Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqala Isifundo SeBhayibheli Umi Emnyango Ngencwajana Ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
Okwenza Kubaluleke: Ukuze senze abafundi, kumelwe sibe abafundisi beZwi likaNkulunkulu. (Math. 28:19, 20) Sonke singakwazi ukufundisa iqiniso ngokuphumelelayo sisebenzisa amathuluzi esiwanikeziwe. Incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! yenzelwe ngokukhethekile ukusisiza sifundise abanye iqiniso. Eqinisweni, singayisebenzisa ukuze siqale isifundo seBhayibheli ekuhambeleni kokuqala simi emnyango.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Thandazela isifiso sokuqhuba isifundo seBhayibheli. Cela uJehova akusize uqale isifundo seBhayibheli futhi ube umfundisi weqiniso okhuthele.—Fil. 2:13.
Phakathi nokukhulekela komkhaya noma esifundweni somuntu siqu, zinike isikhathi esanele sokufundisisa le ntshumayelo. Ngaleyo ndlela ungakwazi ukukhuluma ngokuqiniseka nokuqala isifundo seBhayibheli umi emnyango.