Qhubekani Nenza Okuhle
“Qhubekani . . . nenza okuhle.”—LUKA 6:35.
1, 2. Kungani ukwenza okuhle kwabanye kuyinselele?
UKWENZA okuhle kwabanye kungaba inselele. Abantu esibabonisa uthando bangase bangalubonisi kithi. Nakuba sikhathalela inhlalakahle engokomoya yabantu ngokuzama ukuhlanganyela nabo ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo’ neNdodana yakhe, bangase bangabi nandaba noma bangabongi. (1 Thim. 1:11) Abanye bazibonakalisa ‘beyizitha zesigxobo sokuhlushwa sikaKristu’ ezinenzondo. (Fil. 3:18) NjengamaKristu, kufanele sibaphathe kanjani?
2 UJesu Kristu watshela abafundi bakhe: “Qhubekani nithanda izitha zenu futhi nenza okuhle.” (Luka 6:35) Manje ake sixoxe kabanzi ngalesi siyalo. Sizozuza nakwamanye amaphuzu kaJesu aphathelene nokwenza okuhle kwabanye.
‘Thandani Izitha Zenu’
3. (a) Ngamazwi akho, fingqa amazwi kaJesu akuMathewu 5:43-45. (b) Imuphi umbono ngamaJuda nabangemaJuda owawusukhona phakathi kwabaholi benkolo bamaJuda bekhulu lokuqala?
3 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu watshela izilaleli zakhe ukuba zithande izitha zazo futhi zithandazele abazishushisayo. (Funda uMathewu 5:43-45.) Ababelapho kwakungamaJuda ayewazi lo myalo kaNkulunkulu: “Ungaphindiseli noma ubambele amadodana abantu bakini igqubu; kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena.” (Lev. 19:18) Abaholi benkolo bamaJuda bekhulu lokuqala babekholelwa ukuthi inkulumo ethi “amadodana abantu bakini” nethi “omunye umuntu” zazibhekisela kumaJuda kuphela. UMthetho KaMose wawufuna ukuba ama-Israyeli angazihlanganisi nezinye izizwe, kodwa kwase kunombono wokuthi bonke abangemaJuda babeyizitha, kumelwe bazondwe.
4. Abafundi bakaJesu kwakufanele baziphathe kanjani izitha zabo?
4 UJesu washo okuhlukile: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Math. 5:44) Abafundi bakhe kwakufanele babaphathe ngothando bonke ababebazonda. NgokweVangeli likaLuka, uJesu wathi: “Ngithi kini enilalele, Qhubekani nithanda izitha zenu, nenza okuhle kwabanizondayo, nibusisa abaniqalekisayo, nithandazela abanithukayo.” (Luka 6:27, 28) Njengabantu bangekhulu lokuqala abalalela amazwi kaJesu, ‘senza okuhle kwabasizondayo’ ngokubenzela izenzo zomusa nakuba besizonda. ‘Sibusisa abasiqalekisayo’ ngokukhuluma nabo ngomusa. ‘Sithandazela nalabo abasishushisa’ ngobudlova noma ngezinye izindlela ‘zokusithuka.’ Ngemithandazo enjalo sibacelela ngothando ukuba bashintshe izinhliziyo zabo futhi bathathe izinyathelo eziyobenza bathole umusa kaJehova.
5, 6. Kungani kufanele sithande izitha zethu?
5 Kungani kufanele sithande izitha zethu? UJesu wathi: “Ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini.” (Math. 5:45) Uma sisilalela leso seluleko, siba “amadodana” kaNkulunkulu ngoba silingisa uJehova ‘owenza ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi enze imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.’ Njengoba ukulandisa kukaLuka kubonisa, uNkulunkulu “unomusa kwabangabongiyo nababi.”—Luka 6:35.
6 Egcizelela indlela okwakubaluleke ngayo ukuba abafundi bakhe ‘baqhubeke bethanda izitha zabo,’ uJesu wathi: “Uma nithanda labo abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abathelisi abenzi yini nabo into efanayo? Futhi uma nibingelela abafowenu kuphela, nenza lukhulu luni na? Abantu bezizwe abenzi yini nabo into efanayo?” (Math. 5:46, 47) Uma besingathanda kuphela labo abasithandayo, lokho bekungeke kusenze sifanelekele ukuthola noma imuphi ‘umvuzo,’ noma umusa kaNkulunkulu. Ngisho nabathelisi, ngokuvamile ababedelelwa, babebabonisa uthando abantu ababebathanda.—Luka 5:30; 7:34.
7. Kungani siyobe singenzi ‘lukhulu’ uma sibingelela ‘abafowethu’ kuphela?
7 Indlela yamaJuda evamile yokubingelela yayihlanganisa negama elithi ‘ukuthula.’ (AbaHl. 19:20; Joh. 20:19) Lalinomqondo wokufisela obingelelwayo impilo, inhlalakahle nokuchuma. Siyobe singenzi ‘lukhulu’ uma sibingelela kuphela labo esibabheka ‘njengabafowethu.’ Njengoba uJesu abonisa, “abantu bezizwe” nabo babenza okufanayo.
8. Yini uJesu ayekhuthaza izilaleli zakhe ukuba ziyenze lapho ethi: “Kumelwe nibe ngabaphelele”?
8 Isono esizuzwe ngefa senza kwangenzeka ngabafundi bakaKristu ukuba babe abangenasici, abaphelele. (Roma 5:12) Noma kunjalo, uJesu waphetha le ngxenye yenkulumo yakhe ngokuthi: “Kumelwe nibe ngabaphelele, njengoba noYihlo wasezulwini ephelele.” (Math. 5:48) Ngala mazwi, wayekhuthaza izilaleli zakhe ukuba zilingise ‘uYise wasezulwini,’ uJehova, ngokwenza uthando lwazo lube oluphelele ngokuthanda izitha zazo. Kulindeleke okufanayo nakithi.
Kungani Kumelwe Sithethelele?
9. Asho ukuthini amazwi athi: “Usithethelele amacala ethu”?
9 Siqhubeka senza okuhle lapho ngesihe sithethelela osonayo. Empeleni, ingxenye yomthandazo kaJesu oyisibonelo inala mazwi: “Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.” (Math. 6:12) IVangeli likaLuka libonisa ukuthi “amacala” uJesu ayekhuluma ngawo yizono, ngoba lithi: “Usithethelele izono zethu, ngoba nathi ngokwethu siyamthethelela wonke umuntu onecala kithi.”—Luka 11:4.
10. Singamlingisa kanjani uNkulunkulu endabeni yokuthethelela?
10 Kudingeka silingise uNkulunkulu ozithethelela ngokukhululekile izoni eziphendukayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efe. 4:32) Umhubi uDavide wahlabelela: “UJehova unesihe futhi unomusa, uyephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando. . . . Akenzanga kithi ngokwezono zethu; futhi akalethanga phezu kwethu lokho okusifanele ngokweziphambeko zethu. . . . Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeké kude kangako izeqo zethu. Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.”—IHu. 103:8-14.
11. UNkulunkulu uthethelela abantu abanjani?
11 Abantu bangathethelelwa uNkulunkulu kuphela uma sebebathethelele labo ababonile. (Marku 11:25) Egcizelela leli phuzu, uJesu wanezela: “Ngoba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; kanti uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele iziphambeko zenu.” (Math. 6:14, 15) Yebo, uNkulunkulu uthethelela kuphela labo abathethelela abanye ngokukhululekile. Enye indlela yokuqhubeka senza okuhle iwukwenza ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu: “Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.”—Kol. 3:13.
“Yekani Ukwahlulela”
12. UJesu wanikeza siphi iseluleko ngokwahlulela abanye?
12 Enye indlela yokwenza okuhle yachazwa eNtshumayelweni YaseNtabeni lapho uJesu etshela izilaleli zakhe ukuba ziyeke ukwahlulela abanye, ngemva kwalokho wasebenzisa umfanekiso onamandla ukuze agcizelele leli phuzu. (Funda uMathewu 7:1-5.) Ake sixoxe ngokuthi uJesu wayesho ukuthini lapho ethi: “Yekani ukwahlulela.”
13. Izilaleli zikaJesu ‘zazingaqhubeka kanjani zikhulula’?
13 IVangeli likaMathewu licaphuna uJesu ethi: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.” (Math. 7:1) NgokukaLuka, uJesu wathi: “Yekani ukwahlulela, khona-ke anisoze nahlulelwa; futhi yekani ukulahla, khona-ke anisoze nalahlwa. Qhubekani nikhulula, nani niyokhululwa.” (Luka 6:37) AbaFarisi bekhulu lokuqala babengasibonisi isihe lapho bahlulela abanye, belandela amasiko angasekelwe emiBhalweni. Noma iziphi izilaleli zikaJesu ezazenza lokhu kwakufanele ‘ziyeke ukwahlulela.’ Kunalokho, kwakufanele ‘ziqhubeke zikhulula,’ okungukuthi, zithethelela amaphutha abanye. Umphostoli uPawulu wanikeza iseluleko esithi asifane mayelana nokuthethelela njengoba sibonile ngenhla.
14. Ngokuthethelela abanye, abafundi bakaJesu babeyobashukumisa ukuba benzeni?
14 Ngokuthethelela abanye, abafundi bakaJesu babeyobashukumisa ukuba nabo babe nomoya wokuthethelela. UJesu wathi: “Noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, nani niyokwahlulelwa ngaso; nesilinganiso enilinganisa ngaso, bayonilinganisela ngaso nani.” (Math. 7:2) Ngokuqondene nendlela esiphatha ngayo abanye, sivuna esikutshalayo.—Gal. 6:7.
15. UJesu wabonisa kanjani ukuthi ukugxeka ngokweqile kubi?
15 Khumbula ukuthi ukuze abonise ukuthi kubi kanjani ukugxeka ngokweqile, uJesu wabuza: “Khona-ke, kungani ubheka umucwana osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngogongolo olukwelakho iso? Noma, ungasho kanjani kumfowenu ukuthi, ‘Ngivumele ngikhiphe umucwana esweni lakho’; kuyilapho, bheka! kwelakho iso kukhona ugongolo na?” (Math. 7:3, 4) Umuntu othambekele ekugxekeni omunye unaka isici esincane “esweni” lomfowabo. Usikisela ukuthi umfowabo akaboni kahle futhi akahluleli ngendlela efanele. Nakuba iphutha lilincane—njengomucwana—lona ogxekayo ucela ‘ukuwukhipha lo mucwana.’ Ngobuzenzisi, ucela ukusiza umfowabo ukuze abone izinto ngokucace kakhudlwana.
16. Kungani kungase kuthiwe abaFarisi ‘babenogongolo’ esweni labo?
16 Abaholi benkolo bamaJuda yibona ikakhulu ababegxeka abanye kakhulu. Ngokwesibonelo, lapho indoda ethile eyimpumputhe eyaphulukiswa uKristu ithi kumelwe ukuba uJesu wayevele kuNkulunkulu, abaFarisi baphendula ngentukuthelo: “Wazalelwa ezonweni ngokuphelele, kodwa uzofundisa thina?” (Joh. 9:30-34) Endabeni yokubona kahle ngokomoya nokwahlulela ngendlela efanele, abaFarisi ‘babenogongolo’ esweni futhi beyizimpumputhe ngokuphelele. Ngakho, uJesu wathi: “Mzenzisi! Khipha kuqala ugongolo kwelakho iso, khona-ke uyobona ngokucacile ukuthi ungawukhipha kanjani umucwana esweni lomfowenu.” (Math. 7:5; Luka 6:42) Uma sizimisele ukwenza okuhle kwabanye futhi sibaphatha kahle, ngeke sibagxeke ngonya, sihlale sifuna imicwana engokomfanekiso emehlweni abafowethu. Kunalokho, siyovuma ukuthi asiphelele, futhi ngenxa yalokho kufanele sigweme ukwahlulela nokugxeka esikholwa nabo.
Indlela Okufanele Sibaphathe Ngayo Abanye
17. NgokukaMathewu 7:12, kufanele sibaphathe kanjani abanye?
17 ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wabonisa ukuthi uNkulunkulu wayephatha izinceku zaKhe njengobaba ngokuphendula imithandazo yazo. (Funda uMathewu 7:7-12.) Kuyaphawuleka ukuthi uJesu wabeka lo mthetho wokusebenzelana nabantu: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Math. 7:12) Siyobonisa ukuthi singabalandeli beqiniso bakaJesu Kristu kuphela uma siphatha abanye ngale ndlela.
18. “UMthetho” wabonisa kanjani ukuthi kufanele siphathe abanye ngendlela esifuna basiphathe ngayo?
18 Ngemva kokuthi kufanele siphathe abanye ngendlela esifuna nabo basiphathe ngayo, uJesu wanezela: “Eqinisweni, yilokho okushiwo nguMthetho nabaProfethi.” Lapho siphatha abanye ngendlela uJesu athi sibaphathe ngayo, senza ngokuvumelana nomqondo oqukethwe “uMthetho”—imibhalo yezincwadi zeBhayibheli esukela kuGenesise kuya kuDuteronomi. Ngaphandle kokuthi zembula injongo kaJehova yokuveza inzalo eyayiyoqeda ububi, lezi zincwadi zinanoMthetho uNkulunkulu awunikeza isizwe sakwa-Israyeli ngoMose ngo-1513 B.C.E. (Gen. 3:15) Phakathi kwezinye izinto, lo Mthetho wakwenza kwacaca ukuthi ama-Israyeli kwakufanele abonise ubulungisa, angakhethi futhi enze okuhle kwabahluphekayo nakubafokazi ezweni.—Lev. 19:9, 10, 15, 34.
19. “AbaProfethi” babonisa kanjani ukuthi kufanele senze okuhle?
19 Lapho ekhuluma ‘ngabaProfethi,’ uJesu wayebhekisele ezincwadini zabaprofethi zemiBhalo YesiHebheru. Ziqukethe iziprofetho eziphathelene noMesiya ezagcwaliseka kuKristu ngokwakhe. Lezi zincwadi zibonisa nokuthi uNkulunkulu uyababusisa abantu bakhe lapho benza okuhle emehlweni akhe futhi bephatha abanye ngendlela efanele. Ngokwesibonelo, isiprofetho sika-Isaya sanikeza ama-Israyeli lesi seluleko: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Gcinani ubulungisa, nenze okulungile. . . . Uyajabula umuntu ofayo okwenzayo lokhu, indodana yesintu ekubambayo, . . . ogcina isandla sakhe ukuze angenzi noma yiluphi uhlobo lobubi.’” (Isaya 56:1, 2) Yebo, uNkulunkulu ulindele ukuba abantu bakhe baqhubeke benza okuhle.
Yenza Okuhle Njalo Kwabanye
20, 21. Izixuku zasabela kanjani eNtshumayelweni kaJesu yaseNtabeni, futhi kungani kufanele uzindle ngayo?
20 Sixoxe ngamaphuzu ambalwa kuphela kwamaningi abalulekile uJesu awasho eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni evelele kunazo zonke. Noma kunjalo, asenza sikuqonde kalula ukusabela kwalabo ababelalele le nkulumo. Ukulandisa okuphefumulelwe kuthi: “Manje lapho uJesu eqeda la mazwi, izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa; ngoba wayezifundisa njengomuntu onegunya, kungenjengababhali bazo.”—Math. 7:28, 29.
21 Akubuzwa ukuthi uJesu Kristu waba “uMeluleki Omangalisayo” owayebikezelwe. (Isaya 9:6) INtshumayelo YaseNtabeni iyisibonelo esivelele solwazi ayenalo lwendlela uYise abheka ngayo izinto. Ngaphezu kwamaphuzu esixoxe ngawo, leyo nkulumo isitshela okuningi ngenjabulo yangempela, indlela yokugwema ukuziphatha okubi, indlela yokwenza ukulunga, okumelwe sikwenze ukuze sibe nekusasa elilondekile nelijabulisayo nangezinye izinto eziningi. Kungani ungaphindi ufunde uMathewu 5 kuya ku-7 ngokucophelela nangosizo lomthandazo? Zindla ngeseluleko sikaJesu esimangalisayo esilapho. Kusebenzise ekuphileni kwakho okwashiwo uKristu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. Khona-ke, uyokwazi kangcono ukujabulisa uJehova, ukuphatha abanye ngendlela efanele nokuqhubeka wenza okuhle.
Ungaphendula Kanjani?
• Kufanele siziphathe kanjani izitha zethu?
• Kungani kufanele sithethelele?
• UJesu wathini ngokwahlulela abanye?
• NgokukaMathewu 7:12, kufanele sibaphathe kanjani abanye?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
Uyazi yini ukuthi kungani uJesu athi: “Yekani ukwahlulela”?
[Isithombe ekhasini 8]
Kungani kufanele sithandazele abasishushisayo?
[Isithombe ekhasini 10]
Ingabe njalo uphatha abanye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo?