Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb00 kk. 43-64
  • Umbiko Womhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbiko Womhlaba Wonke
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2000
  • Izihlokwana
  • Ukwakha Ukuze Isixuku Esikhulu Sithole Indawo
  • Ukwakha AmaHholo OMhlangano
  • IWatchtower Educational Center
  • Izakhiwo Zegatsha Ezidingekayo
  • E-Afrika
  • Amazwekazi AseMelika
  • E-Eurasia
  • Eziqhingini Zomhlaba
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2000
yb00 kk. 43-64

Umbiko Womhlaba Wonke

Ukwakha Ukuze Isixuku Esikhulu Sithole Indawo

Ngo-1935, oFakazi BakaJehova bafunda emiBhalweni ngenjongo kaNkulunkulu yokuqoqa isixuku esikhulu manje, phakathi nalesi simiso sezinto, ngenjongo yokuba sikhonze uJehova phakade epharadesi emhlabeni. (IsAm. 7:9, 10) Ngawo lowo nyaka, ngokokuqala ngqá, indawo yabo yokuhlanganyela eHawaii yabizwa ngokuthi iHholo LoMbuso. Manje izinkulungwane zamaHholo OMbuso anjalo zichichima abantu abaye bamukela izithembiso zeBhayibheli ezijabulisayo nabamukela izindinganiso zalo zokulunga.

Bayizigidi abantu ababa khona njalo ezifundweni emaHholo OMbuso. Njengoba unyaka ngamunye kubhapathizwa amakhulu ezinkulungwane zabantu, kunesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso engeziwe. Ukuhlola okwenziwa ngo-1998 kwabonisa ukuthi amaHholo OMbuso engeziwe angaba ngu-8 000 adingeka ngokuphuthumayo emazweni angu-40 asathuthuka. Yini eyafezwa ngonyaka odlule ngenjongo yokugcwalisa leso sidingo?

AmaHhovisi AmaHholo OMbuso Esifunda amiswa ezindaweni eziyinhloko njengaseNingizimu Afrika, e-Australia naseJalimane. Kulezi zindawo zokusebenzela, abaqondisi balo msebenzi sebeqalile ukusiza ekusunguleni izinhlelo zokwakha amaHholo OMbuso eMpumalanga naseNtshonalanga Afrika, endaweni yase-Asia, ePacific naseMpumalanga Yurophu. Kuze kube manje, izisebenzi zomhlaba wonke ezingu-77 zisiza kulo msebenzi emazweni angu-21 ase-Afrika, angu-7 eMpumalanga Yurophu nangu-4 endaweni yase-Asia nasePacific. Kusizwa namazwe amabili eLatin America. Lapho kungenzeka khona, kwenziwa imizamo yokumisa amaQembu Abakhi BamaHholo OMbuso asebenza njalo. Ngezinga okungenzeka ngalo, kusetshenziswa izindlela zokwakha nezinto zokwakha zakuleyo ndawo futhi abazalwane bendawo bakhuthazwa ukuba babe nengxenye emsebenzini wokwakha. Nokho, uma kusaqalwa isisebenzi somhlaba wonke esisodwa noma ezimbili zingase zihole kula maqembu ukuze zinikeze ukuqeqesha okudingekayo. Lapho izindawo zokuhlanganyela zidingeka khona ngokuphuthumayo kodwa umnotho wenza abazalwane bendawo bangakwazi ukuthenga izinto zokwakha, abazalwane bomhlaba wonke bayazama ukusiza nalapha.

Ngemva kokuba abazalwane baseGhana benikezwe usizo lokuba benze lula uhlelo lwabo lokwakha amaHholo OMbuso, bakwazile ukwakha amaHholo OMbuso angu-13 kulo nyaka ophelile esikhundleni sangu-4, obekuyisilinganiso samahholo akhiwayo kule minyaka yamuva. EBurundi, ngosizo lwamanye amazwe, kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-11 ngezinyanga ezimbalwa nje. IHholo LoMbuso eliseGitega, eBurundi, laba isakhiwo sokuqala esakhiwa entabeni. Njengomkhuba wendawo, izakhamuzi eziningi kule ndawo manje zibiza leyo ntaba ngokuthi iNtaba KaJehova.

ELiberia abamemezeli banda ngamaphesenti angu-40 ngo-1998, ngo-1999 banda ngamaphesenti angu-19. Ngemva kweminyaka eminingi kunempi yombango kuleli zwe, amabandla amaningi adinga amaHholo OMbuso. Kodwa iningi labazalwane lapha libhekene nezinkinga ezinkulu zomnotho, kuhlanganise nokuntuleka kwemisebenzi. Yeka indlela abajabula ngayo ngosizo lwezimali oluvela kubazalwane bakwamanye amazwe ukuze bakwazi ukwakha amaHholo OMbuso adingekayo! Bayabonga nangosizo lwezisebenzi ezinhlanu zomhlaba wonke ezeza zizosiza ekuhleleni umsebenzi wokwakha.

ENigeria kudingeka amaHholo OMbuso angaphezu kuka-1 800. E-Abeokuta, eNigeria, ubunye nenkuthalo yoFakazi bendawo ababehlanganyela emsebenzini wokwakha kwashukumisa ngisho nomholi wesonto eliseduzane ukuba azicelele ukusiza. Manje ukhonza uJehova nebandla alisiza ekwakheni iHholo LoMbuso. ETogo abantu babengafuni nokuzwa ngokwakhiwa kweHholo LoMbuso esigodini esithile kangangokuba abazalwane bathutha bayokwakha kwenye indawo. Kodwa lapho abaphikisi bebona ukuthi kwakwakhiwa iHholo LoMbuso elihle kanjani, babuza ukuthi elinye ihholo lingakhiwa yini kuleya ndawo yasekuqaleni.

ESri Lanka amabandla abelokhu ehlanganyela emizini yabazalwane, emijondolo efulelwe ngamaqabunga kakhukhunathi nangaphansi kwemipheme yamafasitela emagcekeni angemuva. Yeka indlela ababonga ngayo ngokuthola izindawo zokukhulekela ezifanelekayo nezihloniphekile! Manje kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-13 eSri Lanka, amanye angu-20 asaklanywa, kanti kuhlongozwa ukuba kwakhiwe amanye angu-50 eminyakeni emihlanu ezayo.

Uma kuneHholo LoMbuso elikahle, kuba lula ngabantu ukuba bazizele bazolalela imfundo enikezwa uJehova. Ngakho, lapho sekwakhiwe iHholo LoMbuso elisha elikhulu edolobheni elincane laseLima, ePeru, anda amanani ababa khona emabandleni amathathu alisebenzisayo, futhi ungakapheli unyaka abamemezeli abangu-75 baqala ukuphuma insimu.

Emadolobheni amakhulu lapho kunamabandla amaningi khona, izindawo zisetshenziswa ngokuhlakanipha ngokuba kwakhiwe izakhiwo ezinamaHholo OMbuso angaphezu kwelilodwa. Ngempelasonto yango-May 29 no-30, kwanikezelwa izakhiwo ezintathu ezinamaHholo OMbuso anjalo eRomania. Esinye sazo esiseCluj-Napoca sinamaHholo OMbuso amane; esinye sinamabili. Ngakusasa, kwanikezelwa isakhiwo esinamaHholo OMbuso angu-7 eTârgu-Mureş.

Ukwakha AmaHholo OMhlangano

Emazweni amaningi kwakhiwa amaHholo OMhlangano emibuthano emikhulu. E-Estonia kwanikezelwa izakhiwo ezimbili zamaHholo OMbuso nawoMhlangano. Isakhiwo ngasinye sinamaHholo OMbuso amathathu ahlanganiswayo abe iHholo LoMhlangano elilodwa elikhulu. Isenzakalo esivelele ePoland kulo nyaka wenkonzo kwaba ukunikezelwa kwamaHholo OMhlangano amathathu ngempelasonto eyodwa. Amalungu amabili eNdikimba Ebusayo, uTheodore Jaracz noDaniel Sydlik, ayekhona kulesi senzakalo esikhethekile futhi anikeza izinkulumo ezikhuthazayo ehholo ngalinye. Ehholo elikhulu kunawo wonke, edolobheni laseSosnowiec, kwanezelwa inkundla enezihlalo ezingu-6 400, futhi le ndawo yasetshenziselwa imihlangano yesigodi emihlanu eyayingo-July.

E-United States, lapho kunabamemezeli boMbuso abangu-980 419 manje, kunikezelwe amanye amaHholo OMhlangano amane kulo nyaka ophelile, okwenza ingqikithi yangu-40. EBrazil, lapho kunabamemezeli abangu-528 034, kwanikezelwa iHholo LoMhlangano le-17. Liyindawo engamahholo amabili enezihlalo ezingu-10 000, kuthatha cishe ihora usuka lapha ngemoto uya eSão Paulo. Phakathi nonyaka eNigeria kwanikezelwa amanye amaHholo OMhlangano amabili avulekile emaceleni—elilodwa lise-Ota elinye lise-Ibadan, elokuqala lithatha abantu abangu-10 000, elesibili abangu-5 000.

Kwakhiwa nezinye izakhiwo ukuze kusekelwe isimiso semfundo yeBhayibheli yembulunga yonke.

IWatchtower Educational Center

Ngo-1986 kwathathwa izinyathelo zokuqala ezingokomthetho ezazidingeka ukuze kwakhiwe iWatchtower Educational Center enezakhiwo ezingu-28 ePatterson, eNew York, e-United States. Ekugcineni, ngo-1989, kwaqala ukwakhiwa. Ngo-1994, amahhovisi ahlukahlukene aphathelene nomsebenzi wokufundisa woFakazi BakaJehova avulwa kule ndawo. Ngo-1995, iSikole SaseGileyadi sathuthelwa kulezi zakhiwo. Isikole samalungu amaKomiti Amagatsha nesababonisi abajikelezayo naso siqhutshelwa lapha. Ekugcineni, kwaba nesimiso sokunikezela ngo-1999. (Umbiko ophathelene nalokhu wakhishwa kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1999.) Amashumi ezinkulungwane zoFakazi nabantu abathakazelayo bavakashela lezi zakhiwo minyaka yonke, futhi bayajabula lapho bebona okuye kwafezwa ngeminikelo yabo yokuzithandela, ngemizamo yokubambisana yabazalwane nodade abazinikele, futhi ngaphezu kwakho konke, ngesibusiso sikaJehova.

Izakhiwo Zegatsha Ezidingekayo

Ukwanda kwenani labadumisi bakaJehova emazweni amaningi kwenzé kwadingeka ukuba kwakhiwe amahhovisi egatsha amasha. Kulawo mahhovisi egatsha nasendlunkulu yomhlaba wonke kunamalungu omkhaya waseBethel asebenza khona, angaphansi kwe-Order of Special Full-Time Servants.

EBOLIVIA: Ukwanda okukhulu okungokwasezulwini kwaholela ekunikezelweni kwezakhiwo zegatsha ezintsha eSanta Cruz, eBolivia, ngo-March 20, 1999. Kusukela kubamemezeli abangu-714 ngesikhathi kunikezelwa igatsha lokuqala ngo-1968, inani labamemezeli boMbuso eBolivia liye landa lafinyelela ku-15 388, ababa khona eSikhumbuzweni ngo-1999 baba ngu-53 312.

Ihhovisi elisha legatsha, elisendaweni eyisigodi neshisayo eBolivia, lakhiwa abantu bendawo kuphela—ingxenye yalo enkulu yakhiwa oFakazi abazinikela ngokuzithandela—besebenzisa izinto zokwakha ezinhle zakule ndawo. Umphumela uyisakhiwo esiphole kamnandi nakuba singenasimiso sokupholisa umoya, isakhiwo esifanelana kahle negceke laso elinezihlahla. Lezi zakhiwo, kanye neHholo LoMhlangano lokuqala kuleli zwe, zanikezelwa kuJehova ngesikhathi kuvakashe uGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo. Kulesi senzakalo esijabulisayo kwakunezinkulungwane zoFakazi baseBolivia kanye nezivakashi ezazivela emazweni angu-11, kuhlanganise nababeyizithunywa zevangeli ababeke bakhonza eBolivia phakathi neminyaka engu-54 yomlando wenkonzo yezithunywa zevangeli kuleli zwe.

EMOZAMBIQUE: “Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu.” (IHu. 48:1) OFakazi BakaJehova eMozambique bayathanda ukusho la mazwi, futhi ézwakala ezwakele ngo-December 19, 1998, ngesikhathi kunikezelwa izakhiwo ezintsha zegatsha eMaputo, eduze kwe-Indian Ocean. Eminyakeni embalwa edlule, lokhu kwakungase kubonakale kungenakwenzeka. Kwase kuyiminyaka engaphezu kwamashumi amabili uhulumeni uvimbele oFakazi BakaJehova, kwaze kwaba ngu-1991. Ngalowo nyaka babengaphezudlwana nje kuka-6 000. Ekupheleni kuka-1998 kwabika abamemezeli abangu-29 514. Kwase kudingeka izakhiwo ezintsha zegatsha.

Lakhiwa kanjani igatsha, ngoba iningi labazalwane baseMozambique babengenalo ulwazi lwalo msebenzi wokwakha? Usizo lwanikezwa izisebenzi eziningi zomhlaba wonke, futhi ngesikhathi umsebenzi uqhubeka zaziqeqesha oFakazi bendawo. Kulesi simiso sokunikezela kwakukhona izivakashi ezazivela emazweni angu-15, futhi ngayo leyo mpelasonto, kwanikezelwa neHholo LoMhlangano lokuqala eMozambique, eMatola, eqhele ngamakhilomitha angu-26. UJehova mkhulu ngempela! Ngaphandle kokunakekela kwakhe kothando, izinceku zakhe eMozambique zazingeke zizibone lezi zenzakalo eziyingqopha-mlando.

ENEW CALEDONIA: Ngo-October 24, 1998, kwanikezelwa ihhovisi legatsha elisha neHholo LoMhlangano eNew Caledonia. Lezi zakhiwo zenza igatsha laba likhulu ngokuphindwe izikhathi ezingaphezu kwezintathu. Amaqembu amathathu abahumushi asebenzela lapha akhonza izidingo zaseNew Caledonia nezamazwe angaphansi kwayo.

Isimiso sokunikezela sasiyisenzakalo esijabulisayo nesimnandi. Kulesi simiso kwakukhona nombukiso owawubonisa amazwibela omsebenzi wokwakha. Kwabathokozisa ngokukhethekile oFakazi BakaJehova eNew Caledonia ukuba khona kukaLloyd Barry weNdikimba Ebusayo, ezonikeza inkulumo yokunikezela.

ESENEGAL: Selokhu kwafika uFakazi KaJehova wokuqala eSenegal ngo-1951, kuye kwenziwa umzamo omkhulu wokufinyelela izigidi zabantu abahlala ensimini yaleli gatsha. Kuye kwakhonza izithunywa zevangeli ezingu-194 lapha, zivela emazweni angu-18. Ziye zasiza amakhulu amaningi abantu ukuba bahlanganyele ekukhonzeni uJehova kule nsimu ebantu bayo abangaphezu kwamaphesenti angu-90 abawona amaKristu.

Ukwakhiwa kwegatsha elisha eCape Almadies, emaphethelweni eDakar, kwahilela izindlela ezintsha kubantu abaningi bakule ndawo. Njengoba umshini wawuphakamisa i-panel ngayinye enkulu eyayakhelwe phansi, uyifaka esakhiweni, izibukeli zazishaya izandla futhi zihalalisa. Konke kwakuhamba ngononina. Ekuphetheni kwesimiso sokunikezela lé echosheni elisentshonalanga yezwekazi lase-Afrika, ngo-June 19, 1999, bonke ababekhona bahlabelela ngenhliziyo yonke ingoma ethi “Siyakubonga, Jehova”!

E-Afrika

Umlando wosuku lwanamuhla woFakazi BakaJehova e-Afrika uqala ekuqaleni kwawo-1880. Ukushumayela obala ngentshiseko kwaqala ngawo-1920 kuleli zwekazi. Kulo nyaka ophelile oFakazi abangaphezu kuka-830 000 kulo lonke elase-Afrika bahlanganyela ekutsheleni omakhelwane babo nabanye abantu “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.”—IzE. 2:11.

Kuye kwaba isikhuthazo esikhulu ukubona intsha eningi yenza isikole sibe insimu efakaza kuyo. UDorcas, udade osemncane eMozambique, uzenzele umgomo wokufakaza kuthisha-nhloko nakubo bonke othisha besikole afunda kuso, kanye nasezinganeni afunda nazo. Uqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-8 okwamanje, kanti ezingu-6 ziba khona njalo emihlanganweni. Ezinye ezintathu zathuthuka zaze zabhapathizwa zabe sezifanelekela ukuba amaphayona avamile. Ezikhathini ezihlukahlukene othisha bakaDorcas abane baye basamukela isimemo sokuba beze emihlanganweni yebandla. Ubaba kaDorcas manje ufundela omunye wabo. Omunye uthisha uDorcas aqala ukumshumayeza eminyakeni emihlanu edlule ngesikhathi edlulela kwesinye isikole, ugcine ekuqaphelile ukukhuthazela kwakhe futhi wavuma ukuba amqhubele isifundo seBhayibheli ngenjongo yokuba ahlanganyele ekukhulekeleni kweqiniso.

Kusukela ngo-1995 ziye zanikezwa usizo olwengeziwe izithulu ezilinganiselwa ezigidini ezinhlanu eNigeria. Ngemva kokuba bebone izinkulumo zihunyushelwa olimini lwezandla emhlanganweni wesigodi, abamemezeli abaningi abezwayo bafuna ukufunda lolu limi. Ngemva kwesikhathi esingaphezudlwana konyaka, abamemezeli namaphayona abangu-216 emabandleni angu-61 bafunda ulimi lwezandla kwaze kwaba sezingeni lokuba bakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli futhi bahumushe emihlanganweni. Imihlangano yamabandla angaphezu kuka-80 manje iyahunyushwa ukuze kuzuze izithulu.

Lapho eseyintombi eCôte d’Ivoire, uFlorence wanquma ukuba yindelakazi. Kodwa wadikibaliswa izimfundiso ezazingachazwa okwakuthiwa ziyimfihlo, futhi kwamshaqisa ukulokhu eshelwa umpristi. Wasishiya isigodlo sezindelakazi. Kamuva, eBurkina Faso, watholana noFakazi BakaJehova enkonzweni yabo yendlu ngendlu. Ukufunda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi kwasheshe kwamenza waba inceku kaJehova ejabulayo.

Kuze kwaba kabili kulo nyaka amaHholo OMbuso nemizi yabazalwane eBangui, eCentral African Republic, evulelwa oFakazi okwakudingeke babaleke bawele umfula besuka eDemocratic Republic of Congo eyayidwengulwe yimpi. Ngo-July, abazalwane nodade abangaphezu kuka-200 nemikhaya yabo kanye nabanye abantu, kwadingeka bawelele eBangui. Ngesikhathi ababaleki abaningi beqoqene bodwa esigangeni, abafowethu babenakekelwa ngokwenyama nangokomoya. ELingala bahlelelwa imihlangano emaHholo OMbuso amabili, futhi yayiqhutshwa yomihlanu imihlangano yamasonto onke. Isikhulu sendawo esakubona konke lokhu sathi: “Kuhle kakhulu lokhu enikwenzile, ukuvulela laba bantu abahluphekile ihholo lenu. Kumelwe ninconywe ngalokhu.” Omunye umlisa owadlula ngasehholo wamisa isithunywa sevangeli wathi: “Nina niyakwenza enikushumayelayo. Nginifisela okuhle. UNkulunkulu uzonibusisa.”

Ngesikhathi elaliswe esibhedlela eminyakeni ethile edlule, ummemezeli ongabhapathiziwe eGhana nakuba ayegula kakhulu, wafakaza kubantu ababesemibhedeni esibhedlela. Abanye babekuthanda ayebatshela kona; abanye bengakufuni; omunye wesifazane walalela kodwa akashongo lutho. Ngemva kweminyaka eminingi, ngesikhathi eseMhlanganweni Wesigodi “Wendlela KaNkulunkulu Yokuphila” eGhana, lowaya mmemezeli, manje oseyiphayona elikhethekile, wahlangana nowesifazane othile amfanisa nomuntu amaziyo. “Ubekwa yini lapha?” kubuza iphayona. “UJehova mkhulu,” kusho le ntokazi. “Bengihlale ngizibuza ukuthi kazi ngiyophinde ngikubone yini ukuze ngikubonge ngeqiniso loMbuso owalihlwanyela enhliziyweni yami esibhedlela. Ngangigula kakhulu ukuba ngangingasho okuthile ngaleso sikhathi, kodwa ngangilokhu ngicabanga futhi ngizindla ngalokho owawukushilo ngokuphila ePharadesi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, lapho ‘kungekho muntu oyothi: “Ngiyagula.”’ Lapho ngiphuma nje esibhedlela, ngafuna oFakazi BakaJehova futhi baqala ukungifundisa okwengeziwe. Ngemva nje kwalokho, ngathutha. Emsebenzini omusha, ngafuna oFakazi BakaJehova futhi ngaqhubeka nesifundo sami seBhayibheli. Ngikhuluma nje kusasa ngizobhapathizwa kuwo lo mhlangano.” Bobabili bangana futhi bakhala izinyembezi zenjabulo. Lokho kufakaza esibhedlela ngempela kwakuthele izithelo ezinhle!

EMali owesifazane owayeseneminyaka engu-13 ekhubazeke emzimbeni ngenxa yobuthakathi watholana noFakazi BakaJehova. Ukuze enze izinto kwakumelwe akhase. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli naye. Watshelwa ngemihlangano yethu yebandla, kodwa ngenxa yokukhubazeka kwalona wesifazane, udadewethu wayengenalo ithemba lokuthi wayeyoke afike eHholo LoMbuso. Nokho, iqiniso laliyithintile inhliziyo yalona wesifazane. Cabanga indlela abamangala ngayo abazalwane nodade lapho bembona phambi kweHholo LoMbuso, elindele ukuqala komhlangano. Umzalwane onemoto wahlela ukuba amyise ekhaya kamuva. Njengoba isifundo sakhe sasiqhubeka nokholo lwakhe kuJehova lukhula, wakhululwa ekugqilazweni imimoya emibi. Kancane kancane imilenze yakhe yaqala ukusebenza, futhi ngemva kwezinyanga eziyisithupha wayesekwazi ukuhamba futhi! Manje uyinceku kaJehova ebhapathiziwe.

Ngesikhathi sekhefu lasemini ngosuku lwesibili emsebenzini walo omusha, iphayona elivamile e-Uganda laqala ingxoxo nomuntu elisebenza naye ngale ndlela: “Sawubona, ngikuthola kuyinselele ngempela ukwazi amagama abo bonke abantu engisebenza nabo.” “Hhayi suka, ungakhathazeki,” kusho uzakwabo, “uzobazi ngokushesha. Mina nginguWilliam.” “Ngiyabonga ngokuzethula kwakho,” kuphendula iphayona. “Umoya omuhle lowo. Kodwa ngiyazi ukuthi ukwazi amagama abanye abantu kuyinkinga yomhlaba wonke.” “Usho ukuthini?” kubuza uWilliam. Iphayona laqhubeka: “Ngokwesibonelo, ukube ubungabuzwa igama loMdali wendawo yonke nazo zonke izinto eziphilayo, ubungalisho kalula?” Ingxoxo ngegama likaNkulunkulu yaholela esifundweni seBhayibheli ngakusasa. UWilliam wamemela leli phayona emzini wakhe ukuze lixoxe nomkhaya wakhe. Manje amalungu ayisihlanu alo mkhaya asengoFakazi ababhapathiziwe. Ngaphambi kweSikhumbuzo leli phayona langena ihhovisi nehhovisi limemela ozakwabo kulesi senzakalo esibalulekile. Ave lajabula lapho libona kufika abangu-40!

Abantu abaningi e-Afrika baye bahlupheka ngenxa yezimpi ezilwiwa emazweni akubo. Izikhathi eziningi kuye kwadingeka babaleke emizini yabo. Kodwa uma ababaleki bengoFakazi BakaJehova, bayaqhubeka beshumayela izindaba ezinhle. Abazalwane nodade abaningi enhloko-dolobha iGuinea-Bissau, eNtshonalanga Afrika, bahamba ibanga elingamakhilomitha angu-240 bebalekela edolobheni laseBuba. Lapho, kuhlala umzalwane nomkakhe, kodwa lalingekho ibandla. Nokho, kwathi kungafika oFakazi bevela enhloko-dolobha, kwahlelwa imihlangano futhi umsebenzi wokufakaza waqhubekela phambili. Kungakabiphi, kwase kunabantu abangu-40 abeza emihlanganweni futhi kuqhutshwa nezifundo zeBhayibheli ezingu-70.

Abamemezeli abangu-30 eBandleni LaseGiteranyi eBurundi bahamba amakhilomitha angu-160 beya emhlanganweni wesifunda eKayanza. Lolu hambo lwathatha izinsuku ezintathu. Labo ababenamabhayisekili babegibelisa abanye ibanga elithile, babuyele emuva bayothatha labo ababeza ngemuva, bahambe nabo ibanga elithile, njalo njalo. Wonke umkhaya wakwaNzeyimana Jean—inkosikazi, umamezala nezingane ezingu-7, kuhlanganise nenye enovendle futhi ehamba ngenduku—wawulibangise lapho nawo. Bonke bafika emhlanganweni benentokozo enkulu.

Amazwekazi AseMelika

Ngekhulu le-18, iBhayibheli eliphelele lase litholakala ngesiNgisi, isiFulentshi, iSpanishi nangesiPutukezi, izilimi ezisetshenziswa kakhulu emazwekazini aseMelika. Ngasekupheleni kwekhulu le-19, oFakazi BakaJehova, njengoba baziwa kanjalo kamuva, baqala isimiso semfundo yeBhayibheli okwathi ngo-1935 yabe isitholakala cishe kuwo wonke amazwekazi aseMelika. Manje kunoFakazi abashisekayo abangu-2 769 625 kula mazwe.

Kwezinye izindawo kuye kubande kakhulu, kodwa ukushumayela izindaba ezinhle kuyaqhubeka. Umdala weBandla LaseNorth Pole e-Alaska usitshela ukuthi umsebenzi wendlu ngendlu uyaqhubeka ngisho izinga lokubanda lingu-37°C. ngaphansi kwezinga-qhwa, futhi imihlangano iyaqhutshwa ngisho izinga lokubanda lifinyelela ku-48°C. ngaphansi kwezinga-qhwa. Ukukhonza ngaphansi kwalezi zimo kudinga ukukhuthazela.

Kwamanye amasimu asemadolobheni amakhulu, ngenxa yokwesaba ubugebengu, ziningi izakhiwo abaninikhaya abaqabukela benikeze kuzo abamemezeli ithuba lokuxoxa nabo ubuso nobuso. Ngesikhathi ummemezeli eshumayela esakhiweni esinjalo e-Argentina, wakhuluma nge-intercom nentokazi eyalalela ngokucophelela. Kwahlelwa ukuba ingxoxo ibuye iqhutshwe ngesinye isikhathi. Waphindela izikhathi eziningi zenziwa ngaphandle kokuba babonane ubuso nobuso. Noma kunjalo, kwaba nezingxoxo ezimnandi futhi kwafundwa nemibhalo khona kuyi-intercom. Ekugcineni, ngemva kwezinyanga ezine, le ntokazi yamngenisa endlini yayo lo mmemezeli futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ukukhuthazela ngesineke kwalo mmemezeli kwavuzwa.

Kunamakhaya okunakekela abagugile angaphezu kuka-17 000 e-United States, lapho kuhlala khona amakhulu ezinkulungwane zezakhamuzi esezikhulile. Laba bantu asebekhulile bangafinyelelwa kanjani ngezindaba ezinhle? Amanye amabandla aye aphumelela ngokuya kumphathi wemisebenzi eyenziwa kule ndawo eyocela ukusiza ekugcwaliseni izidingo ezingokomoya zabantu abahlala lapha. Ngesinye isikhathi kwachazwa ukuthi izisebenzi zokuzithandela zakuleli bandla zingakujabulela ukuqhuba isifundo seBhayibheli samasonto onke samahhala nanoma ubani ongathanda ukuba khona. Lesi sicelo samukelwa ngenjabulo. Izisebenzi, amalungu emikhaya, izivakashi nezinye izisebenzi zokuzithandela zazivame ukuba khona esifundweni. Umphathi wemisebenzi eyenziwa kule ndawo wabhala: “Lesi sifundo siyabaqinisa ngokomoya futhi siyaqhubeka sithuthukisa inhlalakahle yabo. Basithanda kakhulu isifundo seBhayibheli.” Waqaphela indlela esibashukumisa izingqondo ngayo abantu abadala. Izisebenzi zajatshuliswa ukuthi owesifazane osekhulile owayengakaze akhulume selokhu afika kuleli khaya, waqala ukuphendula esifundweni. Enye indoda esikhulile eyayingakaze iye emisebenzini eyenziwa amaqembu kuleli khaya, yayizimisele ukuya esifundweni seBhayibheli.

Ngesikhathi udade mumbe eChile efakaza emathuneni, waxoxa nenkosikazi eyayishonelwe indodana yayo eneminyaka engu-12 engozini. Lo mama olusizi wayevakashela ithuna lendodana yakhe kabili ngosuku. Lo Fakazi wamxoxela ngethemba lovuko, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Le nkosikazi yaxoxa nomakhelwane wayo naye owayeshonelwe indodana yakhe encane futhi nsuku zonke eya ethuneni layo. Naye waqala ukufundelwa. Unina wale nkosikazi, ngesikhathi esemathuneni, wacela umpristi ukuba amenzele inkonzo yomzukulu wakhe owayeshonile. Ngenxa yempendulo engeyinhle yalo mpristi, wayeka ukuya esontweni futhi waqala ukufunda iBhayibheli. Manje la makhosikazi amathathu atshela abanye emathuneni ngethemba lawo asanda kulithola.

Ubungavuma yini ukuba uJehova akusebenzisele ukusiza othile afunde iqiniso ngisho noma wena ukhubazekile ngandlela-thile? Isithunywa sevangeli eCosta Rica savuma. Sasingakakwazi ukukhuluma iSpanishi. Kodwa saqala isifundo seBhayibheli no-Ana, umKatolika ozinikele. Kwasetshenziswa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? kanye neBhayibheli. U-Ana akaboni kahle, ngakho wayemane alalele lapho kufundwa izigaba nemibhalo; abese ephendula. Ngelinye isonto u-Ana watshela udade oyisithunywa sevangeli la mazwi akhuthazayo: “Akungihluphi mina ukuthi asikwazi ukuxoxa kahle. Izinto eziningi esesixoxe ngazo zihlukile kulokho okufundiswa yiSonto LamaKatolika. Ukube nganginikezwe izincazelo ezinde, zibekwe ngobugagu, bengingeke ngizikholwe, kodwa wena ungibonisa lezi zinto eBhayibhelini ngaphandle kokuthemeleza, yingakho ngikholwa ukuthi yilokho ngempela okufundiswa iBhayibheli.”

ENicaragua, oFakazi benze umzamo okhethekile wokuhambisela othisha bezikole i-Phaphama! Omunye umagazini wawunesihloko esithi “Liyini Ithemba Lentsha Yanamuhla?” Kusobala ukuthi lokhu kwaziswa kubaluleke kangakanani. Kwelinye idolobha, nakuba uthisha oyedwa enqaba, umphathi-sikole wacela oFakazi ukuba banikeze inkulumo kubafundi bebonke. Inkulumo ewuchungechunge yathatha ihora nesigamu, futhi abafundi abaningi bacela izincwadi. Kamuva, lo thisha owayenqabile manje wayesefuna ukuba oFakazi baphinde le nkulumo esikoleni ayesesiphethe. Kwenziwa lokhu. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli naye, futhi manje ufuna oFakazi banikeze izinkulumo kubafundi njalo ngenyanga.

E-Eurasia

Igama elithi Eurasia libhekisela eYurophu nase-Asia njengezwekazi elilodwa. UJehova waqala lapha ukumemezela izindaba ezinhle ku-Abrahama. (Gal. 3:8) Kwakulapha futhi lapho uJesu Kristu abeka khona isisekelo somsebenzi wokushumayela ivangeli oye waqhubeka kwaze kwaba sosukwini lwethu. (Math. 28:19, 20) OFakazi BakaJehova bazama ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu kuwo wonke amazwe angaba ngu-80 e-Eurasia. Ngalé kwamakhulu ezilimi i-Watch Tower Society eyase inyathelisa ngazo kakade izincwadi zeBhayibheli, kusukela ngo-1995 yenezele ezinye izilimi ezingu-36 okuhloswe ukuba zifundise abanye abantu abangu-170 000 000 kule ngxenye yomhlaba. Kulezi zilimi kunesiPunjabi (Nastaliq), isi-Uzbek, isiKazakh, isiTajiki, isi-Azerbaijani nesiMongol.

Ngo-1999, kwaqubuka izinkinga ezimbi kakhulu eKosovo. Abantu base-Albania ababehlala eKosovo abacela ku-800 000 babalekela emazweni angomakhelwane. Cishe abangaba ngu-500 000 balaba babalekela e-Albania. Phakathi kwababaleki kwakunoFakazi BakaJehova abangu-14 kanye nezingane zabo ezingu-8. OFakazi base-Albania bavulela laba bazalwane imizi yabo futhi babasiza kulesi sikhathi esinzima kakhulu. Njengoba izingxabano zobuzwe zazidlanga, kwaba sobala ukuthi yini eza kuqala kubazalwane baseKosovo. Babefuna ukuqiniseka ukuthi abafowabo abangamaSerbia babephephile. Kanti noFakazi abangamaSerbia babenza imizamo ekhethekile yokuthintana nabafowabo base-Albania abahlala eKosovo ukuze baqiniseke ukuthi baphephile. Yeka uthando abalubonisa, ngokungafani nenzondo yobuzwe esendaweni abahlala kuyo! Ngemva kwezinyanga ezine abazalwane baseKosovo babebheke phambili ekuphindeleni ekhaya. Babengenandaba nokuhamba nezinto eziningi ezibonakalayo. Kunalokho, bacela amabhokisi ezincwadi ababezozisebenzisela ukunikeza abanye isigijimi esiduduzayo soMbuso kaNkulunkulu.

Lapho uFakazi othile eBelgium exoxa nowesifazane nge-intercom, lona wesifazane wavele wamtshela ukuthi wayengathandi ukukhuluma ngalokho ngaleso sikhathi. Udadewethu wathi wayezobuye amshayele ucingo ngesinye isikhathi. Lona wesifazane wamangala lapho eluthola ngempela ucingo ngemva kwezinsuku ezimbalwa. Wachaza ukuthi kwakudingeka athuthe nokuthi wayecele iHhovisi Lezenhlalakahle ukuba limsize ekutholeni enye indawo yokuhlala. Ngemva kokuxoxa futhi ngocingo, balahlekelana, ngakho lo Fakazi wanquma ukubhala incwadi ayithumele eHhovisi Lezenhlalakahle. Le ncwadi yafakwa efayelini lalona wesifazane, futhi babuye bakwazi ukuxhumana lapho esethole incwadi ngemva kwamasonto ambalwa. Lokhu kwenzeka ngesikhathi INkonzo Yethu YoMbuso ithi: “Uma sonke senza umzamo wobunye wokuqala izifundo zeBhayibheli futhi sithandazela isibusiso sikaJehova emizamweni yethu, siyozithola ngempela izifundo ezintsha!” Ngemva kokuthandaza ngobuqotho kuJehova, lo dadewethu washayela lona wesifazane ucingo wamtshela ukuthi uzimisele ukumfundela iBhayibheli. Lona wesifazane wavuma. Manje yena nomyeni wakhe bayaya ezifundweni, futhi uxoxela izihlobo nabangane ngezinto ezinhle azifundayo.

Ngelinye ilanga lina, iphayona elikhethekile lesikhashana nomata walo babexoxa nabanini-zitolo edolobheni laseMalaysia okwakusashunyayelwe kancane kulo. Umfundi wasesekhondari, owayemi eduzane elindele imvula enamandla ukuba inqamuke, waya kuwo wafike wacela izincwadi ayezihambisa. Amchazela ngelungiselelo lesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, futhi la maphayona amkhombisa lapho ehlala khona. Cishe ngemva kwesonto, wawashayela ucingo. Wayesezifunde zonke izincwadi futhi efuna ezinye. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Le ntombazane iyakuthanda ukufunda futhi yayicela izincwadi ezengeziwe cishe njalo lapho ihanjelwe. Ngezinye izikhathi yayishaya ucingo ebusuku icela izincwadi okwakusuke kukhulunywa ngazo ezincwadini eyayizifunda. Njengoba la maphayona ayekuleli dolobhana isikhashana, lesi sifundo sasiqhutshwa ngendlela evamile sibuye siqhutshwe ngokubhalelana. Le ntombazane yaqeda incwadi Ulwazi zingakapheli izinyanga ezimbili. Yayishumayela kubangane bayo nasebhasini. Iye yathuthuka kahle futhi manje ingummemezeli ongabhapathiziwe, imagange ukufanelekela ubhapathizo.

UFakazi wase-Italy wakha ubungane nomakhelwane wakhe owayesanda kufika. Lo makhelwane wayesebuyele e-Italy esuka eJalimane ngoba umyeni wakhe wayethenjiswe umsebenzi. Kodwa akawutholanga umsebenzi. Ngakho umyeni wakhe washiya umkhaya wakhe e-Italy waphindela phesheya eyofuna umsebenzi. Ngesikhathi ehambile, umbhangqwana ongoFakazi wasiza umkakhe ngokuyothenga izinto, ukuyisa indodana yakhe esikoleni, wammemela ukudla yena nezingane zakhe, futhi wamsekela ngokomzwelo, okuyinto ayeyidinga kakhulu. Le nkosikazi yabuza ukuthi babekwenzelani konke lokhu. Yathini impendulo? “Yingoba, njengoFakazi BakaJehova, siyabathanda omakhelwane bethu.” Le nkosikazi yathi yayingakaze ilithole ithuba lokulalela oFakazi, kodwa manje yayisifuna ukwazi abakukholelwayo. Yaqhutshelwa isifundo seBhayibheli njalo; yaqala nokuba khona ezifundweni. Phakathi naleso sikhathi umyeni wayo wabuya. OFakazi bacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli naye, kodwa wenqaba ngoba wayesaphithene ikhanda. Wayekuthola kunzima ukuphinde athole umsebenzi. Lapho lo mkhaya uthuthela kwenye indawo e-Italy, oFakazi bafuna ikheli leHholo LoMbuso lalapho futhi bakhuthaza le nkosikazi ukuba iye ehholo. Nokho, yayesaba kakhulu, ngakho ayizange iye. Naphezu kwalokho, udadewethu wayeyishayela ucingo masonto onke futhi wagcina isithakazelo sayo ngoJehova siphila. Ngemva kwesikhathi, lapho le nkosikazi ibona oFakazi ababili beshumayela emgwaqweni, yacela ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Yaqala nokuya ezifundweni. Umyeni wayo wayesewutholile umsebenzi manje. Naye wacela ukufundelwa. Bobabili manje bangamaKristu azinikezele nabhapathiziwe. Izingane zabo ezimbili ezindala nazo zibhapathiziwe, eyesithathu ingummemezeli ongabhapathiziwe.

Iphayona laseLuxembourg lalizimisele ngempela ukufinyelela bonke abantu ensimini yalo. Komunye umuzi, amakhethini ayehlale evaliwe, futhi kungekho muntu ekhaya. Nokho, langa limbe ngesikhathi leli phayona liyolanda indodakazi yalo esikoleni, labona imoto phambi kwalo muzi okwakuhlale kungekho muntu kuwo. Ngokusobala lalingahlosile ukuya ensimini ngaleso sikhathi, kodwa lalingafuni ukulahla leli thuba. Langqongqoza. Indoda eyavula yathi yayingenasithakazelo ngempela eBhayibhelini, kodwa yayifuna ukwazi okwengeziwe ngoJesu Kristu. Layishiyela incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Owake Waphila. Ngemva kokuba lona nomyeni walo bephindele kaningana, kwaqalwa isifundo. Kodwa ekuqaleni le ndoda yavuma ukuba ifunde kanye emasontweni amathathu ngoba yayimatasa kakhulu. Nokho, kancane kancane, yaqala ukuba nombono ohlukile ngokuphila. Yaqaphela ukuthi kwakudingeka ichithe isikhathi esengeziwe ifunda ngoNkulunkulu futhi yenze intando yakhe. Yayeka ukugxila kakhulu emdlalweni we-table tennis, eyayiwudlala kusihlwa kane ngesonto. Yathi ingayiqonda kahle nje indaba yokungathathi hlangothi kobuKristu, yawuyeka umsebenzi wayo futhi yathatha umsebenzi owawuholela imali engaphansi kakhulu kweholo layo lakuqala. Yazizwa kanjani ngokwenza ushintsho olunjalo? Yathi: “Ngajabula ngokuthi ngikwenzile. Vele ngangifisa kakhulu ukuvumelanisa ukuphila kwami nezimiso zeBhayibheli. Ngaqhubeka ngithuthuka eqinisweni ukuze kungabi bikho lutho olungithiyayo ekubeni ummemezeli ongabhapathiziwe, futhi ngemva kwezinyanga ezinhlanu, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.” Yeka indlela abonga ngayo kulowo dade oyiphayona ngokuyenza kahle kangaka inkonzo yakhe!

Eziqhingini Zomhlaba

UJehova unxusa wonke umhlaba, kuhlanganise nalabo abahlala eziqhingini, ukuba wethabe ngobukhosi bakhe. (IHu. 97:1) NgePhentekoste lika-33 C.E. abahlala esiqhingini saseKrete babephakathi kwalabo abathola lesi simemo. Ekhulwini lama-20, amashumi ezinkulungwane ahlala eziqhingini zomhlaba aye asamukela. EPhilippines, abantu abangu-132 496 batshela abanye ngenkazimulo yobukhosi bukaJehova. Eziqhingini ezakha iJapane, bangu-222 857 abahlanganyela kule nkonzo ejabulisayo. Ngisho neziqhingi ezinabantu abambalwa nje zithola ithuba lokwethaba ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.

Umusa owaboniswa umzalwane osemusha oyiphayona eSamoa wasiza ekunqobeni ukucwaswa koFakazi BakaJehova. Waya emthola-mpilo osesibhedlela sendawo, wanikezwa inombolo, kwathiwa akalinde ithuba lakhe lokubona udokotela. Nokho, lapho kubizwa inombolo yakhe, kwakuhlezi isalukazi esasibonakala sigula ngaphezu kwabanye, ngakho lo mzalwane wabuza umhlengikazi ukuthi angamdedela yini lo mama ukuba angene kuqala. Umhlengikazi wamangala kodwa wavuma. Ngesikhathi lo mzalwane ephinde ebizwa, kwase kufike enye yezinduna (i-matai) zesigodi ayehlala kuso futhi ihlezi eduze kwakhe. Njengoba le ndoda yayigula kakhulu kunomfowethu, lo mzalwane waphinde wadedela le ndoda ukuba ibone udokotela masinyane. Kamuva, umfowethu waphinde wabonana nalesi salukazi, manje kwase kusemakethe. Sajabula kakhulu lapho simbona futhi sambuza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova na. Lapho evuma, sathi sasingabamukeli oFakazi uma befika kwaso esikhathini esidlule, kodwa manje sesiyazi ukuthi babathanda ngempela omakhelwane babo. Umzalwane wathatha ikheli laso, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Kuthiwani ngenduna yesigodi? Yachazela ubaba waleli phayona ukuthi nakuba yayingabahloniphi oFakazi ngaphambili, manje isiyabemukela emzini wayo. Yafika eSikhumbuzweni futhi yathi: “Into obungayithandi ekuqaleni, ungagcina usuyithanda.”

Ingabe kungenzeka ukuzama ukuqala izifundo zeBhayibheli ensimini yamabhizinisi? Ngezinye izikhathi kungenzeka. Iphayona elikhethekile eCyprus laliye lihambisele usomabhizinisi omagazini njalo. Lapho le ndoda ithi iyakujabulela lokho eyayikufunda, iphayona layibonisa indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli, lisebenzisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Isifundo siqhutshwa khona lapho le ndoda isebenza khona, kodwa ngenxa yezimo, leli phayona lithatha imizuzu engu-10 noma engu-15 isikhathi ngasinye.

EGuadeloupe kuye kwagcizelelwa kakhulu ukufakaza emigwaqweni. Njengoba ummemezeli oyedwa kumelwe ashumayeze abantu abangu-55, kuyadingeka ngempela ukufakaza emigwaqweni? Abantu abaningi, uma besekhaya, basuke begqolozele ithelevishini. Kulula ukubamisa futhi balalele izindaba ezinhle uma bengekho ekhaya. Umbonisi wesifunda wabika ukuthi iqembu labamemezeli abangu-15 ababefakaza emgwaqweni eSt. Martin lahambisa omagazini kanye namapheshana angu-250, ngamahora cishe amabili. Yebo, abanye abakujabulelayo ukuthatha izincwadi bangase babe matasa ukuba bangaxoxa. Kodwa lapho izimo zokuphila zakha uthando lomuntu lwezinto ezingokomoya, izinto eziza kuqala kuye zingase zishintshe. Ngakho, edolobheni laseLes Abymes, umuntu onjalo waba nemibuzo eminingi ngemva kokushona kukayise. Manje wayesefuna ukufunda cishe zonke izinsuku—waqala ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, kwase kulandela ethi Ulwazi. Usebenzisa Ukubonisana ukuze acwaninge futhi imibhalo ekhonjiwe uyibhala ephepheni. Uthi sengathi “uyinkosi yakwa-Israyeli eyayizenzela ikhophi yemiBhalo.” Usephetha ngokuthi mhlawumbe “zonke izinkolo ezithi ezobuKristu zinalo iBhayibheli, kodwa yinye kuphela elisebenzisayo—oFakazi BakaJehova.”

UHatsuko ungumzali ongayedwa eJapane okhulisa izingane ezimbili. Ukuze asekele umkhaya wakhe ngezimali, unemisebenzi emibili. Usitholaphi isikhathi sokufakaza kwabanye ngoJehova nezinjongo zakhe zothando ngesintu? Kumthatha imizuzu engu-20 ukufika emsebenzini wakhe ngebhayisikili. Wanquma ukuba leso sikhathi asisebenzisele ukufakaza. Ukhuluma nabantu ahlangana nabo—abadlulayo, abathenga emishinini, abadiliva izimpahla, abakhi, njalo njalo. Ekuqaleni kwakunzima ngoba unamahloni. Wanquma ukuthi kunokuba akhulume isikhathi eside, kungcono adedele omagazini bazikhulumele. Futhi ngokuthandaza ngaphambi kokuba ahambe, sekuya kuba lula ukuxoxa nabantu. Ubelokhu efakaza ngale ndlela iminyaka emibili edlule futhi manje uhambisa omagazini abangu-200 kuya ku-300 ngenyanga, kuhlanganise nalabo abahambisa emizileni yakhe kamagazini emgwaqweni.

I-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name iye yaba ithuluzi elinamandla lokwakha ukwazisa kwabantu ngenhlangano esetshenziswa uJehova. Owesifazane wase-Australia wayeseneminyaka emihlanu ethola omagazini beNhlangano nezinye izincwadi. Ngelinye isonto oFakazi bamshiyela le video ukuze ayibukele. Lapho bebuya, wabangenisa endlini. Wayeke wayibuka le video futhi yamkhalisa izinyembezi. Wayebathemba oFakazi ababemhambela, kodwa manje wayesenomuzwa wokuthi angayithemba nenhlangano. Ngalelo langa kwaqalwa naye isifundo ngencwadi Ulwazi, kwathi ngesonto elilandelayo waya ezifundweni eHholo LoMbuso.

Abantu babuza bani uma befuna iseluleko? Ngezinye izikhathi babuza abalobeli bamaphephandaba noma bomagazini. Iphayona elithile eNew Caledonia laphawula ukuthi umbuzo othile owawubuzwe kumagazini wendawo wawuphendulwe kahle kumagazini i-Phaphama! Labhalela lowo owayebuzile futhi incwadi yalo layithumela kubashicileli bakamagazini, wacela ukuba idluliselwe kumnikazi. Iphayona lathi linakho ukwaziswa okuphathelene nendaba okwakubuzwe ngayo, labhala isihloko, uhlu lwezihlokwana ezincane, labhala nezingcaphuno ezimbalwa ezinhle futhi lacela ukumnikeza lokhu kwaziswa. Impendulo yabuya ngokushesha, umagazini wathunyelwa, futhi lokhu kwavula indlela yokunikeza usizo olwengeziwe olungokomoya.

Abamemezeli e-Ireland bahlangana nabantu base-Afrika, eMpumalanga Yurophu naseMpumalanga. Ibandla LaseBelfast lahlela ukuba inkulumo yeningi neSifundo Se-Nqabayokulinda kuqhutshwe ngesiMandarin Chinese. Kwakunabantu abathakazelayo abangu-22. Lokhu kwakuwumphumela womsebenzi omuhle owawenziwa umbhangqwana oyizithunywa zevangeli kumaShayina asebenzayo noma afunda ekolishi eBelfast. Kusukela ngo-1993 lezi zithunywa zevangeli ziye zaqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abangu-75 abavela ezifundazweni ezingu-17 zaseChina nasemadolobheni ahlukahlukene eTaiwan. Ukuxhumana nabaningi abathakazelayo akuzange kunqamuke lapho sebebuyele eChina. Umbhangqwana othile wawuke wajabulela isifundo seBhayibheli; kwabe sekudingeka ukuba inkosikazi ibuyele eChina, yadumala ngoba yayicabanga ukuthi yayingeke isakwazi ukuqhubeka nesifundo sayo seBhayibheli. Nokho, ngemva kwamasonto athile umyeni wayo waxoxa ngenjabulo ukuthi wayezwe umkakhe ethi kwakufike oFakazi ngelinye ilanga isemsebenzini futhi bashiya lo myalezo: “Abangane benu e-Ireland basicele ukuba sizonibona. Sizobuya futhi.” Futhi babuya! Omunye umbhangqwana wabhala useChina: “Siyanikhumbula kakhulu. Ziningi izinto esizikhumbulayo, kodwa kumelwe sisho ukuthi into eyigugu kakhulu kube ukufunda iBhayibheli nani. Kubonakala sengathi manje iBhayibheli liyitshe lesisekelo lokuphila kwethu.”

[Izithombe ekhasini 49]

(1) EMozambique, (2) ESenegal, (3) ENew Caledonia, (4) EBolivia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela