Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 153-k. 156
  • Isiprofetho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiprofetho
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma umuntu ethi—
  • UMbuso
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • “Ukuthula Nokulondeka!”—Khona “Ukubhujiswa Kuyabazuma”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indlela Leli Zwe Eliyophela Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukuphela Kokuhlupheka Kuseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 153-k. 156

Isiprofetho

Incazelo: Isigijimi esiphefumlelwe; isambulo sentando yaphezulu nenjongo. Isiprofetho singase sibe isibikezelo sokuthile okuzayo, imfundiso enhle ephefumlelwe, noma amazwi omyalo waphezulu noma isahlulelo.

Iziphi izibikezelo ezilotshwe eBhayibhelini esezigcwalisekile kakade?

Maqondana nezibonelo ezithile, bheka izihloko “IBhayibheli,” “Izinsuku Zokugcina,” nesithi “Izinsuku Zezenzakalo,” kanye nencwadi ethi “All Scripture Is Inspired of God and Beneficial,” amakhasi 343-346.

Iziphi ezinye zeziprofetho zeBhayibheli ezivelele ezisazogcwaliseka?

1 Thes. 5:3: “Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle, khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.”

IsAm. 17:16: “Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe [iBabiloni Elikhulu], zisenze incithakalo, sibe-yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede.”

Hez. 38:14-19: “Uthi kuGogi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngalolosuku, lapho abantu bami uIsrayeli [ongokomoya] behlala belondekile, angithi uyakukwazi na? Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho, wena nabantu abaningi kanye nawe, . . . Kuyakuthi ngalolosuku lapho uGogi efika ezweni lakwaIsrayeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami. Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile.”

Dan. 2:44: “Umbuso [omiswe nguNkulunkulu] . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [yabantu], wona uqobo ume phakade.”

Hez. 38:23: “Ngiyakuzenza-mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.”

IsAm. 20:1-3: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.”

Joh. 5:28, 29: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenzé ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenzé okubi ekuvukeni kokulahlwa.”

IsAm. 21:3, 4: “Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”

1 Kor. 15:24-28: “Andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise . . . Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe-yikho konke kukho konke.”

Kungani amaKristu kumelwe abe nesithakazelo esibukhali ezibikezelweni zeBhayibheli?

Math. 24:42: “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.”

2 Pet. 1:19-21: “Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu [ngenxa yalokho okwenzeka ekushintsheni kukaJesu isimo], enenza kahle ukuliqaphela . . . ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”

IzAga 4:18: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.”

Math. 4:4: “Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” (Lokho kuhlanganisa nezithembiso zakhe ezinhle ezingokwesiprofetho.)

2 Thim. 3:16: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.” (Ngaleyondlela lonke iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe kudingeka silitadishe ngokujulile.)

Uma umuntu ethi—

‘Nina nikhathalela kakhulu isiprofetho. Okudingekayo nje ukwamukela uKristu njengoMsindisi wakho uphile ukuphila okuhle kobuKristu’

Ungase uphendule: ‘Ukwazisa indima kaJesu Kristu ngokuqinisekile kubalulekile. Kodwa bewazi ukuthi esinye sezizathu esenza amaJuda ekhulwini lokuqala ahluleka ukumamukela sasiwukuthi awazange asinakekele ngokwanele isiprofetho?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Iziprofetho emiBhalweni yesiHeberu zazibikezele ukuthi uMesiya (uKristu) wayeyovela nini nokuthi wayeyokwenzani. Kodwa iningi lamaJuda alizange likunake okwakushiwo yilezoziprofetho. Ayenemibono yawo siqu ngokuqondene nalokho uMesiya okwakumelwe akwenze, futhi ngenxa yalokho ayenqaba iNdodana kaNkulunkulu. (Bheka ikhasi 250, ngaphansi kwesithi “UJesu Kristu.”)’ (2) ‘Thina namuhla siphila esikhathini lapho uKristu eseqalile ukubusa njengeNkosi yasezulwini futhi ehlukanisa abantu bazo zonke izizwe, behlukaniselwa ukuphila noma ukubhujiswa. (Math. 25:31-33, 46) Kodwa abantu abaningi babheka okunye okuseceleni.’

Noma ungase uthi: ‘Ngiyavuma ukuthi ukuba ngumKristu olungileyo kubalulekile. Kodwa bengingaba yini umKristu olungileyo uma ngenza ezinye zezinto uJesu azifundisa kodwa ngingakunaki lokho athi kumelwe sikubeke kuqala ekuphileni? . . . Phawula lokho akusho njengoba kulotshwe kuMathewu 6:33.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Akulona yini iqiniso ukuthi uJesu wasifundisa ukuba sithandazele lowoMbuso, siwubeke ngisho nangaphambi kokucela ukuthethelelwa kwethu ngenxa yokholo lwethu kuyena njengoMsindisi? (Math. 6:9-12)’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela