“Hamba Ngokholo, Hhayi Ngokubona”
Ngaphambi nje kokuvinjezelwa nokubhujiswa kweJerusalema kamuva, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi, njengamasosha amahle kaKristu, amaKristu kumelwe abulindele ubunzima futhi angenzi ukunethezeka nenjabulo yawo kuze kuqala. (2 Thim. 2:3, 4) Njengoba leli zwe elingamhloniphi uNkulunkulu selizokwehlelwa usizi, kudingeka sibe nokholo oluqinile ukuze siqhubeke sigxile ezintweni ezingokomoya. (2 Kor. 4:18; 5:7) Buka i-video ethi “Hamba Ngokholo, Hhayi Ngokubona.” (Ngena ku-jw.org/zu, ubheke ngaphansi kwesithi IZINCWADI > AMA-VIDEO.) Phawula indlela ukunamathela ngokweqile ezintweni ezibonakalayo okwaba ngayo ugibe oluholela ekufeni kuNahamu no-Abhithali. Ngemva kwalokho, zama ukuphendula imibuzo elandelayo.
(1) Sasiyini “isinengiso esibangela incithakalo, [esasimi] endaweni engcwele” ekhulwini lokuqala, futhi isiphi isinyathelo esiwujuqu amaKristu aseJerusalema okwadingeka asithathe? (Math. 24:15, 16) (2) Kungani ukubaleka emzini kwakudinga ukholo? (3) Yini okwakudingeka umuntu ayidele ukuze abaleke? (4) Kungani uNahamu no-Abhithali bazindela? (Math. 24:17, 18) (5) Iluphi uvivinyo olwengeziwe lokholo uRaheli abhekana nalo lapho ephuma eJerusalema? (Math. 10:34-37; Marku 10:29, 30) (6) U-Ethani wasibeka kanjani isibonelo esihle sokholo nokwethembela kuJehova? (7) Ibuphi ubunzima amaKristu abhekana nabo ePhela? (8) Kwenzeka kanjani ukuba ukholo lukaNahamu no-Abhithali luye luba buthaka? (9) UJehova wawanakekela kanjani amaKristu ayehlala ePhela? (Math. 6:33; 1 Thim. 6:6-8) (10) Singamlingisa kanjani u-Abrahama noSara njengoba sibhekene nokuphela kwalesi simiso sezinto? (Heb. 11:8-10) (11) UNahamu no-Abhithali bacabangani okwabenza babuyela eJerusalema, futhi kungani ukucabanga kwabo kwakuyiphutha? (Luka 21:21) (12) Lapho uNahamu no-Abhithali bephindela eJerusalema bakuthola kunjani ukuphila? (13) Kungani kumelwe siluqinise manje ukholo lwethu—ngaphambi kokuba kufike ukuphela kwalesi simiso sezinto?—Luka 17:31, 32; 21:34-36.
Ukuhamba ngokholo kusho (1) ukuthembela esiqondisweni sikaJehova, (2) ukuvumela isiqondiso sakhe siqondise izinyathelo zethu, (3) nokubonisa ukuthi sazisa izinto ezingokomoya ngaphezu kwezibonakalayo. Kwangathi singahlala sizimisele ukuhamba ngokholo, siqiniseka ukuthi “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.