lesi sisebenzi saxoshwa ngenxa yokungaziphathi kahle nangokuhlupha udadewethu. Ngemva kwezinyanga, kwafika umlisa othile emsebenzini kadade emfuna. Kwakuyilesiya sisebenzi esasimzwise ubuhlungu. Ukubukeka kwaso kwammangaza udade. Nakuba ayeke wagcona oFakazi ngokugqoka othayi, naye wayesewugqokile futhi ephethe nesikhwama sezincwadi. Wathi kudade: “Ngiyaxolisa ngamazwi abuhlungu engawasho kuwe. Manje sengiyazi ukuthi ngithole iqiniso.” Lo mlisa wayefunde iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi naphezu kokuphikiswa umkhaya wakhe, wayesebhapathiziwe futhi esebhalise njengephayona elivamile.

“UYAMAZI UNKOSIKAZI NADIA?” UNadia uyiphayona ebandleni elisenyakatho ye-Italy. Ngo-September 2009 wakhuluma nendoda ethile nge-intercom eyamvimba ngokuthi yayisanda kushonelwa umkayo futhi ayifuni ukukhuluma naye. NgeSonto elilandelayo, uNadia wabuyela eyoyiduduza futhi aqokomise ithemba lovuko eliseBhayibhelini, kodwa ayivumanga ukulalela. ISifundo Se-Nqabayokulinda sangaleyo ntambama sasinokuhlangenwe nakho kukadade owayebhalele othile owayeshonelwe othandekayo incwadi. Lokho kwenza uNadia wacabanga ngale ndoda ayekhulume nayo nge-intercom, ngakho wanquma ukubhala incwadi yenduduzo, achaze ithemba lovuko. Ngemva kwezinsuku ezimbili, wafaka le ncwadi esigxotsheni seposi emzini wale ndoda.

Ngemva kwezinsukwana, uNadia wayesemsebenzini kamagazini lapho emisa ikhehla elevile eminyakeni engu-70 ukuze alifundele ivesi leBhayibheli. Leli khehla lambuza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova yini, uNadia wavuma. Labe selichaza ukuthi liye lavakashelwa omunye woFakazi BakaJehova, owalishiyela incwadi emnandi eyalithinta ngokujulile. Labe selibuza, “Uyamazi uNkosikazi Nadia?” Bobabili bamangala kakhulu, uNadia wayesezethula futhi wahlela ukulivakashela nomyeni wakhe. Aligcinanga ngokuqala ukufundelwa iBhayibheli kodwa liza njalo nasemhlanganweni.

ABAKWAZI UKUBAFUNDELA BONKE. OFakazi abane ababhapathiziwe bahlala edolobheni laseBujanovac eningizimu yeSerbia. Laba bamemezeli boMbuso bajabula kakhulu ngokuba nabangu-460 eSikhumbuzweni sika-2010! Abadala bebandla eliseduze bahlele ukuba kube nemihlangano yazikhathi zonke eBujanovac esakhiweni esiqashwayo. Ngokwesilinganiso, bangaphezu kuka-50 ababa khona—iningi labo amaRom. Ngenxa yokusabela kwabaningi esigijimini soMbuso, amaphayona akhethekile abelwe kule nsimu awakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli nabo bonke abanesithakazelo. Ngakho, afundela kuphela labo abeza emhlanganweni belungiselele kahle.

WEVILE EMINYAKENI EYIKHULU! U-Elin, ongummemezeli omdala kunabo bonke eSweden, uneminyaka engu-110—iminyaka eyaphilwa uJoshuwa. (Josh. 24:29) Uhlala ekhaya lasebekhulile futhi ubamba wonke amathuba awatholayo ukuze akhulume nezivakashi kanye nabo bonke ahlangana nabo lapha. Uhambisa izincwadi eziningi. Lapho umdala kanye nendodakazi yakhe beshumayela endlini ngendlu ngasekhaya lasebekhulile, bahlangana nentombazane eyathi yashunyayezwa u-Elin futhi wayishiyela incwadi. Lokhu kwaholela engxoxweni enhle.a

WATHOLA IZINCWADI ESONTWENI. UTatyana ohlala eBelarus, wamangala lapho ethola ucingo luvela entokazini angayazi. Yayifuna izimpendulo zeBhayibheli zemibuzo eyayinayo. Kwalandela ingxoxo emnandi. Yayiyithole kanjani inombolo yakhe? Yachaza ukuthi lapho isesontweni, yathola incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli kanye ne-Nguqulo Yezwe Elisha ngaphansi kwebhentshi futhi inombolo yakhe yayibhalwe kulezi zincwadi. Zafika kanjani izincwadi esontweni? Zaziyiswe umama wentombazane eyayifundelwa uTatyana. Ngokusobala, umama wayeyobuza umpristi ukuthi indodakazi yakhe ingazifunda yini noma cha. Ngasizathu simbe, izincwadi zasala ngaphansi kwebhentshi. Le ntokazi yazibona, yazithatha. Kwalandela izingxoxo zeBhayibheli eziningi.

IJAZI ELILAHLEKILE LIVULA ITHUBA. U-Elena, udade oyiphayona elikhethekile, wabona ijazi elihle emgwaqweni waseMinsk, eBelarus. Lalihlanzekile futhi lingabukeki lilahliwe. Lapho elicosha, wathola amaRandi angu-8 800 ekhukhwini. Ebheka abantu ababedlula, ngokushesha wabona indoda okungenzeka yayilahlekelwe yileli jazi. Yayigijima iqalaza sengathi kukhona ekucingayo. U-Elena kwadingeka agijime ukuze ayifice. Yayingusomabhizinisi waseBangladesh ohlala eMoscow. Kwayijabulisa ukuthola ijazi layo linemali. Yafuna nokwazi ukuthi kungani udade eyitholisele, aze ayijahe nokuyijaha. Wachaza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Yathi ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili, yayixoxe noFakazi ababili. Yabaphikisa futhi yavikela izinkolelo zayo cishe imizuzu engu-30. Le ndoda yabe isibuza u-Elena ukuthi ingakubonisa kanjani ukubonga ngokutholiselwa ijazi. Udade wathi akafuni ukusizakala ngalokho, kodwa indlela enhle engabonisa ngayo ukubonga ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova lapho ibuyela eMoscow. Yavuma ukwenza kanjalo.

E-OCEANIA

INANI LAMAZWE 30

INANI LABANTU 39 384 408

INANI LABAMEMEZELI 101 483

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 62 367

UKUPHILA NENKINGA YOKUNGAKWAZI UKUKHULUMA KAHLE. UHamish, umzalwane wase-Australia oneminyaka engu-23 ubudala, unenkinga yokungakwazi ukukhuluma eyenza akushoyo kungezwakali kahle noma kungaqondakali noma kungezwakali nhlobo. Nokho, lokhu kukhubazeka akuzange kuyinciphise intshiseko yakhe yokukhuluma obala noma yenkonzo yasensimini. Ngokwesibonelo, ukuze anikeze inkulumo eHholo LoMbuso, uHamish uqala ngokubhala inkulumo emshinini ophathwayo okwazi ukushintsha into ebhaliwe ibe inkulumo ezwakalayo. Lapho enikeza inkulumo, ubeka umshini endaweni yesikhulumi bese echofa izinkinobho zomshini ukuze akhethe imisho afuna izilaleli ziyizwe naleyo afuna ukuziphindela yona. Leyo misho ibe isithathwa isikhulisa-zwi bese izwakala kahle. Uma inkulumo yakhe idinga ukuba izilaleli zihlanganyele, ubonga izimpendulo ngokubhala emshinini. Enkonzweni yasensimini ukhuluma nabantu ngendlela efanayo, esebenzisa imisho ayilungiselele kusengaphambili, izingcaphuno zemiBhalo futhi abhale asheshise! Ngenxa yalokho, unezimpindelo eziningi ezinhle. Kusukela ngo-2007, lapho uHamish emiswa njengenceku ekhonzayo, uye akhonze njengephayona elisizayo kaningana ngonyaka.

UMSHINI WAKHE WOKUNYATHELISA UNEZINKINGA. ENew Caledonia, uDavid, okhanda ama-computer wathola ucingo oluvela kowesifazane owayenenkinga ngomshini wakhe wokunyathelisa—wawungasebenzi. Wayilungisa ngokushesha inkinga, kodwa wamangala lapho ebona iphepha libhalwe ukuthi: “NINGANGENI. UJesu ukhona kulo muzi. Asiyidingi enye inkolo.”

UDavid wathi kulo mama: “Uxolo, njengoba bengilungisa umshini wakho, ngibone lokhu okubhale ephepheni. Ngicela ukwazi ukuthi kungani ukubhalile?”

Umama waphendula: “Ey, uyazi nawe ukuthi oFakazi BakaJehova bafika zonke izimpelasonto. Sikhathele yibo. Njengoba sengibhale leli pheshana, akekho ozongena lapha.”

UDavid wambuza: “Ubuwazi ukuthi usumngenisile omunye wabo emzini wakho?”

Waphendula: “Ini! Ngeke kwenzeke lokho!”

UDavid wathi: “Ngingomunye woFakazi BakaJehova! Futhi uwena ongingenisile!” Umama wamangala futhi waba namahloni. UDavid wamchazela ngomusa ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bengena emizini yabantu. Kwalandela ingxoxo eyadonsa amahora amabili. Ngemva kwezinsukwana, uDavid wabuyela kule nkosikazi nomyeni wayo. Bachaza ukuthi ngemva kokucabanga ngalokho okwakwenzekile, babeqiniseka ukuthi nguNkulunkulu owayebalethele uDavid. Ngakho, babengeke benqabe ukuba abavakashele! Manje babamukela njalo omagazini bethu.

UHLOMA NGAMAPHESHANA. UNathan oneminyaka engu-12 uhlala e-Australia. Uphatha amapheshana esikhwameni sakhe sesikole futhi uhlale eshumayeza abangane bakhe esikoleni. Ngelinye ilanga lapho ebuya esikoleni, wabona ugogo emi ngaphambi komuzi wakhe. Ugogo wamomotheka, noNathan wamomotheka wayesemnika ipheshana. Wabe esemtshela ukuthi umyeni wakhe wayeshone eminyakeni emithathu ngaphambili. Ngaleso sikhathi uNathan wakhipha ipheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? esikhwameni sakhe. Amehlo kagogo ahlengezela izinyembezi njengoba uNathan emtshela ngovuko oluzayo lapho ezophinde abone khona umyeni wakhe ePharadesi. Ugogo wabuza, “Kodwa kuzophela nini konke ukuhlupheka?” UNathan wakhipha elinye ipheshana elithi Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane! Ugogo wabuza uNathan ukuthi yini enye ayikholelwayo. Wamkhiphela elinye ipheshana esikhwameni elithi Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo? Ngemva kwalokho uNathan wahamba. Ngemva kwamasonto ambalwa waphinde wabona ugogo futhi esegcekeni lakwakhe. Ugogo wabiza uNathan wamanga. Wathi: “Uyazi ukuthini Nathan? Ngemva kokunginikeza lawaya mapheshana, abesifazane ababili abangoFakazi bangivakashela, futhi manje ngifunda nabo iBhayibheli!”

BABENESIMEMO ESISODWA SESIKHUMBUZO. UMichael wasiza ekwakheni isakhiwo esisha segatsha laseSolomon Islands. Ngemva kwalokho washumayela kubantu eSiqhingini SaseMbanika, isiqhingi esicezile akhulela kuso futhi abafowabo abahlala kuso. Kwakungekho Fakazi kulesi siqhingi. Ayikho nemikhumbi eya khona, akukho posi futhi kukhona ucingo olulodwa.

Waya kulesi siqhingi noHansly, iphayona eliselisha. Lapho befika, baqala ukwakha iHholo LoMbuso ngamacembe esundu futhi bamema abantu ukuba beze eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Njengoba babenesimemo esisodwa esinyathelisiwe, laba bazalwane ababili babevele basitshengise abantu bese bebachazela ukubaluleka kweSikhumbuzo.

Ngosuku olungaphambi kweSikhumbuzo bahamba ngesikebhe amahora amabili beya kwenye ingxenye yesiqhingi beyomema umkhaya owawuhlala lapho. Nokho, bathola izingane zodwa. UMichael wanquma ukubashiyela okwakuwukuphela kwesimemo ayenaso. Wasinikeza indodakazi ekhulile wayicela ukuba isinikeze uyise.

Ngakusasa ntambama, njengoba uMichael noHansly belungiselela iSikhumbuzo, babona lo mkhaya uza ngesikebhe. Ubaba wayesifundile isimemo futhi waphetha ngokuthi kumelwe ukuba iSikhumbuzo siyisenzakalo esibalulekile, ngakho weza nawo wonke umkhaya wakhe. Ngalobo busuku, kwaba khona abangu-52 eSikhumbuzweni. UMichael noHansly bayaqhubeka beshumayela futhi befunda iBhayibheli nalabo ababekhona

[Umbhalo waphansi]

a U-Elin washona ngesikhathi kuqedelwa le ncwadi yonyaka.

[Ishadi emakhasini 40-47]

UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2010 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE

(Bheka encwadini)

[Amabalazwe emakhasini 48-50]

(Bheka encwadini)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela