Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 3/15 k. 32
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISifundo Sesi-4—IBhayibheli Nohlu Lwalo Lwezincwadi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • IBhayibheli—Incwadi Yethu Yesifundo Eyinhloko
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Okuqukethwe Yilencwadi
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Izigijimi ZikaJehova Zesikhathi Esidlule Nezanamuhla
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 3/15 k. 32

Imibuzo Evela Kubafundi

ImiBhalo ikhuluma ‘ngencwadi kaJashari’ ‘nencwadi yeziMpi ZikaJehova.’ (Josh. 10:13; Num. 21:14) Lezi zincwadi ezimbili azitholakali ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli. Ingabe lezi izincwadi eziphefumulelwe kodwa ezalahleka?

Asikho isizathu sokuphetha ngokuthi lezi zincwadi ezimbili zaphefumulelwa kodwa kamuva zalahleka. Abalobi beBhayibheli abaphefumulelwe babhekisela kwezinye izincwadi eziningana. Ezinye zazo ngempela zingase zibe ezinye izincwadi zeBhayibheli ezichazwe ngendlela engavamile kubafundi banamuhla. Ngokwesibonelo, eyoku-1 IziKronike 29:29 ikhuluma ‘ngamazwi kaSamuweli umboni,’ “amazwi kaNathani umprofethi” ‘namazwi kaGadi umboni wemibono.’ Lezi zincwadi ezintathu kungenzeka zibhekisela ezincwadini esizazi ngokuthi incwadi yokuqala neyesibili kaSamuweli, noma mhlawumbe incwadi yabaHluleli.

Ngakolunye uhlangothi, kwezinye izindawo kungenzeka ukuthi kubhekiselwe ezincwadini ezinamagama afana nezincwadi zeBhayibheli kodwa empeleni ezingeyona ingxenye yeBhayibheli. Lokhu singase sikufanise nezincwadi ezine zasendulo: ‘incwadi yezindaba zezikhathi zamakhosi akwaJuda,’ ‘iNcwadi Yamakhosi AkwaJuda Nawakwa-Israyeli,’ ‘iNcwadi Yamakhosi Akwa-Israyeli’ ‘neNcwadi Yamakhosi Akwa-Israyeli NawakwaJuda.’ Nakuba la magama angase afane namagama ezincwadi zeBhayibheli esizazi ngokuthi amaKhosi okuqala nawesibili, lezi zincwadi ezine zazingaphefumulelwe futhi azikho ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli. (1 AmaKh. 14:29; 2 IziKr. 16:11; 20:34; 27:7) Kungenzeka ukuthi zimane ziyizincwadi zomlando ezazitholakala ngesikhathi umprofethi uJeremiya no-Ezra bebhala izincwadi zabo ezikhona eBhayibhelini.

Yiqiniso, abanye abalobi beBhayibheli babhekisela noma bacwaninga ezincwadini zomlando ezazikhona kodwa ezingaphefumulelwe. U-Esteri 10:2 ukhuluma ‘ngeNcwadi yezindaba zezikhathi zamakhosi aseMediya nasePheresiya.’ Ngokufanayo, ukuze alungiselele iVangeli lakhe, uLuka ‘walandelela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni.’ Kungenzeka ukuthi wayesho ukuthi wacwaninga ezincwadini ezazitholakala ukuze enze uhlu lozalo lukaJesu esiluthola eVangelini lakhe. (Luka 1:3; 3:23-38) Nakuba izincwadi uLuka azifunda zazingaphefumulelwe, iVangeli lakhe ngokuqinisekile liphefumulelwe futhi lisalokhu liyigugu kithi.

Maqondana nezincwadi ezimbili okubuzwe ngazo—‘incwadi kaJashari’ ‘nencwadi yeziMpi ZikaJehova’—kubonakala sengathi zaziyizincwadi ezazikhona kodwa ezazingaphefumulelwe. Ngenxa yalokho, uJehova akazange aqikelele ukuthi ziyalondolozwa. Ukubhekisela kweBhayibheli kulezo zincwadi kwenza izazi zaphetha ngokuthi lezo zincwadi ezimbili zaziyiqoqo lezinkondlo noma lezingoma ezikhuluma ngezimpi u-Israyeli azilwa nezitha zakhe. (2 Sam. 1:17-27) Enye i-encyclopedia yeBhayibheli isikisela ukuthi okuqukethwe yilezi zincwadi kungenzeka ukuthi “kwakuyiqoqo elaziwayo lezinkondlo zobuqhawe nezingoma ezalondolozwa abaculi bakwa-Israyeli wasendulo.” Ngisho namadoda athile asetshenziswa uNkulunkulu njengabaprofethi noma ababoni bemibono abhala izincwadi uJehova angazange aziphefumulele noma akhethe ukuba zihlanganiswe emiBhalweni ‘enenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto’ osukwini lwethu.—2 Thim. 3:16; 2 IziKr. 9:29; 12:15; 13:22.

Ukuthi ezinye izincwadi kwakhulunywa ngazo eBhayibhelini nokuthi zaba imithombo eyasetshenziswa akufanele kusenze siphethe ngokuthi zaziphefumulelwe. Nokho, uJehova uNkulunkulu uye walondoloza yonke imibhalo equkethe ‘izwi lakhe,’ futhi “iyokuma kuze kube nini nanini.” (Isaya 40:8) Yebo, lokho uJehova akhetha ukukufaka ezincwadini zeBhayibheli ezingu-66 esinazo yilokho esikudingayo ukuze ‘sifaneleke ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thim. 3:16, 17.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela