Unaluhlobo Luni Lwegama?
EBHAYIBHELINI, igama elithi “igama” ngezinye izikhathi libhekisela edumeleni lomuntu. Ngokwesibonelo, inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.” (UmShumayeli 7:1; qhathanisa nezAga 22:1.) Ngokwamazwi kaSolomoni, umuntu akazalwa enegama elihle. Kunalokho, kungesikhathi sokuphila kwakhe lapho ezuza khona idumela elisho okuthile ngempela. Idumela lakhe liveza izimfanelo anazo, ukuthi uyaphana noma unobugovu, ukuthi unesihawu noma ulukhuni, ukuthi uthobekile noma uyazikhukhumeza, ngisho nokuthi ulungile noma mubi yini.
Cabangela uDavide. Phakathi nesikhathi sokubusa kwakhe, wazibonakalisa eqinile futhi engenakunyakaziswa. Ngesikhathi esifanayo, uDavide wawavuma ngokuthobeka amaphutha akhe futhi waphenduka ezonweni zakhe ezimbi kakhulu. Ngesizathu esihle, umprofethi kaJehova wabonisa ukuthi uDavide ‘wayengumuntu owamukelekayo enhliziyweni [kaNkulunkulu, NW].’ (1 Samuweli 13:14) UDavide osemncane wayesenegama elihle kakade noNkulunkulu.
Ngokuphambene, inkosi yaseJudiya uJehoramu yazenzela igama elibi. Yenza abantu eyayibabusa bachezuka ekukhulekeleni uJehova, yabulala ngisho nabafowabo abayisithupha namanye amakhosana akwaJuda. Ekugcineni, uJehova washaya uJehoramu ngesifo esibuhlungu esaholela ekufeni kwakhe. IBhayibheli lithi uJehoramu “wamuka engakhalelwanga-muntu,” noma njengoba i-Today’s English Version ikubeka, “akekho owadabuka lapho eshona.”—2 IziKronike 21:20.
Inkambo yokuphila kaDavide nekaJehoramu ibonisa ubuqiniso besaga seBhayibheli esithi: “Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.” (IzAga 10:7) Ngakho-ke, ngamunye wethu kufanele awucabangele ngokusangulukile lo mbuzo, ‘Luhlobo luni lwegama engizakhela lona kuNkulunkulu nakubantu engiphila nabo?’